Sihlalo ohloniphekile Ndunankulu wesiFundazwe, Mhlonishwa Dkt Sibusiso Ndebele Amalungu aHloniphekile esiGungu esiPhezulu Amalungu aHloniphekile eSishayamthetho sesiFundazwe Sihlalo oHloniphekile namalungu eKomidi abhekele ezeMpilo AbaHlonishwa oMeya namaKhansela Amakhosi, izinduna Abelaphi beNdabuko IBamba leNhloko yoMnyango uDkt. Yolisa Mbele Abasebenzi boMnyango weZempilo Izihambeli zethu ezehlukahlukene Izakhamizi zaseNingizimu Afrika BaFowethu noDadewethu, ngiyabingelela.
Sihlalo oHloniphekile, ngizizwa ngihloniphekile ukuma phambi kwakho nale Ndlu namuhla njengelungu elizigqajayo nelizinikele le-African National Congress, lapho sigubha khona iminyaka eyisihlanu yokuzibophezela kwalenhlangano ekusebenzeleni abantu njengoba kwasho uMongameli weZwe uMhlonishwa, uMnuz Thabo Mbeki, mhla ekhuluma ngesibopho sokusebenzela abantu ngokuthi kwakhiwe amathuba emisebenzi futhi silwe nobubha. Sisaqhubeka nalesi sibophezelo, ngikholwa wukuthi sikwenzile okusemandleni ethu ukwakha amathuba emisebenzi nokulwa nobubha. Lokhu kufakazelwe nayisiqubulo sethu esithi kuloMnyango weZempilo, Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, Sinika Ithemba kubantu abangaphezulu kuka 10 million kulesi sifundazwe sethu esihle kangaka kuleminyaka eyisihlanu edlule. Siphinde sahamba ibanga elide sisungula amathuba emisebenzi sihambisana nemigomo yokufukula abansundu kwezomnotho i-Broad Based Black Economic Empowerment.
Ezikhathini eziningi izimo esihlangabezana nazo esizweni nasezweni lethu, nemisebenzi esizibekele yona, zifuna ukuba sigqugquzele abantu, sibadidiyele bonke ukuthi babemunye ekwenzeni izinto okumele zenziwe, siqonde nokuthi nebala ikusasa lethu ngamunye ngamunye lisezandleni zethu!
Sihlalo oHloniphekile, uMongameli uthi kumele sizibheka thina ukuthi sesizuzeni kumbe sehluleke kuphi. Ngokunjalo-ke ngithanda ukuba kesibheke izinselelo esihlangabezane nazo kule minyaka eyisihlanu yesibophezelo kubantu njengoba uMongameli ememezela ukuzibophezela kubantu bakulelizwe nabakulesi sifundazwe.
Okokuqala, phakathi kwezinselelo ezinkulu esabhekane nazo maqondana nezingxoxo zamaholo abasebenzi bakahulumeni. Kwathi lapho lezi zingxoxo zifinyelela kwangqingetshe, lokho kwaholela ekutheni abasebenzi babeke phansi amathuluzi okusebenza ngomhlaka 1 Juni 2007. Lokhu akubashiyanga ngaphandle abasebenzi boMnyango weZempilo. Ukungenelela ngobuchule koMnyango kwakwazi ukuvimbela ukuphazamiseka kokuphakelwa kwezidingo zezempilo ngalesi sikhathi esasinzima. Noma yayikhona lemizamo esibaluliwe izikhungo zethu zempilo zashayeka kakhulu kwasetshenziswa nezimali ezinkulu kuqashwa abasebenzi bangaphandle ikakhulukazi abezimo eziphuthumayo ukwelekelela umphakathi owawudinga usizo. Saphoqeka ukuba seboleke imibhede ezibhedlela ezizimele nokwasidla imali eshisiwe.
Enye inselelo esibhekene nayo ngeyesifo i-Klebsiella esifundazweni. Amalungu azosikhumbula isigameko esingesihle esehla esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial lapho izingane ezashona zisazelwe ngenxa yegciwane i-Klebsiella. Uphenyo lwethu lwakhomba ukuthi inkinga yehlukene kaningi okubalwa kuzo; (i) indlela okwakhiwe ngayo izibhedlela zethu ikakhulukazi amawadi; (ii) yisimo senhlalo nesomnotho kwabesifazane abasebancane okumele bathembele komaqondana babo besilisa nokwenza bangakwazi ukuzilawula nokulawula udaba lokuya ocansini, (iii) ukuthelelana ngamagciwane ngenxa yendlela okwakheke ngayo izindlu, ikakhulukazi imijondolo, kanye (iv) nendlela okuhlelwa ngayo imindeni engahambisani nempilo yentsha.
