Kukhona futhi nomunye udokotela esinolwazi ngaye ngokuthi wathola yona le MDR-TB emsebenzini wakhe wokwelapha kumbe ezibhedlela zethu nokwaholela ekutheni angabe esezwa ngezindlebe zakhe. Lowo ngu Dr. Thabiso Thusi wase Port Shepstone
Ngibethulela isigqoko bonke abasebenzi bezempilo abaqhubekayo nokuthatha izifungo zokwenza umsebenzi wabo ngokuzinikela ngesikhathi begogoda nakuba bezazi izinselelo nemiqathanga ebhekene nalo msebenzi.
Ngemva kwezinyanga eziyishumi nanye ngiyaphinda ngiyazithoba ngethuba engilinikiwe lokuba ngime phambi kwenu ngemva koKhetho luka 2009 nalapho uKhongolose i-African National Congress (ANC) owadla umhlanganiso nokuyinto eyaholela ekutheni iphinde inikwe elinye ithuba lokuphatha ihole zonke izinhlaka zikahulumeni wesifundazwe. Kungenxa yale mpumelele ukuthi kwiManifesto yoKhetho i-ANC yakhetha ezempilo njengenye yezinhlaka ezinhlanu eziphezulu ezidinga ukubhekelelwa. Abantu bakithi bavotela i-ANC ngenxa yokuthi umbutho wethu uzibhekelele kakhulu ezempilo ezweni jikelele nanokuthi zingamalungelo esintu abaluleke ngempela. Lokho kugqanyiswe nawumthethosisekelo wezwe lethu ikakhulu i-Bill of Rights. Njengoba amanzi eyisidingo esibalulekile sawonkuwonke kanjalo nokuba sesimweni esiyiso kwezempilo kuyinto ethinta wonke umuntu ophilayo.
Ngesikhathi sikhipha Isabelo sezimali ngo 2009, indikimba yenkulumo yayithi: "Sisindisa izimpilo. Masenze izinsiza mpilo zifinyelele kubantu".
Ukuthuthukiswa kokutholakala kwemishanguzo yokwelashwa kweziguli ezinesiso sofuba kusandulela ngculaza sabo.
Ukwandiswa kwezinsiza kulabo abagulela emakhaya nakulabo abasebenzela imiphakathi kwezempilo.
Ukuhlengwa ngeMpatho efanele Njengoba sibeka isabelo zimali sika 2010, inqgikithi yethu ithi Impilo engcono kubo bonke. Lokhu kwakhelwe ekuzibophezeleni kwethu emsebenzini othi Ngenze ngibukeke njengesibhedlela nesawethula ngo 2009. Kulowo msebenzi uMnyango waqoka izibhedlela eziyishumi nanye esisebenzisana nazo ukuze nanoma ngubani ongena emasangweni azo azizwe ukuthi usendaweni yokwelashwa.
Sikholwa wukuthi le zinto ezibalwe ngenhla zingenzeka uma siqinisekisa ukuthi abaphathi basebenza ngokuzinikela ngokwehla benyuka bebheka ukuthi kuqhubekani ezibhedlela abaziphethe, ngokulalela izikhalo zeziguli, ngokubheka izinto ezingahambi ngokujwayelekile ekuhanjisweni komsebenzi wasesibhedlela nangookushintshashintsha abasebenzi ukuze bahlale besesimweni sokusebenza ngokuzimisela. Mangikucacise lokhu: Iziguli zibheke impatho enhle nakuba kunezinselelo esizithola sibhekene nazo.
Ekupheleni kwale nyanga sizomemezela ukuthi yiziphi ezinye izibhedlela eziyishumi nanye namakliniki ayingcosana esizowangenisa kulolu hlelo njengoba sizimisele ukuba kuthi kuphela iminyaka emihlanu zibe sezingene zonke izibhedlela zethu kulolu hlelo. Kufanele ngiphawule ukuthi izibhedlela zasemakhaya ziyisibonelo esinokuziqhenya ngazo ngezindlela eziningi. Lapha singabala uMzinyathi District obonakala wenza kahle impela kulo mkhakha. Ngicela ningivumele nginifundele le ncwadi ephuma komunye weziguli nechaza nge-COSH.
Imibiko embalwa ichaza ngezinto eziyingxenye yempumelelo ye-MDG. Iphinde izibize ngembaba izinselelo okufanele kubhekwane nazo. Nakuba le mibiko ikhombisa ukuthi kunentuthuko ethile ekhona ezindaweni eziningi nokho le ntuthuko ibukeka ingingalingani Asikafiki ezingeni lapho singathi khona sesenza ngokwanele ukubhekelela kangcono izimpilo zabantu ababuthaka ikakhulu omama nabantwana babo abazelwe.
