Lomklomelo unikezwa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezikhombise ubuqhawe obumangalisayo ngokubeka izimpilo zabo engozini noma balahlekelwa yizimpilo zabo bezama ukusindisa izimpilo zabanye abantu noma basindisa impahla ngaphakathi ezweni laseNingizimu Afrika noma kwamanye amazwe.
Isigaba sesithathu = Insimbi eyinhlanganisela yezinsimbi.
Ihawu elenziwe ngesikhumba senkomo siyashukwa selukwe sibe yisiyingelezi esithi asefane neqanda esinengaphezulu elilukhuni sifakwe nomphini wekhuni. Isagila nomkhonto zigcwalisa ihawu okuyizona eziphiwa izivakashi ezivela emazweni angaphandle njengedlela yokubamukela.
Itshe elincane eliluhlaza eliyigugu - umongo lapho kuqhamuka khona imicibisholo kufanekisa indlela esazohanjwa uma kunikwana usizo kwabaludingayo uma imvelo ihlasele, Izivunguvungu noma izikhukhula kanye nobunye ubunzima esiyaye sibhekane nabo emhlabeni.
Ibhubesi - lingumfanekiso wobuhle namandla kanye nobuqhawe. Ulibona ngamasondo alo abambile kulomfanekiso. Loku kufanekisa ukuphathwa kwemincele ngaphakathi nangaphandle kwezwe lethu ngamaqhawe ethu azinikele ekuvikeleni iNingizimu Afrika. Imicibisholo emithathu ekhomba izwe imelwe yinhlanganisela yezimbali zesihlahla senhlaba esibabayo, okuyisihlahla sendabuko eNingizimu Afrika esifanekisa ukuqwenguka, nokusinda ezingozini kanye nomsebenzi omkhulu wokwelapha wenhlaba.
Isagila nomkhonto - kugcwalisa ihawu okukhombisa ukukwazi ukuzivikela nobuqotho.