Isibhedlela i-Prince Mshiyeni Memorial iyisibonelo esihle esibhekene nezinkinga ezifana nalezi esezibalulile. Okokuqala, ilokishi laseMlazi linabantu abaningi kakhulu uma uliqhathanisa namanye amalokishi esifundazweni, kanti lishoda kakhulu ngezinsiza zezempilo nokwenza i-Prince Mshiyeni Memorial ithwale kanzima ibelethisa abesifazane abaningi. Lesi sibhedlela sibelethisa abesifazane ababalelwa ku-1000 ngenyanga, futhi kulezi zingane ingxenye yazo ezingu-525 kuzona ziqala zigcinwe egumbini lezingane ezisesimweni esibucayi, kwi-neo-natal unit. Indawo ekhona incane kakhulu yokwemukela izingane eziningi futhi maningi amathuba okuthi zithelelane ngamagciwane ahlukahlukene. Okwesibili, ukungeneli kwezinsiza kwelapha kuleli lokishi kwenza umphakathi ungakwazi ukuhlela kahle imindeni, ikakhulukazi kwabesifazane abasebancane okuyibona abaningi abazithola bekhulelwa. Lokhu kunobudlelwane obuqonde ngqo ekuthelelaneni ngezifo zokocansi, ezihlanganisa isandulela ngculazi nezinye izifo njengesofuba neNyumoniya. Lokhu kuphinde kunike isithombe esicace bha sokuthi intsha yethu ayifuni ukuzibandakanya nocansi oluphephile noluvikelekile! Kungalesi sizathu-ke ngihlale ngihlaba umkhosi wokuthi masifingqe imikhono sidlale indima enqala ekulweni nokubhebhetheka kwezifo ezithathelana ngokocansi (kuhlanganisa nesandulela ngculazi) nokuguqula imiqondo uma kuziwa ngakwezocansi.
Yize uMnyango uzosebenzisa yonke imizamo yokuvikela ukushona kwezingane ezisanda kuzalwa; sidinga futhi ukuba wonke umuntu asilekelele ukukhuthaza inhlanzeko emakhaya, futhi kufundiswe amantombazane nabafana ngokuvikela ukukhulelwa okungadingekile kanye nezexwayiso zobungozi bezifo ezithathelana ngokocansi.
Sonke asibambe iqhaza elibalulekile ekufundiseni izingane zethu zamantombazane ukuba kube yizo ezizonaka amalungelo azo okuya ocansini.
Sizophinde sidinge ukusebenza ngokuhlanganyela neminye iminyango sinqande ukubhebhetheka kwezifo ngenxa yezimo zenhlalo. Isibonelo esihle nje ngesoMnyango wezezindlu emizamweni yayo yokuqeda imijondolo ngonyaka ka-2014, isenzo lesi esidinga ukushayelwa ihlombe. NjengoMnyango, kwisabelomali esidlule, senze imikhankaso engu-45 yezempilo, okuyimizamo yokufundisa imiphakathi ngempilo engcono, sikholelwa ukuthi lokhu kuzokwehlisa umthwalo ezikhungweni zethu ezizithola zelapha iziguli ezihaqwe izifo ebezinganqandeka.
Sihlalo oHloniphekile, sekukaningi lapho sishayeka khona kakhulu ngokulahlekelwa ngabasebenzi abanamakhono nokwehluleka kwethu ukubaheha ukuthi basebenze ezindaweni ezisemaphandleni. Lokhu kungenxa yokungabikho kwezindawo zokuhlala kanye nokungabi khona kwezimali ezanele, zokwakha izindawo zokuhlala futhi lokhu kuseyiphupho njengoba sidonsa kanzima ukwakha izikhungo zempilo nje. Sisekude kakhulu ukuyeka ukusebenzisa abasebenzi abayitoho eMnyangweni wethu. Ziseningi izikhungo ezisaqhubeka nokuqasha abasebenzi abayitoho ukuqinisa izibhedlela nezinye izingxenye zoMnyango.
Sihlela ukuqinisekisa ukuthi konke lokhu kuphele ngokushesha nokuthi bonke labo basebenzi baqashwe ngokugcwele wuMnyango. Siyaqinisekisa ukuthi zonke izikhala ezisemqoka zizogcwaliswa ngenyanga kaJuni futhi sesiphakathi nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka. UMongameli wezwe enkulumeni yakhe wathi "ngizokwenza izinto ngendlela engajwayelekile" futhi sihlela ukwenza noma yini esemandleni ukufezekisa leli phupho - noma ngabe akujwayelekile kangakanani.
Sihlalo oHloniphekile, sibhekene nezinkinga ezinkulu ngokushona kwezingane. Imibiko esinayo ikhombisa ukuthi lesi simo siyanyuka kunoma sehle, sikhathazeke kakhulu ngezinhlelo ezihamba kancane ezibhekiswe komama nokuyibona abathinteka kakhulu ngokushiywa izingane.
Ngenxa yalokhu sizoqasha uMphathi ozoseluleka aphinde asize ezinhlelweni zomama. Phakathi kwemisebenzi azobhekana nayo ukuqhamuka namasu azosiza ukungeneli kwezinsiza zokuhlela imindeni futhi ezizokwazi ukwemukelwa nayintsha, ikakhulukazi njengoba ubudlelwane bentsha nabasebenzi kungakabi seqopheleni elivuna izinhlelo zethu ukuthi zibe impumelelo.
Ngizophinde futhi ngenze isibonelo ngezinga lokukhulelwa kwentsha okukhathaza kakhulu futhi ngenxa yalokho sidinga ukukhuphula izinga lezinhlelo zethu esinazo ukuze kunciphe ukukhulelwa kwentsha, ngokusebenzisa izinhlelo ezehlukene sethemba ukuthi kungaguqula indlela yokuziphatha, ngaleyondlela bese kushintsha lesisimo.
