Imininingwane yomuntu ocela ukufinyelela erekhodini kufanele irekhodwe ngezansi.
Nikeza ikheli kanye/noma inamba yefeksi eNingizimu Afrika okufanele kuthunyelwe kuyo ulwazi.
Ubufakazi besikhundla okwenziwa ngaso isicelo, uma kwenzeka, kufanele bufakwe.
Lesi sigaba kufanele sigcwaliswe kuphela uma isicelo senziwe egameni lomunye umuntu.
Nikeza imininingwane ephelele yerekhodi okucelwe ukufinyelela kulo, kubandakanya inamba yereferensi uma uyazi, ukuze irekhodi litholakale lapho elikhona.
Uma kunikezelwe isikhala esingenele, sicela uqhubeke kwelinye ikhasi eliseceleni bese ulifaka efomini. Umuntu owenze isicelo kufanele asayine onke amakhasi engeziwe.
Isicelo sokufinyelela erekhodini, ngaphandle kwerekhodi elinolwazi ngawe uqobo, lizosetshenzwa kuphela emva kokuba sekukhokhwe imali yesicelo.
Uzokwaziswa ngesamba semali esidingekayo ukuthi sikhokhwe njengemali yesicelo.
Imali ekhokhwayo yokufinyelela erekhodini incike esimeni ukufinyelela okudingeka ngalo nesikhathi esikahle esidingekayo ukufuna nokulungisa irekhodi.
Uma ukufanele ukuxolelwa ekukhokheni nanoma iyiphi imali, sicela usho isizathu-ke.
Uma uvinjelwa ukukhubazeka ukufunda, ukubona nokulalela irekhodi esimeni sokufinyelela esihlinzekiwe ku-1 ukuya ku-4 ngezansi, yisho ukukhubazeka kwakho bese ukhombisa ukuthi irekhodi lidingeka ngasiphi isimo.
Maka ibhokisi elifanele ngo-X. AMANOTHI: (a) Ukukhomba kwakho isimo esidingekayo sokufinyelela erekhodini kuncike esimeni irekhodi elitholakala ngaso. (b) Ukufinyelela esimeni esiceliwe kungaliwa ezimeni ezithize. Kulezo zimo uzokwaziswa uma ukufinyelela kuzonikezelwa ngesinye isimo. (c) Imali ekhokhelwa ukufinyelela erekhodini, uma ikhona, izoshiwo kancane yisimo ukufinyelela okucelwa ngakho.
Uma irekhodi linemifanekiso ebonakalayo Lokhu kubandakanya izithombe, amasilayidi, ukurekhodwa kwamavidiyo, imifanekiso eyenziwe ngekhompiyutha, imidwebo, njll.
Uma ucele ikhophi noma umbhalo werekhodi (ngenhla), ufuna ikhophi noma umbhalo ukuthi uposelwe kuwe Kukhokhwa imali yokuposa?
Yazi ukuthi uma irekhodi lingekho ngolimi oluthandayo, ukufinyelela kunganikezelwa ngolimi irekhodi elitholakala ngalo.
Ungafuna ukulithola ngaluphi ulimi irekhodi?
Uzokwaziswa ngokubhalelwa ukuthi isicelo sakho sinikezelwe/saliwe yini noma cha. Uma ufuna ukwaziswa ngenye indlela, sicela ucacise indlela futhi uhlinzeke nangemininingwane edingekayo ukuze sikwazi ukuhambisana nesicelo sakho.
Ungathanda ukwaziswa kanjani ngesinqumo maqondana nesicelo sakho sokufinyelela olwazini?
