Udlame olubhekiswe kwabezizwe luyisenzo sobugebengu!
Uhulumeni ngeke aluvumele nakancane nanoma yiluphi uhlobo lodlame olubhekiswe kwabanye abantu!
Masibambisane ukuze sakhe impilo engcono kubo bonke abantu abahlala eNingizimu Afrika.
Masibambisane ukuze sithuthukise amakhono ethu futhi sivule amathuba emisebenzi.
Uma unolwazi mayelana nesenzo esihlelwayo sokuhlasela abezizwe abahlala eNingizimu Afrika, uyacelwa ukuthi ushayele isiteshi samaphoyisa esiseduze nawe noma uma kunesimo esiphuthumayo uyacelwa ukuthi ushayele le nombolo yocingo ku-10111.
Ukuhlaselwa ngesihluku kwabantu bakwamanye amazwe abahlala eNingizimu Afrika ngeke kusize muntu. Kuvamise ukuthi kube ngabantu abamsulwa abayizisulu zalokhu - izigebengu zona ziyaphunyula. Uma unolwazi oluphathelene nesenzo sobugebengu - bikela iziphathimandla. Ungathathi umthetho uwubeke ezandleni zakho.
Uhulumeni ucela imiphakathi ukuthi ihlale iqaphile futhi ibike izigameko eziphathelene nodlame nenzondo eqondiswe kwabezizwe.
Ukusingathwa ngempumelelo Kwendebe Yomhlaba ye-FIFA ka-2010 se-kwenze iNingizimu Afrika kanye nezwekazi kubukeke kahle emazweni omhlaba. Kube nokudlondlobala okukhulu kwinani lezivakashi ezifike kuleli lizwe futhi lokho kuwaphuculile amathuba okutshalwa kwezimali, kanti futhi lokho kuzovula amathuba emisebenzi.
Nanoma yiluphi uhlobo lodlame ezweni lethu luzocekela phansi konke esikuzuzile ngenkathi sisingethe Indebe Yomhlaba. Manje umhlaba ususi-bheke ngamehlo okhozi kakhulu kunakuqala.
