futhi nokuhlinzekela zonke izindaba eziphathelene nalokhu.
Imithetho nemigomo yezilinganiso yesifundazwe.
iisbhedlela sesifunda kusho isikhungo esinikeza imisebenzi yezinhlobo zeziguli ezingalali esibhedlela nezilala esibhedlela, ikakhulukazi imisenzi yodokotela bezempilo. Sinegumbi lokuhlinza lapho ukuhlinzwa kwenziwa ngokujwayelekile ngaphansi kokudanjiswa kwemizwa emzimbeni.
isibhedlela sesifunda kusho isikhungo esihlinzeka unakekelo oludinga ukungenelwa ngodokotela bezifo ezithile kanye nemisebenzi yodokotela bezempilo abajwayelekile.
Isibhedlela esijwayelekile sesigaba 2 kumele sihlinzekele futhi sibe nabasebenzi abasebenza ngokugcwele ernikhakheni eyisithupha elandelayo yodokotela bezokuhlinza, bemishanguzo, bokugogeka komzimba ezinganeni, odokotela bezingane, abezifo zabesifazane kanye nabezengqondo, kubandakanya ukuxilongwa nokuhlolwa komzimba ngaphakathi emzimbeni kanye nokudanjiswa kwemizwa emzimbeni.
isibhedlela sokufundela kusho isikhungo esihlinzekela unakekelo lodokotela bezifo ezithile njengoba kuchazwe emisebenzini yesigaba 3.
kuncike ekutheni low0 muntu uyazanelisa izidingo ezibekwe esigabeni 36 kanye nezaziso ezingashicilelwa izikhathi ngezikhathi ngokwesigaba 87.
Lo Mthetho kumele utolikwe futhi uqaliswe ngokuhambisana nengqikithi yoMthethosisekelo, uhlaka lwenqubomgomo kazwelonke, uhlaka lomthetho kazwelonke, imigomo kanye nemithetho yezilinganiso kazwelonke kanjalo nemithetho enqumayo yesifundazwe kanye nezinqubomgomo eziphathelene nezindaba zezempilo, ezingachitshiyelwa izikhathi ngezikhathi.
j ukuchaza amalungelo kanye nemisebenzi yezikhungo zonakekelo lwezempilo ezizimele kanye nezikahulumeni.
h lesimo senhlalo esingesiyo ingozi ezimpilweni zabo; kanye i nelokukhalaza maqondana nemisebenzi yonakekelo lwezempilo enikezwayo njengoba kuhlinzekelwe umthetho futhi nakulo Mthetho, futhi izikhalazo zabo ziphenywe futhi kubhekwane nazo.
futhi e asayine imithetho yokukhishwa noma yesitifiketi sokukhishwa esikhungweni uma enqaba ukusebenzisa imishanguzo njengokubeka komhlinzekeli wonakekelo lwezempilo aqondene nalo.
Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe, ibeke imibandela yemisebenzi yonakekelo lwezempilo enikezwa ngumhlinzeki wonakekelo lwezempilo ngokubheka isimo sempilo yabo.
i yokulimala noma yokulimaza kumuntu kanye nempahla yabahlinzeki bonakekelo lwezempilo esebenza kuleso sikhungo sonakekelo lwezempilo; futhi ii neyokuthatheka kwesifo kumhlinzeki wonakekelo lwezempilo.
Bonke ubudlelwano phakathi kohulumeni maqondana nezindaba zezempilo phakathi koMnyango kanye nesikhungo sezempilo saKwaZulu-Natali buphethwe wuhlaka lwenqubomgomo kanye nomthetho ofanele kazwelonke, kanjalo nohlaka lwenqubomgomo enqumayo kanye nomthetho olawula ubudlelwano phakathi kohulumeni.
Zonke izinhlaka zonakekelo Iwezempilo, njengokuhlongoma kwesigabeni 31, ezisebenza esifundazweni ngokuqaliswa kokusebenza kwalo Mthetho, ezakhiwe noma ezaziwa ngokomthetho kazwelonke noma wesifundame, ziyoqhubeka nokusebenza ngokomthetho ofanele kazwelonke kanye nowesifundazwe.
YezeMpilo, iBhodi yezemisebenzi Yosizo Oluphuthumayo- (ye-EMRS).
b kumele zisungulwe yiLungu LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe, zingakapheli izinyanga eziyishumi nambili kusukela ekuqalisweni ukusebenza h a l o Mthetho, nokukhishwa kwesaziso kwiGazethi.
ILungu LeSigungu Esilawulayo SeSifundazwe kumele, zingakapheli izinyanga eziyishumi nambili kuqaliswe ukusebenza 10 Mthetho, ngokufaka isaziso kwiGazethi, liqinisekise ukuhambisana noMthetho yisakhiwo ngasinye sezempilo esaziwayo noma esisungulwe ngokwalo Mthetho, nenqubomgomo kanvelonke kanye nezinhlinzeko zalo Mthetho.
ILungu LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe, emuva kokubhekela umbiko obekwe uMnyango njengokuhlongoza kwesigaba 30 olandela isicelo sesikhungo sonakekelo lwezempilo saKwaZulu-Natali, ngokufaka isaziso kwiGazethi, lingasungula ngokusemthethweni izinhlaka zobudlelwano phakathi kohulumeni.
e izithunywa ezingekho ngaphezu kwezintathu eziphathelene nokuphathwa kohulumeni basekhaya, eziqokwe yi-SALGA kanye ne-KWANALOGA; kanye f naleyo nombolo yabantu ngendlela iLungu LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe elingabona ifanele.
e ukuqaliswa kwenqubomgomo yezempilo kazwelonke kanye neyesifundazwe; kanye f nezinga lokusebenza lwanoma yikuphi ukusebenza okuphathelene nanoma yini yezempilo enqunywe yiLungu LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe.
c kumele unqume izinqubo zemihlangano yazo, futhi d ungasungula ikomidi elilodwa noma amabili elizowaluleka maqondana nezindaba ezihlongozwe esigatshaneni.
Umhlangano wekwaramu yoMkhandlu WezeMpilo WesiFundazwe okungenani unamalungu anguhhafu kanye nelilodwa ngaphezulu.
Esilawulayo elibhekele ohulumeni basekhaya, futhi kweyame esigatshaneni , lingahlukanisa noma yisiphi isifunda sezempilo sibe izifundana, futhi linganquma lishintshe imingcele yalezo zifundana.
b ILungu LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe lingashicilela imininingwane yanoma yikuphi ukwahlukaniswa, izinqumo kanye noshintsho njengoba kuhlongozwe esigatshaneni a, kwiGazethi.
U nendlela yobhekana nentuthuko kanye nokusebenzisana kwezikhungo; kanye k nokusimama.
