UNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo umise lemithethonkambiso ekuloluhlaka ngemva kokuxoxisana noNgqongqoshe wezezimali, ngokulandisa kwesigaba 30 soMthetho wokuQhubekisa ukuLingana nokuVinjelwa koBandlululo olungaLungile wonyaka ka 2000 (uMthetho onguNombolo 4 ka 2000).
Ukufakwa kwesicelo sokuqokwa njengomabhalane okukhulunywa ngakho esigabeni 17 soMthetho kufanele kube ngokubhalwe phansi efomini elicishe lifane neFomu 1 elixhunyelwe kuSixhumelo bese kuthunyelwa kuMqondisi-Jikelele.
izincwadi zobufakazi ezivela kubaqashi ake wabasebenzela lomuntu ofaka isicelo, uma zikhona; kanye namagama, amakheli kanye nezinombolo zocingo zabantu ababili abamaziyo okungakhulunywa nabo ngobunjalo bakhe.
Ukuqashwa kukamabhalane kuncike ekuphothulweni kwezifundo ezithile ezigunyazwe nguMqondisi-Jikelele.
uMqondisi-Jikelele angaqasha umuntu ukuthi abe ngumabhalane isikhathi abangavumelana ngaso bobabili uMqondisi-Jikelele kanye nalowo ofake isicelo, lowo ofake isicelo uyakuba nelungelo lokwamukeliswa isamba esipheleleyo seholo esilingana nesamba esigcwele esamukeliswa omabhalane bezokuphatha kuwo belu uMnyango.
Imibandela yokuqashwa komuntu njengomabhalane ngokuyala kwesigatshana 1 ngenhla iyefana nemibandela yokusebenza esentshenziswa kumuntu oqashwe njengomabhalane wenkantolo ngaphansi koMthetho wabasebenzi boMbuso ka 1994 Isimemezelo esinguNombolo 103 sika 1994.
azise ofakazi ukuthi banelungelo lokuhola imali yofakazi nokuthi aqinisekise ukuthi ufakazi uyasizwa ngalokhu, lapho kudingeka khona; nokuthi enze imisebenzi eyenziwa ngumabhalane wenkantolo yamacala ombango uma kudingekile ukuze kufezwe okumiswe nguMthetho.
Umuntu, inhlangano noma ikhomishana okukhulunywa ngayo esigabeni 20 saloMthetho, ofisa ukubeka udaba esigcawini senkantolo noma ukumangala ngokwaloMthetho, angakwenza lokhu ngokwazisa umabhalane wenkantolo ngenhloso yakhe yokwenza lokhu ngefomu elithi alifane nefomu 2 elixhunyelwe kuSixhumelo.
azise ummangalelwa ngefomu elithi alifane nefomu 3 elixhunyelwe kuSixhumelo, ukuthi umangalelwe; nokuthi anxuse ummangalelwa ukuba alethe ulwazi olubhaliwe okukhulunywa ngalo esigabeni 3 sefomu 3 elixhunyelwe kuSixhumelo zingakapheli izinsuku eziyi-10 kusukela osukwini athola ngalo isaziso leso.
uMabhalane kufanele kuthi zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa emva kokuthola impendulo evela kummangalelwa okukhulunywa ngayo kusigatshana 2 b ngenhla athumele ikhophi noma umfanekiso walempendulo kummangali noma lowo ofake udaba.
Umabhalane kufanele kuthi zingakapheli izinsuku ezintathu emva kokuphela kwesikhathi okukhulunywa ngaso kusigatshana 2 b ngenhla adlulisele udaba kuMquli wodaba presiding officer, yena kufanele kuthi zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa emva kokuthola wonke amaphepha aphathelene nalolodaba, akhiphe isinqumo mayelana nokuthi loludaba luzoqulwa yinkantolo noma luzodluliselwa kwenye inkundla yini.
Uma ngabe uMquli wodaba enquma ukuba udaba luqulwe enkantolo kufanele adlulisele udaba kumabhalane yena okufanele kuthi zingakapheli izinsuku ezintathu emva kokuthola loludaba amise usuku okuzoqulwa ngalo loludaba.