Isandulela ngculaza nengculaza : kwafakwa ohlelweni lwemishanguzo abantu abangu 304 000 (kubalwa nezingane ezingu 22 000, abesifazane abangu 140 000 kanye nabesilisa abangu 66 000).
Isifo sofuba: Isibalo sabantu abanesifo sofuba abathola ukwesekwa ngendlela ye-DOTS sehla sisuka ku 80% ngo 2005/6 saya ku 72% ngo 2008/09. Imbangela yakho wubunzima bokugcina labo abazimisele ukusiza labo abasohlelweni lwabathatha imishanguzo. Lokho kwenziwa ikakhulukazi wukuhluleka ukugcina labo abasiza abasohlelweni lweDOTS ukuba bangashiyi. Iziguli ezingasiqedi isikhathi sokuthatha amaphilisi sehla sisuka ku 14% ngo 2005/6 saya ku 8.7% ngo 2009/10. Ukulethwa kwezikwehlela ngesikhathi esingengaphezulu kwamahora angu 48 kwaba ngcono kusuka ku 15% ngo 2005/6 kuya ku 53.15% ngo 2009/10. Ukwelapheka kwakhula kusuka ku 35% ngo 2005/6 kuya ku 58.15% ngo 2009/10.
Isifo sikamalaleveva: Isifundazwe sabika ukuthi isifo sikamalaleveva sehle ngo 90%. Imibiko eyatholakala isho ukwehla ngo 2007/8 kuya ku 429 ngo 2008/9 kwabaphethwe yile sifo kusuka ku 606.
Kunezinto ezinhle ezitholakalayo kuzo zonke lezi ndawo. Kufanele siyijabulele le mpumelelo esiyitholile yokuqikelela ukuthi isifo sikamaleleveva sinqotshwe.
Kufanele sonke siziqhenye ngokuthi ukuphokophelela lokho okwenziwa emhlabeni jikelele ngokuqinisekisa ukuthi ezempilo zithathelwe phezulu akukaze kube yiphutha ngisho nangezikhathi lapho kukhona izinkinga ezindaweni eziningi emhlabeni.
Ngemuva kweminyaka engaphezu kweyishumi nanhlanu selokhu sathola uhulumeni wenkululeko kunezinkomba zokuthi ngokukhuphulela umnyango wezempilo isabelo zimali singathola imiphumela ebonakalayo. Sibonga siyanconcoza kuNdunankulu wethu ohloniphekile - uDr Zweli Mkhize ngeqhaza lakhe kule ndima. Sibonga nakuNgqongqoshe wezeZimali - Umhlonishwa u- Ina Cronje ngokuthathela phezulu ezeMpilo nokuyinto ebaluleke ngempela. Somlomo siyavuma ukuthi ikhona indawo edlalwe wumnyango ekunikeni isifundazwe isithombe esingesihle kwezezimali.
Ngaleyo ndlela ngo 2009 senza iqembu leziphathimamandla nesalibiza nge Joint Management Team elaliholwa yi- KZN Treasury. Leli qembu lisebenza ngokulandela uhlelo lweminyaka emithathu nokuhloswe ngayo ukuba isimo sezimali sibe sesibekeke endaweni efanele ngoNyaka weZimali ka 2011/2012. Saphoqeleka ukusebenzisa ubuchule kwezezimali sibe futhi ngesikhathi esifanayo senza ngcono indlela esiphethe ngayo amakhasimende ethu. Sikuzame konke okusemandleni ethu ukuqeda ukusebenzisa izinto ngokumosha, ubusela, ubugebengu, ukwenza ngcono izindlela zokuqoqa imali kanye nokuqinisa ezangaphakathi zokuphatha.
Ngiyathokoza ukunazisa ukuthi sesenze kabusha ezokuphathwa kwamabhuku ezimali kanye nezokuphepha nezokulethwa kwezidingo zokusebenza kubaphathi ukuze siqikelele ukuthi akukho okumoshwayo, inkohlakalo nobusela. Engxenyeni yokuqala kwezine ekwenziweni kabusha kwalolu hlelo sesikwazile ukonga imali engango R400 million ngo 2009 ngenhloso yokonga u R600 million ngokuphela konyaka wezimali.
Umnyango wethu ukwazile ukusebenzisana nathi ngokuphelele ekuphathweni nasekubhekeleleni imali ephumayo ebekwe yi-Cabinet nasekwethuleni imibiko mayelana nolokho okufanele kwenziwe ukuze kunqandwe ukuphuma kwemali engaphezu kwale ebekiwe.
