Ndunankulu ohloniphekile; Somlomo nesekela likaSomlomo Amalunga esigungu esiphezulu sesifundazwe; Amalunga ahloniphekile eSishayamthetho sesiFundazwe; Sihlalo kanye nawowonke amalunga ahloniphekile ekomidi lezeMpilo. IziMeya namaKhansela; Amakhosi akhona phakathi kwethu; INhloko yomNyango, uDkt. Busi Nyembezi; Izimeneja zomnyango kuwowonke amazinga kubandakanye nezimemeja zeziFunda zomNyango wezeMpilo, izimeneja zezibhedlela, Amalunga amabhodi ezibhedlela, amalunga e-Mental Review Board, amaKomidi emiTholampilo, Abelaphi beNdabuko kanye nabobonke ababambiqhaza emNyangweni wezeMpilo. Ezinye izicukuthwane ezikhona lapha engingazibalanga; Bafowethu nodadewethu, ngiyanibingelela.
Ukukhathazeka okumangazayo esibhekana nakho, ikakhulukazi kulomkhakhawezempilo, sizama ukubhekana nomthwalo wezifo obekwe phezu kwamahlombe ethu yizinga eliphezulu lobubha elenza umsebenzi wethu ube ngumqansa onzima kakhulu.
Asibumbaneni sibemunye njengezakhamizi zalesisifundazwe esihle kangaka emkhankasweni wokulwa nobubha, ukuhlukunyezwa kwabesimame nezingane, izifo kanye nokukhombisa ukuzibophezela kwethu ekunakekeleni amalungelo abantu kanye nokunakekela isimo somuntu, isithunzi somuntu kanye nobumqoka bomuntu ngamunye.
Izindaba ezithinta ezempilo namalunga ahloniphekile yizona zindaba ezingumgugodla ohlwini lwalokho okusuke kukhulunywa ngakho ezithangamini ezidingida ukuthuthukiswa kwenhlalakahle yomphakathi nomnotho.
INgqungquthela yamazwe omhlaba yomama basemakhaya iInternational Rural Women's Conference ibanjelwe e-Thekwini njengoba sikhuluma. Siyazi ukuthi esifundazweni sethu abantu besifazane bayingxenye engu-53% yesizwe sonkana kanti iningi labo liphila ezindaweni ezisemakhaya nokuyilapho kuxake khona izinga eliphezulu lobubha, izifo, ukwentuleka kwamanzi, ukuthuthwa kwendle, kanye nokwentuleka kwezingqalasizinda. Kunamazwe asathuthuka asenze umehluko obonakalayo kulezizingqinamba esisabhekene nazo. Asethembe ukuthi lengqungquthela izonikeza ithuba lokwabelana ngemibono mayelana nokuthi kungabhekwana kanjani nalezizimo ezibhekene nabantu besifazane kulesisikhathi.
Umsebenzi wethu njengomNyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukuhlinzeka usizo lwezempilo ngokulandela umgomo wokuhlinzeka usizo lwezempilo kusukela emazingeni aphansi, nokugxile ekuhlinzekeni usizo lwezempilo kuwowonke umuntu ngokulingana, ukubandakanya umphakathi ekuthathweni kwezinqumo kanye nokusebenzisana nayoyonke imikhakha ekhona esifundazweni.
Isikhungo esihlinzeka usizo lwezempilo oluyisisekelo emazingeni aphansi sasungulwa endaweni yase-Pholela lapha KwaZulu-Natal ngonyaka ka-1948, esikhathini esiyiminyaka engamashumi amathathu ngaphambi kokuba uhlelo lwe-i-Alma Ata Declaration lwemukele ukusebenza kwemitholampilo yamazinga aphansi ngonyaka ka-1978, njengendlela yokuhlinzeka usizo lwezempilo engenazo izindleko eziphezulu. Umndeni wezempilo emhlabeni wonke ikakhulukazi kumazwe asathuthuka uyakubona ukuthi kumele sithuthukise ngamandla usizo lwezempilo emazingeni aphansi uma sifuna ukubhekana nomthwalo wokulwa nezifo ngendlela ephumelelayo.