Lokhu, bafowethu nodadewethu, kucacisa ngokusobala ukuthi kungani sidinga ukungenelela ngokushesha nokuthi senza kahle uma sicwaninga ngemishini yokuhlonza umdlavuza webele ozokwazi ukusebenziseka ezindaweni zethu ezisemakhaya ukuze sehlise umthwalo kulezi zibhedlela nokuthi sivimbele amanani aphezulu okwelapha umdlavuza webele uma ususesigabeni esiphezulu.
Kubalulekile kithina ukubalula ukuthi sisesifundazweni esingefaniswe nezinye. Ngokwezibalo, isifundazwe sethu sichazwa njengesinezibalo eziphakeme sezifo ezithathelanayo; ezifana nesifo sofuba, isandulela ngculazi, ingulazi uqobo lwayo, nezinye ezithathelana ngokocansi nezinye ezingamahlalakhona njengesikaShukela, uMdlavuza, nezeNhliziyo. Konke lokhu kunomthelela omubi kwezempilo zethu ezivele zithwele kanzima.
Njengoba sigubha unyaka wamashumi amathathu wesivumelwano i-Alma Ata Declaration, siyakholelwa wukuthi ukugxila kakhulu ezinhlelweni zokuphakela ezempilo kuwonke wonke kusiqinisekisa ukuthi sinesizwe esiphilile futhi kuthathwa njengokungenelela ekuphakweni kwezidingo ezibalulekile.
ezempilo zibalulekile kuwo wonke umuntu ukuze aphile kahle nokuthola ukwelashwa ngokobusayensi nangezindlela ezemukelekile emphakathini, ezivumeleke umhlaba wonke kumuntu ngamunye nasemindenini, futhi kumele umphakathi ubambe iqhaza eligcwele nangokwamanani angakwazi ukukhokhwa wumphakathi nomhlaba wonke ukumelana nezigaba ezehlukene zokukhula nokuzethemba.
Ngokubambelela kulesi sivumelwano, sikwazile ukuqhamuka neqhinga elihlose ukuthuthukisa indlela yokufinyelela osizweni lwezokwelapha, ukumelana nezifo eziqubuka kungazelele muntu nezithathelanayo kanye nenselelo yokwenelisa abasebenzi bethu ukuze bakwazi ukungalibalekeli izwe lethu bayosebenza emazweni asathuthuka nabaheha ngapha nangapha.
Sihlalo oHloniphekile, ekusabeleni kwethu ekhweleni lokuphaka izidingozezempilo kubantu bethu, yisamba esiyizigidi ezingu-731 zamaRandi esasisebenzisa ezinhlelweni ezingu-115, zingakabalwa izinhlelo esazivuselela. Kumele ngicacise ukuthi lezi zinhlelo ezaqokwa phakathikwezicelo ezingu-802 zokwakhelwa imitholampilo emisha.
Sinethemba lokuthi nakanjani lokhu kuzowehlisa umthwalo nengcindezi ebhekene nezibhedlela ezifana no-Prince Mshiyeni Memorial, okuyisibhedlela esizithola semukela inqwaba yeziguli ngaphezu kwesibalo esivumelekile. Sihlalo oHloniphekile, indlu iyazi, ukuthi nathi asisele ngaphandle kule nkinga eqhubekayo yokucishelwa ugesi ezweni lonkana. Sesiqedile ukuhlolisisa ama-Generator ethu ukuze ahlale elindile kuzo zonke izikhungo zethu, futhi siyazi sonke ukuthi umphumela wokucishwa kukagesi kungaholela ekufeni kweziguli kumbe ukungasizakali kwabantu. Sisezinhlelweni-ke zokuwafaka ezikhungweni nokugunyaza ukuba kuvuselelwe lawo amadala ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi asiphelelwa wugesi.
Siphezu komsebenzi wokwakha amakhaza amasha futhi sikhathazeke kakhulu ngesimo esingesihle samanye amakhaza abengaphansi kwamaphoyisa ikakhulukazi amakhaza aku-Alexander Road.
Ngenxa yalokhu sesikhombe indawo ngaphakathi emagcekeni esibhedlela i-Fort Napier ukuze sakhe amakhaza nazodla imali ebalelwa ezigidini zamaRandi awu 56.
Akusheshiswe izinhlelo zethu ukuze sizuzele abantu bonke impilo kuhlanganisa nohlelo olunamasu aqinile namaqhinga anqala kazwelonke okulwa nesandulela ngculazi nengculazi uqobo. Kulo nyaka wonke sihlose ukunciphisa isihlava sesifo sofuba sisuke ku-10% siye ku 7% kuqeqeshwe abasebenzi abangaphezulu kuka-3000 nabaphathi ababhekene nokwelapha ufuba, kuqinisekiswe ukusetshenziswa kwemishanguzo elwa namagciwane ahlukahlukene esifo sofuba kulabo abelashwayo.
