Isivumelwane saseKhartoum sika-1988 sabeka sathi: "Ngoba umuntu uyisizinda sayo yonke intuthuko, isimo senhlalo yomuntu kuphela kwendlela okungakalwa ngayo intuthuko. Ukuthuthukiswa kwaleyo nhlalo yabantu kubaluleke kakhulu kulabo abampofu nababuthaka, okuyibona bantu abaningi kakhulu e-Afrika. Amadoda namakhosikazi ase-Afrika yibona bantu okumele baqinisekise futhi kuqiniswe ngabo nanoma yiluphi uhlelo lwentuthuko."
Ingu-18 iminyaka eseyadlula kwasayindwa lesi sivumelwano sisayindwa ngamadoda namakhosikazi eyethweswe umthwalo wokuthuthukisa impilo yabantu, kodwa kuze kube manje awukapheli omkhulukazi umsebenzi wokuhlonipha isizotha sabantu ngokubalethela usizo lwezempilo.
Sihlalo Ohloniphekile, ngivumele ke ngithi ukuzindla kancane. Ngiswele imilomo yokubonga amazwi enduduzo nokwesekwa engakuthola kumalunga alesi siiShayamthetho nakubantu abaningi kulesi sifundazwe sethu nabangaphandle kwaso ngenkathi ngisibekelwe yifu elimnyama. Kulo nyaka ophelile kwashona umshana wami engangimkhonze kakhulu engozini yemoto, kwalandela ubaba ezinyangeni ezimbalwa ngemva kwalokho. Ukudlula kwabo emhlabeni kwangiphuca uthando nokwesekelwa okwabe kungumgogodla wempilo yami.
NgoMasingana nonyaka kwashona indodana yami uMonde ngokukhulu ukuzuma. Ukudlula kwakhe emhlabeni kwangihlukumeza kakhulu. UMonde wabe eyilokhu okudingwa yizwe lethu kakhulu, okuyisizukulwane esisha sabaholi abazosihola kuleli khulunyaka nakwelizayo. Ukungisingatha nokungidudza kwenu kwangisiza ngakwazi ukumelana naleso sikhathi esinzima. Angazi ngangizoba yini ngaphandle kwenu. Nisikhumbuze sonke ukuthi nakuba iminigi imiqansa ezimpilweni zethu niyolokhu nikhona ukusesekela, okuyinto esenza sicabange ubuntu. Kini nonke ngiyabonga kakhulu.
Baba Sihlalo Ohloniphekile, manene namanenekazi, ngivumeleni-ke le nkulumo ngiyethule egameni labo bobathathu laba engangibakhonze kakhulu. Ngivumeleni futhi le nkulumo ngiyethule egameni labo bonke abasebenzi bomNyango wezeMpilo abasishiyile onyakeni owedlule nakuwo lo kuze kube namuhla. Ngifisa ukuthatha leli thuba ngidlulise ukuzwelana nemindeni yabo nabangani babo ngokushiywa zithandwa zabo. NjengomNyango kusikhahlemeza kakhulu ukushiywa ngabasebenzi, ikakhulukazi ngoba sidinga ithimba eliqinile ukuze sikwazi ukulwa nezifo nobubha.
Mhla zingu-7 kwephezulu sagubha uSuku loMhlaba lwezeMpilo. Ingqikithi yanonyaka ithi "Sisebenzela impilo ngokubambisana". Kulokhu sasibungaza sihlonipha iqhaza labasebenzi bezeMpilo, saphinde sazindla ngezinkinga ezibhekene nabasebenzi bezempilo umhlaba wonke. Lo msebenzi uwuhlobo lomsebenzi oludinga abantu abaningi, ngakho kubaluleke kakhulu ukuthi sibe namasu, hhayi okuthola abasebenzi nje kuphela, kodwa okugcina labo basebenzi bekhuthazekile, bethuthuka futhi besekelwa emsebenzini wabo. Kulo nyaka sizoqinisa uhlelo lwethu lokunakekela impilo yabasebenzi siqale nezinhlelo ezizoqinisekisa ukuthi abasebenzi bomNyango wethu bahlala befunda njalo ukuze lo mNyango ube yindawo okuhlalwe kufundwa, kuthuthukwa kuyo.
