Izilwanyana nezitshalo ezinobuthi ezinga-suseka ngokuhlanza. Ngokucwecwa nokuncwela: Cwecwa izithelo nezitshalo uma kungenzeka ukunciphisa ukungcola, amagciwane kanye nemithi yokubulala izinambuzane. Lahla amaqabunga angaphandle ezithelo ezinamaqabunga. Ncwela amafutha enyameni kanye nesik-humba ezinkukhwini kanye nezinhlanzi ngoba ezinye izinsalela zemithi yokubulala izilwanyana kanye nezitshalo ezinobuthi ziqoqelana (zinqwabelana) lapho kanye nase-mafutheni. Ukuncwela kungasiza ukunci-phisa inani lemithi yokubulala izilwanyana kanye nezitshalo ekade ingagcina idliwe. Ukupheka kuyasiza: Ukupheka kuyasiza ukunciphisa ingxenye yezinsalela zemithi yokubulala izinambuzane ekudleni ezinga-suseki ngokuhlanza kanye nokucwecwa.
Izinhlobonhlobo zokudla: Yidla izinhlobon-hlobo zokudla eziqhamuka emithonjeni eyehlukene. Eminye imithi yokubulala izilwanyana kanye nezilwane ezinobuthi iset-shenziselwa izitshalo ezithize. Ukudla uhlobo lokudla olunezithelo, izitshalo kanye nokudla okuzinhlamvana okuningi okwehlukene isenzo esinempilo ngokwaso. Kuphinde kuvikele ukudla inani lokudla okungenam-soco kohlobo oluthize noma izinsalela zemithi yezilwanyana nezitshalo ezinobuthi okungenzeka kube nazo.
Inani lemithi yokubulala izinambuzane izilwanyana kanye nezitshalo elakhiwa abantu elisetshenziswa ekudleni kanye nezinsalela zayo okudingeka ukuba kube khona emikhiqizweni ezingeni lokudayisa (imakethe) kulawulwa yizinhlobo ezahlukene zemithetho futhi kuhlolwa uMnyango wezeMpilo kanye noMnyango wezoLimo ngokwahlukana.
Imikhiqizo yasekhaya eminingi imithi yokubulala izinambuzane izilwanyana kanye nezitshalo ezinobuthi.
Imithi ebulala isikhunta; Imikhiqizo ethize yotshani kanye nasezaleni, efana nemithi yokubulala ukhula; Amakhemikhali athize edanyana lokubhukuda.
Imithi yokubulala izilwanyana noma izitshalo ezinobuthi ebhekiswe ezintweni eziphilayo, njengemithi ekhiqizelwa izilwane yokubulala izilwanyana noma izitshalo ezinobuthi, iya ngokuya yaziwa futhi imvamisa iphephile kunemithi yokubulala izilwanyana noma izitshalo ezinobuthi eyejwayelekile.
Imithi yokubulala izilwanyana noma izitshalo ezinobuthi Ekudleni.
Yini izinsalela zemithi yokubulala izilwan-yana kanye nezitshalo ezinobuthi?
Imithi yokubulala izilwanyana, izinambuzane kanye nezitshalo ezinobuthi yinanoma yini into okuhloswe ngayo ukuvikela, ukubulala, ukuheha, ukuxosha noma yokulawula nanoma yiziphi izintwana ezinobuthi kumbandakanya izinhlobo zezit-shalo kanye nezilwane okungadingekile ngesikhathi sokukhiqiza; sokuthuthelwa ukuyogcinwa; sokusabalaliswa kanye nokulungiswa kokudla; semikhiqizo yezolimo; noma sokudla kokuphakela izilwane noma okungaphiwa izilwane ukuvimbela into encincida ingaphandle lomzimba wenye. Kubandakanya futhi izinto okuhloswe ngazo ukusetshenziswa njengezilawula ukukhula kwezilwane; njengesibulala maqabunga; njengesomisi; njengesinciphisa izithelo noma njengesivimbela ukukhula kanye nezinye izinto ezifakwa ezitshalweni ngaphambi noma emva kokuvuna ukuvikela umkhiqizo ekubeni wehle ngesikhathi ugciniwe noma uthuthwa.
Yini izinsalela zemithi yokubulala izilwanyana kanye nezitshalo ezinobuthi?
Lokhu yinanoma yini into ethize ekudleni; imikhiqizo yezolimo noma ukudla kwezilwane okuvela ngenxa yokuse-benzisa imithi yokubulala izilwanyana noma izitshalo ezi-wubuthi. Leli gama libandakanya nanoma yiziphi izinto ezivela emithini yokubulala ubuthi kanye nokungcola kwemithi yokubulala izinto ezinobuthi kanye nokungcola okuthathwa njengokunokubaluleka ocwaningweni lobuthi.
Ingangena kanjani ekudleni imithi ebulala izinambuzane, izilwanyana kanye nezitshalo ezinobuthi?
Kunokuhlawumbisela okungaqinisekisiwe okucwaninga imithi yokubulala izilwanyana ezinobuthi esetshenziswe ekukhiqizweni kokudla okuthi le mithi ingahlala emikhiqizweni enjengezithelo kanye nezitshalo noma ngabe seyifuthiwe.
Isetshenziselwani imithi yokubulala izilwanyana izinambuzane kanye nezitshalo eziwubuthi?
Isetshenziswa ngoba inemiphumela ewusizo ekukhiqiz-weni kwezitshalo kanye nasekutheleni kwazo. Ngokuset-shenziswa kwale mithi, abalimi bangandisa imizamo yabo emasimini, ngenkathi behlisa izindleko zomkhiqizo oya kuMthengi.
Ubudlelwano bokudla kunemixhantela eminingi futhi bubandakanya wonke amazinga endleleni eya ekukhiqiz-weni, kusukela ekufakelweni kwezikhuthazi zomkhiqizo wezolimo kanye nokukhiqiza okusezingeni eliphansi kuya ekusetshenzisweni kwalokho kudla. Ukudla kungaba into ebalulikile ukuthwala izinto ezidala izifo, njengezilwanyana ezincane ezidala izifo kanye nobuthi bazo. Ukuqinisekisa ukuphepha kokudla kudinga isin-yathelo kanye nokubambisana kwabo bonke abantu nohulumeni kufanele bathathe izinyathelo ezanele ukunciphisa izingozi eziphathelene nokusetshenziswa kokudla.
Ukuphepha kokudla kuqala kubafakeli bezikhuthazi zomikhiqizo yezolimo kubalimi kanye nalabo ababan-dakanyekayo ekukhiqizweni kokudla, njengoba izinto ezifana nemithi yokubulala izilwanyana kanye nezit-shalo ezinobuthi kanye nemithi (eyizidakamizwa) yezilwane kusabisa ngobungozi obehlukene ngakho- ke kudinga ukunakekelwa ngandlela thize. Ukudla kwezilwane okunezinto ezithwala (ezidala) izifo, kubandakanya amagciwane kanye namakhemikhali anobuthi nakho kungadala izingozi ezithize.
Ngenxa yokuthi imithi yokubulala izilwanyana kanye nezitshalo ezinobuthi inemisebenzi eminingi, singa-vuleleka kuyona ngezindlela eziningi.