Saba nemicimbi eyahlukahlukene ngonyaka owedlule nokuyilapho sadlulisela khona emiphakathini imilayezo enhlobonhlobo yezempilo. Kulonyana sizokwakha phezu kwalokho njengesisekelo sigxile ekwakheni ubudlelwano obunomphumela ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi sisebenza nokubambisana ekudingideni izihloko noma izindaba ezithinta ezempilo, futhi khona lapho sibe sithuthukisana . Ngiyethemba ukuthi ngalokho siyoyibona inqubekelaphambili neyokhonjiswa yizinkomba zezempilo.
Sibhekene nezinga lobubha elimi ku-54.3% kulesisifundazwe kanti kwezinye izindawo ezisemakhaya izinga lobubha lilinganiselwa ku-80%. Sishilo ngaphambilini ukuthi izinga lokwentuleka kokudla liphezulu kakhulu njengoba limi ku-70%. Kulesisifundazwe, abantu abangu 32% kuphela abakwazi ukuthola amanzi ahlanzekile (kuzwelonke balinganiselwa ku-79% kanti angu-24% amakhaya anohlelo olufanele lokulahlwa kwendle esifundazweni kanti kuzwelonke nalinganiselwa ku-62%) Izinselelo ezifanayo lezi ezihaqe izindawo ezingomazakhele ezigudle emadolobheni nokuyilapho kunezinga eliphezulu kakhulu lobubha, ukungakwazi ukuthola izidingo zempilo ezifanele kanye nenxanxathela yezifo.
Izifunda Uthungulu, Uthukela, Umkhanyakude, Umzinyathi iZululand kanye nezinye izingxenye zesifunda Ilembe zinezinga eliphezulu lobubha nelikhonjiswa yizinkomba zezomnotho. Kanti isifunda Ugu, Ilembe kanye nesifunda Umzinyathi, ingxenye esempumalanga yesifunda Uthukela kanye ne-Zululand, yingxenye esenyakatho yesifunda Umkhanyakude inezinkomba ezikhombisa izinga eliphezulu kakhulu lobubha nokuntengantenga kwenhlalakahle yomphakathi (okubandakanya izinga eliphansi lemfundo, ukuminyana kwabantu, iningi lalababantu okuyintsha, abantu abadala kanye nabantu abakhubazekile).
Izindawo zasemakhaya esifundeni Umzinyathi, Uthungulu, Uthukela, Umkhanyakude, iZululand, Ugu, Ilembe, kanye nesifunda Isisonke zinezinkomba ezikhombisa izinga eliphezulu lokwentuleka kokuhlinzekwa ngendlela efanele ngezidingongqangi okubalwa kuzo amanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nokungabibikho kohlelo olubhekele ukulahlwa kwemfucuza nokudala inkinga enkulu kwinhlalakahle yempilo yomphakathi.
Egameni le-Alma Ata, kumele sisebenze ngokubambisana neminye iminyango ezinhlelweni zentuthuko ukuze sibhekane nezinselelo eziphazamisa inhlakahle yempilo yomphakathi nokuphazamisa ukusimama komnotho.
Njengengxenye yalomshikashika, sifuna ukuhambisa usizo lokuhlolwa komphakathi izifo eduze nawo umphakathi siphinde sithuthukise imikhakhankaso yokukhuthaza impilo eyiyo kanye nezinhlelo ezifundisa ngezempilo ngenhloso yokwazisa, ukufundisa kanye nokuqwashisa imiphakathi ngezempilo. Onompilo bethu bazoba semqoka kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi loluhlelo luyaphumelela.
Uphiko olubhekene nosomabhizinisi abancane iTargeted Enterprises Unit, lwasungulwa kulomnyango ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi aphethwe ngabantu abamnyama abamba iqhaza elisemqoka emisebenzini ethengwa nguhulumeni ngenhloso yokwehlisa izinga lobubha kulesisifundazwe kanye nokuthuthukisa isimo sezempilo kanye nokwakha ikusasa eliphephile neliqhakazile. Njengamanje kugxilwe kumabhizinisi emifelandawonye (Co-operatives), amabhizinisi amancane, aphakathi nendawo, kanye nalawo abanzi (SMME) ngokucheme noma ngokubhekelela kakhulu labo ababencishwe amathuba ngaphambilini. Kunezinhlelo ezibhekene ngqo nabantu besifazane, intsha kanye nezinkampani zabantu abakhubazekile.
