Bikela ochwepheshe bezilwane ngesilwane esiziphatha ngokungajwayelekile, futhi kusoleka amarabi kuso.
Abantu abasengcupheni yokuthola amarabi, abagonywe ngaphambi kokuba bangene esimweni esinjalo.
Izikhungo zezempilo, odokotela abazise umxhumanisi wezifo ezithathelanayo (CDC) naba Hloli Bezempilo ngokushesha.
AbaHloli Bezempilo balandela isimo, baphenye bese beyaluleka (bacebise).
Abahloli bezempilo basizane nochwepheshe bezilwane emikhankasweni yokugoma izilwane (zasemakhaya) noku qwashisa.
Kuqiniswe isigungu sabashabasheki ngamarabi kuya emphakathini.
Isilwane esigulayo siyabulawa kahle, bese kuthathwa.
Kumuntu osegula kuthathwa amathe ahlolwe.
Isilwane esisolisayo siyavalelwa/siboshwa izinsuku eziyishumi kubhekwa ukuthi asishintshi yini.
Uma sitshengisa izimpawu zamarabi, sibese siyabulawa kahle ukuze ubuchopho buye kocwaningwa.
Uma umuntu olunyiwe elashwa ngokushesha, angeke agule-afe.
Umuntu olunyiwe akageze inxeba ngamanzi nesibulala-magciwane imizuzu emihlanu , engakayi emtholampilo.
Yana emtholampilo oseduzane.
Udokotela noma umhlengikazi uyomqalisa ohlelweni lokuvikela amarabi, ukubulala amarabi emzimbeni.
Kubalulekile ukuthi uyilandele yonke imijovo uze uqede.
Uma ufuna ulwazi olungaphezulu, thintana nabezoLimo noma isikhungo sezeMpilo.
Amarabi isifo esithathelanayo esi-bangwa yivariyasi (igciwane) yezilwane ezi-nawo. Siyisifo esisuka esilwaneni esinom-gogodla negazi elifudumele siye kwesinye.
Amarabi asuka ezilwaneni ezinjengezinja, izimpungushe, amakati, ochakide, kanye nezithuthamadlebe (amalulwane).
Ivayirasi isuke isikhona ematheni uma ekuqala isifo.
Amathe aqukethe lamavayirasi angena kumuntu ngukulunywa, nokuklwejwa, inqobo nje uma kuvuleke isikhumba.
Leligciwane lihamba ngemizwa lize lifike ebuchosheni.
Izidumbu zezilwane ezife zinamarabi zingaba yingozi, uma zihlinzwa, buchaphazelwa ubuchopho, amathe, noma besikwa ummese.
Kwazise ukuthi amarabi ahlasela imizwa nomqondo, aziveza ngokuziphatha kwesilwane okungajwayelekile.
Ukuguqukelwa ukuziphatha (ulaka), ukuluma noma yini, ukungazinzi, ukwesaba, ukubindwa kungekho lutho, ukugxaza amathe, ukushaya umkhulung-wane kungazelele, ukulwayiza, ukuzilimaza, ukuh-langana kwemihlathi, ukudlithiza, bese ifa esingezansi.
Ulaka, inhlamvu yeso iyanwebeka, ukundwaza, ukwenza imisindo engajwayelekile, ukungamthobeli umnikazilo, ukuhlasela lingachukuluzwanga, ukud-lithiza, ukufa esingezansi, bese liyafa.
Ukubhonga ngesihosha, ulaka, ukuhlasela izinto ezingaphili nabantu, ukuzahlula emhlambini, ukun-gadli, ukudiyazela, ukukhinyabezeka esingezansi, ulimi, imihlati, ukugxaza amathe, ukukhuthalela ucansi, ukunwebeka kwenhlavu yeso, ukundwaza, nokuququda imihlathi.
Ukukhuthalela ucanci, ukukhala okwevile, ulaka, ukugijima okungenasidingo, ukuququda amazinyo, ukukhinyabezeka isingezansi.
Zona zivele ziphelelwe ukwesaba abantu, zingene emizini nasemasimini, zihlasele abantu nezinto zingaxwayisanga, zife esengezansi.
Kuthatha amasonto amabili kuya kwayishumi nangaphezulu, umuntu elunywe yisilwane esinamarabi ukuthi abe nezimpawu zamarabi eguliswa yiwoi.
Izimpawu zokuqala: ukuphathwa yik-handa, umkhuhlanyana, ixhala, ukuhlanza, ukwesaba amanzi, umphimbo obuhlungu, ukungakuthandi ukudla, ukukhathazeka, ukuqwasha, kukhinyabezeke esingezansi, ukuquleka, bese eyafa.
Imigomo iphephile, ayisigulisi isilwane sakho.
Ungathinti noma usondele esilwaneni ongasazi, noma sibukeka singesokufuywa, futhi ungasibalekeli.
