Ezivela kumphathi 1 wesibhedlela...
Ezemidlalo 4 -Siyabathola, Basiphunyuke...
Imibono, izincomo, imicimbi, izimemo, imishado, ime-mezelo, nokunye. Zonke lezindaba si-yadinga ukwazi ngazo. Sitshele!
Abaphathi sebevumile ke ukuthi kube khona uma-hamba nendlwana womtapo wolwazi. Oyedwa wabase-benzi uzovakashela wonke amagumbi eziguli ezibuza ukuthi azithandi yini iz-incwadi zokufunda, abuye futhi azozilanda uma seziqedile. U Nksz.
Sibona ukuthi lokhu kuzoba nomthelelo omuhle kakhulu uma nje nabasebenzi be-zosilekelela ukuthi lomzamo uphumelele.
Kanti ke, nabasebenzi ban-gawusebenzisa lomtapo wo lwazi ngezikhathi zabo zekhefu.
Unompilo ngamunye uvaka-shela imizi emihlanu ngo-suku bese iba ikhulu ngen-yanga. Belapha izifo ezi-laphekayo (kalula) baqiniseke ukuthi iziguli abazivakashelayo ziye-lapheka. "Sisebenza ngezigodi zezinduna, Induna ngayinye, inikezwa ihlanzana lonompilo ukuze basebenze kuleso sigodi saleyo Nduna", kusho uNeli Khuzwayo, owunompilo naye.
Onompilo babalulekile kak-hulu, kuzozonke izikhungo zezempilo, ikakhulukazi ku-lezi ezisemaphandleni, ngoba phela izikhungo lezi zisuke zibe kude kakhulu kumphakathi, kanti nezinto zokuhamba azikho kahle.
Siyisikhungo esincane kakhulu, esinamathemba aphezulu, namaphupho amahle nomsebenzi omningi futhi omkhulu kabi.
Okwamanje abantu bayeza ukuzozihlola igazi kodwa bese sithumela amagazi ayohlolelwa eStanger esib-hedlela bese bewathumela kithi futhi, nemiphumela yawo. Thina ke, seluleka iziguli zethu ngakho konke ekufanele belulekwe ngakho ngalesisifo bese sibadlulisela esibhedlela eStanger ukuze babesohlweni lalabo abazot-hola lemishanguzo.
Sesiqale umtholampilo lapho, siqeqesha khona iziguli zethu amasonto ay-isithupha ukuze sibone ukuthi bayokwazi yini ukuh-lala bewadla ngezikhathi zonke ezifanele amaphilisi abonikezwa wona. Nano-kuthi bayokwazi yini ukuphumela obala ngezimo zabo ukuze bathole ukusekelwa imindeni nem-phakathi yabo, baphinde basizakale.
Siyajabula ukuthi yize noma izinto zokudlala zisencane kodwa sezikhonyana abant wana abadlala ngazo. Si-nodoli nama bhuku abak-wazi ukudweba kuwo. Ku-yasithokozisa impela lokhu esikubonayo futhi kusigqugquzele ukuthi siqhubeke nezinhlelo ezi-fana nalezi. Sekusele kan-cane ukuba siphumelele. Sinxusa bonke abasebenzi ukuthi basixhase.
Siyethemba nabanye abasebenzi bazoheheka basisize ngokusixhasa, sisize labantwana abagulayo.
tapo lwazi lwethu.
Uma uhlanza umuzi wakho nje, uhlangana nezincwadi ezindala kodwa ezifundekayo uze ungasikhohlwa siyazidinga namabhayibheli alungile. Isandla esiphayo siyobusiswa.
Sibe nezivakashi ezivela esibhedlela iNkandla, bekuwumGqibelo omnandi impela!
Inkandla Umphumulo 0 -4 Nidlale kahle impela badlali ikakhulukazi kwelikanobhutshuzwayo, mantombazane asihlulwanga bekuyiphutha nje lalelolanga, ngiyazi ngeke liphinde lenzeke!
