Le ndondo inikezwa abantu bamazwe angaphandle (Abaholi boMbuso noHulumeni) kanye nabanye abahlonishwa bangaphandle. Inikezelwa ubudlelwane obuboniswe kwiNingizimu Afrika. Kungakho yindondo yoxolo, insebenziswano, kanye nophawu lokubonisa ukubumbana nokusekelana. Indondo iwuphawu olubalulekile lobudlelwane namazwe omhlaba.
Isigaba 3 = IThusi.
Umajola (inyoka encane) - Inyoka evakashela izingane ezisanda kuzalwa. Ayilimazi ingane noma amalunga omndeni kanti futhi indlela yokuyixosha wukuthi umama wengane ayiputshuzele ngobisi lwebele. Ivakashela ingane ukuyilungiselela ukuba ibe nekusasa elihle neliphephile ebudaleni bayo. Iza njengomngani nomvikeli. Ubungani ebubonisayo, abusekelwe kumusa omuhle kodwa, busekelwe kumdlandla wokubonisa ukusekelana kanye nokufuna ukusekela kanye nokukhuthaza impumelelo yekusasa yabantu abasha kanye namalunga omphakathi asakhulayo. Le nyoka ihlala njalo isemlandweni wabantu ngenxa yendaba eyabhalwa kudala edumile ebizwa nge: The wrath of the Ancestors, eyabhalwa ngu-AC Jordan. Le ndaba icekela phansi umbono wokuthi inyoka yinto eyingozi nenoshevu, kodwa ikhombisa umbono onabile we-Afrika, oqonda inyoka njengomngani kanye nelunga lezinto eziyingxenye yendalo okumele kuphiliswane nayo.
Udondolo lokuhamba - olubazwe okhunini olumnyama lwendabuko, luwuphawu lokubonga ukwesekelwa kanye nokuzwelana okukhonjisiwe kanti futhi lukhombisa ukuzinikela ukusekela kanye nokuma nalabo abasisekele.
