Ngisho nokudla okuphekiwe, uMvakashi kufanele aqiniseke ukuthi kuphekwe ngok-wanele futhi kwaba kusha. Ezikhathini ezithize zonyaka izinhlanzi ezinhlobonhlobo kanye nezinkumba zingaqukatha ubuthi obuyingozi ezimpil-weni noma ngabe ziphekwe ngokwanele. Izaluleko kufanele zifunwe komaziphathe basekhaya bompha-kathi ngalezi zilwanyana eziyingozi. Ngeshwa, indlela okubukeka ngayo ukudla akuyona inkomba yokuphepha kwakho kanti futhi ukudla okunobuthi kungazwakala kumnandi. Lapho kunendlela yokug-wema ukudla okungaphephile, amanani amancane okudla anganciphisa ubungozi bokunukubezeka. Abavakashi bangaze bakhethe ukuyeka isidlo.
Eningizimu Afrika amanzikampompi imvamisa aphephile ukuwaphuza. Kodwake uma kwenzeka umuntu evakashela izindawo zasemakhaya izikhathi ezinde, kuyancomeka ukuba umuntu aphathe amanzi asemabhodleleni ezitsheni ezivaliwe. Amaphilisi okuh-lanza amanzi nawo ayatholakala emakhemisi futhi ku-fanele asetshenziswe ngokulandela imiyalelo. Lapho kungenzeka amanzi anukubezeke, abavakashi kufanele belulekwe ukuthi amanzi aqandisiwe nawo kufanele athathwe njenganukubezekile futhi akufanele asetshen-ziselwe ukuphuza.
Gwema ucansi lwesikhashana nabanye abantu kungeve kungabantu ovamise ukuya nabo ocansini ngesikhathi sokuvakasha. Igciwane lesandulela ngculazi (i-HIV) liyindaba egudwini njengamanje ngokubheka isikhathi elihlala ngaso egazini, okuholela ekuthumelekeni buthule kanye nasemphumeleni walo onobungozi bokufa. Abavakashi bayelulekwa ukuba bazihlinzeke ngamajazi omkhwenyana (amakhondomu) ngaphambi kokuthatha uhambo uma bewadinga. Uma kunesidingo somjovo, abaVakashi kufanele bazame ukuqiniseka ukuthi izinalithi kanye nezipotsho ziqhamuka emaphaketheni emithi angenamagciwane ezifo. Abane-sifo sikashukela kufanele baphathe izinalithi ezihlanzekile (ezingenamagciwane ezifo) ngesikhathi abazosihlala kanye negunya lika-dokotela lokuzisebenzisa. Ukuthekelwa kwegazi kuphephe ngokufanele eNingizimu Afrika futhi akunabungozi kubavakashi. Asikho isidingo sokugcizelela ekushintsheni ukuziphatha kanye nokuvikela.
C -okungukusebenzisa ijazi lomkhwenyana (ikhondomu) -njengenye indlela yokuvikela.
Umalaleveva esinye sezifo zasemaxhaphozini ezijwayelekile esidalwa isilwanyana esimunca igazi lomuntu maqede sidale uhlobo oluthize lukamalaleveva esithungeleka ukusuka komunye umuntu kuya ko-munye ngokulunywa umiyane ohlaselwe yileli gciwane lwezilwanyana zohlobo lwemiyane ethwala isifo sika-malaleveva. ENingizimu Afrika iyenzeka ezindaweni ezisemahlanzeni (eziphansi) zasesiFundazweni sase Nyakatho, eMpumalanga kanye nenyakatho esempu-malanga nengxenye yesiFundazwe saKwaZulu-Natali. Izimpawu zale sifo zibandakanya ubuhlungu bekhanda, imfiva, ubuhlungu bezicubu zomzimba kanye namalunga ahlanganisa amathambo nenyama, ukuju-luka, ukuhlaselwa ukuqhaqhazela, ukucanuzelelwa inhliziyo, isisu esihambisayo kanye nokukhathala. Uma nasiphi isifo esiphathelene nemfiva sihlasela esik-hathini esiyizinyanga ezintathu emva kokuvakashela endaweni enesifo sikamalaleveva, kufanele kubonanwe nodokotela ngokushesha.
