Nangonyaka ozayo lomgubho uzobuya futhi ube usukwelinye igxathu.
Nangalolusuku umkhankaso wokufundisa nokuqwashisa umpha-kathi waseClermont ngezifo ezihlukene wawuqhubeka. Ngokusebenzisana noNompilo lomcimbi waba nesasasa. Iningi labantu abahlukumezeke ngokomqondo babeyinxenyeyalomkhankaso. Iningi labo lalidansa licula kamnandi. Izikhulumi zomnyango wezeMpilo zaqhakambisa kakhulu iqhaza umophakayhi nemindeni okumele ulibambe ekusizeni abantu abakhubazeke emqondweni. Abanye beziguli banikezwa ithuba lokuzwakalisa ilaka labo ngenhlalo mpilo yabo emiphakathini eyehlukene.
IKwaDabeka iyisibonelo esihle ngokugqugquzela ukunceliswa kwezingane ibele.
Akukhathalekile ukuthi ukudla okunjani okupha umntwana wakho, kodwa ukuncelisa ibele kuyohlale kuyiyona ndlela encomekayo yokukhulisa ingane. Cishe iningi lethu lanceliswa ibele. Ngisho no-chwepheshe kulendima bayakufakazela ukuthi ibele likamama linayo yonke imisoco nezakha mzimba umntwana azidingayo ukuthi akhule ephila kahle. Yingakho nje...
Yikuphi okwaziyo ngoMdlavuza webele?
kwesikhumba sebele lakho.
Ukukhula kwebele langanxanye kunelinye.
IZINHLUNGU ZEQOLO Ungazivikela kanjani?
Ukuzivocavoca kwenza imisipha negazi lakho lisebenze ngendlela eyiyo.
Uma umuntu ethi, "Ngiyamuthanda uNkulunkulu," kepha ezonda umfow-abo, ungumqambi manga. Ngoba wonke umuntu ongamthandi umfowabo, kodwa amubonayo ngamehlo, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angakaze ambone ngamehlo.
Intatheli ehlakaniphile yayiphuthuma lapho kwenzeke khona ingozi yemoto njengoba kwakulindelekile.. Inqwaba yabantu yabe isivele isikhona lokhu okwenza ukuba intatheli yephephandaba eyayilangazelele udaba ingakwazi ukusondela. Yase intatheli izama iqhinga. Yaqala yamemeza klakhulu ithi: "Ngidluliseni, Ngidluliseni, ngiyindodana yalowo olinyazwe yileyomoto" . Isixuku esasilapho saqala sagigitheka, sahamba samdedela wadlula. Kanti phambi kwemoto kwabe kulele imbongolo.
