Leli bhukwana lenziwa njengomhlahlandlea wokuthi amalungu omphakathi angafinyelela kanjani olwazini oluphethwe yi-GCIS. Lichaza ukuthi lwazi luni olukhona emnyangweni futhi likutshela nokuthi ungafinyelela kanjani kulolo lwazi.
Umthetho Wokukhuthaza Ukufinyelela Olwazini, 2000, uthi kufanele inhlangano ngayinye ikhethwe Umsebenzi Wezokwazisa kanye nePhini/amaPhini Omsebenzi Wezokwazisa azobhekana nokusetshenzwa kwezicelo zokufinyelela olwazini, nokusiza abafakizicelo ukuthi bafake izicelo zabo.
Umbono we-GCIS usiza ukuhlangabezana nezidingo zokuxhumana nolwazi lukahulumeni nasemphakathini, ukuqinisekisa impilo engcono kubo bonke abantu.
Inhloso ye-GCIS ukuhlinzeka ngobuholi ekuxhumaneni kukahulumeni nokuqinisekisa ukuthi umphakathi uyaziswa ngokuqala kukahulumeni ukusebenzisa leli gunya.
Inhloso yesu, lihamba phambili, le-GCIS ukuthuthukisa uhlelo lokuxhumana kuhulumeni kanye nemisebenzi yakhe ngezindlela ezifaka isandla ohlelweni lokuqhubeka nokuhlanganisa ukubuswa kwethu ngokwentando yeningi kanye nokuthatha izwe silibeke endleleni yokukhula kanye nentuthuko ephezulu.
Ukwakha uhlaka lokubambisana kwezokuxhumana okunikezwa ulwazi ngombono ohlanganisa konke maqondana nezinhloso zentuthuko ezejwayelekile.
Ukuxhumana kukaHulumeni kanye naBezindaba kukhuthaza ((G&ML)) ukuxhumana kanye nokuhlangana kwezokuxhumana kuhulumeni wonke, futhi kunikezela ngensizakalo yobungcweti ekwenzeni umsebenzzi kwabezindaba. Kuqinisekisa ukuthi iminyango, amaqoqo kanye nezifundazwe zenza amasu azo okuxhumana ngaphakathi ohlakeni lwesu lokuxhumana kuzwelonke, kanti abezindaba basekhaya nabamazwe angaphandle bathola ulwazi lukahulumeni ngokufanele.
I-P&LL yeseka ukuhlinzekwa kokuxhumana kwentuthuko futhi kwelula izakhiwo zokwazisa zikahulumeni ngokusebenzisa ukubambisana nohulumeni bezifundazwe kanye nabasekhaya. Isiza ekwakhiweni kweThusong Service Centres ukwenza izinsizakalo kanye nolwazi ukuthi kufinyeleleke kulo kakhulu emphakathini, ikakhulukazi ompofu.
I-CSA ihlinzeka ngezinsizakalo zokuxhumana ezibalulekile ku-GCIS kanye neminye iminyango kahulumeni, kokubili ngaphakathi nangokucela izinkampani zangaphandle ukuthi zenze umsebenzi. Ikhiqiza bese ihambisa ulwazi ngokusebenzisa amapulatifomu nezindlela ezifanele ukufinyelela emphakathini ohlosiwe. Ineminyango yomqondisi emithathu: Ukwenziwa Komkhiqizo; Ukwenziwa Kokuqukethwe; nokuMaketha, Ukukhangisa Nokuhambisa.
I-Vuk'uzenzele kakhulu igxile ekukhiqizeni iphephabhuku likahulumeni lamahhala eligqamisa ezomnotho kanye namanye amathuba enziwe umbuso wethu wentando yeningi nokuthi kufanele siwathole kanjani la mathuba.
Ukuphathwa Kolwazi Nobuchwepheshe kubhekene nokusetshenziswa kolwazi nobuchwepheshe njengezidingongqangi eziyisu ekusebenzeni kwe-GCIS nemisebenzi yayo. Isigaba sinalezi zinhlelo ezincane ezilandelayo: Umphambo kanye noKwesekwa Kwe-server, Ukwesekwa Kwesifunda Nokuqeqesha, Ukuthuthukiswa Kwezinhlelo kanye neZidingongqangi Zolwazi Lwe-elekthronikhi.