Umabhalane kufanele kuthi emva kokuba esemise usuku okuzoqulwa ngalo udaba, azise ummngali kanye nommangalelwa ngosuku lokuqulwa kodaba ngefomu elithi alifane nalelo elingufomu 4 elixhunyelwe kuSixhumelo.
athumele ikhophi lesiyalelo senkantolo kulabo abathintekayo odabeni; futhi azise/atshele bonke abathintekayo odabeni ngamaphepha athunyelwe kuleyonkundla okukhulunywa ngayo esigabeni a.
Emva kokuba inkundla ezokwethamela udaba isiwatholile amaphepha odaba okukhulunywa ngawo kusigatshana 8 a, leyonkundla kufanele ikhiphe isaziso esibhaliwe yazise bonke abathintekayo kuloludaba kanye nomabhalane wenkantolo ngokuthola kwayo loludaba.
Inkundla okudluliselwe kuyo udaba kufanele kuthi zingakapheli izinsuku ezingu-60 emva kokuthola amaphepha odaba okukhulunywa ngawo kusigatshana 8, ithumele kumabhalane wenkantolo umbiko, ibika ngenqubekelaphambili eseyenziwe kulolodaba.
Uma ngabe lenkundla iphindisela udaba emuva enkantolo, lokhu kubuyiselwa emuva kodaba kufanele kube ngokubhalwe phansi efomini ecishe ifane naleyo esengxenyeni B yefomu 5 kuSixhumelo, inike nezizathu ukuthi yingani udaba lubuyiselwa emuva.
Inkundla kufanele kuthi zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kusukela osukwini olubuyiswe ngalo enkantolo udaba, iyale ukuthi loludaba luzodingidwa kanjani.
Umabhalane kufanele azise labo abathintekayo odabeni ngokushesha ngosuku lokulalela umhlahlandlela okuzoqhutshwa ngawo udaba ngendlela okukhulunywa ngayo esigatshaneni 6.
Sithunyelwe kummangalelwa kumbe sifakwe enkantolo nganoma iyiphi enye indlela engalawulwa uMqudi wodaba.
Isaziso okukhulunywa ngaso kumthethonkambiso 66 kufanele sinikezwe isikhonzi senkantolo noma umabhalane kubo bonke abathintekayo odabeni siqu sabo.
Umuntu ofisa ukuthumela incwadi yokubiza ufakazi ukuba avele phambi kwenkantolo, kufanele kuthi kusasele izinsuku eziyi-14 ngaphambi kosuku lokuphenywa kodaba, acele umabhalane wenkantolo ukuba enze futhi agxobe lencwadi yokubiza ufakazi ngokushesha.
b Incwadi yokubiza ufakazi ekhishiwe kufanele icishe ifane nefomu 6 elikusiXhumelo.
i yisikhonzi senkantolo ngezindleko zakhe; noma ngumuphi omunye umuntu ongaqokwa umabhalane ngesincomo soMquli wodaba.
d Umuntu ohambisa incwadi yokubiza ufakazi kufanele agcwalise ingxenye B yesibili yefomu 6 elixhunyelwe kuSixhumelo.
a Ukuvela phambi kwenkantolo kukafakazi ngokuyala kwenkantolo kwenziwa ngokuthumela yona lencwadi yokubiza ufakazi, egxotshwa ngumabhalane okufanele icishe ifane nefomu 6 elixhunyelwe kuSiXhumelo.
b Incwadi yokubiza ufakazi okukhulunywa ngayo esigatshaneni a kufanele ithunyelwe kufakazi yisikhonzi senkantolo ngezindleko zikahulumeni.
