Ezehlakalweni (Kuzehlakalo) ezijwayelekile zempilo yakho kungenzeka ukuthi uke wagula noma walimala ngakho-ke uzodinga ilivu yokuthi ube ngcono ekuguleni noma ekulimaleni.
Uyacelwa ukuba uqaphele ukuthi ukulimala lapha kule ngqikithi akusho ukulimala usemsebenzini.
Izinsuku ezijwayelekile zokusebenza zelivu yokugula ezingamashumi athathu anesithupha-36 ezihambisana neholo eliphelele kukuyingiliza kwelivu yokugula. Ukuyingiliza kwelivu yokugula kuyisikhathi seminyaka emithathu elandelanayo.
Uma waze ngaphambi kwesikhathi ukuthi kuzomele uyokwenziwa inqubo ethize noma ulaliswe esibhedlela uma uzohlinzwa, faka isicelo bese ugcwalisa ifomu lakho lokucela ngaphambi kwesikhathi.
Kodwa, uma uhlaselwa ukugula ungazelele noma uthola ukulimala, yazisa umphathi (i-supervisor) wakho ngokushesha uma uhluleka ukusebenza ngenxa yokugula noma ukulimala. Umlayezo othunyelwa ngomlomo ngesihlobo, osebenza naye noma umngane uvumelekile kuphela uma uhlobo noma isimo sokugula/ukulimala sikuvimbela ukuba ukwazi ukubikela umphathi wakho ngokwakho.
Thumela isitifiketi esibonisa ukuthi uyagula sesikhathi esiyizinsuku ezintathu nangaphezulu KANYE nalapho uye wasebenzisa ilivu yokugula ngaphezu kwezikhathi ezimbili esikhathini esingamaviki ayisishiyagalombili-8, kunganakwa isikhathi sokungabikho emsebenzini.?
Bheka futhi nalapho kukhulunywa Ngokuvunywa kwezitifiketi Zokugula ngezansi.
Sebenzisa bese uhambisa ilivu yabagulayo ejwayelekile ngendlela enesibopho kanye nangokubuhlakani?
Gwema ukusebenzisa ilivu yabagulayo uyisebenzisele ezinye izinto ngaphandle kokugula nokulimala ngokuba kungenzeka ukuthi ugcine usotakwini esikhathini esizayo sokuyingiliza kwelivu yabagulayo.
Ukubheka nokukunikeza ilivu yabagulayo ngokwesicelo sakho.
Ukuhlola nokuphenya izimo ezifanayo ezithile zokusetshenziswa ngokungafanele kwelivu ejwayelekile yabagulayo. Bese benza okuthile uma kunesidingo.
Umqashi kungenzeka ukuthi kwezinye izimo acele isitifiketi sokwelashwa sezikhathi ezimfushane kunezinsuku ezi-3 uma kunezimo ezithile ezifanayo ezitholakele.
Ukweluleka abaqashwa ngokusetshenziswa kwelivu yabagulayo ngokunomqondo.
Ukufanelisa indawo yokusebenza noma izidingo zomsebenzi noma ukufuna omunye umsebenzi, njalo ezehlakalweni ezikudingayo loku.
Ilivu yokungabi nezinsuku ezanele inzuzo ongafaka isicelo sayo uma seziphelile izinsuku zakho ezijwayelekile zelivu yabagulayo kukuyingiliza kweminyaka emithathu-3 yelivu yabagulayo.
Faka isicelo emafomini adingekayo okufaka isicelo.
Uyacelwa ukuba uqaphele ukuthi kumele ufake isicelo emafomini abekiwe elivu yokungabi nezinsuku ezanele emfushane nende ngokuhambisanayo. Akusafanele ukuba usebenzise ifomu le-Z1 ulisebenzisele loku.
Uma wazi ngaphambi kwesikhathi ukuthi kuzomele uyokwenziwa inqubo ethize noma ulaliswe esibhedlela uma uzohlinzwa, faka isicelo bese ufaka ifomu lakho lokucela ngaphambi kwesikhathi.
Kodwa, uma uhlaselwa ukugula ungazelele noma uthola ukulimala, yazisa umphathi wakho ngokushesha uma uhluleka ukusebenza ngenxa yokugula noma ukulimala.
Umlayezo othunyelwa ngomlomo ngesihlobo, osebenza naye noma umngane uvumelekile kuphela uma uhlobo noma isimo sokugula/ukulimala sikuvimbela ukuba ukwazi ukubikela umphathi wakho ngokwakho.
Ngenisa njalo isitifiketi sokugula uma ufaka isicelo.
Ungakwazi ukungenisa imibiko yokweseka isicelo yokwelashwa kanye nolwazi kanye nemibono yokwengeza ehamba nesicelo sakho selivu yokungabi nezinsuku ezanele.