Imisebenzi Yezezimali, Yokuphathwa Kochunge Lokunikezela Ngempahla kanye Nokusiza ihlenzeka ngokuphathwa kwezezimali jikelele e-GCIS nokwengamela ukusetshenziswa koMthetho Wokuphatha Izimali Zikahulumeni, 1999 (Umthetho 1 ka-1999). Umnyango womqondisi unalezi zinhlelo ezilandelayo ezincane: Imisebenzi Yokusiza, Ukuphatha Kokuhlinzeka, Ihhovisi Lesabiwo mali kanye noKuphathwa Kwezezimali.
Abacwaningi Bamabhuku Bangaphakathi basiza i-GCIS ukuthi ifeze izinhloso zayo ngokusebenzisa indlela ehlelekile nelawulekayo ukuhlola nokwenza ngcono ukusebenza ngempumelelo kokubhekela izinhlelo zezingozi, zokulawula nokubusa.
Ideski Lamaphrojekthi lihlela ukuphathwa kwephrojekthi ngobungcweti nokuxhumanisa izixazululo ukusiza i-GCIS ukuthi ihlangabezane nezidingo zayo zokuxhumana nezolwazi lukahulumeni nolomphakathi, ukuqinisekisa impilo engcono yabo bonke abantu.
I-SAHRC (lapha ebizwe njenge 'khomishini') ngokweSigaba 10 se-PAIA, 2000, izohlanganisa incwadi ngokusetshenziswa kwalo Mthetho. Le ncwadi izotholakala kukhomishini.
Inkomba Yabantu Okuxhunyanwa Nabo, Inkomba Yabezindaba namaPhrofayili j Uhlu lokuthinta abantu lwaBasebenzi Bezokwazisa kuhulumeni k Uhlelo lokufunda l Umsebenzi kanye nezinhlelo zokuqeqeshelwa ulwazi m Uhlelo lokuqeqesha lwabaxhumanisi bakahulumeni n Imibhalo yezivumelwano neyomthetho.
a Amaphephandaba b Amaminithi emihlangano c Amasu ezokuxhumana d Amasu abezindaba e Incwdi Yabaxhumanisi Bakahulumeni f Ama-athikili ezindaba g Amarekhodi nezitatimende h Uhlu lwamagama abezindaba kanye nabaxhumanisi.
a Amasu e-Thusong Service Centre b Amasu Okuxhumana Kwentuthuko kanye nezimpahla c Impahla yokukhuthaza nokuthengisa d Imibiko e Amaminithi emihlangano.
a Ushicilelo b Izikhangisi nezinhlelo zokusakaza c Amasu okuthengisa nokuhambisa d Izaziso Zokuthenga Kwabezindaba e Imibiko f Imifanekiso yezithombe nokuqoshwe ngevidiyo g Incwadi Yonyaka YaseNingizimu Afrika kanye Nencwadi encane yaseNingizimu Afrika h Amaminithi emihlangano i Amakhadi amazinga empahla elalelwayo, yevidiyo neyezithombe.
a Ulwazi olutholakala kuwebhusayithi ye-GCIS b Ulwazi olutholakala kuwebhusayithi yeZokwazisa Kahulumeni c Ulwazi olutholakala kuwebhusayithi yeZinsizakalo Kahulumeni d Inqubomgomo kanye nemibhalo yeziqondiso e Amabhukwana f Ukuxhumana ngezincwadi namaklayenti angaphakathi nawangaphandle g Amaminithi emihlangano h Imibiko.
a Amaphephabhuku b Amaminithi emihlangano c Imibiko d Ikhadi Lamazinga Okukhangisae Izindawo zokuhambisa.
a Imibiko b Amaminithi emihlangano.
a Imibiko b Amaminithi emihlangano c Okushicilelwe d Ulwazi olukhona kuwebhusyithi www.sa2010.gov.
