Sekube khona ukudideka okukhulu ngamagama emithi ikakhulukazi esikhathini esed-lule, ikakhulukazi ngamagama ezinto okuyizona ezisebenzayo emithini leyo. Ngiyethemba ukuthi namuhla ngizokuqeda ukudideka ebantwini.
Ngamanye amazwi umkhiqizi wemithi uyena oqamba umu-thi lowo ngegama lelo aliqamba ngalo.
Manje ngikholwa ukuthi niyabona ke umehlulo wamagama wezinkampani ezikhiqiza imithi efanayo kodwa iyibize ngama-gama ahlukene. Ngakho ke kumele niqaphele ukushint-shashintsha kwamagama ngoba ahlala eshintshwa abakhiqizi abahlukene.
Kubalulekile ke ukwazi ngemithi eniyisebenzisayo.
Ukuba mkhulu kakhulu weqe isisindo ofanele engabe uyiso, kuyingozi kakhulu empilweni yakho, ikubeka emathubeni wokuba nezifo eziyingozi njengokukhuluphala kakhulu, ushukela nesifo senhliziyo.
Kubaluleke kakhulu ukwazi ukuthi isisindo sakho ukuze wenze okufanele ngaphambi kokuba ungakwazi ukusizeka.
Udokotela walokhu ke uthanda ukusiza bonke abasebenzi abanogqozi lokunakekela izimpilo zabo ngokuqala loluhlelo lwesisindo. Uzobheka isisino, ubude bomuntu ebese eyabona ke ukuthi usesimweni esinjani sempilo noma usengozini yokuba nalezizifo ebesezibaliwe ngendlela ophila ngayo. Uzothola ukusizakala ngokuthola uhla lwezinhlobonhlobo zokudla okufanele ulu-landele nokunciphisa isisindo uma kufanele. Kuyomele ke ubuye emuva kokufika okukuqala phela, khona kuzobonakala ukuthi ukhona yini umehluko.
Loluhlelo luzokwenziwa kanye ngesonto, ngoLwesibili kuphela. (Kuyadingeka ukuthi ubhalise kuqala).
Ilotshwe ngu: T.C.