Njengengxenye yohlelo olwaqala nyakenye lokuhlela umNyango wethu kabusha, kuthe ekuqaleni kwalo nyaka kwaqashwa ithimba lezikhulu eziphezulu eliholwa nguDkt Busi Nyembezi, othathe izintambo kuSolwazi Green-Thompson, obesehole lo mNyango iminyaka elishumi nesigamu. Sifisa ukumbonga kakhulu uSolwazi Green-Thompson ngeqhaza alibamba ekuletheni usizo lwezepilo esifundazweni sethu. Simfisela okuhle kodwa emsebenzini wakhe omusha njengomeluleki kaNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke. Ithimba elisha labaphathi lizosebenzela phezu kwesisekelo esesibekiwe ukuze umsebenzi wezempilo ubekwe ezingeni eliphezulu sikwenza lokhu ngokulwa nezifo, ukulwa nobubha nokunika ithemba kubantu.
Kulo nyaka sizosungula uhlelo lokuguqula ezempilo, iHealth Service Transformation Plan, esizosebenza ngayo kuze kube unyaka ka-2014. Lolu hlelo siqonde ngalo ukuqinisekisa ukuthi ezempilo zilethwa ngendlela elinganayo phathi kwezifunda ezehlukene nangaphakathi esifundeni ngasinye. Ngalolu hlelo futhi usizo lwezempilo kumele luhambelane nezidingo zabantu, lube sezingeni eliphezulu futhi lubize kahle. Uhlelo lolu kuzomele futhi lubhekane nenkinga yokushoda kwabasebenzi bezempilo ngokusebenzisa uhlelo lukazwelonke lwabasebenzi bezempilo olwethulwa ngokusemthethweni ngoSuku Lomhlaba lweZempilo nguNgqongqoshe wezeMpilo. Lolu wuhlelo olubaluleke kakhulu ngoba ukushoda kwabasebenzi kwenza singakwazi ukufeza izinhloso zamaMillenium Development Goals nokufeza izidingo zabantu emazingeni aphansi. Okubaluleke kakhulu wukuqiniskisa ukuthi uhlelo lolu luyasetshenziswa. NjengomNyango nonyaka sizoqala sihlole izindlela ezintsha zokuthola, ukuthuthukisa ukuklomelisa nokukhuthaza abasebenzi.
Umbiko owaziwa ngele-Wealth Report 2006 ubalule ukuthi isifunda saseMelika seNhlangano Yomhlaba yezeMpilo esino-10% wezifo sino-37% wabasebenzi bezempilo bomhlaba kanti sisebenzisa u-50% wayo yonke imali efakwa kwezempilo emhlabeni, kuthi isifunda sase-Afrika sona esino-24% wezifo, sino-3% wabasebenzi, kanti sisebenzisa u-1% wemali yezempilo emhlabeni. Umbiko lo uqhuba uthi ukufuduka kwabasebenzi bezempilo abanamakhono kube kunezidingo ezinqala zezempilo kwenza i-Afrika kube yiyo eshayeka kanzima ngenxa yokushoda kwabasebenzi bezempilo.
Ukufinyelela osizweni lwezempilo kubaluleke kakhulu ekwenzeni ngcono impilo yabantu. Ukuze sifeze umgomo womNyango wethu - owukwethula uhlelo lwezempilo olungenakhawulo, oluhlangene noluyinhlanganisela sisebenzisa indlela yezempilo zezinga lokuqala kuzo zonke izifunda - sizosiza umphakathi ukuthi ufinyelele osizweni lwezempilo ngokuthenga imitholampilo engomahambanendlwana engu-75, sakhe imitholampilo engu-30 nemitholampilo emikhulu emithathu kulo nyaka wezemali. Ukuze sithuthukise usizo lwezinga lokuqala, onompilo bazoqeqeshwa kabusha futhi bandiswe ukuze sikwazi ukubhekana nomthwalo wezifo. Ukuphathwa kwezempilo ezingeni lokuqala kuzobhekwa kabusha futhi kuqiniswe.
