Neziguli zinamalungelo belu!
GOMASHI 21 sizobe sigubha usuku lwamalungelo esintu. Yilanga elibaluleke kabi emlandweni weNingizimu Afrika ngoba likhumbuza ngezinhlungu abantu abadlula kuzona belwela amalungelo esintu. Iningi lenu liyakwazi ukubaluleka kwalolu suku kodwa kulabo abancane nanku umlando. NgoMashi 21, 1960, kwaba nombhikisho ezweni lonke kuliwa nomthetho wokuphathwa kwamapasi okwakudingeka ulandelwe yiwo wonke umuntu omnyama osebenza edolobheni ngezikhathi zonke. Owayengakwenzi lokho wayeboshwa. Ngaleli langa, abantu baya eziteshini zamaphoyisa bengawaphethe amapasi futhi babefuna ukuboshwa ngenkani. Inhloso yabo kwakungukuthi kuboshwe abantu abaningi ukuze izinto zingenzeki kahle ezweni ngalelo langa nokwakuzoholela ekuqedweni komthetho wamapasi.
ESharpeville, eGoli lapho izinkulungwane zazihlangene khona esiteshini samaphoyisa, kwaba khona ukungqubuzana nokwenza amaphoyisa avulele ngenhlamvu. Basondela ku-70 abantu abashona kwathi abangu-180 balimala.
Laba bantu babephikisana nemithetho engalungile futhi belwela amalungelo abo. Iningi lala malungelo selufakiwe kusomqulu wamalungelo okhona ku-Chapter 2 woMthethosisekelo wakuleli.
Kodwa lawa malungelo akusiwona nje awabantu abathize kuphela, awakhethi ukuthi wenza msebenzi muni futhi awayi nokuthi ucebile noma uhlwempu.
Kukhona nosomqulu wamalungelo eziguli.
Ukubamba iqhaza uma kuthathwa izinqumo.
Ukuba nolwazi ngesimo sezempilo saso.
Ukuzikhethela uhlobo losizo lwezempilo esilifunayo.
Ukulashwa ngumuntu owaziwayo emkhakheni wezempilo.
Ukuthi isimo sazo sezempilo singasakazelwa umuntu wonke, sibe yimfihlo.
Ukuzikhethela ukwelashwa sinikezwe lonke ulwazi ngalokho okuzokwenziwa kuso.
Ukufuna umbono womunye udokotela noma isibhedlela uma singakwethembi esitshelwa khona.
Njengoba wonke umuntu eba namalungelo esintu kusukela ezelwe, futhi engekho ongamphuca wona, kanjalo neziguli akumele ziwasebenzele noma ziwacele awazo. Khumbula, ukuthi nawe kumele uwahloniphe amalungelo abanye abantu.
UKUSHODA kwabahlengikazi ezibhedlela eziphethwe nguMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natasl, ukuzophela, sibonga umshikashika wohlelo lomnyango lokuqeqesha abanye onesi kulo nyaka.
Lokhu kushoda kwabasebenzi kubekwa njengesizathu sokuthi kube neziminyaminya nemigqa emide eminyangweni yezekwamukela abagulayo ezibhedlela.
Iphinde ibekwe njengomsuka wokuthi abagulayo bathole ukunganakwa ngokushesha baze bagcine sebegulela emabhentshini.
Lezi zitshudeni zabahlengikazi zizoqeqeshwa ezikhungweni eziwu-25 ezizosabalala kuso sonke lesi sifundazwe. Kuzomele basayinde isivumelwano nomnyango bezibophezela ekutheni kuyothi uma sebeqedile ukuqeqeshwa bese besebenzela izikhungo zezempilo eziphethwe yilo mnyango. Lesi abahlengikazi abazinikele ukuwenza," kuchaza lo dokotela. ukusebenza ezindaweni ukuhamba kwami, ngiyajabula sikhathi sokuzibophezela nabazimisele ngokusebenzela Umnyango ubona kungcono ezisemaphandleni inkinga ukuthi ukuthi ngishiya ithimba eliqinile ekusebenzeleni umnyango ngeke umphakathi. ukuthi uqinisekise ukuthi basuke bashode ngezindawo kwezokuphatha lapha e-EMRS, sibe ngapgezulu kweminyaka "Abahlengikazi bawumgogodla ubhekelela bonke abasebenzi ukuze zokuhlala. Lokho kuzofakelwa ithimba elizobhekana abazoqeqeshwa ngayo umnyango. wezikhungo zezempilo.
