wonke umuntu unomngani, ilunga lomndeni noma isihlobo esiphila negciwane lengculazi nesandulela sayo. Ukuze sikhombise uthando, ukunakekela kanye nokubakhumbula sikhanyisa amakhandlela ukuletha ithemba ezimpilweni zabo. Kubalulekile nokuba sithembele kuMdali ngoba nguye owazi isiqalo nesiphetho sethu kusho uMfu. Motsa webandla laseSheshi eMzimvubu uMfundisi Mthethwa wethimba eliqwashisa ngengculazi esifundazweni washumayela kwezwakala kwabanezindlebe.
Loluhlelo luzokwenza ukuba abashayeli bamaloli bakwazi ukuthola usizo lwezempilo kalula kanti kusobala ukuthi ezempilo ziza kubashayeli bamaloli. Lomtholampilo uqale ukusebenza ngo-June 2006, inhloso enkulu ukuba abashayeli bamaloli kanye namalutha ndoda bathole usizo lwezempilo eduzane.
Zingama-40 iziguli ezivakashela lomtholampilo nsukuzonke. Lokhu kuyakhuthaza futhi kuqhakambisa kona belu ukuba uMnyango weZempilo uyaphumelela ukulwa nengculazi ne-sandulela sayo kanye nezifo ezihlobene nayo.
kunzima ukuthi siye emtholampilo ejwayelekile ngoba amaloli ethu awavumelekile. Lomtholampilo uzosisiza kakhulu ngoba sizofundiseka ngokuthi siziphathe kanjani nokuthi sithole ulwazi ngengculazi nesandulela sayo kanye nezifo ezithathelana ngokocansi bese siludlulisela kozak-wethu esisebenza nabo kanye nesihlekisana nabo kusho uMnu. Clement Mthwane, umshayeli weloli oqhamuka eM-tubatuba.
Lomtholampilo uvulwa nsuku zonke kusuka ngo 17:00 kuya phakathi kwamabili zinsuku zonke. Babili abahlengikazi abaqashiwe ukuba basebenze lapha.
Kunzima ukugijima nsukuzonke ube ubheke nezidingo zomndeni kwesinye isandla kodwa konke lokho ukwenza kube lula ngoba nasemse-benzini usebenza ngokukhulu ukuzimisela.
Uyagcizelela belu uShushu ukuba uma kusavuma imilenze kanye nesikhathi nakanjani akasoze ayeke ukugijima, kwazi bani mhlawumbe uma engathola isikhathi esanele sokuzilolonga an-gawunqoba ngisho nokuwinqoba lomjaho.