Imali engu-R81 million ikhishwe ngaphansi kohlelo lokunikeza izinkampani ithuba lokuncintisana kunalolo lokuba kuthunyelwe izincwadi ezinxusa izinkampani ezithile ukuba ziqhudelane ngamanani okwenza umsebenzi osuke udingakala. Loluhlelo lukhombise intuthuko yokukwazi ukusingatha uhlelo lokukhankasela umsebenzi endimeni yamabhizinisi emifelandawonye.
Lokhu kuyinkomba egqame bha yokuzibophezela komnyango ekulweni nezifo, ukulwa nobubha kanye nokunika ithemba kubantu besifundazwe saKwaZulu-Natal.
Kunobufakazi obucace bha bokuthi uma ubamba iqhaza ekuthuthukiseni impilo nemfundo yowesifazane, uthuthukisa isimo sempilo yezingane zabo okuyiyona mbewu engumgogoda yesizwe esinempilo nekusasa eliqhakazile.
Umkhakha obhekelele isimo sabesifazane ngesikhathi sokukhulelwa ubambe iqhaza elibonakalayo kwezempilo, nokuyiwona oqagula intuthuko ekuhlinzekweni kosizo lwezempilo emazingeni aphansi. Nakuba kunjalo, muningi umsebenzi okusamele wenziwe ekuthuthukiseni uhlelo lokusingathwa kwesimo sabesimame abakhulelwe njengoba kuveziwe embikweni okhuthaza ukunakekelwa nokuvikelwa komama (Save Mother). Amathimba azobhekana nalomsebenzi aseqokiwe ngokwemiklamo yezingxenye ezintathu (3 areas) zomNyango wezeMpilo esifundazwe, nazogxila ekuqinisekiseni ukusebenza kwezincomo eziphakanyiswe kulombiko.
Izifo ezingathelelani kanye nesifo somdlavuza Ukushintshashintsha kwezindlela abantu abaphila ngazo kuholele ekutheni kuqubuke izifo ezihambisana nendlela umuntu aphila ngayo, nokuholele ekukhuleni kwezinga lokuhlasela kwesifo sikashukela, ukukhuphuka kwezinga lokushisa kwegazi, kanye nezinye izifo ezahlukahlukene zenhliziyo. Asiqapheleni sonke, sizihlole njalonjalo ukuthi asikahlaselwa yini yilezizifo ngoba uma sezibonakele emzimbeni womuntu zingelapheka. Kumele sonke sizibophezele ukuthu umuntu ngamunye ubhekelela impilo yakhe.
Isifo samathambo esibangelwa ukuhamba kweminyaka kumuntu kanye nokuba nesisindo eseqile, kwezinye izikhathi kuba yimbangela yokuthi umuntu kudingakale ukuthi ashintshwe ijoyinti elihlanganisa amathambo nokuyindlela yokwelapha lesisimo. Uphiko lokwenza lomsebenzi iJoint Replacement Surgery lusesibhedlela Inkosi Albert Luthuli. Iziguli eziningi zivamise ukudinga usizo lokushintshwa ijoyinti lenqulu kanye neqakala. Ukukhula kwesibalo seziguli zaloluhlobo kudinga uphiko olunobuchule obuthe thuthu futhi olubandakanya izindleko eziphezulu. Kumanje kuneziguli ezingama-662 ezilinde ukushintshwa amajoyinti athile omzimba. Imali esisele yokwenza lomsebenzi yonyaka wezimali ka-2007/8 ngu-R540, 000, 00 okuyimali ezokwanela izindleko zeziguli ezingama-27 (amashumi amabili nesikhombisa) kuphela kuze kube ngunyaka olandelayo wezimali.
Iziguli emtholampilo noma ophikweni olubhekene nezifo zamathambo, iziguli zibhekene nezinhlungu ezinzima kanti sekuphele izinyanga zingakwazi ukuhamba njengoba zidinga ukushintshwa kwamajoyinti ezinqulwini nasemadolweni. Leziziguli ezintsha ezisanda kufika, ezingekho ohleni lwalabo abasalinde usizo angeke zibuyiselwe emakhaya ukuze zibuye ngonyaka ka-2009 ngenxa yobuhlungu ezibhekene nabo. Kanti ngaphandle kwalokho, leziziguli azisakwazi ukuzenzela izinto kunalokho seziphenduke umthwalo emindenini yazo nakuhulumeni. Kungaba ukungabi nabo ubuntu ukuzilindisa isikhathi eside kangaka ngaphambi kokuba zihlinzwe ukuze zikwazi ukuhlukana nalobubuhlungu obungaka futhi zikwazi ukuhamba.