Uqhube wathi unyango wubizo, ngoba kudinga ukuzinikela UNgqongqoshe ukholewa ekutheni zabazimele. umuntu uthola usizo oluphezulu uzoqinisekisa ukuthi uqeqesha nokuzimisela kulabo abafuna izisebenzi zezempilo ziyathanda Yize kungiphatha kabi kuleis sifundazwe.
GIYETHEMBA ukuthi abanye benu bezwa ngefu elimnyama elahlasela emndenini wami lapho engalahlekelwa khona yindodana yami, uMonde.
KwaZulu-Natal, kanjalo naseNingizimu Afrika yonkana, lapho nganginibonga khona ngokungisingatha kwenu ngesikhathi mina nomndeni wami sisemanzini. Ngakho ngithanda ukusebenzisa leli thuba, engilithola kulolu shicilelo, lokuthi nginibonge ngabanye ngabanye ngokungizi mazisa kwenu, ukusebenzisa isikhathi senu nizongibona abanye bathumela izimbali, basithandazisa kanti abanye babesiduduza.
Anginawo amazwi anele okuchaza ukuthi kwangithinta kangakanani enhliziyweni yami enangenzela khona, kusukela kubantu engingabazi, abangani, izihlobo, omakhelwane, abalingani kanye nomphakathi wonkana.
Engingakusho ukuthi nje, uNkulunkulu anibusise ngokuphindiwe.
KwaZulu-Natal sishitshe ukwenza saqala unyaka omusha sinogqozi olumangalisayo ngokuthola iNhloko yoMnyango entsha. Mhlawumbe nginehaba uma ngithi musha, ngoba akayena umafikizolo kulo mnyango, useke wabayingxenye yawo iminyaka eminingi.
UDkt Busi Nyembezi ngumuntu ozikhandlayo, ogogode ngendlela emangalisayo kwezemfundo, unesipiliyoni kwezempilo asithola lapha esifundazweni waze wayofinyelela naphesheya kwezilwandle uqobo.
Ngiyamamukela kulo mNyango ngomoya omnene. Nginethemba elikhulu lokuthi uzohola lo mnyango ngendlela ezokwamukelwa yiziguli nemindeni yazo.
Uzosebenzisana nethimba elibophele izimenenja ezintsha nezindala ezinesipiliyoni ngokwazo, okuyizo ezisihlanganisela umhlahlandlela ozosiza ukuthi lo mNyango ukwazi ukubhekana nezinhlelo zawo ezigunyaziwe.
Lo msebenzi ubalulekile kithina sonke emNyangweni.
Isikhathi seThemba, akhuluma ngumthakathi ngaso ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ekuvulweni kwePhalamende.
UmNyango wethu uzibekele izinto ezimbalwa okumele ugxile kuzo ngokushesha.
Ukuqinisa izinhlelo ezibalulekile, ngokugcizelela kakhulu ezinhlelweni zesifo sofuba (TB), ukuvikelwa kwegciwane lesandulela sengculazi kanye nokuphila ngendlela efaneleyo.
Ezingosini zami ezilandelayo ngiyokubeka kucace kahle ukuthi sihlela ukwenzenjani kulezi zindawo ezingibalulile.
Okwamanje kwanele ukuthi ngithi zothola ukunakwa okuyokwenza ukuthi kubenoshintsho ezimpilweni zabantu.
Siyajabula ukuthi sizokwazi ukubhekana nezinhloso zethu zokusiza abantu abangu-30 000 ukuthi basebenzise ama-ARVs kule nyanga esiyiqalayo. Njengoba uNdunankulu wesiFundazwe uDkt Sbu Ndebele waphawula enkulumeni yakhe ayethula kwisiShayamthetho, bangaphezulu kuka-28 000 abantu abathola ukwelashwa kumanje.
