Thola ukudla okunomsoco nezidingo zempilo.
Ukuphepha nezidingo zezenhlala kahle.
Ukunakekelwa abasebenzi bezempilo.
Ukwaziswa ngokwelashwa nokunakekelwa ngendlela ingane engakwazi ukuqonda kalula lapho kufanelekile.
Ukuhlonishwa ngokobuntu, ingasese, imfihlo, isithunzi, okomoya nokukholelwa emasikweni.
Ngemvume yesiguli ukuthola ulwazi ngokuqhubekayo mayelana nokwelashwa kwesiguli isihlobo sawo.
Lokuphathwa ngenhlonipho nangesizotha ngokuqikelela izidingo zokomphefumulo nokukholelwa emasikweni.
Ukubeka Imibono yokukhathazeka nokuthola incazelo ngokuphuthumayo.
Ukwaziswa ngezigameko ezingajwayelekile ezenzekayo ngesikhathi isiguli silashwa, njengo kuwa embhedeni nokunjalo.
Ilungelo lokungena bazobona isiguli ngesikhathi okungesona sokuhambela iziguli lapho isimo siphoqa noma siphuthuma.
Lokuxhaswa ngomoya, nokwaziswa lapho isimo siphoqa noma siphuthuma.
Lokuxhaswa ngomoya, nokwaziswa lapho lingatholakala khona usizo ngaphakathi noma ngaphandle kwesibhedlela.
Sokunikezela ngolwazi olufanelekile mayelana nempilo yesiguli nokwelashwa kwangaleso sikhathi lapho kudingeka khona.
Ekukhishweni kwesiguli esibhedlela umndeni ubophezelekile, ngokuqiniseka ukuthi sithatha imithi, sibuya ngokufanelekile ukuqhubeka nohlelo lokulashwa njengalokhu kuyobe kuhleliwe.
Ukuhlonipha ezinye iziguli, izivakashi nezisebenzi sasesibhedlela.
Ukwamukela ukuthi izidingo zezinye iziguli neminye imindeni kungaba okuphuthumayo kunezabo izidingo.
Ukwazisa nokuhlonipha izakhiwo, nemphahla nokuhambisana nemithetho.
Ukwazisa isibhedlela ngokushintsha kwemininingwane yesiguli isibonelo kheli, inombolo yocingo nokunye.
Ukukhokha imali yokwelashwa kwesiguli njengalokhu kulindelekile.