II. Ukufinyelela kulelo rekhodi akwaliwa ngananoma yisiphi isizathu sokwala esishiwo eMthethweni.
I. Umuntu ofake isicelo kufanele asebenzise ifomu (Ifomu A) elaliphrintwe kuGazethi Kahulumeni (Isaziso Sikahulumeni R187 somhla ka-15 Februwari 2002).
II. Umuntu owenza isicelo kufanele akhombise ukuthi ufuna ikhophi yerekhodi yini noma ufuna ukuza e-GCIS azolibheka emahhovisi ase-GCIS. Okunye-ke, uma irekhodi lingesilo iphepha, lingabhekwa ngesimo esiceliwe, lapho okunokwenzeka khona.
III. Uma ngabe umuntu owenze isicelo ecele ukufinyelela ngesimo esithize (isb. Ikhophi yephepha, ikhophi ye-elekthronikhi, njll), kufanele -ke alinikwe ngaleso simo. Lokhu kungenziwa ngaphandle uma kungeke kuphazamise ngokungenangqondo ukusebenza kwenhlangano kahulumeni okukhulunywa ngaye, noma kulimaze irekhodi, noma kwephule ilungelo lokushicilela okungesilo elikaHulumeni. Uma ngabe, ngenxa yezizathu ezibonakalayo, ukufinyelela kungeke kunikezelwe ngesimo esidingekayo kodwa ngesinye isimo, imali kufanele ibalwe ngokwendlela umuntu owenze isicelo aqale walicela ngaso.
Uma, ngaphezu kwempendulo ebhaliwe ukuphendula esicelweni sakhe serekhodi, umuntu ofake isicelo efuna ukwaziswa ngesinqumo nganoma iyiphi enye indlela, isib. ngocingo, lokhu kufanele kukhonjiswe.
Uma ngabe umuntu ocela ulwazi elucela egameni lomunye umuntu, kufanele akhombise isikhundla samandla alucela ngaso.
VI. Uma ngabe umuntu owenza isicelo engakwazi ukufunda noma ukubhala, noma enokukhubazeka, isicelo kufanele senziwe-ke ngomlomo. Umsebenzi Wezokwazisa kufanele agcwalise ifomu egameni lakhe bese emnika ikhophi yefomu eligcwalisiwe.
I. Umuntu owenza isicelo ofuna ukufinyelela erekhodini elinolwazi lwakhe uqobo olumaqondana naye akudingeki ukuthi akhokhe imali yesicelo. Wonke omunye umuntu owenze isicelo kufanele akhokhe imali yesicelo engama-R35.
II. Umsebenzi Wezokwazisa kufanele azise umuntu owenze isicelo (ngaphandle komuntu owenze isicelo solwazi lwakhe uqobo) ngesaziso, efuna ukuthi umuntu owenze isicelo akhokhe imali eshiwo yesicelo (uma ikhona) futhi ayidiphoze (uma ikhona) ngaphambi kokuqhubeka nokusebenza isicelo.
III. Umuntu owenza isicelo angasidlulisa isicelo ngaphakathi, lapho kufanele khona, noma afake isicelo enkantolo esiphikisana nokunikezela noma nokukhokha imali.
Emva kokuba Umsebenzi Wezokwazisa esenze isinqumo ngesicelo, umuntu owenze isicelo kufanele aziswe ngesinqumo maqondana nendlela umuntu owenze isicelo acele ukuthi aziswe ngayo.
Uma ngabe isicelo sivunyiwe, kuzofanele akhokhe enye imali futhi ukuze kwenziwe futhi kuseshwe kulungiswe, isikhathi esidingekayo esingaphezu kwamahora ashiwo okusesha nokulungisa irekhodi ukuze lidalulwe.
VI. Ukufinyelela erekhodini kuzogodlwa izimali ezifunekayo zize zikhokhwe zonke.
I. Amakhambi maqondana nemithetho noma ukwehluleka ukwenza ngokwe-PAIA, 2000: Isiphathimandla sokwedlulisa isicelo ngaphakathi ngenhloso yalo Mthetho uNgqongqoshe. Emva kokwenza wonke amakhambi okwedlulisa isicelo ngaphakathi, kufanele kufakwe isicelo enkantolo (izigaba 78 - 82).