Phezu kwalokho, uMnyango usuqinise uhlelo lokuxhumana nemiphakathi, ubuso nobuso, sisebenzisa amanxusa ayintsha angu-500 esiwaqashele ukungena indlu nendlu efundisa abantu ngabanye ngezifo ezithathelana ngokocansi, esofuba, isandulela ngculazi nengculazi uqobo. Lolu hlelo selusungule futhi lusaqhubeka nokusungula amathuba emisebenzi ikakhulukazi kulabo asebephothule umatikuletsheni bengakaqashwa ndawo besaphendla indlela yamakhono abo kulo mkhakha wezempilo, nokuyingxenye-ke yohlelo Lwemisebenzi Yomphakathi oLwengeziwe Extended Public Works Programme. Bheka ngoba sekuvakashelwe imizi ebalelwa ngaphezulu kuka-25 000 kusukela kwethulwa lolu hlelo ngo-Okthoba wonyaka odlule.
Ukutholakala kwamakhondomu angekho ezingeni naputshuka ngokungemthetho kwabakwa-SABS kwaba nomthelela omubi emikhankasweni yethu yokuvikela isandulela ngculazi nengculazi uqobo. Khona manjalo, uphenyo ngalolo daba luyaqhubeka futhi lwethembisa ukuthi kukhona abangase baboshwe. Phezu kwalokho, uMnyango wethu ukwazile ukuphendula indlela okwakusakazwe ngayo loludaba ukuthi ubuyise isithunzi odabeni lwamakhondomu. Bheka ngoba uMnyango usutholile ukuthi umphakathi usakholelwa ekusebenziseni ijazi lomkhwenyana ekuvikeleni izifo ezithathelanayo ngokocansi nokukhulelwa okungenasidingo. UMnyango uyaqhubeka nokuqinisa izinhlelo nemikhankaso yokuhlola igazi ngokungaphoqwa ebizwa nge-Voluntary Counseling and Testing (VCT) okumanje isisabalele ezindaweni eziningi ngisho nokungezona ezokwelapha njengasemasontweni, izikhungo lapho kubekwa khona ulwazi nezinye. Ngalolu hlelo nokungokokuqala ngqa eNingizimu Afrika, sesiqashe abeluleki abasaqala abangu-1 800 ngokugcwele.
Sihlalo oHloniphekile, yiba nami ngesihle kesishayele ihlombe abasebenzi bezempilo ngokusebenza ngokuzikhandla nangokuzinikelakwabo okusenze saziqhenya ngokuthi banikeze inqwaba yabantu imishanguzo yokuthiba igciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqoboohlelweni olubizwa nge- Antiretroviral Treatment Programme. Isifundazwe sethu yisona esinohlelo olukhulu lokuphaka imishanguzo eNingizimu Afrika, njengoba kungabantu abangaphezulu kuka-144 000abayitholayo. Lokhu kukhombisa inqubekela phambili endleleni esiyisebenzisayo yokulwa nalolu bhubhane.
Sifuna ukuthuthukisa izinhlelo zokungenelela ngokuqinisaukubambisana kwethu nazo zonke izinhlaka, ikakhulukazi abamabandla kanye nabelaphi bendabulo. Uphiko lwethu olusanda kusungulwa olubhekene nokwelapha ngokwendabuko i-Traditional Medicine Directorate, luzoqinisekisa ukuthi luqhamuka nezinhlelo ezididiyelwengabelaphi bendabuko ukuze kubonakale ukuthi abashiyiwengaphandle, futhi singafunda lukhulu emakhambini abo nasezindleleni abelapha ngazo, kanjalo nokuvuselela isithunzi sabelaphi bomdabungokuhambisana noMthetho kaZwelonke.
Ukuhlukaniswa kweziguli ezine-MDR kwenze sengeza imibhede yaba ngu-360 ezibhedlela ezinjengesaseMdlovana, iThulasizwe, iCatherine Booth, iDoris Goodwin neMurchison esezivele ziyaselapha lesi sifo. Siphinde sakwehlukanisa ngokokuqala ukwelashwa kwe-MDR esibhedlela iThulasizwe nesibhedlela i-M3. Phezu kokungenelela kwezinhlelo zethu njengoba sengishilo kodwa siyazi ukuthi sisabhekenenenselelo enzima. Uhlelo lwethu lokudla okunempilo esiluqale ngonyaka wezimali ka-2008/2009, lapho iziguli zesifo sofuba nezemishanguzo ethiba isandulela ngculazi zinikezwa amaphasela okudla okunempilo, sekusenze sabona umehluko nezinga elingcono lokuhambisana kwemishanguzo neziguli zalesi sifo. Lolu hlelo lugcizelela iphuzu lethulokuthi ukungadli ngendlela kunomthelela ongemuhle uma usengaphansi kwezinhlelo zokwelashwa. Sisakholelwa ekutheni uma lolu hlelo lungaqhutshezelwa nasezigulini ezihaqwe yigciwane lesandulela ngculaza, lingehla izinga lokubhebhetheka kwegciwane lingaze libe yisifo sengculazi uqobo.
Iziguli ezelashelwa isifo sofuba negciwane lesandulela ngculaza, izingane ezingondlekile nomama abancelisayo abangaphansi kohlelo lokuvikela ukuhaqeka kwengane encelayo uma umama enegciwaneolwaziwa nge-PMTCT zemukeliswe amaphasela okudla esigabeni sokuqala nesesibili salo nyaka wezimali esedlule. Ngenxa yokushodakwezimali lezi ziguli bese zilokhu zinikezwa iphalishi elicolekile ukwelekelela indlela abadla ngayo. Zibalelwa ku 130 000 ezinikezwa leliphalishi ngesigaba esisodwa sonyaka. Besilokhu sikhipha nokudla okunezakhamzimba ezisemqoka kulezo ziguli ezinesandulela ngculazi.