Sizobheka kabusha imigomo yethu yokusabalalisa abasebenzi abasanda kuqeda izifundo zabo abangaphansi kohlelo lokusebenza emphakathi, kanjalo nalabo abebekade befunda ngemifundaze yomNyango wethu. Lokhu sihlose ngakho ukuthi kube nobulungiswa kulokhu kusatshalaliswa nanokuthi sonke isifundazwe Sithole ukusizakala. Ukukhipha kwethu imifundaze siyinike abafundi abampofu kwenza omkhulu umehluko kanti sizoqhubeka nalokhu.
Baba Sihlalo Ohloniphekile, sizophinde sikhombise ukuzinikela kwethu ekuthini abantu bafinyelele osizweni lokwelashwa ngokuqhubeka nokuqinisa uhlelo lwethu lokuthutha iziguli okuhleliwe, oluthutha iziguli zisuka esibhedlela ziya kwesinye, noma zisuka emitholampilo ziya ezibhedlela. Ngo-2004/2005 sathutha iziguli ezingu-99,792 kwathi ngo-2005/2006 lesi sibalo sakhula saya ku-272 800. Nonyaka sizimisele ukuthenga amanye amabhasi angu-22 okuthutha iziguli.
Baba Sihlalo Ohloniphekile, enkulumweni yakhe yononyaka yesifundazwe, uNdunankulu wesifundazwe sethu uMhlonishwa uDkt Sbu Ndebele wath kumele sisebenze ngokuzikhandla ukuletha izinsiza kuso sonke isifundazwe, ukuze siqinisekise ukuthi izivakashi ezihehwa wubuhle besifundazwe sethu kanjalo nemiphakathi yethu bathola usizo lokwelashwa ngokushesha. Ukuze senze lokhu siluqinisile uhlelo lwethu losizo oluphuthumayo ngokuthenga ama-ambulensi amasha naqinile azokwazi ukubhekana nesimo semigwaqo yakuleli. Kulo nyaka wezimali sizothenga ama-ambulensi angu-150 kanye nezimoto zokuwalekelela ezingu-87.
Iqophelo losizo lokwelashwa olunikwa abantu ngenye yezindlela okukalwa ngayo indlela uhlelo lwezempilo olusebenza ngayo futhi liba nomthelela ekuphileni kwabantu. Kule minyaka edlule isifundazwe sethu besiphezu komkhankaso wokuphucula iqophelo losizo olunikwa abantu ezibhedlela.
Sithe uma siwuhlola lo mkhankaso sibheka ukuthi uwenzile yini umehluko sanquma ukuba sisebenzise uhlelo oluzosebenza kuwo wonke amazinga ukuze kube neqophelo eliphenzulu kuyo yonke imikhakha, hhayi ezibhedlela nje kuphela. Okuzoba wumgogodla walolu hlelo wukuphathwa kwendlela yokwelapha, imigomo yeBatho Pele, uSomqulu wamaLungelo eziGuli, kanye noSomqulu wethu.
Ububha buwumsuka wokwanda kwezifo emiphakathini. UMongameli Wezwe, uMhlonishwa uMnuz Thabo Mbeki, wayibeka yacaca indaba yohlelo lwenqubekela-phambili nentuthuko ngenkathi ethi: "Nakuba kumele sikujabulele ukuthi abantu bakuleli babuka izwe lethu njengezwe eselingene shi esikhathini sethemba, kumele sikunake futhi ukuthi leli themba lisho ukuthini kubantu uma siza kulokho okumele sikwenze ukuletha izidingo zentuthuko ukuze sifezekise iphupho lempilo engcono kumuntu wonke. Kumele senze konke okusemandleni ethu ukuze ithemba labantu kungabi yithemba leze." NjengoMnyango sihlala sizikhumbuza njalo ukuthi "impilo ayisho nje ukungabi khona kwezifo kodwa isho ukuphila ngokugcwele emzimbeni, enhlalweni nasengqondweni" yingakho sizibophezela ekulweni nezifo, ekulweni nobubha kanye nasekunikezeni ithemba.
