UkuHlolwa okuQhubekayo (CASS) kumele kube yingxenye yokufundisa nokufunda futhi kumele isetshenziswe ezizindeni zokufunda.
Umfundi ngeke anikezwe umphumela uma imaki lakhe leCASS lingekho.
Kumele kuqashelwe ukuthi ifomu yesifungo (Isithasiselo A) kumele igcwaliswe futhi isayindwe ngumfundi neNhloko yesiKhungo bobabili.
INhloko yesiKhungo kumele iqiniseke ukuthi bonke abafundi banemaki leCASS eceleni kwamagama abo ekhasini lamamaki, noma incwadi echazayo uma ngabe alikho imaki elibhaliwe, ngaphambi kokuhambisa amaphothfoliyo kuMsizi we-ABET wesiGodi.
IziNhloko zezikhungo ze-ABET zizohlangana kanye ngenyanga ukuze zizosekelana futhi zizokwabelana ngolwazi olumayelana nekharikhulamu nokuhlolwa.
INhloko yesiKhungo kuzo zonke izikhungo kulindeleke ukuthi ihlanganise umbiko mayelana nendlela ICASS eqhubeka ngayo kuwo wonke ama-learning area bese iwuhambisa lo mbiko kuMsizi we-ABET wesiGodi nyanga zonke.
Abasizi be-ABET besiGodi kumele bahlanganise umbiko we-CASS basebenzise imibiko yeziNhloko zeziKhungo efingqiwe yanyanga zonke kanye nemibiko yoMsizi we-learning area yokuqapha nokusekela njengesisekelo.
Umbiko weCASS ohlangene kumele uhanjiswe nguMsizi we-ABET wesigodi njengoba kukhonjisiwe ohlelweni lokuphatha.
Abafundi abangaqedanga konke okudingekayo mayelana neCASS kufanele banikwe imaki.
Ukudluliselwa kwamamaki kumele kuhlolisiswe ukuze kuqinisekiswe imibhalo eqondile.
INhloko yesiKhungo kanye noMsizi weABET wesiGodi kufanele babone ukuthi ukucubungula ezingeni lesikhungo kwenzeka okungenani kanye ngethemu ukuze baqiniseke ukuthi amazinga kazwelonke nawesifundazwe okucubungula ayagcinwa.
IziNhloko zeziKhungo kumele zihambise amakhophi amakhasi amamaki asebenzayo ukuze babonise inqubekela phambili eyenziwe kwi-learning area ngayinye eyenziwayo ezikhungweni zabo kuMsizi we-ABET wesiGodi ngomhlaka-25 Julayi 2003.
Uhla lwamagama akhethiwe luzothunyelwa ezikhungweni ngomhlaka-14 Agasti 2003.
Ngamakhasi amamaki anamamaki aguquliwe kuphela azobuyiselwa ezikhungweni ukuze azoqinisekiswa. Izikhungo zingafaka izikhalo uma zingeneliswa ngamamaki atholakale uma sekucutshungulwa ngokugcwalisa ifomu yezikhalo (Isithasiselo D). Isikhalo kumele siqondiswe kumsizi we-ABET wesiGodi emasontweni amabili amukelwe amaphothfoliyo.
Ukulinganiswa kuzohambisana nomhlahlandlela wesifundazwe.
Umcubunguli omkhulu kanye nomsizi we-learning area bazokwazisa abacwaningi ngamazinga okucubungula okuvunyelenwe ngawo emhlanganweni wokulinganiswa kokucubungula.
Uma kwenzeka kuba nokuhluka ngokwencazelo phakathi kwale sekhula ehunyushiwe nalena esuselwe kuyo, lena esuselewe kuyo yiyo ezosiqondisa.