Umgomo omuhle wokulwa nesifo kumele uncike ekwakheni umzimba owondlekile ngokwemvelo; kodwa hhayi umzimba osuphila ngokwakhiwa ubuchule bodokotela phezu kwamasosha omzimba abuthakathaka; okungenani, ukuwakha ngokuhlangisa zonke izidingo ezidingwa umzimba oziphilelayo ngokwendalo.
Sihlalo oHloniphekile, ngicela ukunxusa kumaLungu esiShayamthetho ukuba aphile impilo engcono yokuzijwayeza ukuhamba, ukuzivocavoca nokudla ngendlela efanele bese bekhetha ukungasondelani nokubhema, ukuqhelelana nophuzo kanye nezidakamizwa.
UMnyango wezeMpilo usuhlanganise amaqhinga anzulu nezikhungo ezithize zomphakathi abhekiswe ekukhuthazeni impilo engcono. Lokhu kuhlanganisa izikole, imitholampilo, izibhedlela, emakhaya nasemisebenzini.
Phezu kwalokho, iNyuvesi iphinde yenze nocwaningo lokuthi lolu hlelo lunomthelela kangakanani empilweni yabafundi. UMnyango wezeMfundo, owezeMidlalo nezokuNgcebeleka ngokubambisana noweZempilo kanye neNyuvesi yaKwaZulu-Natal, bazibophezele ngokubambisana ukusabalalisa lolu hlelo ezikolweni eziningi esiFundazweni.
Senza imizamo ebalulekile ukulwa nezifo ngokunakekela imizimba yethu nokukhuthaza lokhu emphakathini. Sihlalo oHloniphekile, ngisho singaba nayo imizamo kodwa sisenayo nemigoqo emi endleleni esivimbelayo ukuba siphumelele kule mikhankaso. Njengoba sengike ngabalula, indlala ngenye yaleyo migoqo, njengoba zilokhu zibuya nje izifo.
Sekuqoqelwe ndawonye imininingwane yezinsiza ezibhekene nezingozi nezimo eziphuthumayo ezibhedlela zesifundazwe kanti kunabasebenzi abaqeqeshwayo kule mikhakha.
Isigamu sokuqala sequbomgomo yokulawulwa kwezibhedlela sesiphothuliwe. Inhloso yalenqubomgomo wukuqinisa ukulawulwa kwezibhedlela nokuqinisekisa ukusebenza kahle kwamaBhodi ezibhedlela. Lenqubomgomo isivele seyethuliwe emaBhodini alawula izibhedlela yathola ukwesekwa ngo elethu. Indlela abasebenzi bezokwelapha abaletha ngayo usizo emphakathini kube nomthelela omuhle ngisho nakubantu abanokukhubazeka.
Sizophinde sisungule izikhungo zokuhlola amehlo (Opthalmology) oThungulu, eLembeni, eThekwini, oGwini naseMgungundlovu ukuhlangabezana nezinhlelo zethu zokunciphisa izinga labantu abaphoqelekayo ukuba bahlinzwe amehlo. Ngaphezu kwalokho, abakwa-MTN benze lokhu kwalula ngokunikela ngemitholampilo engomahamba nendlwana emithathu esizoyithola ngoJuni nonyaka.
Isibophezelo i-Alma Ata Declaration iyona eqapha indlela esisebenza ngayo uhlelo lokunakekela abantu emakhaya nasemphakathini okuyingxenye ebaluleke kakhulu ekuletheleni izingqalazidingo zezempilo. Le ndlela ihlale ithuthukiswa, kanti idinga ukuzibandakanya, ukubamba iqhaza okugcwele kanye nokuthuthukiswa kwabantu esibasizayo.
Kulo nyaka odlule wezimali, ngamavolontiya angu-15 700 abambe iqhaza elibonakalayo ekuletheni usizo lwezempilo behamba indlu nendlu nasemphakathini. Kuleli nani, angu-4749 kuwona abethola umthobanhliziyo ka-R500 ngenyanga. Sizoqhubeka nokusiza lama volontiya ukuze azihlele ukuba abe yizinhlangano ezisemthethweni zomphakathi, nokuzokwenza uMnyango ungene ezivumelwaneni nazo, futhi ukwazi nokuxhasa nangezimali zokukhokhelwa kwamavolontiya. Njengamanje izinkontileka ezikhona zingu-139 nezinhlangano ezingahlose kwakha nzuzo ezihambisa usizo lwezempilo emakhaya esifundazweni sonkana. Kulo nyaka odlule wezimali, abangu-2200 nabangu-3400 kwaqeqeshwa ngokusemthethweni abantu ababhekene nokuletha lolu sizo bathola iziqu zika-NQF level 1 no NQF level 4 ngokulandelana.