Somlomo, Ngithanda ukuvumelana nomlingani wani uMhlonishwa u-Ina Cronje, uma ebhekisa kuNgqongqoshe wezezimali uPravin Gordhan lapho ethi khona: "Indawo enenkinga kakhulu neyisizathu sokulahlekelwa yile ephathelene nokungabi nolwazi olwanele kweziphathelene nokukhethwa kwabazokwenza umsebenzi."
Ngenxa yenhlanganisela yezinqubo ezingalungile, ukunikezelwa ngomsebenzi ngendlela engeyiyo, ukungahlelwa kahle kwezinto okwenzekayo ngezinye izikhathi lapho kusetshenziswana izinkampani ezizimele kungenye yezizathu ezenza ukuba singakutholi esikuhlosile nokuyizidingo zabantu bethu.
Kunenqubekela phambili ebonakalayo esesiyenzile. Kepha sidinga ukuhlale sizimisele ngokwenza ngcono izimpilo zabantu abaningi nakuba isabelo mali esisinikiwe singenele.
Ngiqale le nkulumo ngokwenza izibonelo ezikhomba impumelelo. Manje make sithi ukubuyela emuva sibheke izinselelo. Nakuba kunezihloko ezinhlobonhlobo esingakhuluma ngazo izinkinga eziyizingqinamba ezinkulu ezihudulela emuva inqubekelaphambili ziyefana.
Ukwenza ngcono izinhlelo zezokuPhathwa kwabasebenzi, Ezentuthuko kanye nezokuPhatha.
Enkulumeni yethu yesabelo zimali yango 2009, ngaveza ukuthi njengoNgqongqoshe wezeZimali kubhekeke ukuba nginike ubuholi obuhlelekile enhlokweni yoMnyango wami naku managers ami ukuze nabo baludlulisele emnyangweni wonke jikelele. Sithole ukuthi into eyenza kube nezinkinga kwezempilo ubuholi nokuphatha okungenasisekelo. Lokhu kudinga ukuba abasebenzi bavule amehlo ukuze kube nobungcono ekuphathweni kwezifunda kanye nezibhedlela. Yingakho nje sesikhokhele ukuqeqeshwa nokufundiswa kwabaphathi bezempilo ukuze babe nolwazi olunzulu mayelana nokuphathwa kwezikhungo zezempilo.
Ngaphezu kwale mizamo eseyenziwe kuye kwafanele siphinde sicabangisise uhlelo lokuletha usizo ukuze kube nenqubekelaphambili kulokho esiziklamele ukuthi sizokwenza ngamakliniki nezibhedlela zethu kanye nasemikhakheni yesifundazwe kwezempilo kanye nakwezemfundo ephakeme ebhekelene nokulethwa kwezidingo zezempilo. Umphumela obhekekile owokuba sibe nabasebenzi abakwazi ukwenza lokho okubhekeke kubo ngokwamazinga achazwe yimisebenzi abaqashelwe yona, imivuzo, nokuthuthukiswa kolwazi lomsebenzi wezempilo ofundelwe kanye nokungamoshwa kwezinsiza zokusiza abasebenzi.
Kufanele sazi ukuthi umsebenzi okuyiwona esibhekeke ukuwenza emnyangweni wezempilo yilowo wokunika usizo ngokwenza konke ngendlela eyiyo nangokucophelela, ukuphepha, ukugcina isikhathi ukubeka impilo yesiguli phambili, nokuqhubeka ngosizo olunomnako nokugculiseka kwesiguli. Sesike sahambela izibhedlela ezingu 30 namakliniki singabikanga ukuthi siyeza ukuze siyozibonela ukuthi umsebenzi uqhutshwa kanjani. Kwezinye izibhedlela nengingabala kuzo iMahatma Gandhi ne St Apollinaris, nami ngafike ngakhwica ngasiza ngenxa yokubona ukuthi basebenza ngaphansi kwezimo ezilukhuni kanjani.
Ngiyathokoza, Somlomo ukusho ukuthi njengoba sesinendlela efanayo yokubheka izinto sesingabuka ukuthi wenziwe kanjani nomsebenzi wethu wasezibhedlela. Ukuqeqeshwa kwamaqembu okwenza ukuba isibhedlela sihanjiswe ngokuyiko kwenziwe ngo February 2010 kanti futhi lama qembu azongenela i-National Accreditation project. Ngaphezu kwezibhedlela ezingu 11 eziqokiwe zonke izibhedlela zibhekeke ukuba zenze izinhlelo zazo zokuzithuthukise njengendlela yokwenza ngcono indlela yokubhekelela iziguli zazo. Lezi nhlelo ziyoba yingxenye ye-Delivery Contract esiyoba nayo noNdunankulu.