Njengazo zonke izindawo zabantu abampofu emazweni asathuthuka, isifundazwe sethu sibhekene nenselelo yezifo ezithathelanayo. Emasontweni ambalwa edlule kwesinye sezibhedlela zethu eThekwini selaphe ngempumelelo isiguli ebesiphethwe yiCongo Fever. Nonyaka kwesinye sezibhedlela zethu eMgungundlovu sizokwakha igumbi lokufaka iziguli okumele zingahlali nezinye ukuze sikwzi ukubhekana nenselelo yalezo zifo ezibucayi ezithathelenayo.
Sizoqhubeka nokusebenzisa uhlelo lwethu oludidiyele lokulwa nengculazi negciwane layo. Uhlelo lwethu lokuthuthukisa impilo yentsha luzoqiniswa ngoba sikholwa wukuthi kulapha lapho singenza khona umehluko obonakalayo ekunqandeni izifo. Sizoqinisa futhi izinhlelo zethu zokunika abantu usizo besemakhaya. Isiningi inqubekelaphambili ohlelweni lwethu lokukhipha imishanguzo yengculazi. Selusebenza ngokugcwele lolu hlelo ezikhungweni ezingu-53 kwezingu-55 ezaziqagulwe njengezingayisabalalisa le mishanguzo. Lezi ezinye ezimbili izikhungo zisebenza ngokuhlanganyela nezinye ezakhelene nazo. Lokhu kusho ukuthi imishanguzo iyatholaka kuzo zonke izibhedlela nakuzo zonke izifunda esifundazweni sethu. Ukuqhubeka kwethu nokuqeqesha abasebenzi nokusabalalisa lolu hlelo nasemitholampilo kuzoqinisekisa ukuthi iba lula ngokwengeziwe indlela yokufinyelela kule mishanguzo.
Uhlelo lwethu lokuvikela ukuthi igciwane lesandulela-ngculazi lingangeni enganeni lisuka kumama luzohlanganiswa nohlelo lwethu olubhekele impilo yomama nabantwana.
Nangaphezu kwalokhu, kunezinye izikhungo ezingu-58 ezingekho ezizindeni zezempilo ezinikezela ngalo lolu sizo lokweluleka nokuhlola isandulela-ngculazi. Lolu hlelo yilo okufikela kulo labo abazongena ohlelweni lokuvimba ukuba ingculazi ingangeni emntwaneni isuka kumama, nalabo abazongena ohlelweni lwemishanguzo yengculazi.
Emhlanganweni woNgqongqoshe bezeMpilo base-Afrika owawubanjelwe eMaputo nyakenye isifo sofuba saqagulwa njengesifo esibucayi nesiyinkinga okumele ixazululwe ngokushesha. Kulo nyaka nathi sizosifakela izibuko lesi sifo. NgoSuku lweSifo soFuba, olwalungomhlaka-24 kuNdasa uNgqongqoshe wezeMpilo wethula uhlelo lukazwelonke lokulwa nalesi sifo.
Njengesifundazwe esinabantu abaningi nesinamazinga aphezulu obubha sisengozini enkulu yesifo sofuba, ikakhulukazi njengoba lesi sifo sanda kalula lapho kunobuphofu khona. ITheku, uMgungundlovu, uThungulu noMzinyathi yizona zifunda ezikhahlamezwe kakhulu yisifo sofuba.
Ukulwa nezifo imali ebesiyibekele ukubhekana nesifo sofuba sesiyengeze ngo-R30 million. Le mali izosisiza ukuthi siqashe abantu abangu-240 abazolekelela ekulweni nalesi sifo. Ngalokhu sihlose ukuthi isibalo sabantu abelashwa siphele nya lesi sifo sikhule sisuke ku-35% siye ku-50%, sehlise futhi nesibalo sabantu abangayiqedi imithi yabo sisuke ku-16% siye ku-14% ungakashayi uNdasa wonyaka ozayo.
