Ukudla okudayiswa emishinini ebekwa esigangeni kufanele kube nesaziso ngaphambili emshinini esikhombisa amagama okudla ngaphandle kwezimo lapho ilebula (igama lokudla) ivela emkhiqizweni wokudla uqobo lwawo.
Uma umkhiqizo wokudla udayiswa ngezixhanti (ubhangqene), isitsha kufanele sibhalwe (igama lokudla) ngokuhambisana nomkhiqizo wokudla odayiswa uhamba wodwa kanti futhi izinhlamvu zamagama kufanele zibe nesilinganiso (usayizi) esifundekayo kuMthengi.
Ukudla okuthize kuyakhululwa ngokuphelele ekutheni kubhalwe (igama lakho).
nanoma yisiphi isiphuzo okukhulunywe ngaso eMthethweni weMikhiqizo yoPhuzo oluDakayo, 1989 (uMthetho No. 60 ka 1989).
Umbhalo (ilebula) kunanoma yimuphi umkhiqizo uhlinzeka ngolwazi olubaluleke kakhulu mayelana nalowo mkhiqizo uqobo. Ngakho-ke ukuqiniseka ukuthi izinqubo ezilungile ziyalandelwa, kunezimfuneko ezahlukene zomthetho ezengamele ukuBhalwa koKudla njenga lena:.
Ulwazi lokondleka luphoqeleke kuphela ezimweni lapho izinhlamvu zombhalo zenziwe khona kanye nokwenzela ukuba lolo hlamvu lombhalo lwesekelwe.
Ipheshana legama lomkhiqizo kufanele libhalwe ngolulodwa lwezilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni. Kufanele lifundeke futhi libonakale futhi akufanele lisithwe yinanoma yini esasithombe.
Ukudla okuqukethe izithako zokwengeza, imithi yokuvimbela ukubola kanye nezithako ezinikeza umbala kufanele kusho igama lesithako sokwengeza, lemithi yokuvimbela ukubola kanye negama lezithako ezinikeza umbala okusetshenzisiwe. Uhlobo lwe-Monosodium Glutamate (okuwuhlobo lwesithako olunikeza ukudla ukunambitheka okwengeziwe) kufanele nayo ibekwe ohlwini njengesithako uma iqukethwe kunanoma yimuphi umkhiqizo wokudla. Imikhiqizo yokudla equkethe imithi yokuvimbela ukubola kanye nesithako esinikeza umbala sohlobo lwe-Tartrazine kufanele isho igama lomuthi wokuvimbela ukubola noma isithako esinikeza umbala futhi esimweni semithi evimbela ukubola igama eliseben-zayo "umuthi ovimbela ukubola" kufanele livele kanye nezinye izithako zokwengeza zokudla kufanele zibekwe ohlwini lezithako ngegama lohlobo lwesithako.
Uma umkhiqizo, nakuba kuhloswe ngawo ukuba use tshenziswe, ungaba ngandlela thize nobungozi ekuphepheni komuntu, ngakho-ke izimpawu ezifanele zokwexwayisa kufanele zivele emkhiqizweni, isibonelo, esitsheni esnamandla omfutho "isitsha sinamandla omfutho" futhi "sigcine ngaphansi kwamazinga okushisa angama - 50" noma "Ungasephuli noma ungasishisi emva kokusisebenzisa".
Akukho kuqhakambisa impilo okungenziwa. Amagama "impilo" kanye "kunempilo" akufanele abandakanywe emalebuleni (emibhalweni yemikhiqizo) njengoba lokhu kuchaza ukuthi lowo mkhiqizo unezithako ezinikeza impilo. Esimweni sokupheka okujwayelekile okuqhamuka ezitshalweni amagama "akusidali isifo senhliziyo" kuyothatha lokho kuqhakambisa njengokuqhakambisa okungalungile. Isitatimende esifana nesithi "inconywa ngodokotela" akufanele sisetshenziswe njengoba sichaza ukuthi lowo mkhiqizo wanconywa ngungoti wezempilo (ngudokotela).
Imikhiqizo elawulwa ngamazinga okushisa nokubanda kufanele ichaze izimo zokugcina. Kufanele isho izindlela zokusebenzisa, njengokuncibilikisa, ukushisisa, ukupheka ukuze lokho kudla kusebenziseke futhi nezinga elifanele ligcineke.
Ukudla okunokubola kakhulu kuvezwa emisebeni yelanga enesilinganiso esiphansi sokukhipha izinga lokushisa ukuqhubezela impilo yakho yokuvikeleka ngokubulala nanoma yiziphi izilwanyana ezingaphila ezikhona.