Yize kuwumsebenzi wethu ukusingatha nokunakekela abagulayo, kubalukile futhi ukuthi sishumayele ivangeli lokuzivikela, ukuze sithi sisingatha abagulayo sibe sigcina abaphila kahle beyimiqemane. Yingakho kule nyanga siphezu komkhankaso wokushumayela ivangeli lokuthi kumele abantu banekekele izimpilo zabo baphinde bazivikele ezifweni zocansi. Lo myalezo esiwushumayelayo ulula kabi, uthi nje impilo yakho isezandleni zakho. Singazokusiza ngolwazi, sikusize ngokwelapha nangokukusingatha, kodwa ekugcineni nguwena okufanele ugade impilo yakho. Sizoqhubeka nokushumayela leli vangeli ikakhulukazi ngoSuku lweSifo soFuba, ngasekupheleni kukaMashi.
Sengiphetha, ngizothanda ukunxusa labo abakufanele ukuvota ukuthi baphume ngobuningi babo kusasa (Mashi 1) babenezwi ekuphatheni kwabaholi babo. Akulona nje ilungelo lakho ukwenza njalo kodwa ngenye indlela yokuqinisekisa ukuthi ulwela intando yeningi.
Izinsiza kusebenza zezivande zizala izitshalo zakusasa. Abesifazane abazikhandlayo base-Underberg bathola izinsiza kusebenza kuMphathi wesiFunda saseSisonke, uNkk Gcina Hadebe UNkk Thobekile Ndlela noNkk Makhosazane Zulu abangabatshali bezivande bahlomula ngezinsiza zokwenza izivande ziphuma emnyangweni wezempilo emcimbini owawuse-Underberg muva nje.
Uyini lo mkhuhlane wezinyoni obatshazwayo?
Yini umkhuhlane wezinyoni?
Umkhuhlane wezinyoni yisifo esithathelanayo sezilwane nesidalwa yigciwane elithize kanti sivame ukuhlasela izinyoni kanjalo nezingulube nakuba kungajwayelekile. Lo mkhuhlane, owezilwane kuphela kodwa kuke kwenzeke ezikhathini ezimbalwa udlulele kubantu.
U: Izinyoni ziwuthola kanjani?
Ziwuthola egciwaneni okuthiwa yi-Type A influenza virus. Kodwa igciwane elihlasele njengamanje libizwa ngokuthi yi-H5N1 litholakala kakhulu ezinyonini zasemanzini ikakhulukazi amadada. Amadada ayakwazi wona ukumelana naleli gciwane nokwenza kube lula ukuthi sithathelane ngawo.
Kodwa izinkukhu azikwazi ukwenza lokhu, uma inkukhu eyodwa ithelelekile, ingadlulela kwezinye emahoreni ambalwa futhi akuthathi isikhathi eside ukuthi zife.
U: Udlulela kanjani kubantu?
I: Okwamanje kuvela ukuthi labo bantu abawutholayo basuke beke bathintana nezinyoni eziphilayo nezisuke sezinawo lo mkhuhlane. Leli gciwane liyaphuma ngisho nesendleni yezinyoni kanti lokhu kudala amathuba amaningi okuthi abantu batheleleke ngokuphefumulela kuleyo ndle. Ngakho ukuhlangana naleyo nkukhu esuke isinalo igciwane, izinto ezithintana nendle yayo yiyona ndlela eyaziwayo edlulela ngayo kubantu.
Izinyoni esezinawo lo mkhuhlane zikhipha igciwane eliningi uma zikhipha indle nokwenza libhebhetheke kalula. Ukutheleleka kwenzeka kakhulu uma uhlinza noma ulungiselela ukuyipheka. Abukho ubufakazi bokuthi inkukhu ephekisisiwe noma amaqanda ayalidlulisela igciwane.
U: Ukhona umuthi noma umgomo wokuwunqanda?
U: Yini engenziwa abaseNingizimu Afrika ukunciphisa amathuba okuthi kutheleleke izinyoni nabantu bayo?
I: Kufanele bahlale beqaphile. Uma izinyoni nezinkukhu zifa ziba ningi kanyekanye kumele bathintane nodokotela bezilwane ukuze bahlolwe ukuthi abanawo yini lo mkhuhlane. Zonke izinto ezisetshenziswa yilezi zilwane kumele zihlale zihlanzekile. Nigeze izandla kaningi kanti labo abathintana nalezi zilwane bathathe imigomo ejwayelekile yomkhuhlane ukuze banciphise amathuba okuthelelana nokungadala ubhubhane. Niwaphekisise amaqanda nenkukhu ngaphambi kokuyidla. Ningazihlinzi futhi ningazidayisi izinkukhu ezigulayo.