Sesenyukile isibalo salabo abanesifo sofuba esingelapheki kalula, i-Multi Drug Resistant TB, okuyinto eyenziwa wukuthi iziguli zingayiqedi imithi yesifo sofuba ebeziyinikiwe. Imithi yesifo sofuba kumele idliwe kuze kuphele okungenani izinyanga eziyisithupha, okuyinto engelula uma isiguli singenako ukwesekelwa. Nangaphezu kwalokhu, iningi leziguli zethi limpofu, okwenza zidle imithi yazo zingatholanga lutho oluya ethunjini, nokuyinto eziphatha kabuhlungwana emzimbeni, bese-ke zivele ziyiyeka imithi.
Ukwelapha isiguli esinesifo sofuba izinyanga eziyisithupha kubiza cishe u-R400 kanti ukwelapha isiguli esesinesifo sofuba lesi okungelula ukuselapha khona kubiza u-R24 000. Kuyacaca-ke ukuthi kumele siluqinise impela uhlelo lokulwa nasifo sofuba ukuze kungaze kwande isibalo sabantu abanalolu hlobo olunenkani lwelesi sifo.
Ukuze selekelele iziguli zethu futhi siqinisekise ukuthi usizo lwethu ludidiyele yonke imikhakha sizonikeza izakhimzimba ukuze sisimamise iziguli ezibuthaka ezelashelwa isifo sofuba nalezi ezidla imishanguzo yengculazi.
Sizoqhubeka nokuqinisa uhlelo lwethu lokubhekela impilo yomama nabantwana. Iningi lezingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu zitholakala ezifundeni zaseMkhanyakude, eMzinyathi naseZululand, okuyizona zifunda ezimpofu ukwedlula ezinye esifundazweni sethu. Siyazi ukuthi phakathi kokunye ububha benza izingane zingakhuli ngendlela futhi zingondleki kahle. KwaZulu-Natal isibalo esingu-38% wezingane ezingaphansi kweminyaka eyisithupha azinawo kahle u-Vitamin A emizimbeni yazo kanti amaphesenti angu-18½ ezingane ezingaphansi kweminyaka engu-9 azikhuli kahle. Izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu nazo zizothola izakhimzimba, ezibandakanya no-Vitamin A, ngoba zibuthaka. Enye yezinjongo zethu ezinqala eminyakeni ezayo kuzoba wukuqinisekisa ukuthi bonke ababuthaka bayondleka.
Sifisa ukuphinde sibalule lokho esakusho nyakenye ukuthi ukugula kuhambisana nobubha, ngakho abantu basemazweni asathuthuka bahlala ngokungaphili uma beqhathaniswa nalabo basemazweni asethuthukile ngoba ububha buletha izifo, kanti nezifo futhi zandisa ububha. Yingako sizibophezele ekulweni izifo nobubha.
Ukuqinisa izinhlelo zokunakekela omama nabantwana kuzokwenza sikwazi ukufeza ama-Millenuim Development Goals okuthi ungakashayi unyaka ka-2015 sehlise ngokubili kokuthathu ukufa kwabantwana abangaphansi kweminyaka emihlanu sehlisa futhi ngamakota amathathu ukufa komama.
Izifo ezingathathelani nezifo ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo (njengesifo somfutho ophezulu wegazi, ukufa kohlangothi, izifo zenhliziyo noshukela) ziphakathi kwezinto eziyishumi eziseqhulwini kwezibulala abantu esifundazweni sethu. Ukulungisa lesi simo sizoqinisa uhlelo lokukhuthaza abantu ukuba bazigcine bephilile. Lokhu sizokwenza ngaphakathi emNyangweni nasemiphakathini.