Ukugqoka izingubo ezifanele.
Ukusebenzisa izinto zokuxosha umiyane ezindaweni ezivele (obala) zesikhumba.
Ukuvikela umiyane endaweni yokuhlala. Izinto zokuvikela isifo kanye nezaluleko kuyatholakala emakhemisi aseduze kanti futhi imithi kufanele iset-shenziswe okungenani emahoreni angama-24 ngaphambi kokungena endaweni ehlaselwe yisifo sika-malaleveva. Khumbula, uma umuntu eba nezimpawu ezisamkhuhlane ezinemfiva emva kokuvakashela indawo ehlaselwe isifo sikamalaleveva yazisa udokotela ukuba abhekele ngakumalaleveva uma elapha lowo ogulayo.
Isifo samazwe ashisayo yisifo esinegciwane sabantu esithathelana ukusuka konaso kuya kumuntu obutha-kathaka ngomiyane wohlobo lwe- Aedes Aegypit okungumiyane othwala isifo samazwe ashisayo. Nakuba kunobufakazi bokuthi ukuthathelana kwesifo samazwe ashisayo kwake kwenzeka eNingizimu Afrika, umiyane othwala lesifo uyatholakala nalapha. Isifo samazwe ashisayo senzeka e-AFrika eseNtsho-nalanga, eMaphakathi kanye neseMpumalanga kanye naseNingizimu neMelika. Ingozi yokuthola lesi sifo ingancishiswa ngokuthatha izinyathelo ezejwayelekile ukuvikela noma ukunciphisa ukulunywa omiyane.
Ukugoma: Ngokuhambisana neMithethonqubo yezeMpilo yoMhlaba Wonke, iSitifiketi sokuvikela ukungenwa yiSifo saMazwe aShisayo isona Sitifiketi kuphela esingadingeka ukuze kuhanjwe umhlaba wonkana. Isitifiketi soMhlaba Wonke sokuvikela iSifo saMazwe aShisayo sihlala imin-yaka eyi-10, ukusukela ezinsukwini eziyi-10 ujovile. Siyadingeka kubo bonke abavakashi abangaphezulu kon-yaka ubudala. Umuntu oqhamuka endaweni yalesi sifo ongakugomele lokho angenqatshelwa ukungena ezweni noma agcinwe ngaphansi kokuhlolwa isikhathi okun-genani esiyizinsuku eziyisithupha ngazo ukunyakaza kwakhe kungaba nezithiyo. Imitholampilo yezokuvakasha iyohlinzeka ulwazi oluthe xaxa ngalesi sifo kanye nokugomela lesi sifo.
Isifo esibulalayo esidalwa amagciwane asemathunjini. Ukuhlaselwa yilesi sifo kudalwa ukuphuza amanzi nokudla okunukubezekile. Ukusilawula kuseyinkinga yezempilo. Ukunciphisa ingozi yokuhlaselwa yilesi sifo, abaVakashi kufanele bacophelele kakhulu ukuthi yini abayidlayo kanye nabayiphuzayo. Abavakashi bayanxuswa ukuba bagweme ukuphuza amanzi angalashiwe. Amanzi agcinwe emab-hodleleni ayancomeka.
Isichenene segazi senzeka umhlaba wonke futhi sidalwa izibungu ezidla igazi lomuntu ezimpilo yazo ayiqondakali kubandakanya ezinye izinhlobo zezilwanyana eziyiminenke zasemanzini okuyizona ezizidlayo. Leminenke ihlaselwa yileli gciwane ngenkathi umchamo kanye nendle yabantu abahlaselwe yilezi zibungu inukubeza amanzi acwe-bile. Iminenke ehlaselwe yileli gciwane ikhiqiza izibung-wana ezincane ezibhukuda kalula ezikwazi ukungena esik-hunjeni esingavikekile (esingavulekile) somuntu ezimncin-cithayo. Ukubhukuda emanzini acwebile ezindaweni ezihlaselwe yilesi sifo kufanele kugwenywe. Ukubhukuda emadanyanini afakwe imithi yokubulala amagciwane cishe kuphephile ngaso sonke isikhathi.