Umuntu obizwe ukuba avele phambi kwenkantolo njengofakazi anganxuswa ukuba aveze izincwadi noma amaphepha athile noma isilandiso statement noma into ethile ehambisana nalolodaba.
a Yilowo nalowo fakazi, ngaphandle komuntu oyisisebenzi sikahulumeni ngokugcwele, obizwe ukuba avele phambi kwenkantolo unelungelo lokukhokhelwa imali emiswe noma enqunywe esigabeni c ngezansi ngokuhambisana nalokho okushiwo esigabeni b.
b UMquli wodaba anganquma ukuthi ufakazi kungabikho mali anikwa yona noma anikwe ingxenye ethile yemali emisiwe.
u-R100 ngosuku noma ingxenye yosuku okudingeka ukuba ufakazi abe senkantolo ngalo; kanye ii nezindleko angazichaza ngokwanelisayo zokuza enkantolo kanye nezindleko zokuthenga ukudla asuke angene kuzo ufakazi ngenxa yokuza enkantolo.
nguhulumeni uma ufakazi lowo ebizelwe enkantolo ngokuyala kwenkantolo noma ebizwe yinkantolo; noma umuntu ocele ukuba kubizwe lowofakazi noma zikhokhwe niengokuyala koMquli wodaba.
i isinqumo leso sizothunyelwa enkantolo ePhakeme High Court ukuthi siyoqinisekiswa; nokuthi ii unelungelo lokuthumela kumabhalane wenkantolo isilandisostatement noma amaphuzu okuphikisa argument zingakapheli izinsuku ezintathu emva kokuba ethole isaziso; nokuthi athumele kunobhala wenkantolo ePhakeme, okuqoshwe phansi ekulalelweni kodaba enkantolo noma ikhophi / umfanekiso walokhu oqinisekisiwe certified ngumabhalane kanye nanoma isiphi isilandisostatement noma amaphuzu okuphikisa athunyelwe ngummangalelwa ngokuyala kwesigaba a ii.
uNobhala wenkantolo kufanele ethule phambi koMahluleli weNkantolo, ePhakeme konke okuqoshwe phansi ekudingidweni kodaba okukhulunywa ngalo kusigatshana 1 ngenhla ukuze kuwaqinisekiswe.
Ukuphenywa kodaba kufanele kwenziwe ngokushesha nangendlela ezokhuthaza ukukhululeka kwalabo abathintekayo ukuze babambe iqhaza ngokukhululeka.
Imithethonkambiso elawula ukuqhutshwa kwaloluphenyo kufanele ihunyushwe ngendlela eyenza kube lula ukulandela imigomo engumhlahlandlela okukhulunywa ngayo esigabeni 4 saloMthetho.
Ukuqhutshwa kodaba kufanele uma kungenzeka kwenziwe ngendlela ezokwenza lula ukuba abathintekayo babambe iqhaza.
umbhalo lo obhalwe ngezimpawu noma ukubhalwa ngokugcwele kwawo noma ukuqoshwa ngomshini kokulalelwa kodaba noma ukubhalwa kabusha kwakho kufanele kuqinisekiswe certified njengokuyikho true notes ukubhalwa ngokugcwele okuyikho, umlando oyiwo, emva kwalokho kuyothathwa njengomlando owenzeke ekulalelweni kodaba futhi kuthathwa njengomlando wenkantolo yamacala ombango.
a Ngosuku olunqunywe ngumabhalane wenkantolo okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 6 5, uMquli wodaba kufanele alalele udaba ngenhloso yokuxazulula inqubo ezolandelwa nokuphathwa kwalolophenyo.
b Ekulalelweni kodaba ngenhloso yokumisa inqubo ezolandelwa uMquli wodaba kufanele ayale noma ahlahle indlela mayelana nokuqhutshwa kodaba ngendlela ayibona ifanele.
ukwethula ubufakazi, kumbandakanya nokuthi ubufakazi bukafakazi ophambili kufanele bunikwe ngomlomo noma ngombhalosifungo noma ngazo zombili lezizindlela.