Ukungabi khona kwezinto ezenza kusebenzeke ezikhungweni zezempilo kungenye yezinto ezenza kube nzima ukusebenza. Kungekudala ngike ngavakashela e-St Appolinaris Hospital eseSisonke District ngaphandle kokubazisa ukuthi ngiyeza. Kungethuse kakhulu ukuthola onesi abadala abaqeqeshiwe besebenzisa iholo elehlukaniswe ngamalokha. Somlomo, izindawo zokuhlala ziyinselelo enkulu ekuvimbeni ukuthola abantu bokusebenza nokwenza labo asebeqashiwe bahlale. Ngaleyo ndlela uMnyango sewubeke njengesidingo esiphambili ukwakhiwa kwezindawo zokuhlala zabasebenzi ikakhulukazi e-St Appolinaris Hospital lapho kuyimanje kusele khona onesi abayishumi nantathu kuphela kanye nawodokotela abathathu vo. Kulo nyaka wezimali sizoqala ngokwakhela abasebenzi bakule sibhedlela izindawo zokuhlala ezizobiza u R35 million.
Lesi yisikhungo sikamama nomntwana. Silungisa isibhedlela esidala futhi sifaka nengxenyana entsha. Lokhu kuzobiza uR360 million, kuhlangene nempahla ezosetshenziselwa ukwelapha iziguli.
Ngenxa yengcindezi eqhubekayo kunesidingo sokuthuthukisa izinga lokunakekela abagulayo nokulethwa kwezidingo, sibe sibhekele nokuncishiswa kwezindleko. Abanikeza usizo lwezempilo bazama konke okusemandleni abo ukuxhumanisa imishini yokwelapha nabagulayo, nocwepheshe bokwelapha izifo ezithile, kanye nabeluleka ngezempilo, ngaleyo ndlela bekhuphula izinga lokunakekela ngokwezempilo. IKwaZulu-Natal kudala yalibamba iqhaza ekuthuthukisweni nasekusungulweni kwa lemishini yokwelapha eNingizimu Afrika. Ukuba sezingeni eliphezulu kanye nokuphepha kwale mishini kubalulekile ukuze odokotela abayisebenzisayo nsukuzonke bafeze kahle izidingo zeziguli.
Kunezifundo zobudokotela eziqoshwe kuma DVD zalabo asebaphothula iziqu zabo eNelson R Mandela okuyisikole sokuqeqesha odokotela. Lezi fundo ziba khona njalo ngethemu zithathe isikhathi esilinganiselwa emahoreni angu-85 ngonyaka. Zingaphansi kwe- Radiology (Ukuhlola Ngemisebe), Ukuhlinza Okunhlonhlobo, Ezokubelethisa (Obstetrics) kanye neziqondene nezifo zabesifazane, ukwelashwa kwabantwana, ukuhlinzwa kwabantwana kanye nokwelulekwa ngokulawulwa kwesifo se-HIV.
Umnyango kaZwelonke WezeMpilo usemkhankasweni wokuhlela ngendlela efanayo nokusebenza kwezinhlelo ngolwazi lwezempilo kanye nobuchwepheshe ukuze kuthuthuke izinga lokusebenza kwezinhlelo zezempilo, kuthuthuke namazinga ezomnotho futhi kuqikelelwe ezokuphepha okusezingeni eliphezulu.
Somlomo, ngenkathi kwethulwa iNkulumo mgomo wesifundazwe uNdunankulu wethu waphinde wasikhumbuza ukuthi ngoSuku Lokugubha Isifo Sengculazi eMhlabeni ngo 2009, uMongameli wamemezela izindlela ezinqala zokuthuthukisa izinga lokutholakala kwamaphilisi okuthiba igciwane lengculazi (Anti-Retroviral Treatment), wakhuluma 'ngewele lalo ebubini' isifo sofuba kanye nesandulela ngculaza kuhlanganiswe ndawonye, kanye nokukhuphula inani le-CD4 lokuthiba igciwane kusukela ku 250 kuya ku 350.