Esilawulayo Sesifundazwe , emva kokubonisana nomkhandlu kamasipala omkhulu noma kamasipala wesifunda, uma kungenzeka.
Ilungu elihlongozwe esigatshaneni la lingusihlalo womkhandlu wezempilo wesifunda.
LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe ngokukhipha isaziso kwiGazethi.
Umkhandlu wezempilo wesifunda ungasungula ikomidi elilodwa noma amabili elizowaluleka maqondana nanoma uluphi udaba oluhlongozwe esigatshaneni.
INhloko yoMnyango kumele ihlinzeke izinzisakusebenza ezingabantu, izimali, okokwenza lula ukusebenza kanye nezinye ukuze kuqinisekiswe ukusebenza kahle kwemikhandlu yezempilo yezifunda kanye nemikhandlu yezempilo yezifundana.
a ILungu LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe kanye nemikhandlu kamasipala omkhulu noma umasipala wesifunda, uma kungenzeka, kumele, emva kokubonisana nomkhandlu wezempilo wesifunda ofanele, livume uhlahlomali olunemininingwane yonke kanye nezindawo okuhloswe ukwenziwa kuzo imisebenzi yezempilo esifundeni sezempilo.
b Kumkhandlu ngamunye wezempilo wesifunda, izigaba zikahulumeni wesifundazwe kanye nezomasipala kumele zibe nemifakela ezinhlinzekweni zemisebenzi yezempilo.
b nangezinyathelo zokulungisa, okuzomele zithathwe uma isivumelwano esihlongozwe esigatshaneni (a) siphulwa.
ILungu LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele liqinisekise ukuthi isifunda ngasinye sezempilo kanye nezifundana zezempilo ziphethwe kahle.
Bonke omasipala abakhulu kanye nabezifunda kumele baqinisekise ukuthi imisebenzi yezempilo yomasipala ihlinzekwa kahle futhi ihlinzekwa ngokulinganayo ezindaweni zonke zabo.
ILungu LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele lisungule izindlela zokusebenza, izinhlelo kanye nezinqubo ngokwesigaba 155 soMthethosisekelo ukuze liqaphe omasipala besifundazwe maqondana nemisebenzi yezempilo yomasipala.
a lingakhipha umyalelo kumasipala ochaza ngokuhluleka kwawo ngokuhlinzekela ngemisebenzi yezempilo kamasipala ebekiwe futhi lichaze nganoma yiziphi izinyathelo umasipala okumele uzilandele ukuze kuhlangatshezwe izibopho ezidingekayo; noma b linganquma ukuthi umsebenzi owodwa noma ngaphezulu wezempilo womasipala kumele wenziwe nguMnyango noma umhlinzekeli wemisebenzi yonakekelo lwezempilo njengokuhlongoza kwesigaba 7, ngaleso sikhathi futhi kweyame kwimibandela enganqunywa yiLungu LeSigungu Esilawulayo Sesifundazwe.
b ngezizathu zokwenza eminye yemisebenzi ethize ebekiwe; kanye c nangosuku umsebenzi ozokwenziwa ngalo.
uma umsebenzi wonakekelo lwezempilo ungaphathwa kahle ezingeni likamasipala, futhi nomasipala okukhulunywa ngawo unawo amandla okuwuphatha.
c amazinga okusebenza okumele asetshenziswe ukuqapha kanye nokulinganiswa kwemisebenzi yonakekelo lwezempilo olunikezwa ngumasipala njengokuba kuhlongozwe esigabeni 79; futhi d imibandela engabangela ukumiswa kwesivumelwano sezinga lomsebenzi.
d nomsebenzi oqondene nokwenziwa kwemisebenzi yoMnyango; kanye e nanoma yikuphi ukwesekwa okungadingwa uMnyango izikhathi ngezikhathi.
ILungu LeSigungu Esilawulayo SeSifundazwe lingangena ezivumelwaneni nezikhungo eziphezulu eziphathelene nezimfuno kanye nokuqeqeshwa kochwepheshe bezempilo uma kubonakala kuzohlomulisa isifundazwe.
b Eminye iminyango yezempilo esifundazweni noma uMnyango WezeMpilo KaZwelonke ingaba yizingxenye zaleso sivumelwano.
ILungu LeSigungu Esilawulayo SeSifundazwe kumele, ezinyangeni eziyishumi nambili emva kokuqaliswa kokusetshenziswa kwalo Mthetho, ngokukhishwa kwesaziso kwiGazethi, linganquma indlela yokwenza, izinto eziqukethwe, izinhlelo zokubika kanye nezinhlelo zoxhasomali maqondana nezivumelwano njengoba kuhlongoziwe kulesi sigaba.
d umsebenzi oqondene nokwenziwa kwemisebenzi yoMnyango; kanye e nanoma yikuphi ukwesekwa okungadingwa wuMnyango izikhathi ngezikhathi.
ILungu LeSigungu Esilawulayo SeSifundazwe kumele, zingakapheli izinyanga eziyishumi-nambili emuva kokuqaliswa kokusetshenziswa kwalo Mthetho, ngokukhipha isaziso kwiGazethi, linqume indlela yokwenza, okuqukethwe, izinhlelo zemibiko kanye nezinhlelo zokuxhaswa ngezimali maqondana nezivumelwano njengoba kuhlongoziwe kulesi sigaba.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele, zingakapheli izinyanga ezintathu emuva kokuqala ukusetshenziswa kwalo Mthetho, ngokufaka isaziso kwiGazethi, lisungule iSigungu Sokubonisana Ngezempilo SsaKwaZulu-Natali.
Sesifundazwe, esizibandakanye ekuhlinzekweni komsebenzi noma kosizo yonakekelo lwezempilo.
d ukuhlinzeka izaluleko ezibhaliwe phansi kwiLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe, uma futhi nalapho kudingeka ukwenza njalo; kanye e nanoma yiluphi udaba iLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe elingalunquma ngokufaka isaziso kwiGazethi.
a zihloniphe ubuqotho, futhi zibambisane nezikhungo ezisekela umthethosisekelo wentandoyeningi, njengoba kuhlongizwe eSahlukweni 9 soMthethosisekelo; futhi b zihloniphe ubuqotho, futhi zibambisane nanoma yisiphi esinye isikhungo esisungulwe umthetho kazwelonke kanye nowesifundazwe.
b kwezinhlaka zonakekelo lwezempilo zornhlaba wonke kanye nezezifunda ezingekho ngaphansi kukahulumeni; kanye c nezinga elizibandakanye ngalo ekuhlinzekweni kwemisebenzi yonakekelo lwezempilo esifundazweni, izigaba ezintathu zikahulumeni, izinhlaka zombuso, izikhungo zomphakathi, kanjalo nezakhiwo, izikhungo kanye nezikhungo zabahlinzeki bosizo, ezinencwadi yegunya, ezigunyaziwe futhi ezaziwa ngokwalo Mthetho.