II. Umsebenzi wemisebenzi kahulumeni angafaka isikhalazo ukuthi siphenywe Ikhomishini Yemisebenzi Yomphakathi maqondana nesenzo esisemthethweni noma ukweqiwa Isigaba 35 soMthetho Wemisebenzi Yomphakathi, 1994 Umthetho 103 ka-1994.
III. Umuntu angasebenzi amakhambi ezemisebenzi maqondana nezenzo ezisemthethweni noma ukweqiwa kwesimo sezemisebenzi, okuwukuphikiswa kwamalungelo Umthetho Wemisebenzi Yomphakathi, 1994, kanye noMthetho Wobudlelwano Emsebenzini, 1995 Umthetho 66 ka-1995.
Umuntu angafaka isikhalazo kumhloli wezemisebenzi maqondana nanoma yikuphi ukuphikisana neMibandela Eyisisekelo yoMthetho Yomsebenzi, 1997 Umthetho 75 ka-1997 - Isigaba 78 1a, noma Umthetho Wokulingana Emsebenzini, 1998 Umthetho 55 ka-1998 - Isigaba 34e.
Umuntu angafaka isikhalazo noMvikeli Womphakathi maqondana nesenzo noma ukweqiwa okusolwayo okungekho emthethweni noma okungafanele Umthethosisekelo kanye noMthetho Womvikeli Womphakathi, 1994 Umthetho 23 ka-1994.
VII. Ukuze uvikeleke ekuphindiseleni ngenxa yokudalula maqondana nokuziphatha okungekho emthethweni noma okungajwayelekile okwenziwa umqashi noma omunye umsebenzi, umuntu okukhulunywa ngaye angalandela izinqubo zokudalula eMthethweni Wokudalula Ovikelekile, 2000 (Umthetho 26 ka-2000).
VIII. Umuntu angasebenzisa amanye amakhambi omthetho afana nesikhungo sezinqubo zokubukezwa kobulungiswa kwesenzo esiphethwe ngokoMthetho Wokukhuthaza Ubulungiswa Bezokuphatha , 2000 (umthetho 3 ka-2000).
I. Umuntu angacela izizathu zesenzo sokuphatha ngokoMthetho Wokukhuthaza Ubulungiswa Bezokuphatha, 2000 (Isigaba 5).
II. Umuntu angacela ukufinyelela kumarekhodi omnyango kahulumeni noma enye inhlangano kahulumeni ngokwe-PAIA, 2000 (Isigaba 11).
I. Umsebenzi wemisebenzi kahulumeni, ekwenzeni kwakhe imisebenzi esemthethweni, unesibopho ngokweKhodi Yokuziphatha sokuthi abike eziphathini mandla ezifanele, ukukhwabanisa, inkohlakalo, ukuqasha umndeni, ukungaphathi kahle kanye nanoma yisiphi esinye isenzo esiyicala noma esibandlululayo ezimfunweni zomphakathi. Umsebenzi ohlulekayo ukuhambisana nalokhu unecala lokungaziphathi kahle. Isimiso somthetho B.3 no- C.4.
II. Umsebenzi wawo wonke umqashi wokudalula ubugebengu kanye nanoma yikuphi ukuziphatha okungajwayelekile emsebenzini futhi kweseka Umthetho Wokudalula Okuvikelekile, 2000 (Isingeniso).
Imali yekhophi yebhukwana njengoba kushiwo kusimiso somthetho 5© u-R0, 60 kuyo yonke ifothokhophi ewubukhulu bekhasi obuwu-A4 noma ingxenye.
Imali yokufinyelela ekhokhwa umuntu ofake isicelo eshiwo esimisweni somthetho 73 ikanje: 1 a. Yonke ikhophi eyikhasi eliwubukhulu obuwu- A4 noma ingxenye b.
elekthronikhi noma somshini esifundekayo c.
Ikhophi yemifanekiso ebonakalayo e.
Ikhophi yerekhodi elilalelwayo f.