Namhlanje kufanele sikusho ukuthi isifundazwe siyaqhubeka nokuhlaselwa yi-HIV. Izifunda ezingu 3 kwezingu 4 ezinakekela abagulayo ngohlelo lwe Ante-Natal Care (ANC) ezingaphezu kwezingamashumi amane ezweni zilapha kwaZulu-Natali. Ngokunjalo futhi izifunda ezingu-7 kwezingu-11 eziphakathi kuka 30-40% zitholakala lapha esifundazweni. Njengengxenye yomkhankaso wokufeza Isimemezelo sikaMongameli esathulwa ngomhlaka 1 kuDecember 2009, maqondana ne HIV kanye Nengculazi, Isifundanzwe sesiqhubekele phambili kakhulu ngokwenza amalungiselelo alokhu. Esifundeni ngasinye sesiphothule uhlelo lokwethula lo mkhankaso. Umnyango usunxenxe abalingani bawo abaphesheya ukuqikelela ukuthi kusetshenzwa indlela efanayo nokuthi ukukhishwa kwemishanguzo nakho kuhlelwa ngendlela efanayo. NgoJanuwari, wawo lonyaka isiFundazwe saqala ukusebenzisa isikalo sika 350 CD4 komama abakhulelwe benegciwane lengculazi kanye nabagula ngegciwane le-TB ne HIV.
Izingane ezinegciwane lesandulela ngculazi, ezineminyaka engaphansi kowodwa kungabhekwa i-CD4 noma izinga lokugula asebekulo nabo sebeqalile ukunikezwa imishanguzo yokwelashwa (ART). Lo mkhankaso uzolekelela ekulweni namanani okushona kwabantu abadala nezingane. Okusikhathaza kakhulu iphesenti eliphansi labesifazane abangenela uhlelo lwezifundo ze-ANC ngaphambi kwamasonto angamashumi amabili njengoba leli phesenti limi ku-24. Ukuze lesi simo sishintshe, sidinga ukwesekwa yizo zonke izinhlaka emphakathini yethu, abesilisa kanye nabesifazane abazosebenzisana nathi ukuze siqiniseke ukuthi omama abazithwele baziyela ngesingabo kule zifundo nangenhloso yokuphephisa abantwana babo abangakazalwa. Ukuzibandakanya komphakathi kulo mkhankaso wokusabalalisa ukubaluleka kwalezi fundo kuzobuyisa izikhathi zakudala lapho kwakuyinjabulo ukubeletha komama, obaba, umndeni wonkana kanye nesigodi sonke - kube yisikhathi esigujwa umuntu wonke.
Izinhlelo Ezethulwa Ezikoleni esezibe nomphumela omuhle njenge-Star for Life eMkhanyakude, kufanele lwenziwe nakwezinye izifunda. Izingxoxo nomnyango wezeMfundo kanye nezinkampani ezixhasa ngemali uzoqalwa maduzane.
Isifundazwe simagange silindele ukuzwa ngomphumela woHlelo lakwa-CAPRISA olubhekele ukuletha izidingo kubantwana bamantombazane ezikoleni ukuze bazithibe kwezocansi ukuze bangakhulelwa. Izinga lamantombazane abelethayo lehle ku 9.4% njengoba kumanje limi ku 9%.
Kubantu abakhungethwe yigciwane lengculazi kunamathimba angu-52 ahambela amakiliniki enikeza usizo ngezokwelapha ukuze baphuthumise uhlelo lokunikezela ngama-ARV kubantu. Lolu hlelo lwaqalwa eMkhanyakude kanti lwehlisa isikhathi sokulinda ngokugcwele.
Ukuqhubekela phambili nokuthuthukisa izinga lempilo yomama, kuyintokozo kimi ukumemezela ukuthi ukwelashelwa isifo somdlavuza wesibeletho sekunyukile kusuka ku 0.5% ngo 2008/09 kwaba ngu 6.1% ku 2009/10. Lesi sibalo sokwenyuka okungaka kuyimizamo yoHlelo lwe-Phila Ma esaluqala ngoMay nyakenye eMawoti. Saba nenhlanhla enkulu ngalelo langa ngokuhanjelwa nguMama Wesizwe obuye abe Umgqugquzeli Wezempilo Zabesifazane eNingizimu Afrika, uNkosikazi Thobeka Madiba Zuma, siyajabula ukuthi nanamhlanje uphakathi kwethu. Igalelo lethu ngalolu hlelo iPhila Ma ukuthi sihlole omama abangu-70% abaneminyaka engaphezu kuka 30 ngo 2014. Somlomo kusemqoka futhi ukuthi bonke omama abanegciwane lengculazi noma isandulela ngculazi bahlolelwe isifo somdlavuza wesibeletho ngalokho okubizwa nge PAP SMEAR. Kuyancomeka ukubona uNdunankulu wethu ezibandakanya emkhankasweni wokufisa imiphumela emihle yokuphila kwabantu. Uke waphawula ngelinye ilanga ngokuthi kuyinto ebuhlungu ukudlula emhlabeni komuntu wesimame okhulelwe emndenini, esigodini kanye nasezweni ekusho nangesiZulu ethi, "inyanda imuke nezibopho". Ngenxa yokuthi kulowo mndeni kusala abantwana abangenanina, akukhathalekile ukuthi uyise ungubani.
