Kufuze ukuba niyabona ubutata ngezakhiwo lapha esibhedlela. Sizama ngawo wonke amandla ethu ukuthi isibhedlela sihlala sibukeka.
Sekukhona ihhovisi elisha eliqedwe ukwakhiwa ngoNdasa, seliyasebenza manje.
Negumbi lokuhlinzela nalo lisalungiswa sethembe ukuthi lizoba sesimweni sokusebenzela khona maduze nje.
Sicela nikhumbule bakithi ukuthi emhlanganweni wabasebenzi sasicacisile ukuthi thina njen-gabaphathi besibhedlela asi-nawo amandla noma imali yok-wakha izakhiwo zezibhedlela. Umnyango wezokwakha omele ukwenza lowo msebenzi hayi thina uqobo.
Lowo muntu naye aqhubeke afundise abanye egumbini lakhe nasezigulini ngazo Izonke izinyanga.
njongo yethu ukuthuthukisa izinga lethu lokuhlenga, libe seqophelweni eliphezulu.
Ukubambisana kwethu kuyothokozelwa kakhulu.
Lemali iwusizo kakhulu kumphakathi kulesisikhathi esiphila kuso.
Kumele sizame ukugqugquzela abantu bak-holelwe kubona, nokuthi ayikho into umuntu angeke akwazi ukuzenzela yona. Bangakwazi, ukuthi nje abantu uma bebhekene nezinkinga bavele balahle ithemba bese bebheka uk-wenzelwa.
Ngokubona umncintiswano wamakwaya ususondele, ngike ngayobabona laphaya e Chapel bezilolonga ngase ngibona kunesidingo sokuthi ngibhale ngokunakekela izwi lakho nokwami njengomuntu obhekelene nazo eziphathelene nokukhuluma phela. Lokhu ngeke kusize nje abaculi kuphela kodwa wonke umuntu jikelele uzosizakala ikakhulukazi labo abakhulumela phezulu uma bekhuluma nsukuzonke njengothisha, abefundisi, osomapolitiki, abameli njalo njalo.
KWENZEKANI EMPHINJENI UMA NGIMEMEZA NOMA NGITHETHA Uma ujwayele ukumemeza uthetha, lapha emphinjeni kuyonakala, lapho ek-uphuma khona izwi lakho?
Uma umemeza lapha ek-uphuma khona izwi lakho, izinyama nemisipha iyason-delana ngenkani ilapho ke inkinga isiqala. Uma ungak-welaphi lokhu, kungaba yin-gozi engadala umonakalo omkhulu kabi ngezwi lakho.
NGINGAZIVIKELA KANJANI Zikhona izindlela ongazise benzisa uma ukhuluma endaweni enomsindo ngaphandle kokwenyusa izwi lakho?
Sebenzisa ukwenza noma okuthile ukuthola ukuzwakala Othisha bangasebenzisa impempe ukubiza izingane lapho zidlala khona, noma aphakamise izandla aziqh-webe ukuzitshengisa ukuthi azibuyele ekilasini.
Yehlisa umsindo ngemuva Uma usekhaya yehlisa umsindo wewayilense noma umabona-kude wakho uma ukhuluma nomuntu, uzame ukusebenzisa into eyodwa ngesikhathi uma inomsindo.
Khuluma nomuntu osendaweni eyodwa naye kube khona inani elingangamagxathu ezinyawo ezithathu noma ezinhlanu uma ukhuluma nomuntu.
Funda ukulalela Uma ucela umuntu ukuthi akaphinde akushoyo, noma ikanjani lowo muntu uzol-iphakamisa izwi, ngaleyondlela azilimaze lapho ekuphuma khona izwi.
Asingalindeli ukuthi abantu basenzele izinto, ngoba sin-gabantu nathi noma ingabe ngiyasazi isimo engikusona. Izingqondo zethu ziyase-benza njengabantu aban-genalo ingciwane futhi kwesinye isikhathi sicabanga kangcono kabi kunabo. Abantu abanegciwane ba-yakwazi ukuzinakekeka ukuze bazigcine esimweni esihle sempilo. Abakundin-gayo nje ukusekelwa.
wenu uma esesidalulile isimo sakhe.
