Gcina indlu yangasese ihlanzekile.
Chitha indle yezingane endlini yangasese okanye uyimbele.
Hlanza izandla zakho ngensipho namanzi ahlanzekile emuva kokusebenzisa indlu yangasese. GCINA INDLU YANGASESE IHLANZEKILE.
Ngokuthatha amasampula kuleleyondawo esoleka ukuthi inegciwane, kungaba isekudleni, emanzini nasegazini ukuze iyocwaningwa eLabhorethri.
Akhuthaza umphakathi ukuthi usebenzise izindlu zangasese.
Enza uhlelo lwesikhashana lwamanzi ahlanzekile kuze kufike isikhathi lapho abantu bezothola amanzi abazowaseben-zisanjalonjalo.
Aqinisekisa ukuthi imfucuza ilahlwa endaweni efanelekile. Khumbula amanzi angcolile ayindawo eyejwayelekile lapho iTyphoid itholakala khona.
Isiphetho iTyphoid iyisifo esivikelekayo. Uma umphakathi ukwazi ukugcina izixwayiso ezibhalwe ngenhla lesisifo singavikelwa. Okubalulekile kakhulu ukuthi igciwane leli ngeke ulibone ngamehlo akho. Ngakho-ke uma ubona izandla zakho zingenakungcola akusho ukuthi uphephile, kufanele yize zibukeka zihlanzekile uzihlanze ngaphambi kokuba uthinte ukudla.
Abantu abahlala emakhaya kanye nase mikhukhwini kumele baqwashiswe kakhulu. Lezizindawo zivamise ukungabi nawo amanzi ahlanzekile kanye nezindlu zangasese. Kanti lesisimo yiso esibhebhethekisa isifo kakhulu.
Uma umuntu ephathwa imfiva, ikhanda, ukuqunjelwa yisisu, efuna ukubuyisa noma ekhishwa yisisu kumele aphuthunyiswe kudokotela noma emtholampilo. Khumbula impilo yakho isezandleni zakho.
Lesi isifo esibangwa igciwane elibizwa ngokuthi iSalmonella typhi futhi sitholakala ngokuphuza amanzi, nobisi noma ukudla ukudla okunaleli gciwane iSalmonella. Kunez-inhlobo ezingu 107 ezahlukahlukene zaleli gciwane.
Inhliziyo encane noma ukungathandi ukudla.
Ukuqunjelwa noma ukuhuda.
Pheka ukudla kwakho.
Bilisa noma ufake ujikhi emanzini akho okuphuza.
Hlanza izandla zakho.
Amasu okulungisa ukudla.
Ukuphekisisa kuyayibulala iTyphoid phekisisa inyama, ufishi kanye nezithelo bese ukudla kungakabandi. Ukuhlanza kuvikela iTyphoid- hlanza izandla zakho ngaphambi kokuba ulungise ukudla.
Hlanza izitsha zakho ngensipho kanye namanzi.
Hlanza isithelo nemifino okudliwa luhlaza.
Ukucwecwa kuvikela iTyphoid-idla izithelo ezisanda kucwecwa, njengama wolintshi kanye nobhanana.
Kugcine kuhlanzekile futhi kupheke noma kucwecwe.
25 litha wamanzi. Uwamboze ubsuku bonke bese ephuzwa ngosuku olulandelayo.
Kungabe amanzi akho okuphuza abekwe endaweni efanelekile na?
Amanzi ahlanzekile angaba namagciwane futhi uma engabekwanga endaweni efanelekile.
Faka amanzi okuphuza ezigujini ezihlan zekile ezinomlomo omncane noma ambozwe. Yikha amanzi esigujini / emgqomeni ngenkezo enesibambo.
Angaba khona ezandleni zakho ungawaboni.
ngaphambi kokuba udle noma ufunze izingane zakho.
Iyiphi indlela elungile yokuhlanza izandla zakho?
Sebenzisa insipho ngaso sonke isikhathi.
Sebenzisa amanzi anele ahlanzekile.
Hlanza izandla zakho nxazonke nangapha-kathi kweminwe nezinzipho.