Eqinisweni IMPILO imayelana nokuphila komntwana kanye nowesifazane. Uma ungakwazi ukuphephisa omama kanye nabantwana, kusho ukuthi awukenzi lutho emigomweni ozibekele yona.
Esibhedlela saseKing George V sesihlinzeke ngezidingo zokungcebeleka njengomabonakude abanesibuko esiyisicaba, okokudlala ibhola lomphebezo nokunye ukuze iziguli zizizwe zisekhaya. Izifundo zokuthatha ikhambi lesifo sofuba i-MDR kanye ne XDR zithatha izinyanga ezingamashumi amabili nane. Iziguli zihlala izinyanga eziyisithupha esibhedlela bese kuthi lezi zinyanga eziyishumi nesishiyagalombili ezisele zibe semakhaya azo. Ukwenza isibhedlela sabo sibe yindawo enentokozo kuzosiza ekwenzeni ngcono indlela iziguli ezilithatha ngayo ikhambi.
Okukhathazayo ukuthi izibalo zikhombisa ukuthi ukugula kanye nokufa kwabantu okudalwa yigciwane le-HIV kanye ne-TB kulinganiselwa emaphesentini angu 70. Uhlelo lwethu lugxile ekwenzeni ngcono izifundo zokuthatha ikhambi le-TB, kanye nokunikeza izeluleko ezigulini esezazi ukuthi zinegciwane le-TB.
Izibalo zikhombisa ukuthi izinhlelo esizisebenzisayo sezenze umehluko omkhulu ekwelapheni njengoba isibalo sabelashwayo sisuke emaphesentini angu 55.5 saya kwangu 62.8, kanti ngokunjalo nesibalo salabo abadla ikhambi le-TB bangaliqedi sesehlile njengoba sisuke emaphesentini angu 10.1 saya kwangu 8.7 esikhathini esiyizinyanga eziyishumi nambili. Lokhu kuhambisana nombono kaNdunankulu awasho enkulumweni ngeSimo sesiFundazwe ngo 2010 lapho uNdunankulu wathi "Kuzogxilwa kakhulu ekwelapheni i-TB ukuze kwehliswe ukwanda kwaleli gciwane, ukuvela kwezinhlobo zalo ezingelapheki ngekhambi elejwayelekile, kuncishiswe isibalo sabantu abathatha ikhambi basheshe baliyeke singakapheli isikhathi kuphinde kukhushulwe isibalo sabelashiwe."
Somlomo, uMnyango wezeMpilo uyaqonda ukuthi sekuyiminyaka selokhu Abelaphi boMdabu baba wumongo wokuphila kuleli zwekazi. NjengoMnyango siyawuncoma umbono kaNdunankulu wethu, uDkt. Zweli Mkhize, owathi ngesikhathi enguNgqongqoshe wezeMpilo waphakamisa waphinde wagqugquzela ukubambisana kanye nokusebenzisana nabeLaphi boMdabu. Namhlanje siyathokoza ukubika ukuthi izaba zokuqinisekisa ukuthi imithi yoMdabu yase-Afrika iphephile, iyasebenza futhi iyatholakala ngemali abantu abanamandla ayo. Lokhu sikwenza ngokubambisana okubandakanya uMnyango wezeMpilo, abeLaphi boMdabu, i-PEPFAR kanye ne Nelson R Mandela School of Medicine. AbeLaphi boMdabu baqeqeshiwe ngolwazi lwe HIV kanye ne AIDS, ukuvikela ukutheleleka ngegciwane le HIV uma usebenzisa izindlela zomdabu kanye nezaseNtshonalanga, ukululeka ngezifo ezithathelana ngokocansi, ukunakekela nokulekelela, ukudlulisela phambili kanye nokubhala.
Sifisa nokubonga iqhaza elibanjwe ngamabhizinisi amakhulu ekwelekeleleni izinhlelo zoMnyango wethu ikakhulukazi u-VODACOM SOUTH AFRICA ngokuxhasa ngemoto eyakhelwe ukusiza umphakathi ngezinkinga zamehlo ebiza R1,097, 282. 34.
IMediclinic ngokubamba kwabo iqhaza emzamweni wethu i-Phila Ma, ngokuthi basize iziguli ezazisohlwini loMnyango lokulinda kanye nokusinikeza ibhasi lezempilo lokuhlola kanye nokusoka.
