bese iqoqo ngalinye linikezwe izithombe ukuba libuke bese bevumelana ngalokhu abakubonayo.
Umphakathi uhlela izithombe ngezindlela ezintathu "okuhle", "okubi", kanye "nokuphakathi" nendawo.
Okuphakathi - ukungabi nesiqiniseko sokuthi kubi noma kuhle.
Lelishadi lihle ngoba linikela umphakathi amandla okucwaninga nokuhluza kanye nokubhekisa isimo.
Lelithuluzi lisiza umphakathi ukuba uqonde ukuthi izifo zithathelwana kanjani zisuka komunye kuya komunye kanye nokuthi yiziphi izivimbandlela ezinga vikela ukuthathelana kwezifo.
Lelithuluzi lisiza umphakathi ukuba uxoxisane ngokuthi yiziphi izivimbandlela ezilula ukuzenza.
Inqubo yokuchaza ngokobulili: Lelithuluzi lisebenzisa izithombe ezintathu zabesifazane nabesilisa kanye nabesifazane nabesilisa behlangene. Izithombe zabesi-fazane bembandakanyeka emisebenzini eyahlukene. Okunye okudingekayo obhontshisi bokubala.
Lelithuluzi lihlose ukuthi abantu bazi ngobulili babo emphakathini. Bakwazi ukuthi babone ukuthi iziphi izinkinga ababhekene nazo empha-kathini imihlangemihla yezempilo zabo baphinde bebhekisise ukuthi izinkinga zingabaphazamisa kanjani kwintuthuko.
Izithombe ezingu 20-25 zezindlela ezihlukene zokunikezelwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle njengokusetshenziswa kwehlathi kuya ezindlini zangasese ezisetshenziswa ngamanzi kanye nokusetshenziswa kwamanzi omhosha kuya kompompi abaphakathi ezindlini.
Leli thuluzi lisiza umphakathi ukwazi ukubheka izindlela ezokunikezelwa kwamanzi omhosha kuya kompompi abaphakathi ezindlini.
Leli thuluzi lisiza umphakathi ukwazi ukubona izin-dlela ezokunikezelwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle emphakathini.
Ibhokisi lemibuzo: Leli thuluzi lisebenzisa ibhokisi elilodwa elinem-bobo ukuze umphakathi ufake imibuzo yawo kulo.
Umphakathi uba sethubeni lokubuza imibuzo ngendlela engabaphoqi ukuba bakhulume izinkinga zabo emphakathini.
Lokhu kusiza umphakathi ukuthi ubuze imibuzo ngendlela efihlekile ngaleyondlela ngeke kubak-hathaze ukuthi into abayishilo ingamcasuli omunye bese kudala ingxabano.
Leli thuluzi lisebenzisa izithombe ezahlukene zokwenzeka ngaphambili nosekushitshile lokhu kuveza umehluko phakathi kwento ephukile nento elungisiwe.
Uhlelo (lwe-PHAST) lwasungulelwa ukuthuthukisa ushintsho oluqhubekayo ngendlela yokuziphatha mayelana nenhlanzeko kanye nokuthuthukiswa kwendlela efanele yokuthuthwa kwendle. Yenzelwe ukuthuthwa kwendle okufanelekile, nokutholakala kwamanzi ahlanzekile kanye nezemvelo njengoba kwaziwa ukuthi kungezinye zezinkinga mayelana nalokhu. Lendlela isebenzisa izithombe ezenza ukuba abantu babone ukulethwa kwamanzi kanye nokuthuthwa kwendle emphakathini ngendlela ebonakalayo. Lendlela isebenzisa izindlela kanye nezinto eziqhakambisa ukusebenzisana kwabesilisa, abesifazane kanye nezingane.
Ukukhulisa, ukusebenzisana kwezenhlanzeko kanye nokulahlwa kwemfucuza ngendlela efanelekile.
Ukwenza abantu bakwazi ukubhekana nezink-inga ezimayelana nokushintshwa kwendlela yokuziphatha.
Ngokuhlola ulwazi lwabantu. Ukuphenya mayelana nesimo abantu abaphila kuso. Ngokubuka izinto ezingenzeka ngekusasa. Ukuhlaziya izinkinga ezingavimba ushintsho. Ukulungiselela ushintsho. Ekugcineni wenze ushintsho.
Ukuxazulula izinkinga ngendlela yokubambis-ana.
Ukunikezela ulwazi ngendlela yokuxazulula izinkinga.
Ukunikeza abantu amandla okuzithathela izinqumo ngolwazi abanalo.
Ukwamukelwa kwezindlela ezahlukene empha-kathini ngokuqonda ukusabalala kanye nokuvikela izifo.
Ukubonakala kwezinkinga:- Umphakathi uxoxisana ngezinkinga zezempilo onazo emphakathini.
Ukuhlaziywa kwezinkinga Uma sibheka izinkinga asibheki isimo samanzi nokulahlwa kwemfucuza emphakathini kodwa siyelekelele ekutheni kube yiwona umphakathi oshintshela okusikuya kokuhle mayelana nemik-huba yezenhlanzeko. Ibuye ibheke ucwaningo lwezenzo zomphakathi bese ubona ukuthi izifo zanda kanjani.
Ukuhlelela isixazululo Uma umphakathi usubonile ukuthi inkinga ilelephi, kumele baqhamuke nezindlela zokuvikela ukwanda kwezifo.
Ukukhethwa kwezindlela. Yilapho umphakathi uphakamisa izindlela ezahlukene zokwenza ngcono isimo sokuthuthwa kwemfucuza emphakathini kanye nokukhetha imikhuba engcono yezenhlanzeko njengoba iboniwe imikhuba emihle nemibi.
Ukuhlelelwa kokushintsha kwemikhuba kanye nezinsiza ezintsha. Yilapho umphakathi uhlunga abantu ukuze bakwazi ukubamba iqhaza kokwenziwayo, okuzoletha ushintsho. Umphakathi ubuye ubheke okungahle kungahambi kahle ezinhlelweni zawo.
Lezi izithombe ezingu-15 ezimbaxa mbili ezikhombisa izindawo ezinezimo ezahlukene.
Umphakathi uyahlukaniswa amaqo-qwana amancane benze iqoqo ngalinye linikwe izithombe ezixoxa izindaba eziphelele.
Bese amaqoqo ebonisana izindaba zawo.
Uma usebenzisa lelithuluzi kunenhloso yokucwaninga ngenhlalo kanye nokunye okuphathelene naleyo ndawo.