Lokhu kuzokhulisa abasebenzi baloluhlelo baze bafinyelele ku-10 000 kulo nyaka omusha wezimali. Inkontileka esinayo no-KZNPPHC iyakubalula ukuthi njengoba iyinhlangano engabheke nzuzo, kumele nayo ilekelele ezinye izinhlangano ukulawula izinhlelo zazo zokunikeza ngokusiza emakhaya nasemphakathini ezindaweni zazo. Lokhu kuqinisekisa ukuthi lezo zinhlangano ngezomphakathi nawo umphakathi wazi ukuthi ngezawo kanjalo nokuthuthukisa imiphakathi entulayo, okuyisibophezelo esiyingxenye yesiqubulo sethu esithi silwa nezifo, silwa nobubha sinika ithemba! Izinhlelo zethu zezempilo emphakathini sezibambe elikhulu iqhaza saphonsa itshe esivivaneni ekulweni nendlala ezindaweni ezintulayo. Kuze kube yinamuhla sekuvuleke amathuba emisebenzi angu- 9302.
Ngifisa ukuyiqinisekisa le Ndlu ukuthi, phezu kwalezi zinselelo, uMnyango awuzanyazanyiswa yilutho futhi saqala kudala ukwenza izinto "ngendlela engajwayelekile" engakasho noMengameli wezwe. Sesiziqinisile izinhlaka zethu zezifunda ukuze zikwazi ukuba namandla okuhambisa izidingo ngqangi zezempilo. Isibonelo, e-Thekwini sekuqashwe uMphathi umkantsh' ubomvu esigabeni 14 ngokwezinga, futhi angikuveze ukuthi zonke izifunda zethu sezihlomisiwe ngolwazi lokuhlangabeza izimo ezibucayi ezingazama ukuhlasela isifundazwe noma ingasiphi isikhathi.
Ukubaluleka kwalesi sibonelo wukuthi mhlawumbe sibuye, sikhombise, ngezinye izikhathi ukuphelelwa ngamandla siyishaye phambili sibuye siyishaye emuva ngenxa yokuthi asiyisebenzisi indlela ka-Lenin ukuchaza izinselelo esibhekene nazo kwezempilo zangaleso sikhathi kubantu. Njengoba kwake kwasho yena uLenin eminyakeni engu-90 eyedlule sidinga ukuba "sibe nesineke, siphindaphinde, ngobuchule kubantu indlela engasetshenziswa okuguquguqulwa ngayo umphakathi".
Izigidi zalisebenzisa lelo thuba okwangempela, zazibophezela ekuzuzeni ukuthula, inkululeko engakhethi bala nabulili, ukwabelana ngempumelelo nempilo engcono kithi sonke.
Kufanele sibambisane ukuze sifezekise lezi zethembiso zikaHulumeni.
Sihlalo oHloniphekile, isamba sezigidigidi ezingu-15 zamaRandi ebesicelelwe lo nyaka wezimali sikhombisa ukwengezwa ngezigidigidi eziwu-1, 117 zamaRandi noma u-8% ngaphezulu kwesabelomali sanyakenye. Imali okuphakanyiswe ukuthi izokwabelwa izinhlelo ezahlukene zoMnyango ihambisana nokuhlelwa kabusha kwezinhlelo esifuna ukuzifezekisa njengoba kudingeka kwenziwe.
Ukubuyekwezwa kabusha kokusebenza koMnyango kubalulekile ukuze siqinisekise ukuthi usebenza ngendlela efanele futhi uyakwazi ukuthi unikeze abantu bakithi usizo lwezempilo olufanele nolwenele kubo bonke abantu.
Ukuze kwenzeke kahle konke lokhu kudingeke ukuthi sibuyekeze kabusha isabelo-mali soMnyango ukuze sikwazi ukufeza izidingo nezinhloso njengoba sekuhleliwe ezinhlelweni zangalo nyaka. Isabelo sezimali sizonyuka ngo- 24.
wezigidi ngonyaka wezimali odlule siya ku-305.5 wezigidi zamaRandi kulonyaka ka2008/2009. Uma isiyonke imali yalolu hlelo iba ngu 2% wesabelo sezimali. Sihlela ukuthi siqhubeke ngokusemandleni ethu ukuba sigcwalise izikhala zalabo basebenzi abenza imisebenzi ethathwa njengentuleka kakhulu ukuze sikwazi ukuthi sifeze izidingo esinqume ukuthi sizifeze kulo nyaka.
Sihlalo oHloniphekile, ngonyaka wezimali odlule, iziguli ezingu-21 097 790 zivakashele imitholampilo yethu. Kulindeleke ukuthi senyuke lesi sibalo sifinyelele ku-22 350 000 nangaphezulu kulonyakeni ka 2008/2009. Izinga abantu abasebenzisa ngalo imitholampilo yethu kulindeleke ukuthi likhuphuke. kulonyaka wezimali u2008/2009. Abantu ababalelwa ku-2 545 000 okulindeleke ukuthi bavakashele izibhedlela zethu ezisezingeni lesifunda kulo nyaka wezimali uma kuqhathaniswa nabawu-2 168 440 ngonyaka wezimali ka-2007/2008. Kanjalo nenani lesilinganiso seziguli ezithutheleka kulezi zibhedlela kulindeleke ukuthi likhuphuke lisuka-4 903 785 zangonyaka wezimali owedlule linyukele ku-5 600 000 kulo nyaka wezimali ka-2008/2009. Ngenxa yokushintsha kwendlela okuhlasela ngayo izifo, isikhathi esijwayelekile esizothathwa yiziguli kulezi zikhungo zezempilo kulindeleke ukuthi senyuke ezinsukwini ezi-5.6 ziya kweziphakathi kweziyi-7 ne 15 ngenxa yezifo esesibhekene nazo.