Siyathemba ukuthi nabanye abaholi kwezamabhizinisi bazolinganisa lezi zenzo ezinhle zesihe ezenzelwa abantu bethu ukuthi babe nezimpilo ezingcono. Ohlelweni lwe-National Health Insurance uzokhumbula ukuthi sathi izingxoxo zizoba sobala futhi zibandakanye zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Namhlanje ngingabika ukuthi uNgqongqoshe weZempilo, uDkt. Aaron Motsoaledi, ujube ithimba labeluleki ukuze kusheshe kugcwaliseke ukusebenza kwe NHI esikhathini esihlelwe nguhulumeni.
Somlomo, ukuze kube khona imiphumela yesimo sempilo engcono kufanele zonke izingxenye zomphakathi wasezweni zibambisane ekuzameni ukufinyelela enhlosweni yokwenza isimo sempilo sibe ngcono. Kuyadingeka ukuthi imiphakathi ibambe iqhaza ekudingidweni kwezidingo zezempilo emiphakathini yabo nokuthi lezo zidingo zingafezwa kanjani. Indlela elula yokwenza lokhu wukusungulwa kwamakomidi asemitholampilo kanye namabhodi asezibhedlela. Njengamanje sinamabhodi angu 60 anomsebenzi wokubhekelela kanye nokuqinisekisa ukuthi izibhedlela ziyazilandelela izidingo zezempilo zemiphakathi ezikuyo.
Sikhona futhi nesidingo sokuqinisekisa ukuthi amalungu amabhodi ethu ahlome ngolwazi olwenele ukuze akwazi ukwenza umsebenzi wawo, ngalokho emiqondweni yethu, siyazinikezela ekuqeqesheni amalungu alawo mabhodi.
Kulokhu, Somlomo, sihlose ukulandela imigomo ebalulekile yokuqasha nokukhetha lamalungu kuwona wonke amawadi.
Sizoqeqesha amanesi abhalisiwe angu 607, abasizi bamanesi abangu 130 kanye namanesi akufundele ngokuphelele angu 641 ukuze iziguli zithole usizo olungcono futhi kuphunguke nomsebenzi wonesi. Ukuze sikwazi ukwenza lokhu sizoqeqesha abantu abazohlala emakhaya abo ngesikhathi beqeqeshwa baphinde basebenze emiphakathini abahlala kuyo. Iphesenti elikhulu lalaba bafundi lizokhethwa emalungeni omphakathi.
Lena yindlela entsha yokusebenza emitholampilo ukuze amanesi aneziqu zeminyaka emine ezokwazi ukugxila ekwenzeni umsebenzi odinga abantu abaqeqeshwe njengabo. Kulonyaka wezimali sizoqasha o-stafu nesi abangu 661 kanye nabasizi bamanesi abangu 611. Sizobe sibheka kakhulu abasizi bamanesi abaqeqeshiwe kanye no-stafu nesi abangasebenzi. Amukho noyedwa unesi oqeqeshiwe futhi onazo zonke izinto esizidingayo ozohlala ekhaya kulesi siFundazwe.
Njengamanje sinezikhungo ezingu 22 (ezingu 2 kusifunda ngasinye) kanti leli nani sizolikhuphula libengu 54. Okwamanje sinabantu abangu 18 abenza lo msebenzi wokubuyiselwa kwendlela yokuphila eyamukelekile emphakathini kanye nokusondeza umsebenzi wabo ebantwini abakhubazekile.
Enye yezingxenye ezibaluleke kakhulu ekwenzeni umsebenzi wezempilo kusukela emitholampilo kuze kufike ezibhedlela yizinsiza zokuHlenga okuPhuthumayo (EMRS). Lena yingxenye yokwelapha esiza iziguli ngaphambi kokuba zihanjiswe esibhedlela, noma uma kunesidingo sokufudukisela isiguli kwesinye isibhedlela, kanye ke nokuhambisa iziguli njengoba kusuke kuhleliwe. Kulolu hlelo sinama-ambulensi angu 668 kanye nezinye izimoto ezingu 137 kanti ezingu 29 kuzona zintsha. Lezi thuthi zi hambisa iziguli ezidinga ukuya ezibhedlela eziseNgwelezane, eMgungundlovu kanye nasEThekwini.