U: Yini esingayenza ukwandisa amathuba ethu okusigwema lesi sifo?
I: Uma uqala, bika ngokushesha ukuze lowo muntu alashwe ngokushesha futhi ahlukaniswe nabanye ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwaso. Ukuhlukanisa abagulayo nalabo abangakatheleleki nokuhlala kuhlanzekile kubalulekile.
UmNyango wezeMpilo kuZwelonke ususheshe wagunyaza ukubhaliswa kwamaphilisi okuthiwa ama-Tamiflu naselivumelekile ukusetshenziswa kuleli. Kukhona nezinhlelo zokusabalalisa ulwazi ngalesi sifo, lukhona kwi-internet futhi luyafakwa nasemaphephandabeni.
UmNyango wezoLimo uhlale uqaphile kanjalo nodokotela bezilwane. Ithimba le-CDC lihlanganisa amasu okubhekana nalesi sifo uma kungukuthi siyaqubuka. Izinhlelo zokuzama ukusibona sisaqala lesi sifo, ukuqwashisa umphakathi kuyaqhubeka.
UKUBA nolwazi kunoma yini kuyasiza kanti ukuba nolwazi lwezempilo khona kungasindisa impilo yakho. Yingenxa yalesi sizathu umNyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ubone kunesidingo sokuthi ufake izinsiza-lwazi kuzo zonke izibhedlela nakwezinye izikhungo zezempilo. Inhloso yalokhu ukuthi kusizakale iziguli nezinye izivakashi kulezi zikhungo ngolwazi lwezempilo.
Lezi zikhungo zizotholakala ezindaweni lapho iziguli ezifike zibhalise khona ngaphambi kokuhlolwa futhi zizobe zinolwazi ngayo yonke into ethinta ezempilo. Ulwazi oluzotholakala kulezi zinsiza luzobe luhambisana nokuthi ikhalenda yezempilo kuzwelonke igxile kusiphi isifo ngaleso sikhathi.
Isibonelo nje, uma kuyinyanga eqwashisa ngesifo sofuba, ulwazi nge-TB yilo oluyogqanyiswa. Kuyophinde kubekhona ulwazi ngezinye izinsuku ezihlukene eziqokwe njengezokuqwashisa ngezifo ezithize ekhalendeni lomnyango wezempilo. Sezizonke lezi zinsiza ziwu-90 kanti zizofakwa ezikhungweni zezempilo ezingu-72. Ezibhedlela ezinkulu zizoba mbili.
Lezi zinsiza zizokwenziwa ngendlela yokuthi kube lula ukuzifunda nokuziqonda futhi zizosebenza nsuku zonke kanti azizukuvalwa. Awudingi ulwazi lwekhompuyutha ukuze ukwazi ukuzisebenzisa. Zisetshenziswa ngendlela efanayo nemishini lena okukhishwa kuyo imali, ama-ATM.
Okuhle ukuthi awukhokhi lutho uma uzisebenzisa. Ulwazi lutholakala ngolimi lwesiNgisi nangolwesiZulu kanti luzofundeka futhi kuzoba khona nomuntu okhulumayo. Kuzoba khona nezithombe ezisiza ukuchaza njengokubaluleka kokugeza izandla.
Okwakho nje ukuthi ukhethe ulimi ofuna ukulithola ngalo lolu lwazi ngokucindezela ikinobho yolimi. OyiNhloko yezoLwazi nobuCwepheshe emNyangweni wezeMpilo, uVuma Magaqa uthe lezi zinsiza zenza ulwazi lwezempilo lutholakale kalula kuwo wonke umuntu.
Lezi zinsiza akuzona nje ezabantu abasebenza ezibhedlela kuphela. Zenzelwe umphakathi ukuthi ufunde futhi wazi ngezempilo. Okudinga ukwenza nje ukuthi uye kuzo, bese uyathinta lube seluqhamuka njalo ulwazi, kuchaza uMagaqa.
Ekugcineni, isikhona into umuntu angachitha ngayo isizungu uma esalindile emigqeni yasezibhedlela! Sithemba ukuthi umphakathi uzozisebenzisa lezi zinsiza ukuze uzohlomula ulwazi olungawusiza.