b kwezikhungo okungesizo ezaseNingizimu Afrika ezisebenza ngezempilo, kanye c nezinga ezizibandakanye ngalo ekuhlinzekweni kwemisebenzi yonakekelo lwezempilo esifundazweni, izigaba ezintathu zikahulumeni, izinhlaka zombuso, izikhungo zikahulumeni, kanjalo nezinhlaka, izikhungo kanye nezikhungo zabahlinzeki bomsebenzi, ezinencwadi yegunya, ezigunyaziwe futhi ezaziwa ngokwalo Mthetho.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele, ezinyangeni eziyishumi nambili ngemva kokuqala ukusetshenziswa kwalo Mthetho, ngokukhipha isaziso kwiGazethi, lihlinzekele ngohlaka lokusebenza lwezikhungo kanye nokugcinwa kwezinhlaka kanye nezinhlelo ezilawula ubudlelwano, kanye nokungeniswa kwemibiko ebhaliwe, yomhlaba wonke, yezifunda kanye nabaxhasi baseNingizimu Afrika kanye nabahlinzekeli boxhaso kanye nezinye izindlela zoxhaso.
j liqinisekise ukuthathwa kwezinyathelo ezifanele yiNhloko YoMnyango maqondana nemibiko kanye nezincomo eziphelezele ezingeniswe kuyo njengoba kukhulunywe ngakho endimeni (i); futhi k ngokujwayelekile, lisebenzise noma yimaphi amandla, lenze imisebenzi futhi lenze noma yimuphi umsebenzi odingekile ozofeza izinhloso zalo Mthetho noma yimuphi omunye umthetho.
f nanoma yisiphi isikhungo kuzwelonke, esifundazweni noma kohulumeni basekhaya; kanye g nanoma ngumuphi umlomo kahulumeni kuzwelonke, esifundameni noma kohulumeni basekha ya, ukuze kufezwe izinhloso zalo Mthetho.
b nay0 yonke imithetho ekhishwe ngokwalo Mthetho; kanye c nanoma yimuphi omunye umthetho osetshenziswayo, iphathe ukuxhaswa kwezimali okutholakala eLungwini Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe ngokwesigaba 43, kanjalo nanoma yiluphi uxhasomali ngokwalo Mthetho kanye neminye imit het ho.
U ngokujwayelekile, isebenzise amandla, yenze noma yimiphi imisebenzi futhi yenze noma yiziphi izibopho ezidingekile ukufeza izinhloso zalo Mthetho noma zeminye imithetho; futhi v ihlinzeke ngemisebenzi yokugwenywa kanye nokuvikeleka ekuthathelaneni kwezifo.
z ihlinzeke ngemisebenzi yezempilo ehlongozwe yizinhlelo zemisebenzi yezempilo ethile esifundazweni.
e okudingekayo ekubikeni ; kanye f nanoma ngukuphi okunye iLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe elingakubona kufanele ekusebenzeni ngempumelelo kwalolo hlaka.
d Izinhlaka Ezelulekayo zazo zonke izifo ezithathelanayo nezingathathelani.
e AMakomidi Ezifundazwe Abhekene Nenkambo Elungileyo nokufanele abhaliswe noMkhandlu KaZwelonke Wenkambo Elungileyo Yocwaningo Lwezempilo njengoba kukhulunywe ngakho emthethweni kazwelonke; kanye f nanoma yiziphi ezinye izinhlaka iLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe elingazisungula ngokufaka isaziso kwiGazethi.
zinhloso zalo Mthetho njengoba kukhulunywe ngako esigatshaneni.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe, ngemva kokuxhumana nohlaka 1010, nganoma yisiphi isikhathi, ngokufaka isaziso kwiGazethi, lingahlakaza noma libumbe kabusha noma yiziphi izinhlaka ezihlinzekelwe esigabeni 31.
KaZwelonke WezeMpilo ngokwemigomo yohlaka lwemithetho kazwelonke izosetshenziswa maqondana nokusungulwa kwamasu okusebenza, izinhlelo, imisebenzi-nhloso kanye nokuqala ukwenza yonke imisebenzi okumele iqhutshwe, imisebenzi okumele yenziwe kanye nemisebenzi eyenziwa ngokwemigomo yalo Mthetho.
Imithetho nemigomo yezilinganiso yesifundazwe.
Imithetho nemigomo yezilinganiso yesifundazwe njengoba inqunywa njalo ngokwemigomo Yamasu ESifundazwe saKwaZulu-Natali Okukhulisa Nokuthuthukisa kanye nezinye izinqubomgomo ezisebenzelanayo, okwesifundazwe okubonakala kusemqoka kakhulu kunokunye ngokwezincomo zesigungu Esilawulayo nezaziswa umphakathi ngenkathi Kwethulwa Inkulumo Mayelana Nesimo SeSifundazwe, izosetshenziswa maqondana nokusungulwa kwamasu okusebenza, izinhlelo, imisebenzi-nhloso kanye nokuqala ukwenza yonke imisebenzi okumele iqhutshwe, imisebenzi okumele yenziwe kanye nemisebenzi eyenziwa ngokwemigomo yalo Mthetho.
Sesifundazwe izikhathi ngezikhathi ngokukhipha isaziso kwiGazethi.
Esilawulayo Sesifundazwe, zikhona.
Esilawulayo Sesifundazwe, ngokufaka isaziso kwiGazethi, ngokulandela uhlaka lwenqubomgomo kazwelonke, imithetho nemigomo yezilinganiso.
nesama-52, esifundazweni, zibhalisiwe ngokwemigomo yomthetho kazwelonke osetshenziswayo ekuhlinzekeni unakekelo lwezempilo oluthize kulabo okufanele baluthole njengoba kukhulunywa ngako esigabeni 36.
nanjengoba ichitshiyelwa izikhathi ngezikhathi.
c ukuqapha ukuqhutshwa komsebenzi nokuhlola ngokwesilinganiso zonke izikhungo zonakekelo lwezempilo; kanye d nanoma yini enye eyonqunywa yiLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe ngesaziso kwiGazethi.
