Izivakashi eziya ewodini labatetile, ziyovunyelwa ukungena kusukela ngo 09H00 - 10H00, ngemva kwalokho seziyongena ngesikhathi zokuvakasha ezibaluliwe.
Izivakashi eziya ewodini labagula kakhulu, ziyovunyelwa ukungena kusukela nggo 09H00 kuya ku 08H00 ebusuku, kodwa isikhathi ezingasihlala siyolawulwa izisebenzi ze wodi..
Izivakashi ziya emawodini esifo sofuba nakwabanokugula komqondo bayongena ngezikhati zokuvakasha ezibalulwe phambilini.
Abadayisi abavunyelwe emagcekeni esibhedlela.
Zonke izikhungo zikahulumeni zamenyezelwa njengezindawo okungabhenywa kuzona, ngakho izakhamizi ziyanxuswa ukuba ziwuhloniphe lomgomo.
Izingane ezineminyaka eyisithupha azivunyelwe ukuvakasha esibhedlela.
AMATHUBA OMSEBENZI. Isibhedlela sinemigomo nenqubo elawula ukukhangiswa nokuqhashwa kwezisebenzi. Izikhala ezikhona ziyakhangiswa emaphephandabani endawo nakazwelonke, kuya ngezinga lesikhala somsebenzi. Bonke abanothando lwalowo msebenzi kufanele bapose izicelo zabo ekhelini elinikeziwe. NB. Zonke izicelo kufanele ziposwe njengoba kusuke kubaluliwe esikhangisweni. Izicelo ezilethwe ngezandla ngeke zanakwa.
Labo abayotonyulwa uma kuhlungwa bayomenywa ukuze bafakwe imibuzo ukuze kuthi labo abahlangabezana nesidingo esifunekayo baqhashwe.
IBHODI YESIBHEDLELA. Lawa ngamalungu omphakathi aqokweuNgqongqoshe wezempilo. Bawuhlakaoluxhumanisa isibhedlela nomphakathi. Beluleka abaphathi besibhedlela ngezintoezikhathaza umphakathi nangezidingoezingaba usizo emphakathini njengoba bebhekene nokulawula isibhedlela. Bedlulisa ulwazi olumayelana nesibhedlela, besebenzisa izinhlaka ezisemphakathini, besebenzisa ulwazi abaluthola kubaphathi besibhedlela; njengoba ibhodi kuyilona hlaka olusemthethweni oluxhumana nabaphathi besibhedlela.
Uma umphakathi udinga incazelo ngezinto ezithize ezithintha isibhedlela, yilona hlaka lolu oluqondile olufanele ukunikezaizincazelo njengoba ulwazi oluningi baluthola emihlanganweni ababa nayo njalo ngemvakwezinyanga ezintathu nabaphathi besibhedlela...
Thola nokuhlangabezana nezidingo zezempilo ngaphansi kwenqubo-mgomo ka Zwelonke kanye nesifundazwe, ukugqugquzela ubambiswano kwezempilo nomphakathi.
Qeqesha nokuthuthukisa izisebenzi.
Thuthukisa, siphucula amazinga ethu, sibesiwahlola ngezikhathi zonke.6. Qinisekisa indawo ephephile kowonawonke umuntu.
Igumbi lokuhlola nokwelulekwa kwabahlolelaisandulela ngculaza.
Igumbi lezinye zabesilisa.
Igumbi lokugcina igazi.
Enye yezinjongo namaqhinga omnyango wezempilo ukuletha usizo lwezempilo eduze nemiphakathi. Yile-sisizathu esenza uhulumeni aqeqeshe abahlengikazi abasebenza emitholampilo, ukuze bakwazi ukumelana futhi baxazulule izinkinga zokugula ezilethwa abantu emitholampilo; ikakhulukazu ngoba inqubo njengamanje ithi umuntu akaqale aye emtholamilo ngaphambi kokuza esibhedlela. Umhlengikazi osemtholampilo uyena oyothumela umuntu esibhedlela uma ebona ukuthi ud-inga usizo oluthe thuthu. Ikhasimende liyakhunjuzwa ukuthi liphathe incwadi ebhalwe emtholampilo okuyi-yona emthumela esibhedlela. Izimo eziphuthumayo azi-baliwe kuloluhlelo, ngale kwalokho umphakathi mawusebenzise imitholampilo njengoba iseduzane nawo futhi usizo lumahhala.
Izincwadi eziphathwayo uma uvaka shela esibhedlela 2..1. Abahola impesheni.
Labo bantu abangasebenzi kodwa abake basebenza, kufanele baphathe Ipasi, nebhukwana eliluhlaza (blue card).
Labo abangasebenzi futhi abangenalo lebhukwana eliluhlaza (blue card), kufanele baphathe amapasi, bese esayina isifungo ehhovisi lomabhalane, noma emaphoyiseni ukuze asizakale.
Izingane ezineminyaka engaphansi kweyisith-upha kufanele ziphathe amakhadi omgomo.
Uma usufikile esibhedlela.
