Lumbhubhudlo noma ingxube. Lokhu kunikwa umuntu onezimpawu zeKholera: Faka amathisipuni ayisishagalombili kashukela elitheni yamanzi ahlan-zekile, nohhafu wethisipuni kasawoti. Kugoqoze bese ukunika umuntu ophalazayo nohudayo njengoba lokhu kuqeda amanzi emzimbeni.
Ukubuyisela amanzi emzimbeni kuyadingeka, zonke izinkomba zeKholera kumele umuntu abuyiselwe amanzi emzimbeni ngokushesha.
Ungawashi izingubo ezingcolile noma uvumele abantu badlale, babhukude ezindaweni zamanzi omphakathi njengemifula.
Asebeshonile mabafakwe ebhokisini elivalekile uma besuswa kwenye indawo beya kwenye indawo.
kulala ngamanzi ashisayo anensipho bese ukuneka elangeni kome.
Izimpawu zivela kamumva kwamahora ambalwa kuya ezinsukwini eziyisihlanu.
Ukulimala kwezinso, ukungahambi kahle kwegazi okulandelwa ukufa.
Abantu abangenawo amanzi ahlanzekile njengawasempompini.
Abantu abasebenzisa amanzi akhiwe emfuleni, emadamini noma emapitsini.
Uma amanzi uwakhe emfuleni kumele uwahlanze kuqala ngaphambi kokuwase-benzisa.
Geza izitshalo ngamanzi ahlanziwe noma abilisiwe.
Geza izandla ngaphambi nangemuva kokudla.
Washa izitsha ngamanzi ahlanzekile noma abilisiwe.
Geza izandla uma ubuya endlini yangasese ngaso sonke isikhathi.
Lungisa ugcine ukudla endaweni ehlanze-kile.
Ukudla makuphekwe ngamanzi ahlanzekile futhi kudliwe kusashisa.
Gwema umkhuba wokudlela esitsheni esisodwa kanyekanye.
Ukudla okuphekiwe kumele kungahlangani nokudla okungaphekiwe ngalokho sigwema ukuthelelana kwamagciwane.
Ukulahlwa kwendle makube ngendlela engeke ize inukubeze amanzi njengemifula.
Gwema ukwanda kwezimpukane.
Gwema noma yikuphi ukudla okunukubeze-kile ikakhulukazi ufishi ongaphekiwe noma ophekiwe wangavuthwa. Izitshalo kumele zihlutshwe.
Kuyingozi enkulu ukudla okungaphekiwe.
Ingenye yezindlela zokuqiniseka ukuhlanzeka kwamanzi, ukwengeza ithisipuni eyodwa egcwele kajikhi ku 20-25 litres wamanzi. Linda kuhlangane okungenani amahora amabili ngaphambi kokuphuza amanzi.
Xwayisa abantu abaphatha ukudla ukuba:- Bangakuphathi ukudla uma begula. Bageze izitshalo nezithelo ngamanzi ahlanzekile ngaphambi kokuziseben-zisa. Lungisa ugcine ukudla endaweni ehlanzekile. Pheka ukudla ngokwenele ngamanzi ahlanzekile futhi ukudle kusashisa. Gwema ukuthelelana kwamagciwane-ngokuhlanganisa ukudla okuphekiwe nokungaphekiwe. Gezisisa izandla ngensipho namanzi ngemuva kokuya endlini yangasese/ ngaphambi nangemuva kokulungisa ukudla. Gwema umkhuba wabantu abadla esitsheni esisodwa. Khumbula ukufudumeza ukudla kwan-gayizolo ngaphambi kokudla. Gqugquzela abantu ukuba baseben-zise izipuni uma bedla.
Indlela ephephile yokulungisa ukudla.