Uhlelo lwethu lokunakekela abasebenzi kanye nalolo olukhuthaza abantu ukuba bazigcine bephilile zizoqiniswa nonyaka ukuze sigqugquzele ukuziphatha ngendlela enempilo nokushintsha izinto ezikhubaza impilo.
Ukunakekelwa komkhulu nogogo kuzoqhubeka kube yinto ebalulekile. Sizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi imithi yezifo ezingamahlalakhona iyatholakala emitholampilo yethu. Sizokwenyusa izinga lokuhlinzwa kolwelwesi emehlweni kanye nezinye izinhlelo zokusiza abangaboni kahle emehlweni.
Ukuze senyuse izinga lokusizwa kwalabo abanokukhubazeka sizokwenza ukuba kufinyeleleke kalula kulezi zinhlelo, senyuse nezinga lokuqeqeshwa kwabasebenzi futhi siqinisekise ukuthi kunobulungiswa ekusatshalalisweni kwalezi zinhlelo.
Baba Sihlalo Ohloniphekile, sizoqinisekisa ukuthi uhlelo lokwelapha abagula ngengqondo luhlanganiswa nohlelo lokwelapha lwezifunda, siqale futhi nezindlela zokulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa ezingeni lokuqala lokwelapha.
Ukuze silwe nezifo ezithathelanayo nezingathathelani sidinga ukubambisana okuphusile nomphakathi. NgoNdasa sibe nomhlangano namalungu amabhodi ezibhedlela nawamakomiti emitholampilo njengesiqalo sokuthuthukisa ukubambisana nalabo esisebenzisana nabo. Nonyaka sizowaqinisa impela amaxhama okusebenzisana nemiphakathi ukuletha usizo lwzempilo. Sizobheka futhi izindlela zokuqinisia ubudlelwano obuzoba nemiphumela phakathi kwethu nezinkampani ezizimela kanye nezikhungo zemfundo ephakeme.
Nyakenye sabika khona lapha ukuthi ukuze silwe nobubha nendlala sizothenga ezinkampanini ezithize ezinye zezidingo zomNyango. Saphinde sathi sizohlola uhlelo lokuthungwa kwamakhethini ethungwa ngama co-operatives ezibhedlela ezine, okuyiMadadeni esifundeni saseMajuba, iNgwelezane oThungulu, i-Edendale eMgungundlovu nePrince Mshiyeni eThekwini. Lolu hlelo luhambe kahle kakhulu kanti sekusele kancane luphothulwe. Lapho sasikade singenamakhethini ahlukanisa imibhede yeziguli phambilini asekhona manje, okuyinto ezoqinisekisa isithunzi seziguli ezibhedlela zethu. Nebala usizo lwezempilo luyilungelo lomuntu nomuntu.
Ngaphandle kwalolu hlelo lwamakhethini kunamathenda ezinye izimphala eziyindwangu ayenikwe ama-co-operatives ngo-2005/2006. Isiyonke imali yamathenda anikwe ama-co-operatives kusukela ngoNcwaba kuya kuZibandlela nyakenye ingu-R11 million kumathenda angu-147.
Baba Sihlalo Ohloniphekile ukukhombisa intshisekelo yethu ekunikezeni ithemba kubantu, kulo nyaka uMnyango uzolwelula lolu hlelo lokuthenga ezinkampanini ezithile ngokusebenzisa uhlelo lwe-Supply Chain Management. Sizokwandisa futhi ukwesekwa kwama-co-operatives, siphinde sithenge kosomabhizinisi abancane nabasafufusa kanye nasezinkampini zabamnyama. Ngenyanga edlule uNdasa sihambe isifundazwe sonke sichazela umphakathi ukuthi zidingo zini uMnyango ozozithenga kumaco-operatives nanokuthi umphakathi wenze njani uma ubona kukhangiswe amathenda. NgoNhlaba nonyaka sizoba nosuku lokuchazela osomabhizinisi abasafufusa nabamnyama ukuthi yimaphi amathuba akhona okwenza ibhizinisi nomNyango wezeMpilo. Sizolokhu sibheka amanye amathuba esingaxhasa ngawo ama-co-operatives. Uhlelo lokuvuselela kabusha i-Afrika, iNew Partnership for Africa's Development (NEPAD) lukubeka kucace ukuthi ikhona futhi yiningi imali, ubuchwepheshe namakhono esiwadingayo ukulwa nobubha, ezempilo nokungathuthuki, kuphela nje kumele senze izinto ngezindlela ezintsha futhi sithathe izinqumo eziphusile.