Asisekele ozakwethu, si-bathande kanjalo na-malunga emindeni yethu abanalo igciwane futhi sik-holelwe kubo.
Khuluma ngesizotha Lokhu kuzokusiza ukwehlisa ukuminyana kwezwi nokuthi abanye nabo balandele endleleni okhuluma ngayo.
phimbo wakho Utshwala, ukubhema nokunye, zinakho ukomisa umphimbo, nesikusebenzisa emsebenzini nasemakhaya, neminye imithi inakho ukuphatha kabi izwi lakho.
NGINGENZENJANI UMA NGIPHATHWA ISIFO SEZWI Uma ubona ushintsho ngendlela abanye nawe uqobo becanga ngendlela izwi lakho elizwakala ngayo mhlawumbe lishintsha liba nesihosha, lihwaya, noma licinana uma ulikhipha bonana dnodokotela. Udokotela yena usezokudlulisela ko-phathelene nokukhuluma na-mazwi kuphela. Uma lolushint-sho liqhubeka ngaphezu kwama-sonto amabili noma amathathu noma izwi lakho lisha liphela bonana nababhekene naleziz-inkinga. Kwenye inkathi lokhu kusuke kungalapheka nje kup-hele kodwa kokunye kube into embi kabi?
Amasiko kithi bantu abamnyama adlala indima enkulu ekucabangeni kwethu. Uma ingane ikhula ikhuliswa ngazo lezizinkolelo, ukuziphatha, imithetho yom-phakathi esuke ikhula kuwo. Yikho lokhu okwakha ukuziphatha nokucabanga komuntu ngempilo.
Uma umuntu wesifazane ekhula ufundiswa ukuthi umuntu wesifazane ahlale ezothile azithibe alalele atshelwa khona noma engahambisani nakho, ngeke akuphimise lokho, uzokugcina ngaphakathi kuye.
Ake uzibuze ke manje ukuthi yini amajele abenabantu besi-mame abansundu abadonsa izigwebo ezilinganiselwa emashumini amabili nga-macala okubulala abayeni babo. Konke kusuka emuva emasikweni ethu, ukuthula nokuthula ngezinto ezim-phatha kabi isikhathi eside, yikho lokhu okugcina se-kumenze umbulali. Iningi labe-simame abasemajele sebehlu-kumezeke isikhathi eside nangezindlela eziningi nje ngokocansi, ukushaywa, ngokomqondo, nangemali omashihlalisane babo.
bomthetho bazi. Vele bangakwazi ukuziziba lezizehlakalo kodwa ngeke isikhathi eside. Kuyazenzekela ukuthi agcine esenze into angeke akwazi ukuzikhuza kuyo, njengokubulala. Kumkhulule ukuthi ekugcineni ukuhlukumezeka kwakhe se kuze kwaphela. Ancamele ukushiya izingane zakhe ayoboshwa.
Kuyamangaza ukuthi labantu abahlukumezekayo, ababoni ukuthi bayahlukumezwa, basa-cabanga ukuthi kusaqhutshwa amasiko, kodwa futhi kolunye uhlangothi bathola ukwazi ukubekezela babenamandla.
Ngenkathi umqingo wokuhola izwe ushicilelwa ngo 1994 ngaphansi kuka Cyril Rama-phosa amalungelo abesifazane iwona ayebhekelelwe kakhulu. sesibavumele basithathise okwabantu abangenamizwa isikhathi eside. Asisukume manje sibabonise, sakhe uM-phumulo omusha singabesi-mame, noma siwahlonipha amasiko ethu kodwa alikho elivumela ukuhlukumezwa kwabesimame.
Ngicela imibono, izindaba zanoma uluphi uhlobo, enin-gafisa zishicilelwe ephephandabeni lethu. Ungabi namahloni, noma ungazidalulanga igama ku-lungile. Khumbulani ukuthi senza ngcono esinakho.