Ukufuna nokulungisa irekhodi ukuze lidalulwe ama-R15,00 ngehora ngalinye noma isigamu sehora, edingekela ngokuzwakalayo lokho kufuna nokulilungisa.
Amahora ayisithupha njengamahora okufanele edlule ngaphambi kokuba kukhokhwe idiphozi b.
Okukodwa kokuthathu kwemali ekhokhwayo njengediphozi ekhokhwa umuntu ofake isicelo.
Kukhokhwa imali yokuposa ngempela uma ngabe ikhophi yerekhodi kufanele liposelwe kumuntu ofake isicelo.
Imininingwane yomuntu ocela ukufinyelela erekhodini kufanele irekhodwe ngezansi.
Nikeza ikheli kanye/noma inamba yefeksi eNingizimu Afrika okufanele kuthunyelwe kuyo ulwazi.
Ubufakazi besikhundla okwenziwa ngaso isicelo, uma kwenzeka, kufanele bufakwe.
Lesi sigaba kufanele sigcwaliswe kuphela uma isicelo senziwe egameni lomunye umuntu.
Nikeza imininingwane ephelele yerekhodi okucelwe ukufinyelela kulo, kubandakanya inamba yereferensi uma uyazi, ukuze irekhodi litholakale lapho elikhona.
Uma kunikezelwe isikhala esingenele, sicela uqhubeke kwelinye ikhasi eliseceleni bese ulifaka efomini. Umuntu owenze isicelo kufanele asayine onke amakhasi engeziwe.
Isicelo sokufinyelela erekhodini, ngaphandle kwerekhodi elinolwazi ngawe uqobo, lizosetshenzwa kuphela emva kokuba sekukhokhwe imali yesicelo.
Uzokwaziswa ngesamba semali esidingekayo ukuthi sikhokhwe njengemali yesicelo.
Imali ekhokhwayo yokufinyelela erekhodini incike esimeni ukufinyelela okudingeka ngalo nesikhathi esikahle esidingekayo ukufuna nokulungisa irekhodi.
Uma ukufanele ukuxolelwa ekukhokheni nanoma iyiphi imali, sicela usho isizathu-ke.
Uma uvinjelwa ukukhubazeka ukufunda, ukubona nokulalela irekhodi esimeni sokufinyelela esihlinzekiwe ku-1 ukuya ku-4 ngezansi, yisho ukukhubazeka kwakho bese ukhombisa ukuthi irekhodi lidingeka ngasiphi isimo.
Maka ibhokisi elifanele ngo-X. AMANOTHI: (a) Ukukhomba kwakho isimo esidingekayo sokufinyelela erekhodini kuncike esimeni irekhodi elitholakala ngaso. (b) Ukufinyelela esimeni esiceliwe kungaliwa ezimeni ezithize. Kulezo zimo uzokwaziswa uma ukufinyelela kuzonikezelwa ngesinye isimo. (c) Imali ekhokhelwa ukufinyelela erekhodini, uma ikhona, izoshiwo kancane yisimo ukufinyelela okucelwa ngakho.
Uma irekhodi linemifanekiso ebonakalayo Lokhu kubandakanya izithombe, amasilayidi, ukurekhodwa kwamavidiyo, imifanekiso eyenziwe ngekhompiyutha, imidwebo, njll.
Uma ucele ikhophi noma umbhalo werekhodi (ngenhla), ufuna ikhophi noma umbhalo ukuthi uposelwe kuwe Kukhokhwa imali yokuposa?
Yazi ukuthi uma irekhodi lingekho ngolimi oluthandayo, ukufinyelela kunganikezelwa ngolimi irekhodi elitholakala ngalo.
Ungafuna ukulithola ngaluphi ulimi irekhodi?
Uzokwaziswa ngokubhalelwa ukuthi isicelo sakho sinikezelwe/saliwe yini noma cha. Uma ufuna ukwaziswa ngenye indlela, sicela ucacise indlela futhi uhlinzeke nangemininingwane edingekayo ukuze sikwazi ukuhambisana nesicelo sakho.
Ungathanda ukwaziswa kanjani ngesinqumo maqondana nesicelo sakho sokufinyelela olwazini?