Kulo nyaka sizoqinisa uphiko lwethu lwamakhompyutha ngokuthi sibe neMaster Systems Plan ezohambisana nohlelo lokuguqulwa kosizo lwezempilo, iHealth Service Transformation Plan. Isifundazwe sethu sinezizinda ezingu-36 zokuxhumana ngobuchwepheshe bezempilo. Lezi zizinda zizovuselelwa zisetshenziswe ukuphucula indlela esinakekela ngayo iziguli, ukufinyelela emphakathini kanjalo nokuqeqesha abasebenzi.
Baba Sihlalo Ohloniphekile, nonyaka sizophucula ulwazi esinalo ngezempilo ngokuthi, phakathi kokunye, sivale igebe phakathi kolwazi olukhona ezikhungweni zethu nalolo olusemphakathini. Sizoba nohlelo lokuqoqa ulwazi lwezempilo emphakathini nasemakhaya.
Isamba sika-R11,736 esiceliwe nonyaka siyimali eyengezwe ngo-R1,434 noma ngo-13,9% emalini ebuyekeziwe yanyakenye. Lokhu kukhushulwa kuzosisiza ukuphucula indlela umNyango osebenza ngayo.
Izinhlelo zethu kwezinye izindawo zesifundazwe azikabi sezingeni esizimisele ukuthi zifike kulo ukuze sinciphise igebe lokungalingani. Isabelo sezimali zomNyango sizosisiza ukulungisa kulezi zindawo kodwa asenele ukwenza umehluko obonakalayo kwezinye.
ukunikezela ngosizo lwezinga lokuqala ezindaweni ezithile lapho zishoda khona izikhungo zosizo kukhombisa ukuthi kudingeka imitholampilo engu-200.
Uphiko losizo oluphuthumayo ludinga ukwengezelwa imali ngo-25% ukuze lufike ezingeni elemukelekile. Ngokwemali esabelwe yona nonyaka singakwazi ukuphucula lolu hlelo ngo-11% kuphela.
Ukulungiswa kwezinye izakhiwo zomNyango ukuze sikwazi ukumelana nezidingo zomphakathi. Njengamanje kumele ziphindaphindwe kabili izinhlelo zethu zokulungisa izakhiwo.
Ukukhuphula iqophelo lokusebenza komNyango ngokuthi kwandiswe isibalo sabasebenzi.
Imali eqoqwe ngumNyango yona kulindeleke ukuthi yehle ngo-R137,2 million njengoba kubonakala emfanekisweni 7.2 ezincwadini zesabelo zimali.
Lolu hlelo, olubandakanya imisebenzi yokuphatha enhlokohhovisi, lucelelwa u-R211 million, okuyimali eyengezwe ngo-8,76%. Lokhu kwengezwa kungenxa yokuthi kuzophuculwa izimo abasebenzi abasebenza ngaphansi kwazo futhi kuzohlelwa kabusha ukusebenza kwenhlokohhovisi, okulindeleke ukuthi kuphele ngo-2006/2007. Imali ezosetshenziswa kulo hlelo ayeqile kwisilinganiso esibekiwe sika-2% wemali yonke enikwe umNyango.
