Ukunikeza unakekelo olunothando nozwelo kwabagulayo abalalisiwe nabangalalisiwe sibe sisusela ohlelweni oluphucuzekile lwezempilo, siphinde sisize ekufundiseni, ekubhaliseni, ekuxilongeni, ekwelulekeni kanye nokwedluliswa kweziguli ezidinga ukwelashwa okusezingeni elingaphezulu kwelesibhedlela sethu.
Ukuletha izinguquko namasu amasha okusebenza.
Ukukhuthaza ukusebenza ngokuzimisela nemiklomelo kwabenze kahle.
Ungafinyelela ngokuba ulandele imithetho nemigomo ebekwe uHulumeni oMkhulu yokusebenza kwesibhedlela sesiFunda.
Akudingeki ukuba uze esibhedlela uma wena noma ilungalomndeni wakho ligula. Kungcono ukuqala emtholampilo oseduze, uma udinga usizo ulungaphezulu, umtholampilo uyokwedlulisela kithina.
Uma udinga usizo olungaphansi kolwethu noma oluncane siyokudlulisela emtholampilo uma sewuhloliwe kwatholakala ukuthi unganyangwa emtholampilo..
Igumbi elibhekele abalimele nabagula kakhulu (Casualty) liphakathi e-OPD, lihlala livuliwe amahora angu-24 izinsuku eziyisikhombisa ngesonto (7 days).
Igumbi leziguli zangaphandle i-OPD lisebenza kusuka ngo 08h00 kuya ku 17h00 ntambama izinsuku ezinhlanu zesonto.