Lo mcimbi ubuwenzelwe ukuhalalisela labo basebenzi abathole izitifiketi ezahlukene emikhakheni eyehlukene ngesikhathi besebenzela wona umnyango wezempilo.
Bangaphezulu kuka-70 abasebenzi abathole imiklomelo nezitifiketi ngoba bebongelwa ngezifundo zabo njengoba abanye bethole iziqu abanye kwaba yizitifiketi.
Kulo mcimbi kumenyezelwe ukuthi umnyango usuzonikezela ngemifundaze kubasebenzi bawo.
Umnyango awugcini nje ngokukhuluma kuphela kodwa uyabonakala nangezenzo ngokusho kukaDkt Lulu Nkonzo-Mthembu oyiMenenja yo obhekelele ukuqashwa kwabasebenzi. Ekhulumela uNgqongqoshe, oyiMeneja enkulu, uDkt Sibongile Zungu uthe umnyango uzimisele ngokugcizelela ukubaluleka kokufunda kubasebenzi bawo.
Uqhube wathi ukuthuthukiswa kolwazi namakhono abasebenzi kungumsebenzi wabo bonke abaqashi.
Umnyango wethu ufuna ukugqugquzela bonke abasebenzi bawo ukuthi balisebenzise leli thuba lokufunda, ukukhula nokuzithuthukisa, kusho uDkt Zungu.
Kufanele ngabe kade kwenzeka kodwa ngigcine ngikwenzile ngokuzimisela, ukuzikhandla nokubekezela. Lokhu kuyakhombisa ukuthi ukufunda akukhulelwa, kusho uNkk Molefe.
06 ubungcono. Phela labo abebesebenza bakwzile ukufinyelela lapho bekwenzeka khona izingozi emizuzwini engu-15 ekubeni eminyakeni edlule bekubathatha imizuzu engu-20 kuya kwengu-30.
Nokho bebengakwazi ukwenza lokhu kuzo zonke izindawo ikakhulukazi lezi ezisemakhaya. Yingakho nje ngamaholidi ePhasika bezozama ukuthi baphuthumise usizo kubo bonke abalimele ezingozini zomgwaqo emizuzwini engu-15 ingozi yenzekile, ngisho ngabe kuthiwa yenzeke kuphi.
ukuthi sikwazi ukwenza lokhu mkhankaso. Kusukela iziguli ezingu-2202 , bahambela nezindiza ezimbili ngisho sisebenzisa izimoto ngoDisemba 1 2005 kuya izindawo abazihambele eziwu-ezinophephela emhlane.
ESIBHEDLELA esenza umsebenzi kuhlehliswe umshado noma ngabe wokubelethisa kuphela esifundazweni kwenzenjani, ngakho-ke umkhwenyana saKwaZulu-Natal, kwenzeke namalungu emindeni kudingeke ukuthi obekungalindelekile. Kube nezigameko babuthane esibhedlela ngakusasa ezimbili ezilethe intokozo ekuqaleni ukuze lezi zithandani zenze izifungo kwale nyanga ngesikhathi umama zazo zomshado.
oyedwa engagcinanga nje ngokuteta Umkhwenyana obefile injabulo, kuphela kodwa ephinde washada kuso uMnuz Justice Mbokazi uthe lesi sibhedlela. akakholwanga ngesikhathi UNksz Siphesihle Ndlovu abasekhweni lakhe bemshayela ucingo waseNdabayakhe, eMpangeni, usikwe bemtshela ukuthi ingoduso yakhe isikhathi singakafiki sekusele usuku iyasikwa.
kube ngumshado wakhe.
lesiZulu akuvumelekile ukuthi Umakoti naye obethokozile udingeke ukuthi ahlale izinsukwana esibhedlela njengoba ingane ibisadinga ukunakekelwa egumbini lezingane. Lo mama uthe: "Yize ngingakwazanga ukubungaza nabantu ebebehambele umshado wami kodwa ngiyajabula ukuthi mina nomntanami siyaphila." Kusobala ukuthi laba bashadikazi bazoke bathi ukukhohlwa kancane ngokuthatha uhambo oluthathwa abasanda kushada ngoba bazobe bematasa noSiyanda!