Sinawo futhi nama-ambulensi angu 125 esiwatholele imidlalo yeBhola yeNdebe yoMhlaba. Lezi zimoto zizosatshalaliswa ezifundeni uma imidlalo yeBhola yendebe yoMhlaba isiphelile. Ngaphezu kwalokho, Somlomo, kulo nyaka wezimali esikuwo, sizothenga ama-ambulensi amasha angu 141. UMnyango wezeMpilo unezindiza ezimbili ezinophephela emhlane kanye nebhanoyi elilodwa. Ngo 2010, sibeke eceleni imali eyisamba esingu R14 million ezosetshenziselwa ukuthola i-software kanye ne-hardware ezokwenza ngcono iNdawo yeZokuxhumana okuPhuthumayo eseWentworth.
Le ndawo yokuxhumana esezingeni eliphezulu izosetshenziselwa izimo zokuxhumana eziphuthumayo ngemidlalo yeBhola yeNdebe yoMhlaba ka 2010.
Ngaphezulu kwalokho, uMnyango wethu ubeke isamba semali engu R5.3 milliom ezosetshenziselwa ukuqasha nokuqeqesha Abasebenzi beZimo eziPhuthumayo ngesikhathi semidlalo yeNdebe yoMhlaba. Laba basebenzi bazothunyelwa eMoses Mabhida, ezindaweni zokubuka zomphakathi kanye nasemigwaqweni engothelawayeka. Izikhangiso kanye nokukhethwa kwala malungu sekuqalile.
Le sabelo zimali sikhombisa ukwenyuka okungu R4 086, 518 billion noma amaphesenti angu 23 uma siqhathaniswa nesabelo zimali sango 2009/10. Yize izinga lokwenyuka liphezulu, kufanele kukhunjulwe ukuthi amaholo akhuphuke kakhulu ngenxa ye-Occupational Specific Dispensation yamaNesi, oDokotela, kanye nabanye abasebenzi bezempilo; kanye nokukhushulwa kwamaholo ngokwedlulele kunokulindelekile okunye kwako okuxhaswe yisabelo zimali sango 2010/11.
Ezinye izimali ezingena kwisabelo zimali ezinyukile zihlanganisa izimali zohlelo lwesifo sofuba i-MDR/XDR kanye nokugonywa kwezingane ukuze kwehliswe inani lezingane ezishonayo, kanye no R183 million wokuqhubezela ukukhushulwa kwe OSD ebhekelela odokotela.
Umnyango kulindeleke ukuthi ukhuphule izimali zawo ezingenayo isuka ku R153 million iya ku R215 million ngo 2010/11. Lokhu kukhuphuka kuhambisana kakhulu nezimali zokuhlala zabasebenzi abasebenzisa izindawo zokuhlala zoMnyango, kanye nezimali zeziguli elinganiselwa ku R124 million. Ukwenyuka kwemali ezongeniswa yiziguli kuzokwenzeka ngokuthi izibhedlela zenze ngcono indlela le mali eqoqwa ngayo.
Ngaphambi kokukhuluma ngokwabiwa kwezinhlelo ezahlukene, kuzofanele kukhunjulwe ukuthi uMnyango wathatha isinqumo sokugcwalisa izikhala ezibaluleke kakhulu kuphela ukuze ukwazi ukunciphisa izindleko kanye nokuba nezimali zokuxhasa izinhlelo zokusiza umphakathi. Lezi zikhala ezibalulekile zibandakanya abasebenzi abenza umsebenzi wezokwelapha kanye nenani elincane lomsebenzi wokuphatha. Lezo zaba zokunciphisa izindleko kuzoqhutshekwa nazo ukuze kusizakale uMnyango weziMali wesiFundazwe.
Lolu hlelo, olucelelwa imali engu R313 milliom, luzoqinisekisa ukuba khona kobuholi kanye nokuphatha okunesu eMnyangweni.
Lolu hlelo lunikeza usizo emitholampilo kanye nasezibhedlela zezifunda.
Lolu hlelo lunikeza usizo lokwelashwa ngaphambi kokuhambisa isiguli esibhedlela, lubandakanya nokuhanjiswa kweziguli kwezinye izibhedlela njengoba kusuke kuhleliwe.
Lolu hlelo lusiza ekulalisweni kweziguli esibhedlela uma zidinga ukunakekelwa ngochwepheshe, isikhathi eside, ukulashwa ngokwengqondo, kanye nalabo abanegciwane le TB, kanye nezinhlobo zalo i-XDR ne MDR.
Inhloso enkulu yalolu hlelo wukusiza izikhungo zempilo eziphakeme kanye nokwenza indlela yokuqeqesha abasebenzi bezempilo.
Lolu hlelo luqondiswe kakhulu ekuqeqesheni kanye nokuthuthukiswa kwabasebenzi bomnyango.