Umquli wodaba kufanele alandele umthetho ongamele (ohlahla) inqubo enkantolo lapho udaba lufakwe khona lokhu akwenze ngokuvumela izinguquko ezifanele enqubweni ngenhloso yokwengeza lokhu okushiwo yilomthethonkambiso lapho kufanele khona, kodwa ngokulandela izimfuno zobulungiswa futhi uma kungekho ozokhinyabezeka ilokho; angagudluka ekusebenziseni lenqubo emva kokulalela imibono nezimvo zalobo abathintekayo odabeni.
azise lowo muntu ngelungelo lakhe lokumelwa ngummeli azikhethele yena futhi azomkhokhela yena izindleko zakhe lowo mmeli noma uma engenawo amandla okukhokhela ummeli amtshele ukuthi angafaka isicelo esikhwameni sikahulumeni sosizo kwezomthetho ngokuxhaswa inhlangano elekelela ngokuxhasa abantu abangenawo amandla okuzikhokhela izindleko zommeli Legal Aid Board, noma amchazele ngezinye izinhlangano angathola kuzo usizo lwezomthetho; nokuthi achaze ingqikithi kanye nemiphumela yanoba isiphi isiyalo noma isinqumo esenziwe ngokuyala kwesigatshana b no c.
cc sinesimemezelo esenziwe yilowo muntu esho ukuthi ngokwazi nangokukholwa kwakhe siyiqiniso; nokuthi dd sinesimemezelo lapho esho khona ukuthi usenze lesi silandiso enolwazi lokuthi kungenzeka atholakale enecala uma konke akushilo ekusho ngokuzikhethela ebe enolwazi ukuthi akusilo iqiniso; nokuthi isilandisostatement leso sikhonjiswe omunye othintekayo kuloludaba kusasele okungenani izinsuku eziyisikhombisa ngaphambi kosuku lokuphenywa kodaba.
b Uma ngabe umbhalosifungo owenziwe ngufakazi wamukelwa njengobufakazi enkantolo ngokuyala kwesigaba a futhi uma omunye wabathintekayo ecela ukuba wamukelwe kanjalo, noma uma uMquli wodaba ebona ukuthi kufanele ukuba lowo fakazi abizwe ukuba eze enkantolo ukuze azofakwa imibuzo cross-examine ngesilandisostatement sakhe.
Inkantolo kufanele ngaphambi kokuba kwethulwe ubufakazi ngomlomo, ifungise noma ivumise lowo muntu ukuthi uzokhuluma iqiniso, noma imuphi ufakazi ozovela phambi kwenkantolo njengoba kwenziwa kofakazi abethula ubufakazi enkantolo yamacala obelelesi.
a Noma imuphi umuntu othintekayo odabeni kungathi kulalelwe udaba enkantolo amelwe ngummeli noma ngummeli weNkantolo ephakeme futhi angamelwa yinoma ngumuphi nje omunye umuntu amkhethile.
b Uma ngabe umuntu emelwe ngumuntu ongesiye ummeli noma ummeli weNkantolo ephakeme, uMquli wodaba kufanele uma ebona ukuthi lowo muntu akakulungele ukumela lowo omelwe kulolophenyo, amtshele lona omelwe ngalokhu.
a Omunye othintekayo odabeni angaphonsa imibuzo komunye abhekene naye noma ufakazi obizwe yilowo abhekene naye.
b UMquli wodaba kufanele kuthi uma ebona kufanele, aqiniseke ngamaphuzu athile amayelana nesikhalazo, futhi ukufezekisa lokhu angabuza imibuzo kunoma imuphi umuntu ongufakazi noma kumuntu obizwe njengofakazi nangasiphi isikhathi sokulalelwa kodaba.
UMquli wodaba ngokuzikhethela yena angabiza noma yimuphi umuntu ukuba avele enkantolo njengofakazi kulolo ludaba.
Uma ngabe omunye walabo abathintekayo odabeni, kusaqhubeka ukulalelwa kodaba, efisa ukuba uMquli wodaba enze isiyalelo okukhulunywa ngaso esisigatshaneni 5 c, kungafakwa isicelo esiphuthumayo emva kokwazisa abanye abathintekayo kuloludaba kanye nenkantolo.