Imali eyabelwe lolu hlelo olubalulekile izonyuka ngo izigidi ezingu-539 zamaRandi isuka ezigidigidi ezingu-6.376 zamaRandi ngonyaka wezimali odlule iya ezigidigidi ezingu-6.915 wezigidigidi zamaRandikulo nyaka. Umehluko wokukhushulwa kwale mali ubonakala kanje: Ukuphathwa kwezifunda, Imitholampilo yemiphakathi, usizo lweZempilo olutholakala emiphakathini, izinhlelo zokulwisana negciwane lesandulela ngculazi kanye nengculazi kanye nezinhlelo zezibhedlela ezisezingeni lesifunda.
Sibeke isamba sezigidi ezingu-632.5 zamaRandi ukuze sikwazi ukunikeza lolu hlelo kanye nezinye ezihambisana nalo. Lemali inyuke ngezigidiezi-77.6 zamaRandi, uma uqhathanisa nemali eyayabelwe lolu hlelo eyizigidi ezingu-554.9 zamaRandi ngonyaka wezimali odlule. Sisahlalelwe umsebenzi onzima wokuqinisekisa ukuthi siphinde sengeze isibalo sama-Ambulensi, kusuka kulesi sibalo esinaso sama-Ambulensi angama-442 kuya kuma-960 ukuze sihambisane nemigomo kahulumeni kuzwelonke. Sibheke ukuthi sithole ama-Ambulensi amasha angama-147 ukuze isibalo sethu sama-Ambulensi sifinyelele kuma-598.
Okusiphethe kabi, Sihlalo oHloniphekile, ukwentuleka kwabasebenzi bosizo lokuqala emkhakheni we-Advanced Life Support ne-Intermediate Life Support. Ngamanye amazwi abasebenzi bale mikhakha ekwaziyo ukuthi basize ezimweni eziphuthumayo mihla namalanga. Nakuba kunjalo sizothatha izinyathelo ezibonakalayo ukuthi sizigcwalise lezikhala.
UMnyango weZempilo uzimisele ukuba nezivumelwano nabaphathi bezinkampani zama-Medical Aid ukuthi banxenxe amalunga abo asebenzise izikhungo zezempilo zikahulumeni, njengoba lokhu kuzokhuphula inzuzo yethu. Sikhuluma nje sesiphothuliwe isivumelwano noMnyango wezokuVikela, isivumelwano sithi uMnyango weZempilo uzobahlinzeka ngosizo lwezokwelashwa kubasebenzi babo namalunga emindeni yabo. Esikhathini esingaphambili, abasebenzi bezombutho wezokuvikela babethola usizo lwezokwelashwa ezibhedlela zangasese. Ukuze siqinisekise ukusebenza kwaloluhlelo, sizodinga uhlelo olunqala lokukhokhisa nokuqashwa kwabaphathi abafanele ezikhungweni eziqokiwe ukuqinisekisa ukuthi isifundazwe sizuza ngokufanele kulolu hlelo.
Ukuze sikwazi ukufeza izinhloso esizimisele zona, sikhuphule isabelo-mali kusuka ezigidigidini ezingu-3.614 zamaRandi saya ezigidigidini ezingu-3.899 zamaRandi kulo nyaka wesabelo-mali. Kusho ukuthi sengeze izigidi ezingu-285 zamaRandi uma siqhathanisa nonyaka wezimali owedlule. Lokhu kuthasisela kuzosiza kakhulu ukuthi sikwazi ukuqhubeka nokufaka izinhlelo zokulwa nokukhuphuka kwamanani ezimpahla ezithengwayo, sinciphise isibalo sabantu abahlaselwe yiMDR neXDR TB, kanjalo nemithelela ye-Occupation Specific Dispensation.
Kulo nyaka wezimali, sihlela ukuqeqesha isibalo esingu- 3,342 sabahlengikazi abasafunda, abangu-1,041 asebevele babhalisile nabangu-103 ababhalisele ukufundela ukusiza abahlengikazi. Kulo nyaka olandelayo wezimali sifisa ukusikhulisa isibalo sokuqeqesha abahlengikazi abazobhekana nokusebenza emitholampilo ethize naleyo engomahamba nendlwana.
Kuzoqeqeshwa abasiza kuma-Ambulense ababalelwa ku-400 kulo nyaka wezimali uma uqhathanisa nabangu-88 bangonyaka owedlule wezimali. Lesi sibalo sihambisana nesidingo okumele sibe naso ungakashayi unyaka ka-2010 nangale.
Sihlalo oHloniphekile, sibe sesengeza isabelomali salolu hlelo ngezigidi ezingu-55.7 zamaRandi sisuka ezigidini ezingu-522.6 zamaRandi onyakeni odlule wezimali saya ezigidini ezingu-578.3 zamaRandi kulo nyaka wezimali.
