Ukumele ukwenze uma unesikhalazo Umbono noma isincomo...
Sitshela uma uzizwa ukuthi kunomsebenzi okuphathe kahle kakhulu !
Kumele ukhumbule ukuthi ungathola usizo lwezeMpilo e Addington kuphela uma uhlala kuluzindawo ezilandelayo...
Kubalulekile ukuthi uqale eMtholaMpilo oseduzane nawe! Uma wena noma ingane yakho igula , uze ungamoshi imali yakho ngokugibela , kodwa iya EmtholaMpilo njengoba uzothola usizo olufanayo nasesibhedlela njengoba kukhona abahlengikazi abaqeqeshwe ngokugcwele bezikubona, uma kune-sidingo sokuthi ubone udokotela noma sokuthatha isithombe , umhlengikazi uzokudlulisela esibhedlela nencwadi yokukudlulisa (referral Letter).
Iyini I referral letter Lena incwadi oy-ithola uma umhlengikazi ekudlulisela esibhedlela. Lokhu kuzosiza udokotela ukwazi konke ngokugula kwakho noma kwengane yakho . Uma ufika esibhedlela ungayiphethe lencwadi , uzothola ukwe-lulekwa , uphinde welashwe bese uyagqugquzelwa noma ukhunjuzwe ukuse-benzisa umtholaMpilo wangakini?
Imalini okumele ngiyikhokhe?
Kuzodingeka ukuthi ukhokhe njengoku-fanelekile komabhalane bethu. Kuphela uma uzobona odokotela emtholaMpilo wethu.
Khumbula ukuthi noma iliphi ilun-gule onalo kodwa kumele ziham-bisane . Sizokusiza ngokukunakek-ela, nangenhlonopho . Neziguli zethu kumele zenze okufanayo kubasebenzi bethu bezeMpilo. Uma udinga noma iluphi ulwazi noma enemibuzo udinga izimpendulo. Buza ngoba kungumgomo wakho. Njengoa sithi lapha e Addington -- MASIBAMBANE!