UMquli wodaba angahlehlisa uphenyo uma kuphoqelekile.
Ummangali angahoxisa isimangalo noma isikhalazo sakhe uma efisa, ngokuthumela isaziso esibhaliwe kummangalelwa kanye nomabhalane wenkantolo.
Emva kokuthola lesisaziso yinkantolo, isikhalazo sithathwa njengesesihoxisiwe uma uMquli wodaba anelisiwe ukuthi ukuhoxiswa kwenziwe ngokukhululeka nangokuzikhethela uma ummangali engamelwe ngummeli noma ngummeli weNkantolo ephakeme.
Akukho mali ekhokhelwa inkantolo mayelana nokufaka isimangalo noma ukumangala enkantolo.
Lowo nalowo othintekayo odabeni uyazikhokhela izindleko zakhe ngaphandle nje uma uMquli wodaba enquma ngokunye.
chitha leso sikhalazo/loludaba; futhi akhiphe isinqumo sokuthi ummangali akakhokhe izindleko zikammangalelwa, b Umabhalane kufanele kuthi lapho kuchithwa isikhalazo/isimangalo noma kukhishwa isinqumo okukhulunywa ngaso esigabeni a ngenhla akhiphe isaziso esibhaliwe azise ummangali ngalokhu.
nquma ukuthi ukulalelwa kodaba kuqhubeke nakuba ummangalelwa engekho; futhi anganquma ukuthi ummangalelwa akhokhe izindleko zikammangali.
b Umabhalane kufanele kuthi uma kukhishwe isinqumo okukhulunywa ngaso esigabeni a i noma ii athumele isaziso esibhaliwe kummangalelwa amazise ngalokhu.
akumele abe yisikhulu sezombusazwe; futhi engaqashiwe ngokuphelele noma engesiso isisebenzi sombuso/sikahulumeni ngokugcwele.
ukuthi umphakathi wonkana noma umphakathi othile uyathinteka yini noma ungazuza okuthile ekuxazululweni kwaloludaba; noma iluphi olunye udaba noma isimo abona ukuthi siyinkomba yokuthi kufanele kubizwe umsizi noma abasizi.
Mina (igama ngokuphelele) ngiyafunga/ngiqinisile ngithi uma kwenzeka ngibizwa ukuzokwenza umsebenzi wokuba umsizi ngokuyala kwesigaba 22 soMthetho wokuQhubekisa ukuLingana nokuVinjelwa koBandlululo olungaLungile ka 2000 (uMthetho onguNombolo 4 ka 2000), ngakho konke okusemandleni ami ngiyonikeza isinqumo esicutshungulisisiwe noma umbono ocutshungulisisiwe ngokobufakazi obunikeziwe kulolodaba
Umsizi kufanele uma ebhekisisa isinqumo esifanele okukhulunywa ngaso esigabeni 21 soMthetho, asize uMquli wodaba ngokumeluleka kuphela.
UMquli wodaba angahlehlisa noma amise okwesikhashana ukulalelwa kodaba noma umbuzo okukhulunywa ngawo esigabeni 22 3 soMthetho futhi kufanele abe yedwa angahlali nabasizi ekulalelweni kwalolodaba noma sekukhishwa isinqumo saloludaba noma umbuzo.
Uma ngabe uMquli wodaba ekhipha isinqumo ngakuyala kwesigaba 22 3 soMthetho kufanele anike izizathu ezenze ukubani akhiphe leso sinqumo.
UMquli wodaba kufanele ngaphambi kokuba kunqunywe ukuthi kube khona ubandlululo olungalungile, inkulumo enenzondo, ukuhlukunyezwa/ukuhlushwa noma yikuphi okuthintekayo, achazele umsizi ngemithetho ethile yobufakazi noma yini enye ebalulekile mayelana nobufakazi obunikwe inkantolo.