ILungu Lesigungu Eesilawulayo Sesifundazwe kumele liqinisekise ukuthi, zingakapheli izinyanga eziyishumi-nambili ngemva kokuqala ukusebenza kwalo Mthetho, imali yaminyaka yonke yoMnyango ihlinzekela uhlaka lokuqala kokwenziwa kwezinhlelo okukhulunywa ngazo esigatshaneni , kanye nemisebenzi-nhloso okukhulunywa ngayo esigabeni 40, kanye nokuhlinzekwa kwezinsizakusebenza ezifanele zemali, zabasebenzi, zokwenza lula ukusebenza kanye nezinye izinsizakusebenza eziqondene nalokhu nezidingekayo ukuze kuqale lokho kusebenza okukhulunywa ngako.
d noma nguluphi olunye uhlelo oluhlonzwe yisigungu Esilawulayo Sesifundazwe ngokukhipha isaziso kwiGazethi.
e nguluphi olunye uhlelo oluphawulwe yiLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe ngokukhipha isaziso kwiGazethi.
INhloko YoMnyango ingakhetha imisebenzi-nhloso ethile ibe yizinhlelo okukhulunywa ngazo esigabeni 39.
INhloko YoMnyango kumele ihlinzeke izinsizakusebenza ezidingekayo ngokwezimali, abasebenzi, ekwenzeni lula ukusebenza kanye nezinye izinsizakusebenza ezihambisana nalokho ukuze kwenziwe imisebenzi-nhloso okukhulunywa ngayo esigatshaneni.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele, zingakapheli izinyanga eziyishumi-nambili ngemva kokuqala ukusebenza kwalo Mthetho, nokumele kwenzeke njalo ngonyaka, ngokufaka isaziso kwiGazethi, lihlinzeke uhlaka oluhambisana nomthetho kazwelonke nowesifundazwe olawulwa izondlo ezihambisana nemikhawulo.
d imibandela engayimbangela yokuchithwa kwesivumelwano; kanye e nanoma yimiphi eminye imigomo nemibandela engasetshenziswa kuleso sivumelwano.
kanye f nanoma yimiphi imithombo ehambisana nokuhlinzekwa yilo Mthetho nanoma ngumuphi omunye umthetho.
UMnyango, irnikhakha yomithathu kahulumeni, izinhlaka zombuso, izikhungo zomphakathi, kanye nezinhlaka, izikhungo, nabahlinzeki-sizo asebevuthiwe, abanezincwadi zegunya, abagunyaziwe nabasemthathweni ngokwemigomo yalo Mthetho, kumele bahambisane nohlaka lwemithetho lomthethosisekelo, lukazwelonke kanye nelesifundazwe olugqugquzela ukukwazi ukufinyelela olwazini.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele, zingakapheli izinyanga eziyishumi-nambili ngemva kokuqala kwalo Mthetho, ngokufaka isaziso kwiGazethi, linikeze uhlaka lokusetshenziswa kwezindawo zonakekelo lwezempilo zomphakathi kanye nosizo oluhlinzekwa ngodokotela abazimele, abadinga usizo lonakekelo lwezempilo abazimele kanye nabangesizo izakhamizi ZaseNingizimu Afrika abangalugculisi uhlelo lokuhlunga abavumelekile njengoba kukhulunywe ngakho esigabeni 2.
g indlela eyamukelekile yokubika; kanye h nanoma ngukuphi okunye okudingekayo.
b nenhloso imali ebifakelwe yona; kanye c nanoma yimiphi imibandela yalowo ofake imali.
f Isibhedlela esikhulu; kanye g nanoma ngumuphi omunye umkhakha wezindawo zonakekelo lwezempilo zomphakathi ezinganqunywa nguNgqongqoshe ngesaziso kwiGazethi KaHulumeni.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe, ngokufaka isaziso kwiGazethi, lingasungula indawo eyodwa yonakekelo lwezempilo yomphakathi, noma ezingaphezulu njengoba kukhulunywe ngakho esigabeni 45.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe, ngokufaka isaziso kwiGazethi, lingasungula indawo eyodwa yonakekelo lwezempilo yomphakathi ebhekene nokuthize kuphela, noma ezingaphezulu njengoba kukhulunywe ngakho esigabeni 45.
noma yindawo yonakekelo lwezempilo ezimele okukhulunywe ngayo esigabeni 19 kanye nenencwadi yegunya okukhulunywa ngayo esigabeni 53 eyohlinzeka, noma eyoqhubeka ihlinzeke, noma nguluphi uhlobo losizo lonakekelo lwezempilo ngaphambi kokuba ibekwe njengesemthethweni ngokwemigomo yomthetho kazwelonke.
a imigomo engubuncane bokugcina kanye nokudingekayo ukuze kuhlinzekwe imisebenzi yonakekelo lwezempilo kwezinye izindawo ezingesizo izakhiwo zezempilo, okubalwa kuzo izikole, uphiko lwezokuvikela, umnyango wokuhlumeleliswa kwezimilo, lapho kunakekelwa khona abantwana, ekhaya nasemiphakathini; kanye b nezijeziso zanoma ngukuphi ukwaphulwa noma ukwehluleka ukuhambisana nanoma yimiphi yaleyo migomo yezilinganiso nalokho okudingekayo.
Akukho ndawo yonakekelo lwezempilo ezimele, ehlinzeka usizo olulodwa noma ngaphezulu eyosebenza ngaphandle kwencwadi yegunya.
a INhloko YoMnyango kumele ikhangise, ngendlela enqunyiwe, isicelo esifakiwe sendawo entsha yonakekelo lwezempilo ehlinzeka usizo lwezemiplo olulodwa noma ngaphezulu, noma ukuchibiyelwa noma ukunwetshwa kwesikhathi sencwadi yegunya njengoba kukhulunywe ngayo kulesi sigaba, nanoma ngumuphi umbandela ohambisana naleyo ncwadi yegunya, zingakapheli izinsuku ezingama-30 zekhalenda ngemva kokuthola leso sicelo, ngokufaka isaziso kwiGazethi, ephephandabeni lesifundazwe noma lendawo elisatshalaliswa esigodini esifanele.
b Isikhangiso okukhulunywe ngaso esigatshaneni 2a kumele sihlinzekele ukulethwa kwezimvo ezibhalwe phansi ngendlela enqunyiwe, eziphuma emikhakheni kahulumeni kazwelonke, wesifundazwe nowendawo, abezempilo, abanye bangaphandle, zingakapheli izinsuku ezingama- 30 ngemva kokukhishwa kwesikhangiso.
yokuthola ulwazi olwengeziwe noluhambisanayo kunoma yisiphi isikhungo somphakathi, isikhungo esizimele, kwizakhamizi nakunoma ngumuphi umuntu, kan y e c nangenqubo kanye nohlelo nesu lokuhlunga okuyosetshenziswa ngenkathi kucutshungulwa isicelo.
c inqubo yokufaka isicelo; kanye d neminye imibandela, yokubhalisa low0 rnhlinzeki wonakekelo lwezempilo.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele, ngemva kokuvunyelwa kwesicelo sokubhalisa, linikeze low0 mhlinzeki wonakekelo lwezempilo isitifiketi sokubhaliswa ngendlela enqunyiwe.
a nokuthi imuphi low0 rnkhakha othize noma imikhakha yosizo lonakekelo lwezempilo umhlinzeki wonakekelo lwezempilo angawuhlinzeka; kanye b nanoma yisiphi isakhiwo noma izakhiwo omnini wazo, noma ozithelelayo noma ozengamele kuyilowo obhalisiwe ohlinzeka usizo lonakekelo lwezempilo nokuyilapho usizo okukhulunywa ngalo esigatshaneni (a) kuyofanele noma kuyongafaneli luhlinzekwe, inqobo nje uma leso sakhiwo sinencwadi yegunya okukhulunywe ngayo esigabeni 53 ngaphambi kokuba kuqalwe kuhlinzekwe 1010 sizo.