Sizobe sivakashelwe isibhedlela Itshelejuba ngomhlaka 6 KuNdasa 2004. Bonke abadlali aba-zilungisele kusukela ngesonto lokuqala ku Mfumfu.
Siye sijabule uma kufika abasebenzi abasha em-ndenini wethu, kodwa ngenkathi befika kubakhona abahambayo. Abanye basuke sebeya emadlelweni aluhlaza, abanye beshintsha izikhungo , abanye bakhuphukela ezikhundleni eziphakeme, kanti abanye ngokudabuka basuke sebe-sishiyile emhlabeni.
Mnuz. D. Sosibo Ngaloluhlobo lokuhamba umuntu uba nemicabango eminingi, siyafuna ukuthi abantu bathuthuke babe-nezimpilo ezingcono, kodwa kulukhuni ukubadedela ngoba phela kuhamba laba abazimisela impela. Kodwa ke ngithi ndlela enhle ngini-fesela okuhle kodwa!!!
Sithi kuye, aqine nje , futhi abonge uNkulunkulu ekum-hlengeni kwakhe esethunzini legodi lokufa, ngokuba ube ngekho kulowomzuzu ehlelwa yilengozi ngabe kukhulunywa enye indaba namhlanje.
Umthandazo ke Phumzile unamandla. Ngiyazi ukuthi wamumemeza uMdali kwen-zeka lokhu, nebala wafika kuwe wakusindisa njengoba ukhona usadla amabele. Ubengcono ke ntombazane, siyakudinga!


Unyaka ka 2004 usuya ngasemaphethelweni. Sonke siyazibuza ukuthi kanti izinsuku, amasonto nezinyanga onyakeni zishonephi! Isikhathi siyashesha impela! Isizathu sokuthi sizibuze konke lokhu mhlawumbi ukuthi asikwenzanga konke esasifise ukukwenza ekuqaleni konyaka.
Kube khona ukuhluthuka kwez-inhliziyo kubaningi bethu ngenxa yokungatholi izimfanelo zok-wenza imisebenzi yethu futhi nabahlala ngaphakathi benga thokozile ngezinga izindawo zokuhlala ebezikulo. Konke lokhu kubenomthelelo omuhle ngoba sikwazile ukuxoxisana siphume nezinyathelo esinga-zithatha ukulungisa isimo. Konke lokhu kusikhulise kak-hulu.
Sibe nezindaba ezingaba zinhle ngokushiywa ozakwethu emhla-beni kulonyaka, kanti nabase-benzi beshiywa izihlobo zabo, ngifisa ukuthi duduzekani nonke.
Ngakho ke kulawo mazwi, ngithi kumathimba onke esibhedlela, umsebenzi wenu uyancomeka kakhulu, niqhubeke kahle njalo nje. Sengathi unyaka ungaphela sisaphephile sonke.
Laba babenikezwe iziqu ekunge-sizo ezabo ebhukwini langen-yanga edlule.
Laba banyukela ezikhundleni ezingaphezulu ababasha njen-goba sasishicilele ngenyanga edlule.
Udokotela(ekhoneni kweso-kudla ngezansi) - umele bonke abahlengikazi nodoko-tela beqophelo eliphezulu esinabo nalabo esithemba ukuthi siyoqhubeka sibe nabo nakusasa.
Ukhozi (ekhoneni kwesesinx-ele ngezansi) - lumele -amandla esibhedlela -lapho isibhedlela sifisa ukufinyelela khona -isibhedlela esincanyana futhi esizithobile siya ezin-geni elisha futhi eliphezulu kakhulu.
Okusahawu-loku okukokele konke kusho ukuthi lendawo eyamaZulu futhi si-yaziqhenya ngamasiko ethu nendabuko yethu.
siqalo sokholo kakhulu.