Ukuze kunikezelwe ngosizo lwezempilo ezifundazweni kucelwa imali engu-R5,438 billion, okuyimali eyengezwe ngo-R804 million noma ngo-17,35%. Lesi sengezo sizokhokhela ukuphuculwa kwezimo abasebenza ngaphansi kwazo abasebenzi kanye nokuthuthukiswa okungatheni nokho kosizo ezindaweni ezingenalo kahle hle. Lokhu kuthuthukiswa kubandakanya imitholampilo, uhlelo oludidiyele lokwelapha ingculazi negciwane layo, ukulwa nezifo ezithathelanayo, okubalwa kuzo nesifo sofuba, umalaleveva nesohudo kanye nokuthuthukisa eziphathelene nokondliwa kwabantu.
Ukuze sethule uhlelo losizo oluphuthumayo kucelwa imali engu-R453 million, okuyimali eyengezwe ngo-10.76%. Lesi sengezo sisidingela ukuthenga ama-ambulensi amasha nokwandisa izimoto ezikhona. Nokho-ke le mali ayenele ukubeka usizo esilunikezayo ezingeni elemukelekile esifundazweni sonke nokuthi sibe nohlelo lokuthutha iziguli olusezingeni eligculisayo.
Lolu hlelo luphathelene nezibhedlela zezinga eliphakathi losizo kanye nalezo ezelapha iziguli ezigula ngengqondo, ezinesifo sofuba neziguli esezilulama. Imali engu-R3,087 billion eceliwe yengezwe ngo-R171 million noma ngo-5,86%.
Lolu hlelo luqondene nezikhungo nobuchwepheshe obudingekayo ukwelapha labo abaphethwe yizifo ezibucayi. Ingxenye yemali yalolu hlelo iphuma kwi-conditional grant esiyinikezwa ngumNyango wezeMpilo kazwelonke. Le mali ikhuphuka kuphela ngenani okwehla ngalo amandla emali (inflation).
Imali engu-R9,6 million noma isengezo sika-25,8% icelelwe i-akhawunti yemithi ukuze sikwazi ukubhekana nokuphuma ngokushesha kwemithi ngenxa yohlelo lwemishanguzo yengculazi, izidingo ezikhulayo zeziguli kanye nokukhuphuka kwenani lemithi ngenxa yokwehla kwamandla emali.
Lolu hlelo lubhekele ukwakha nokulungisa izakhiwo zomNyango. Imali eceliwe engu-R916,3 million yengezwe ngo-R228 million noma ngo-31,3% kwebuyekeziwe yanyakenye. Yengezwe ngenxa yokuthi kunemisebenzi emisha yokuthuthukisa izibhedlela esiqaliwe, ukwakhiwa okuzokwenziwa ngaphansi kophiko lwamakhaza kanye nenye imali ezosetshenziswa yilolu hlelo nsukuzonke. Enye yezinkinga ezinkulu ezibhekene nomNyango ngasohlangothini lwezakhiwo wokuthi ezinye izinhla esibambisene nazo kulokhu azisebenzi neze ngendlela egculisayo.
Baba Sihlalo Ohloniphekile, leli yivoti lesabelo zimali esingu-R11,737 somNyango wezeMpilo, engicela ukuba nisicubungule nisamukele.
Siyethemba ukuthi sizokwazi ukwenza umehluko obonakalayo ekuletheni usizo lwezempilo esifundazweni sethu. Sihlala sizikhumbuza njalo ukuthi "impilo ayisho nje ukungabi khona kwezifo kodwa isho ukuphila ngokugcwele emzimbeni, enhlalweni nasengqondweni', yingako sizoqhubeka njalo nokulwa nezifo, ukulwa nobubha nokunikeza ithemba. Sengiphetha ake ngiboleke amazwi obuhlakani olwimi lwamaSanskrit abakholelwa ukuthi "Usuku nosuku lwanamuhla oluphilwa kahle lwenza usuku lwayizolo lube yiphupho lenjabulo, kuthi olwakusasa lube wumbono wethemba. Ngakho bheka osukwini lwanamuhla ngoba yilo lodwa oluyimpilo".
Ngiqwala intaba yami Ngibheke njo phambili Angibheki kwesokudla angibheki kwesokunxele Noma ngubani ofuna ukuma makame Kodwa mina ngizonqoba. Ngeke ngidikibale.