Noma ngumuphi umhlinzeki wosizo lonakekelo lwezempilo obhalisiwe ngokwemigomo yalesi sigaba, kumele ahambisane nazo zonke izidingo ezinqunywe wumthetho kazwelonke izikhathi ngezikhathi.
izakhamizi; nanoma v ngumuphi umuntu, lingachibiyela noma lichithe isitifiketi sokubhaliswa.
YoMnyango sokukhalaza mayelana naleso sinqumo, aveze izizathu mayelana nokuthi kungani iNhloko YoMnyango kuyomele ishintshe noma ishaye indiva leso sinqumo.
INhloko YoMnyango kumele, zingakapheli izinsuku ezingama-30 ngemva kokuthola isicelo esibhaliwe, iqinisekise, ishintshe noma ishaye indiva leso sinqumo, inqobo nje uma kunezizathu ezibhaliwe zalokho kuqinisekiswa, ukushintshwa nokushawa indiva.
Ukwedluliswa kodaba okukhulunywa ngakho kweloku-l kungenziwa yilowo othintwa yisinqumo, yilowo ommele, noma umuntu kumbe isikhungo esimele abomphakathi.
i lifake esikhundleni saleso sinyathelo noma saleso sinqumo noma yisiphi esinye isinyathelo noma isinqumo ebesingathathwa yileso siphathimandla okukhalazwe ngaso; noma ii lidlulisele udaba oludale isikhalazo kwisiphathimandla okukhalazwe ngaso ukuba licubungule kabusha, kuhambisane nezizathu zaleso sinqumo.
ngemva kwaleso sinqumo, lazise ngokubhala incwadi, bonke abathintekayo kulolo daba mayelana nesinqumo salo, kuhambisane nezizathu zaleso sinqumo.
Amandla anikezwe iLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe ngokwernigomo yalesi sigaba, soze adluliselwa kwabanye.
b neLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe ngaphansi kwesigaba 57 kumele kuvumelane nokuhlinzekwa yilo Mthetho, kanye nomthetho osetshenziswayo kazwelonke nowesifundazwe.
Izigaba 55,56,57 nesama-58 kumele zihunyushwe ngendlela yokuthi amandla emvelo eNkantolo Ephakeme awaphazamiseki.
e noma yini ehlinzekelwe yilo Mthetho edinga ukuthotshelwa; kanye nanoma yini enye iLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe elingayinquma ngokufaka isaziso kwiGazethi YeSifundazwe izikhathi ngezikhathi.
Zonke izinhlaka ezisemthethweni, esezivuthiwe, ezinezincwadi zegunya nezigunyaziwe njengoba kushiwo kulo Mthetho ziyizikhungo zomphakathi zesifundazwe njengokuba kushiwo esigabeni 1 soMthetho Wokwenganyelwa Kwezimali Zomphakathi, 1999 UMthetho we-1999, kanti futhi kumele zihambisane nokuhlinzekwe wuMthetho okukhulunywa ngawo kanye neMithethonqubo Yomgcinimafa ekhishwa ngaphansi kwawo izikhathi ngezikhathi.
Sesifundazwe singaqoka noma ngumuphi umuntu osebenzela umnyango wesifundazwe njengesiphathimandla sezempilo esifundazweni.
Ukuqokwa ngaphansi kwesigatshana 1 kungaba ngokwanoma yiyiphi inhloso noma inhloso ethize ecacisiwe.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe lingacela ukuba ~Khornishana KaZwelonke woPhiko Lwamaphoyisa LwaseNingizimu Afrika ukuba likhethe ilungu loPhiko njengesiphathimandla sesifundazwe okukhulunywa ngaso.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele linikeze isiphathimandla umbhalo ngesimo esinqunyiwe oqinisekisa ukuthi uqokwe noma ukhethelwe ukuba yisiphathimandla sezempilo esifundazweni.
Isiphathimandla sezempilo kumele, ngokubeka emqondweni izimiso zomthethosisekelo nezomthetho, siqaphe ukulandelwa futhi siphoqelele ukuthotshelwa kwalo Mthetho ngendlela ebekwe esigabeni 63 kuya kwesama- 68.
futhi d sithathe amasampula anoma yini ehambisana nokuhlolwa.
Isiphathimandla sezempilo singaphelezelwa ngutolika nanoma ngumuphi omunye umuntu okubonakala kunesidingo ukuba asisize ekuhloleni.
Isiphathimandla singanikeza lowo muntu obheke leyo ndawo inothisi yokuba kulandelwe umthetho uma o kuhlinzekwe yilo Mthetho kungathotshelwanga.
Inothisi yokuba kulandelwe umthetho iyaqhubeka isebenze kuze kube ukuthi lokho okuhlinzekwe nguMthetho sekuthotsheliwe nesiphathimandla sezempilo sesikhiphe isitifiket i sokuthotshelwa komthetho maqondana naleyo nothisi yokuba kulandelwe umthetho.
a sinikeze irisidi lalokho kulowo muntu obheke leyo ndawo; futhi b ngokulandela uMthetho Wenqubo Yobugebengu, 1977 UMthetho 51 we-1977, likubuyisele emuva masinyane ngemva kokufeza inhloso yalokho obekuthathelwe kona.
Isiphathirnandla kumele siphenye ngaleso simo.
Uma uphenyo luveza ukuthi isimo okukhulunywa ngaso esigatshaneni 1 sikhona, isiphathimandla kumele sizihluphe ngokuthola lowo muntu osolekayo ngaleso simo.
Isiphathirnandla kumele sinikeze low0 muntu obonakala njengosolekayo ngaleso simo okukhulunywa ngaso esigatshaneni inothisi yokuba kulandelwe umthetho, ukuba enze okuthize okungukulungisa ukuze kuncishiswe izinga, kuqedwe noma kulungiswe leso simo.
