Isifo esiyingozi esithathelanayo.
Lesifo sihlala ngaphakathi komuntu izinsuku eziwu 10 kuya kwezingu 14, zingabangaphezulu kubantu abadala.
Ukuqubuka, amaqhubu amancane.
Amehlo akhalayo abomvu.
Amakhala agxiza amafinyila.
Lesifo singafana nomkhuhlane omkhulu wamaphaphu. Ngaphambi kokuqubuka kungaba namaqhubu amhlophe phakathi emlonyeni, phakathi ezihlathini. Ukuqubuka kuvela izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu ngemva kokushisa. Ukuqubuka kuqala ebusweni, kwehle kuye entanyeni nasemzimbeni kugcine ezingalweni nemilenze.
Sibangwa igciwane elincane elingabonakali elibizwa ngokuthi iVirus. Sithathelana uma umuntu onaso ekhwehlela noma ethimula.
Lesifo sanda kalula, umntwana ongazange asigomele angasithola kalula. Igciwane lingatholakala emoyeni amahora amabili ngemuva kokuba onaso ephumile endlini. Selokhu kwaqala ukugoma, abasebaningi abantwana ababulawa ismungumungwana.
Abantwana abangaphansi konyaka abangakasigomeli isifo sesimungumungwana. Abantwana abazalwa benegciwane lesandulela ngculaza kanye nabantu abaphila naleligciwane. Noma ubani ongakaze aphathwe yilesifo noma ongazange agome.
Uma sisheshe satholakala ukufa kungavikeleka. Yingakho kubalulekile ukuhambisa umntwana emtholampilo ngokushesha uma usola ukuthi unesimungumungwana.
Singasivikela ngokugoma. Uma umuntu enesimungumungwana kufanele angahlangani nabanye abantu izinsuku ezine emva kokuqubuka. Ukugoma kufanele umntwana akuthole uma enezinyanga eziyisishiyagalolunye ngomjovo ethangeni, abuye agome esenonyaka nezinyanga eziyisithupha ngomjovo ehlombe.
Angahlangani nabanye abantu.
Ahlale endlini ekhanya kancane.
Aphuze kakhulu iziphuzo.
Adle ukudla okunempilo.
Bamhlole babone ukuthi asikho yini esinye isifo. Kuthathwe igazi nomchamo ukuze kuhlolwe ukuthi akusiso yini isimungumungwana. Anikwe imithi efanele uma kunesidingo.
Abazali nomphakathi bangasiza ngokuthi abantwana bayogoma ngezikhathi ezifanele. Uma kunengane oyaziyo ukuthi ayigomile ungaluleka abazali noma oyigadile ukuthi ayihambise emtholampilo. Umntwana onezimpawu zesifo kumele ahanjiswe emtholampilo ngokushesha.
Izindlebe eziphuma ubomvu okungadala ukungezwa emadlebeni.
Amehlo abuhlungu angadala ukungaboni.
Ukukhubazeka komqondo kanye nokufa imbala.