Gwema ukusebenzisa ilivu yokungabi nezinsuku ezanele ngokungafanele.
NguMenenja Wabaqashi Wezingozi Zempilo.
zokusebenza emva kosuku lokuqala lokungabikho emsebenzini.
zokusebenza emva kosuku lokuqala lokungabikho emsebenzini.
Umqashi uzokunikeza ilivu yokungabi nezinsuku ezanele engumbandela kuye ngokuthi umphumela wokuphenya uhlobo nesimo esinje selivu yokungabi nesikhathi esanele.
Nenqubomgomo kanye Nezinqubo Zelivu Yezinsuku Ezinganele kanye Nokuthatha Umhlalaphansi Wempilo Engeyinhle i-PILIR.
Umqashi uzokwazisa ngemiphumela bese enza okuthile okufanele kuye ngemiphumela.
Kungaba ngumqashi wakho noma wena oqalisa umhlalaphansi wokungabi nempilo enhle uma kunokusola ukuthi usuhluleka ukusebenza safuthi. Loku ngokwesibonelo kungenzeka mhlawumbe emuva kwengozi yemoto embi.
Uma ufake isicelo selivu yokungabi nezinsuku ezanele ende bese ukuphenya komqashi kubonisa awusoze wakwazi ukusebenza safuthi, bangaphakamisa isicelo sakho selivu yokungabi nezinsuku ezanele ukuthi sibe isicelo somhlalaphansi wokungabi nempilo enhle.
Ungacelwa ukuba ugcwalise amafomu okufaka isicelo acacile omhlalaphansi wempilo engeyinhle.
Ukungenisa izitifiketi zokugula kanye nanoma yimiphi imibiko yezokulashwa kanye nolwazi nesicelo.
Kungadingeka ukuba wenze okunye ukuxilongwa okwengeziwe njengengxenye yokuphenya ukuze umqashi enze isinqumo esinolwazi ngokuqhubeka kwelivu yokungabi nezinsuku ezanele noma isib.
Umqashi uzokwazisa ngemiphumela bese enza okuthile okufanele kuye ngemiphumela.
Ngenhloso yelivu yokungabi nezinsuku ezanele umqashi uzokuvuma kuphela izitifiketi ezinikeziwe zasayinwa ngodokotela abarejistiwe Ebandleni Lezingcweti Zempilo laseNingizimu Afrika kanye futhi nabaqiniswe ngokomthetho ukuthi baxilonge bese belapha iziguli. Isitifiketi esinje sokwelashwa kumele, ngemvume yakho, sichaze uhlobo kanye nebanga lokugula/nokulimala.
Igama, ikheli kanye neziqu zikadokotela.
Sisho ukuthi udokotela unikeze isitifiketi ngenxa yomphumela wokuzibhekela ngesikhathi exilonga, noma njengomphumela wolwazi olutholakale esigulini futhi olwamukelwa ngokweseka ezokwelashwa.
Isikhathi selivu ephakanyisiwe yabagulayo kanye nosuku lokunikezwa kwesitifiketi sokugula.
Isaziso sikadokotela uma esebenzisa izitifiketi eziphrintwe ngaphambi kwesikhathi, izindaba ezingaphathelene nesiguli kumele zisuswe.
Umqashi angakwazi kuphela ukubheka nokuqalisa ukuphenywa kwesicelo sakho emva kokuba ungenise ifomu lesicelo kanye nayo yonke imibhalo edingekayo. Loku kufaka ukubuyela kudokotela wakho ukuze agcwalise umbiko odingekayo oyingxenye yamafomu okufaka isicelo. Ifomu lokufaka isicelo lingaba nengozi ekufinyeleleni kwakho ilivu yokungabi nezinsuku ezanele noma ilivu yomhlalaphansi yempilo engeyinhle.
Umqashi uzokunikeza isikhathi sokungasebenzi kuloku kulova.
Umqashi uzogcina amarekhodi awanyule ngezikhathi ezinje ezisetshenziswa njengesikhathi sokulova kuze kuphelele usuku olulodwa. Kuzobe sekukhishwa kwimibandela yakho yelivu yabagulayo.
Kuzokuthi ngalesi sehlakalo kulindeleke ukuba ugcwalise irejist yesikhathi esingasetshenzisiwe ngezinhloso zokurekhoda.
Ubufakazi bezehlakalo ezinje buzodingeka noma kanjani.
Zemisebenzi Yomphakathi, ukuphatha ngazo zonke izikhathi noma yiliphi ulwazi ngokuphathelene nesimo sokwelashwa sanoma yimuphi umqashwa ngezidingo zokuhlonipha kanye nokuba yimfihlo.