Noma ubani okhalazayo ngesinqumo noma umyalelo ngokwesigatshana 2 nesesi- 3, zingakapheli izinsuku eziyi-14 kusukela ngosuku ezwe ngalo ngesinqumo noma umyalelo, angafaka isikhalazo neNhloko YoMnyango.
b sithatha noma ngumuphi umbhalo, umlando-mbhalo noma into ethize urna sinesizathu sokuba sisole ukuthi ingasetshenziswa njengobufakazi ecaleni; futhi c lingahlola noma yini eyenziwayo, umsebenzi noma inqubo eyenziwa kuleyo ndawo.
a sinikeze irisidi lalokho umnini wendawo noma low0 muntu okunguye ophethe kuleyo ndawo; futhi b ngaphandle urna kuyinto engavumelekile ngokwemigomo yalo Mthetho ofundwa kanye nomunye umthetho osebenzayo, siyibuyisele masinyane ngemva kokufeza inhloso ebithathelwe yona.
b anikezele ngaleyo mininingwane anayo maqondana nodaba okuphenywa ngalo; futhi c anikeze usizo olunesidingo njengoba isiphathimandla sezempilo singadinga ukuze senze imisebenzi yaso ngempumelelo ngokwemigomo yalo Mthetho.
Ngaphambi kokufaka imibuzo noma ngubani kuleyo ndawo, isiphathimandla sezempilo noma isikhulu sasemaphoyiseni kumele sazise low0 muntu ngelungelo lakhe lokuba asizwe ngummeli wakhe wasemajajini noma ummeli ngaleso sikhathi, futhi bamvumele low0 muntu ukuba asebenzise lelo lungelo.
a maqondana nendawo osizathu sokuba kukholelwe ekutheni iphule loMthetho sibonakala; nanoma b urna kuvela emininingwaneni esesifungweni noma esitatimendeni sokufunga ukuthi kunezizathu ezizwakalayo ukuba kukholakale ukuthi kunobufakazi obutholakalayo kuleyo ndawo mayelana nokuphulwa kwalo Mthetho.
Incwadi yegunya lokusesha ingabeka imikhawulo emandleni esiphathimandla.
sekudlule isikhathi esingangenyanga eyodwa kusukela ngosuku lokukhishwa kwayo; noma iv inhloso yokukhishwa kwencwadi yegunya lokusesha seyiphelelwe yisikhathi, noma ngukuphi okufika kuqala; futhi b kumele umsebenzi way0 wenziwe emini ngaphandle urna low0 okhipha incwadi yegunya lokusesha egunyaza ukuba umsebenzi wenziwe ebusuku.
Akukho muntu onegunya lokuba akhokhelwe urna kulahleke noma kuphuke noma yini ngenxa yesenzo esinobuqiniso sesikhulu sasemaphoyiseni noma sesiphathimandla sezempilo ngaphansi kwalesi sigaba.
Ngaphandle uma kunezizathu ezizwakalayo zokuthi lokho kumemezela noma ukwazisa kungaphazamisa inhloso yokusesha.
a sinikeze low0 okunguye ophethe kuleyo ndawo umfanekiso wencwadi yegunya lokusesha noma, uma low0 muntu engekho, sinamathisele low0 mfanekiso wencwadi endaweni ebonakalayo kuleyo ndawo; futhi b uma kucela low0 muntu obheke leyo ndawo, sirnkhiphele isitifiketi saso sokuqokwa njengesiphathimandla sezempilo.
Isiphathimandla sezempilo noma isikhulu sasernaphoyiseni okukhulunywa ngaso esigatshaneni singabhekana nokunqatshelwa ukungena siseshe ngokusebenzisa amandla adingekayo, okubalwa kukho ukuphula umnyango noma ifasitela laleyo ndawo.
Ngaphambi kokusebenzisa amandla, isiphathimandla sezempilo noma isikhulu sasernaphoyiseni kumele ngezwi elizwakalayo liphoqe ukuvunyelwa lingene futhi limemezele inhloso yokungena, ngaphandle uma kunezizathu ezizwakalayo zokuthi ukwenza njalo kungaphazamisa inhloso yokusesha.
a umuntu okulungele ukwenza lokho evuma ukuba kwenziwe; noma b kunezizathu ezizwakalayo zokuthi incwadi yegunya lokusesha ibivele izokhishwa ngokwemigomo yesigaba 65 futhi ukubambezeleka kwencwaadi yegunya lokusesha bekuzophazamisa inhloso yencwadi yegunya lokusesha.
we-1977, okumele sibhekane nokulahlwa kwaleyo nto ebanjiwe ngendlela ehlinzekelwe esahlukweni 2 salowo Mthetho.
Uma isikhulu sasernaphoyiseni senza okuthize ngokulandela isigaba 30 a noma b soMthetho Wenqubo Yobungebengu, 1977 (UMthetho 51 we-1977), maqondana nento okukhulunywa ngayo esigatshaneni (l), kumele senze lokho ngemva kokuxhumana nesiphathimandla sezempilo.
i wenza noma ngumuphi umsebenzi onikezwe umqashi yilo Mthetho noma ngaphansi kwawo; noma ii usebenzisa noma ngamaphi amandla adluliselwe kumqashi yilo Mthetho noma ngaphansi kwawo.
c lazise iNhloko YoMnyango ngezinga lokugculisa kwesimo semisebenzi yezempilo ehlinzekwayo esifundazweni ngokulinganisa ngokwemigomo enqunyiwe yezempilo.
f lincome eNhlokweni YoMnyango ukuba kwenziwe noma nguluphi ushintsho maqondana nemigomo yezilinganiso ebekiwe.
j libike kwiNhloko YoMnyango noma ngukuphi ukungalandelwa kwemigomo yezilinganiso yezempilo nalapho lokho kungalandelwa kwemigomo yezilinganiso kuhambisana nengozi engenzeka noma nini neyingozi empilweni yabantu bese lenza izincomo eLungwini Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe mayelana nesinyathelo okufanele sithathwe ukuze kuvikelwe impilo yabantu.
i liphenye nganoma isiphi isikhalazo, izinsolo noma ukusolwa maqondana nokubonakalile ngemigomo yezilinganiso yezempilo; futhi ii libike kwiNhloko YoMnyango ngokutholakele ophenyweni okukhulunywa ngalo esigatshanyaneni (i).
Esilawulayo Sesifundazwe mayelana nokwenziwe, nokutholakele kanye nezincomo zeHhovisi Elihlola Izakhiwo Zezempilo, kanye nangezinyathelo ezithathwe wuMnyango.