Umabhalane kufanele ngenhloso yesigaba 22 6 b soMthetho noma yingayiphi indlela ayibona ifanele athumele izizathu zoMquli wodaba kanye nalokho okuqoshiwe ekulalelweni kodaba enkantolo yokwedlulisela amacala eqondene.
kunezizathu ezizwakalayo ezenza kukholakale ukuba kungenzeka kube nokuphambana kwezinhloso ngenxa yokuba khona komsizi kulokho kulalelwa kodaba; noma kunezizathu ezizwakalayo ezenza kukholakale ukuthi kungaba nokuchema noma ukuyengeka ngasohlangothini lomsizi.
Umsizi naye angazicelela ngokwakhe ukuba aphume ekulalelweni noma ashiye ukulalelwa kodaba oluthile ngezizathu okukhulunywa ngazo esigatshaneni 1 ngenhla.
a Lowo ongacelanga ukuba kukhishwe umsizi ekulalelweni kodaba kufanele kuthi ngaphambi kokuba kukhishwe isinqumo sokuba umsizi akhishwe ngokuyala kwesigatshana 1 ngenhla, anikwe ithuba lokwethula ukuphikisa kwakhe lokhu phambi koMquli wodaba.
Labo abathintekayo kufanele uma kwenzeka ngaphambi kokuba kukhishwe umsizi ngokuyala kwesigatshana 2 banikwe ithuba lokwethula phambi koMquli wodaba amaphuzu okuphikisa kwabo mayelana nalokhu kukhishwa komsizi.
Lomsizi okhishwayo kufanele anikezwe ithuba lokuba aziphendulele kuleyo mpikiswano okukhulunywa ngayo kusigatshana 3, kanti uMquli wodaba yena angaphonsa imibuzo ayibona ifanele kumsizi lowo mayelana naloludaba lokukhishwa kwakhe.
UMquli wodaba kufanele anikeze izizathu ezenze ukuba athathe isinqumo okukhulunywa ngaso kusigatshana 1.
Umsizi ongaqashiwe nguhulumeni, mayelana nokwethamela njengomsizi ukulalelwa kodaba angakhokhelwa imali yokumbonga engamashumi amabili amarandi ngehora noma akhokhelwe leyomali ngengxenye yehora engaphezu kwemizuzu eyishumi nesinhlanu.
Isikhathi angakhokhelwa sona umsizi singabalwa kusukela esikhathini lapho kudingeka ukuba abe senkantolo noma ngesikhathi efika enkantolo, noma ikuphi okwenzeka kamuva, kuze kufike isikhathi lapho evunyelwa ukuba aphume enkantolo noma inkantolo ihlehlisa noma imisa udaba okwalolosuku, noma ikuphi okwenzeka kuqala.
Umuntu ofisa ukudlulisa udaba noma ukuphikisa isinqumo esenziwe yinkantolo ngaphansi kwesigaba 23 soMthetho kufanele kuthi zingakapheli izinsuku eziyi-14 kusukela osukwini esikhishwe ngalo isinqumo leso, alethe kumabhalane wenkantolo kanye nakummangali noma ummangalelwa, kuya ngokuthi ubani odlulisa udaba, isaziso sokwedlulisa udaba.
sibeke kucace amaphuzu atholakele noma umthetho okwedluliswa udaba ngenxa yawo; nokuthi uma kudingekile, sibeke kucace isinqumo noma ingxenye yesinqumo okwadluliswa udaba ngaso kanye nezizathu okwedluliswa udaba phezu kwazo.
Ukwedluliswa kodaba okuphikisana nalokhu cross appeal kungenziwa kuthunyelwe zingakapheli izinsuku eziyi-15 emva kokunikezwa kwesaziso sokudluliswa kodaba kumabhalane kanye nommangali noma ummangalelwa kuya ngokuthi ubani oqale ukwedlulisa udaba.
