Qaphela: 1. Imibhalosifungo eyenziwe ngabanye abantu noma amanye amaphepha okufakazela udaba kufanele kuxhunyelwe kuleli fomu.
Uyakhunjuzwa ukuthi inkantolo yokulingana ingadlulisela loludaba kwenye inkundla noma isigungu. Uma udaba lubuyiselwa emuva enkantolo yokulingana umabhalane wenkantolo uyokwazisa galokho.
Uma isikhala esinikeziwe singanele, thumela imininingwane uyinamathisele kule fomu, usayine wonke awakhasi.
kuNgxenye C: IMINININGWANE KAMMANGALELWA/ABAMANGALELWA lemininigwane elandelayo kufanele inikezwe ngalowo nalowo mmangalelwa.
Uhlobo lwesikhalo: uyacelwa ukuba unikeze imininingwane ephelele, usuku okwenzeka ngalo isehlakalo izehlakalo kanye nemininigwane yabo bonke labo okungenzeka babe ngofakazi.
Izincwadi: Ngakubezikhona yini izincwadi noma amaphepha angafakazela isikhalo sakho isibonelo, isilipho incwadiyeholosokukhokhela impahla, okuphathelene nakho, ukuqoshwa kwezinkulumo record.
Isinxephezelo osifunayo: Sitshele ukuthi ufuna sizo luni. Inkantolo ingakhipa isinqumo sesikhashana, noma inqume ukuba kukhokhwe inhlawulo, noma inqume ukuba ummangalelwa axolise ngokungenambandela noma isiphi esinye isinqumo.
Izimpendulo noma usizo olutholakale kulezo okukhulunywa:ngazo ngasenhla.
Uyakwazi futhi uyakuqonda okuqukethwe kulesisimemezolo esibhaliwe?
Uyaphikisana yini nokuthatha isifungo/ngokufunga njengoba kumisiwe?
Ngabe isifungo esigciniwe usithatha njengesikubophayo kunembeza wakho na?
Ngiyaqinisa ukuthi lona othatha isifungo uvumile ukuthi uyakwazi futhi uyakuqonda okuqukethwe yilesi simemezelo esibhaliwe. Lona othatha isifungo usho lamazwi alandelayo: "ngiyafunga ukuthi lokhu okuqukethwe yilesi simemezelo esibhaliwe kuyiqiniso, inkosi ingisize"/ Ngiqinisile ngiqinisile ngithi lokhu okuqukethwe yilesi simemezelo esibhaliwe kuyiqiniso". Lona othatha isifungo usayinde/wenze uphawu phambi kwami ngikhona.
Amagama nesibongo ngokuphelele...