Umsebenzi wokuhlola weHhovisi Elihlolayo71. IHhovisi Elihlolayo noma izithunywa zalo kumele lihlole isakhiwo sezempilo ngasinye, ingosi yezempilo okungenani kanye ngonyaka ukuqinisekisa ukulandelwa kwalo Mthetho, kanti futhi lingahlola isakhiwo sezempilo noma ingosi yezempilo limemezelile noma lingamemezelanga nganoma yisiphi isikhathi esizwakalayo.
a IHhovisi Elihlolayo lingayalela ukuba isakhiwo sezempilo noma ingosi yezempilo ivalwe ngci! noma kuvalwe ingxenye uma isitifiketi sesidingo sokuba kwenziwe okuthize ngesimo saleyo ndawo singakhishwanga maqondana naleso sakhiwo sezempilo noma ingosi yezempilo ngaphambi kokuba kwenziwe noma yisiphi isenzo.
b Umyalelo okhishwe ngaphansi kwemigomo yesigatshana a kumele wenziwe ngokubhala incwadi bese unikema inhloko yaleso sakhiwo sezempilo noma leyo ngosi yezempilo.
Uma iHhovisi Elihlolayo liyalela ukuba kuvalwe ngci! noma kuvalwe ingxenye yesakhiwo sezempilo, ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele liqinisekise, ebudeni besikhathi esizwakalayo kusukela ngosuku esavalwa ngaso, ukuthi kukhona olunye usizo lwezempilo olutholakalayo kumalungu omphakathi athintekayo ngokuvalwa lokho.
nernithethonqubo yezakhiwo; noma iv nokuhlinzekwe yinoma ngumuphi omunye umthetho; noma b umhlinzeki wonakekelo lwezempilo noma umsebenzi wezempilo ohlangene nesakhiwo sezempilo ubhekene nomunye umsebenzi onqunyiwe noma imisebenzi yosizo lwezempilo encike ekuhlomuleni okungalungile.
Inothisi yokungalandeli umthetho kumele ikhishelwe umuntu okubonakala kunguyena obhekene nesimo okukhulunywa ngaso esigatshaneni (a) noma (b), ibalula isimo nezinga lokungalandeli umthetho, imyale nokuba athathe isinyathelo esifanele esingukulungisa esikhathini esithize esibekiwe maqondana nomsebenzi onqunyiwe noma nomsebenzi wosizo lwezempilo noma ukuba anciphise noma alungise isimo sokungalandeli umthetho.
Inothisi yokungalandeli umthetho okukhulunywa ngayo esigatshaneni 3 iyohlale isebenza kuze kube wukuthi lokho okuhlinzekwa uMthetho okufanele sekuyahanjiswana nakho ngemva kokuba iHhovisi Elihlolayo selikhiphe isitifiketi sokulandela umthetho maqondana naleyo nothisi.
a lingamisa umsebenzi okwesikhashana, noma livale ngci!
b lingancoma kwiNhloko YoMnyango ukuba isitifiketi sesidingo sokuba kwenziwe okuthize ngesimo sesakhiwo sezempilo noma ingosi yezempilo sihoxiswe; noma c lincome kwiNhloko YoMnyango ukuba isicelo esifakiwe sesitifiketi sesidingo sokuba kwenziwe okuthize maqondana nesakhiwo sezempilo noma ingosi yezempilo semukelwe.
(l) INhloko YoMnyango kumele, ngokulandela uhlaka lukazwelonke lokuphathwa kwezikhalazo, lisungule futhi liqale lisebenzise uhlaka lwesifundazwe maqondana nokufakwa, ukucutshungulwa nokuxazululwa kwezikhalazo.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe kumele liqoke umuntu ofanele njengoMxazululi Wezikhalazo woMnyango.
Wokwenganyelwa Kwezimali Zomphakathi, 1999 (UMthetho No. 1 we- 1999); futhi d lingayisa kude, livimbe noma lilahle noma yiyiphi impahla egudluzekayo noma engagudluzeki.
Izinhloko zezinhlaka esezivuthiwe, ezibhalisiwe, ezinezincwadi zegunya, ezigunyaziwe noma ezisemthethweni njengoba kukhulunywe ngazo kulo Mthetho, ezabelwe impahla nezinsizakusebenza yiNhloko YoMnyango, kumele ziphathe leyo mpahla nezinsizakusebenza ngendlela eyongayo.
Olawulayo Wesifundazwe WakwaZulu-Natali ezikhathini ngezikhathi, kanye namasu kahulumeni wendawo okusebenza ahambisana nentuthuko.
Isikhungo Semisebenzi Yezempilo YeSifundazwe SaKwaZulu-Natali kumele kufinyeleleke kuso isikhathi esingamahora angama-24 ngosuku, ngokokuxhumana ngamakhompyutha nangocingo, kumalungu omphakathi, kubadingi bonakekelo lwezempilo lomphakathi noluzimele, ophikweni lonakekelo lwezempilo lomphakathi kanye nasophikweni lonakekelo lwezempilo oluzimele.
mibhalo ngendlela ekahle; kanye f nanoma yini ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe elingayibona ibalulekile.
d lihlinzekele ukufinyelela kwabadinga unakekelo lwezempilo noma low0 ornrnele ogunyazwe ngokusemthethweni maqondana nemininingwane emayelana naye egcinwe kwisizindamininingwane okukhulunywe ngaso esigabeni (a) noma (b); futhi e lenze noma yini enye iLungu Lesigungu Esilawulayo SsifundazweE elingabona iyisidingo.
c lisungule, lisebenzise ligcine esimweni uhlelo olufanele lokukwazi ukuthola konke okungakhokheliwe maqondana nalokho kulaliswa noma ukwemukelwa kosizo, lokho nje okuyikona; futhi d lenze noma yini enye iLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe elingabona iyisidingo.
ngemva kokuqala ukusebenza kwalo Mthetho, ngokubheka imithetho kazwelonke engakhishwa izikhathi ngezikhathi, linqume ubuncane bokugcina bemigomo yezilinganiso maqondana nezinqubo, izikhawu zokuqapha ukuqhutshwa komsebenzi, ukuhlola ngokwezilinganiso kanye nokuhlaziya umehluko obonakalayo.
Wonke amandla asetshenziswayo, imisebenzi eyenziwe kanye nemisebenzi eqhutshiwe ngokwemigomo yalo Mthetho kanye nanoma ngmuphi omunye uMthetho oshaywe yizikhungo ezisophikweni lonakekelo lwezempilo lomphakathi noluzimele kumele ziqashwe ukuthi ziwuqhuba kanjani umsebenzi, zihlolwe ngokwezilinganiso futhi kuhlaziywe umehluko eziwenzayo.