Ukwedluliswa kodaba okuphikisayo nakho kufanele kufeze/kugcine izidingo okukhulunywa ngazo kusigatshana 2.
izizathu ezenza ukuthi athole amaphuzu athile abalulwe kusaziso sokwedluliswa ukuthi yiwona okwedluliswa udaba ngawo;kanye iii nezizathu zakhe zokukhipha isinqumo ngokomthetho noma ukwamukela noma ukungavunyelwa kobufakazi obuthile obubalulwe njengokwedluliswa kodaba ngenxa yakho.
a Umabhalane wenkantolo kufanele, ngokungaphikisani nokushiwo yisigatshana 5 b ngenhla uma ngabe ukulalelwa kodaba kwabhalwa phansi noma kwaqoshwa ngokubhalwa ngezimpawu noma kwaqoshwa ngomshini futhi sekutholakele isaziso sokwedluliswa kodaba, ngale kokuchitha isikhathi ayale ukuba umbhalo-zimpawu noma ukuqoshwa ngomshini kwenqubo yokulalelwa kodaba kubhalwe ngokugcwele.
b Umuntu okunguyena odlulisa udaba nguyena othwala izindleko zokubhala ngokugcwele inqubo yokulalelwa kodaba okukhulunywa ngakho esigabeni a: Ngaphandle kokuthi uma uMquli wodaba anelisekile ukuthi lowo muntu ngeke akwazi ukuthwala izindleko lezo, lezo zindleko noma ingxenye yazo iyokhokhwa nguhulumeni.
a Emva kokuba sekutholakale isaziso sokudluliswa kodaba njengoba kushiwo kusigatshana 1 lokho kwedluliswa kodaba kufanele kuqhutshwe ngokufanayo ngendlela okudluliswa izinqumo zenkantolo kamantshi odabeni lombango kanti izimiso ezimayelana nokuphathwa kokulalelwa kodaba ezinkantolo eziphakeme zendawo noma zesifunda ezihambisana nokwedluliswa kodaba lombango lisuka enkantolo kamantshi, ziyosentshenziswa kulokhu kwedluliswa kodaba, kungaguqulwa lapha nalaphaya uma kudingekile.
b Izimiso ezifanele zeZimiso eZifanayo zeZinkantolo ezimayelana nokwedluliswa kodaba lusuka enkantolo ephakeme luya enkantolo yokwedlulisela amacala ziyosentshenziswa, nalapho kungaguqulwa lapho kufanele khona.
Noma isiphi isilandisostatement esibhaliwe noma amaphuzu okuphikisa anikwe umabhalane wenkantolo yilabo abathintekayo odabeni.
Isilandisostatement esibhaliwe noma amaphuzu okuphikisa okukhulunywa ngawo kusigatshana 1 ngenhla kufanele kunikwe umabhalane wenkantolo yilabo abathintekayo odabeni zingakapheli izinsuku ezintathu emva kokuba seluphothuliwe udaba.
uma ngabe ngokubona kukaNqgongqoshe lelolunga lingasakwazi ukwenza umsebenzi walo wobulunga; noma uma ngabe lelolunga lishiya umsebenzi ngokunika uNgqongqoshe isaziso sezinyanga ezintathu ezibhaliwe.
Leso sikhala kufanele sigcwaliswe ngokushesha ngokulandela okushiwo isigaba 32 soMthetho.
Leso sikhundla esigcwalisiwe sigcwaliswa isikhathi esisasilele kuleso sikhathi esasimisiwe ngaphambi kokuba kuvele lesisikhala.
Ngaphezu kwamandla kanye nomsebenzi okukhulunywa ngawo kuMthetho, isigungu kufanele seluleke uNgqongqoshe ngezinye izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kufezwe izinjongo zesivumelwano sokuQeda Zonke Izinhlobo zokuBandlulula ngokweBala/ngokobuhlanga kanye nesivumelwano sokuqedwa kwalolonke uhlobo lokuBandlululwa kwabesiFazane.
Noma imuphi umuntu oletha ulwazi olungesilo iqiniso ngokulandela okumiswe yilemithethonkambiso unecala futhi kuyothi uma elahlwa yicala aphoqeleke ukuba akhokhe inhlawulo noma ahlale ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyishumi nambili.