Izinhlelo zoMnyango weZempilo zokwelekelela zihlanganisa ikakhulukazi nokulawulwa kwamaKhemisi. Kulesi sikhathi kubalulekile ukuba nginibuyisele emuva esitatimendeni esenziwe ngohlelo lokuvikela ukuthathelana ngegciwane kukamama nengane encela ibele, nokubalula ukuthi ukuqalisa kokusebenza kwalolu hlelo kulindeleke ukuba kudle imali eningi esabelweni sethu. Isizathu salokhu yisibalo semishanguzo okumele siyithenge esingeke saphikisana nakho njengoba ukuphazanyiswa kohlelo lwemishanguzo ethiba isandulela ngculaza kungachaza ukushona kweziguli ezithintekayo.
Sihlalo oHliniphekile, sisikhulisile isabelo ngezigidi ezingu-21.5 zamaRandi sisuka kwizigidi ezingu-12.649 wamaRandi onyakeni odlule wezimali saya ezigidini ezingu-R34.130 zamaRandi kulo nyaka wezimali. Lokhu sikwenzele ukwehlukanisa imithamo esizothenga ngayo imishanguzo nokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo aluphazamiseki. Kulindeleke ukuba imithi ikhule ifinyelele ezigidini ezingu 978 zamaRandi ngo-2008/2009, khona manjalo imali esizoyisebenzisa kwimishanguzo ilindeleke ukuba ikhule nengase ifinyelele kwizigidi ezingu-322 zamaRandi ngo-2008/2009. Siphakamisa ukubonga kuNgqongqoshe wezezimali nokuthuthukiswa komnotho, uDkt Zweli Mkhize, ngokusichathazela ezinhlelweni zethu zokulwa negciwane lesandulela ngculaza nengculaza uqobo kanye nasezinhlelweni zokulwa nesifo sofuba.
Sibonile ngamehlo ethu, mhlawumbe sazizwela thina qobo, ukuthi kusho ukuthini ukuhamba ungadlile nokuvuka ebuthongweni kade ukhungethwe ngamaphupho amabi nawo egcwele indlala ngokwawo, nokwazi ukuthi nosuku olulandelayo aluthembisi lutho. Siwabonile amehlo okuthe ecwebile kodwa enokwesaba abe enakho ukuncenga, abancane nabadala, obaba nomama bethungatha befuna okuya ethunjini ezinkunkumeni zokudla okulahliwe ukuze imindeni yabo ilale idlile, sibabona bekwenza lokhu ngoba bengasafunwa muntu.
Sihlalo oHloniphekile, kumele ngizwakalise intakaso yami nokubonga kubantu abaningi abasebenze nathi ekuqinisekiseni ukuthi siyazigcina izethembiso zethu esazenza kubantu baKwaZulu-Natal. Ngithanda ukubonga kozakwethu esiGungwini eSiphezulu ngaphansi kobuholi buka Dkt Sibusiso Ndebele, u-Ndunankulu wesifundazwe sethu.
Ngithanda ukubonga i-Komidi lesi-Shayamthetho leZempilo, ngaphansi kobuholi buka Nkk Zanele Ludidi, ngokuseseka, ukusiqapha nokuzinikela kwalo eMnyangweni wezeMpilo. Ngibuye ngibonge kuSihlalo we-Komidi lezeziMali, uNkk Belinda Scott, ngezeluleko zakhe ezinzulu asiphe zona.
Ngibonga ngenhliziyo yami yonke eMkhandlwini wesifundazwe wezeMpilo nakwamanye amaKomidi ehlukene aselulekayo ngokuseseka kwawo. Sihlalo oHloniphekile, ukusebenza kwami kulo Mnyango kungenze ngabona ukuthi sinabasebenzi abazinikele kangakanani, iqembu labantu abasebenza ngokuzikhandla ukwenza lo Mnyango ube ngongcono kulokhu oyikho. UMfu.
Uma ungeke ube yilanga, yiba yinkanyezi: Akukhona ukuthi ungakanani okukwenza wehluleke noma uphumelele ngakho-ke, yiba ngumpetha kulokho oyikho.
Lezi zinsizwa nezintokazi zisebenza kanzima usuku nosuku ukuqinisekisa ukuthi usizo lwazo lugeleza aluphazamiseki. Sihlalo oHloniphekile, ngithanda ukuthatha lesisikhathi ngethulele isigqoko ngibonge kubo bonke abasebenzi boMnyango kusukela kwiNhloko yawo ebambile, uDkt Yolisa Mbele, abaphathi abaphezulu nabobonke abasebenzi kuhlanganisa nabahlanza amahhovisi nonogada abaqaphe amabhilidi nokuphepha kwethu, lapho sisebenza khona. Ngiyabonga futhi nangemithandazo engiyitholile ezinhlanganweni nasemabandleni ehlukene nakubelaphi bethu bendabuko abangakhathali ukusibeka emadlozini ethu.
Ngithathekile wuthando olungaka nokuqonda komndeni wami ochitha isikhathi eside ungangiboni. Angiphinde ngizwakalise ukuzibophezela kwami esibophezelweni se-ANC esithi sinesibopho nomphakathi sokwakha amathuba emisebenzi nokulwa nobubha.