Maqondana nokungenhla, kunoma ngubani iNhloko YoMnyango ebona kunesidingo ukuba kwenziwe naye.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe, kuncike kwimibandela elingayibeka, lingadlulisela ngokubhala phansi noma ngamaphi amandla nanoma ngumuphi umsebenzi onikezwe lona yilo Mthetho noma ngaphansi kwawo.
a kwamandla okushicilela isaziso okukhulunywe ngaso esigabeni 86; kanye b namandla okwenza imithethonqubo okukhulunywe ngawo esigabeni 86, eNhlokweni YoMnyango noma esikhulwini soMnyango.
Lokho kudluliselwa kwamandla akuvimbeli ukusetshenziswa kwamandla afanele noma ukuqhutshwa komsebenzi onikezwe yiLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe lingahoxisa noma lichibiyele, noma ingasiphi isikhathi, ngokubhala incwadi, amandla noma umsebenzi okukhulunywe ngakho esigatshaneni.
Esilawulayo Sesifundazwe ekuziphenduleleni maqondana nokusetshenziswa kwamandla adlulisiwe noma nokwenziwa komsebenzi onikeziwe.
Noma yisiphi isiphathimandla okudluliselwe kuso amandla noma esigunyazwe ukuba senze umsebenzi ngokwesigatshana (l)(a) no (b), kumele sisebenzise law0 mandla noma senze lowo msebenzi kuncike emibandeleni ebekwe yiNhloko YoMnyango.
YoMnyango ibhale p hansi.
Ukudluliselwa kwanoma ngamaphi amandla, ukwenziwa kwanoma ngumuphi umsebenzi akuhlanguli iNhloko YoMnyango ekuziphenduleleni maqondana nokusetshenziswa kwamandla adlulisiwe noma nokwenziwa komsebenzi onikeziwe.
UNdunankulu, ngemva kokubonisana neLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe, angangena ezivumelwaneni nabanye ohulumeni bezifundazwe maqondana nezindaba ezithinta ezempilo, uma kwenzeka ukuthi lezo zindaba ziyoxazululeka kahle uma zihlanganyelwa ngohulumeni bezifundazwe abathintekayo.
Noma yini eyenziwe noma okubonakala sengathi yenziwe ngaphansi kokuhlinzekwe wumthetho ocinywe yisigaba 89, nengenziwa noma okumele yenziwe ngokwalo Mthetho, kumele ithathwe njengeyenziwe ngokwemigomo yokuhlinzekwe yilo Mthetho okuhambisana nakho.
Inqobo nje uma noma ngukuphi ukuvuselelwa kuhambisana nokuhlinzekwe yilo Mthetho.
a kube sengathi izisekelo zomthetho ezidingekayo, ezifaka kodwa zingabeki mkhawulo ukudluliselwa kwamandla, imisebenzi, amandla omthetho, izivumelwano zamazinga emisebenzi noma izivumelwano zokufezwa kwemisebenzi, bezikade zilokhu zikhona ngaleso sikhathi kuthathwa lezo zinqumo ; noma b nalapho lezo zisekelo zomthetho ebezikhona, ezifaka kodwa zingabeki mkhawulo, ukudluliselwa kwamandla, imisebenzi, amandla omthetho, izivumelwano zamazinga emisebezni noma izivumelwano zokufezwa kwemisebenzi, zingalandelwanga ngokugcwele.
Zonke izinhlelo kanye nemisebenzi-nhloso eyenziwe, izondlo ezinikeziwe, izimali ezabiwe, imisebenzi edlulisiwe nemisebenzi eyenziwe, izivumelwano zamazinga emisebenzi noma ukuhlanganyela nabomphakathi noma nabazimele, nanoma yisiphi isinyathelo esithathwe ngokwemigomo yalo Mthetho, kumele ziqashwe ukuthi ziwuqhuba kanjani umsebenzi, zihlolwe ngokwezilinganiso, kuhlaziywe umehluko eziwenzayo futhi kubhalwe ngazo umbiko yiHhovisi Elihloyayo njengoba lisungulwe ngowesigaba 70.
lisungule izinhlaka nezinhlelo njengoba zidingeka ngokwemigomo yalezo zinhlaka; futhi iii lihambise imibiko njengoba kudingeka ngokwemigomo yalezo zinhlaka.
i noma ngumuphi umbiko okumele uhanjiswe izikhathi ngezikhathi ngumhlinzeki wonakekelo lwezempilo; kanye ii nanoma ngumuphi umbhalo wesihlongozo, ohlangene nokuhlinzekwa kosizo lonakekelo lwezempilo olunikezwa ngumhlinzeki wonakekelo lwezempilo, olethwe yinoma ngubani onentshisekelo.
b kumele yazise iLungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe ngokubhala incwadi mayelana nezinyathelo ezithathiwe, kanye nezizathu zalezo zinyathelo; futhi c kumele yazise umhlinzeki wonakekelo lwezempilo othintekayo ngokubhala incwadi, mayelana nezinyathelo azithathile, kanye nezizathu zalezo zinyathelo.
Sesifundazwe esibhekele ezezimali.
a noMthetho Wokuziphatha wezinhlangano zezempilo ezihlinzeka usizo lonakekelo lwezempilo esifundazweni; kanye b noMthetho Wokuziphatha wamalungu nabasebenzi babahlinzeki bosizo lonakekelo lwezempilo, izibhedlela, imitholampilo kanye nezinye izindawo ezihlinzeka usizo lonakekelo lwezempilo olulodwa noma ngaphezulu esifundazweni.
Umthethonqubo noma isaziso okukhulunywe ngaso esigatshaneni 1 kumele sidingidwe esishayamthetho SeSifundazwe zingakapheli izinsuku eziyi-14 ngemva kokushicilelwa kwiGazethi uma isishayamthetho sihleli, noma zingakapheli izinsuku eziyi-14 ngemva kokuqala ukuhlala kwesishayamthetho okulandelayo.
ILungu Lesigungu Esilawulayo Sesifundazwe kungadingeka libhekane nokukhokhela noma yini elahlakele noma ngumuphi umuntu, irnikhakha yabantu, inhlangano yonakekelo lwezempilo kanye nanoma yisiphi isikhungo ezimweni ezitholakala ziwubudedengu, ukuyekelela noma ukunganaki koMnyango ngenkathi kuqhutshwa imisebenzi noma kwenziwa imisebenzi enqunywe yilo Mthetho.
Irnithetho ebalulwe eshedulini 1 iyacinywa lapha kufinyelela ezingeni elivezwe ohlwini lwesibili lwaleyo Sheduli.
Lo Mthetho uyoqala ukusebenza ngosuku oyoshicilelwa ngalo kwiGazethi.
Lo Mthetho uyobizwa ngokuthi ~Mthethosivivinyo Wonakekelo Lwezempilo, 2007.
Wezempilo, 2000 UMthetho Nombolo.
