Gwema ukusondelana nabantu okungenzeka ukuthibayagula.
Nciphisa isikhathi osichitha ezindaweni eziminyene.
Zijwayeze imikhuba emihle yezempilo okubandakanyaukulala okwenele, ukudla ukudla okunempilo, uzigcineusesimweni esifanele.
Ngeke ukwazi ukubona umehluko phakathi komkhuhlaneojwayelekile kanye ne-Influenza A (H1N1) ngaphandle kosizolodokotela. Izimpawu ongabona ngazo ziyefana nezomkhuhlaneojwayelekile okubandakanya imfiva, ukukhwehlela, ikhanda, izinhlungu zomzimba, izilonda emphinjeni kanye namafinyilaamaningi emakhaleni. UDokotela wakho kuphela noma(umhlengikazi) kanye nezinsiza-kusebenza ezitholakalaemtholampilo wakho okungakusiza ukuba ube nesiqiniseko sokuthiuphethwe umkhuhlane Influenza A (H1N1) yini?
Hlala ekhaya, ungayi emsebenzini, esikoleni, ungahlangani nabantu abaningi.
Mboza ikhala nomlomo wakho uma ukhwehlela futh uthimula kanti uma usebenzisa amaphepha okusulaukungcola emakhaleni, yenza isiqiniseko sokuthiuyawalahla endaweni efanele.
Cha, Akufanele uyeke, ngaphandle kokuthi uma lowo okunikezaimithi esho njalo. Ucwaningo olwenziwe kwezinye izinhlobozemikhuhlane lutshengisa ukuthi ukuncelisa kuyazivikela izingane kudlulisela enganeni izakhi-mzimba zikamama ezivikelaingane ezifweni kanti kunciphisa inani lezifo ezingadlulelaenganeni. Ukuncelisa kunikeza izingane ukudlaokuphelele kanti kwandisa amandla okulwa nezifo.
Umuntu kufanele afune usizo lwezeMpilo uma ephelelwa umoyanoma ephefumula kanzima, noma ebona iqhubeka imfiva isikhathiesingaphezulu kwezinsuku ezintathu. Abazali abanengane encaneegulayo, kufanele bafune usizo uma ingane iphefumulangokushesha noma iphefumula kanzima, inemfiva eqhubekayo noma ukuqhaqhazela okungalawuleki (seizures).
Lokhu kucophelela kungavikela ozakwenu emsebenzini kanyenabanye nje.
Uma ungazizwa kahle noma unezimpawu zomkhuhlane (influenza), akufanele uvakashe. Uma unokungabaza ngesimo sempilo yakho, kufanele uhlolwe isimo sempilo yilowo ongumhlinzeki wezidingozakho zezempilo.
Hlanza izandla zakho ngensipho namanzi, bese uzomisangokwanele.
Sebenzisa ithawula lokuhlikihla elicwiliswe oketshezini lotshwala besilungu (alcohol-based) uma ungakwazi ukuthola amanzi nensipho.