Abantu abasakha babenga-makholwa. Ingakho sibone kufanele ukuthi nalolho ku-vele phela njengomlando waso isibhedlela. Uma sisqhathanisa indlela esasi-kuyona kuqala namanje ukhona umehluko omkhulu kabi. Sesidlondlobale kak-hulu futhi siyethembaukuthi sisazodlondobala njalo, size sibe isibhedlela esikhulu ezweni.
Lokhu isifiso sethu esisilangazelele kakhulu. Kuyisiqubulo nenjongo yethu yesikhathi esizayo.
Imibala esiyisebenzisile imele, impilo, imithi nekusasa eliqhakazile.
Bantu bakithi, igumbi lo kubelethisa ilona elawina.
Umqondo wabo usunikeze isibhedlela ukuqhakaza okuhle kabi.
Izinto ezifana nalezi zibalule-kile kakhulu ngoba ilapho esithola khona ukuthi abase-benzi bathini nokuthi baca-bangani, nanokwazana nje sisebenza ndawonye. Ukufunda ukusebenzisana njengethimba kuyakhuthazwa kakhulu. Ilapho sicobelelana ulwazi nezifiso ngesikhungo sethu. Awubheke nje nathi sesinophawu lwethu oluthi thina. Injabulo yodwa phela le!
Udokotela noma unesi angaphansi kwesibhedlela ekliniki uyothumela Umphumulo, ngako -ke iziguli esibhedlela uma awasetshenziswe. Sidinga ebona ukuthi umuntu ukweluleka umphakathi udinga ukuba sesibwethu ngosizo abangaluhedlela.
Ikliniki ngayinye iyavaka-shelwa udokotela ngesonto. Onesi nodokotela base-makiliki kufuneka babhale zisesimweni esihle ngaso sonke isikhathi, ngakho sid-inga ukwazi ukuthi umpha-kathi ucabangani.
I phakathi wazi.
Sisibonile isidingo sokuba sisungule imihlangano enjen-galena ukuze abaphathi bazi ukuthi abasebenzi bathini futhi bazizwele imibuzo abasebenzi abanayo bese beyaziphendulela.
Umhlangango waba impume-lelo kabi! Abasebenzi be-buzwa ukuthi bazuzeni bathi bazuze lukhulu kabi futhi bajabulile ukuhlangana nabaphathi ngeziqu.
Kwasekuba isikhathi sabase-benzi ukuthi babuze imibuzo yabo eyaba wusizo olukhulu kabi, ngoba, sabona ukuthi abasebenzi banendaba kak-hulu ngeziguli zethu nesib-hedlela jikelele ngoba neziguli zethu uqobo ziyak-hala ngesibhela zithi indawo incane impela. Sesi-yethemba ukuthi Umnyango wezempilo waKwaZulu Natali uzosizwela uphuthumise lezizinhlelo zokunweba le sisibhedlela sethu.
Umphathi wesikhungo wa-jabula kakhulu ngokufika kwabasebenzi kulomhlan-gano ngobuningi babo, nokuphosa itshe esivivaneni. Wabakhuthaza ukuthi beze kulemihlangano bazizwele ngezabo.
I Otimati Kiniki iyakhiwa kabusha, sithemba ukuthi umphakathi wethu uzoyi-jabulela lekliniki yabo entsha.
benzeki ezingeni eligculisayo kusuke kuyindawo osebenzela kuyo.
Lokhu kuhle kakhulu sethembe ukuthi imisebenzi enjengalena izoba miningi emphakathini yethu, yokuthuthukisa izikhungo zezempilo.
Sihalelisa Abaphathi ababili abebenzelwe iziphihli zamadili ngamagumbi eba-bewaphethe ngaphambi kokukhushulelwa ezik-hundleni. Lokhu isibonelo esihle kakhulu sokusebenza ngokubambisana nje-mathimba ayimbumba. Siya-kukhuthaza kakhulu ke lokhu okwenzeka lapha. Naba lungiseleli nabo bayan-comeka kakhulu, muhle umsebenzi wenu!