Ukushintshwa kwamajoyinti omzimba kukodwa nje kudinga imali engu-R8, 000,000,00 ngonyaka ukuze uhla lwalabo abalindile lube sesimweni esemukelekayo.
Sihlalo kanye namalunga ahloniphekile, sichaze kabanzi ngaloludaba ngenhloso yokucacisa izindleko esilengela phezulu kwazo ngenxa yezifo ezingathathelani.
Isibhedlela esibhekene nabakhubazeke ngokwengqondo esiseMzimkhulu esisanda kusithatha saba ngaphansi komnyango, bekuyisona kuphela isibhedlela ebesihlinzeka lolusizo engxenyeni esenyakatho ye-mpumalanga yesifundazwe sase-Eastern Cape. Sibe sesivumelana ngokubasiza ngaphansi kombandela wokuthi bazokhokhela imisebenzi esizobahlinzeka yona isikhathi esiyiminyaka emithathu.
Asidingi ukugxila kakhulu enkingeni yokusetshenziswa budedengu kwezidakamizwa okuyiyonanto ehlukumeza intsha futhi iholele ezimweni eziningi ezisuke zingaqondiwe.
Udaba lokuhlolwa kwesifo somdlavuza kumele lube yingxenye yalokho esibhunga ngakho ngenxa yokukhuphuka kwezinga lokuhlasela kwesifo somdlavuza emiphakathini yakithi.
Ohloniphekile sithola kunezingozi eziningi emigaqweni okuphetha sekungumthwalo eMnyangweni Wezempilo.
Waqhubeka wathi njengoba sasibambene futhi sizinikele ekulweni nobandlululo singalinqoba igciwane lesandulelangculazi nengculazi kanye nodlame nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane okuneqhaza ekubhebhethekeni kwegciwane lesandulelangculazi kanye nezinye izifo ezithelelana ngokocansi (STI's). Ngiyaphinda futhi ngithi, ukubamba iqhaza ekunakekeleni abantu besifazane nezingane kuqinisekisa isizwe esinempilo.
Enye yezindlela esemqoka yokuvikela igciwane lesandulelangculazi ukugqugquzela uhlelo lokuzinikezela ngokuzithandela ekutheni welulekwe bese uyahlola isimo sakho, Voluntary Counselling and Testing, nokuluhlelo olukhuthaza izakhamizi zakuleli ukuba zazi isimo sazo segciwane lesandulelangculazi. Nakuba kusungulwe loluhlelo ezikhungweni zezempilo zikaHulumeni ezingama-636 (amakhulu ayisithupha namashumi amathathu nesithupha) kanye nasezikhungweni okungezona ezikaHulumeni ezingama-60 (amashumi ayisithupha), kodwa balinganiselwa ku-2 kuya ku-3% kuphela wabahlali balesisifundazwe abasebenzisa lezizikhungo. Kungalezozizathu umnyango usuqoke ukugxila kakhulu ekusabalaliseni ngamandla loluhlelo lokuhlola isimo sakho ngokuzithandela. Umnyango wenza lokhu usebenzisa izindlela eziningi okubandakanya izikhungo zokusakaza ngenxa yobumqoka bokuthi umuntu azi isimo sakhe segciwane lesandulelangculazi. Loluhlelo (lwe-VCT) kumele lutshalwe ngokwanele ezinhlakeni zethu ezibhekelele impilo yabasebenzi (Employee Wellness Centre) ukuze lusize abasebenzi bethu bazi isimo sabo ukuze kumiswe uhlelo oluzobhekelela labo asebehaqwe yigciwane lesandulelangculazi futhi kwesekelwe imindeni yabo. Sesifikile isikhathi lapho kumele semukele khona ukuthi lesi yisifo esifana nazozonke ezinye izifo, okusho ukuthi umuntu uma elandele indlela efanele yokuphila, angaphila impilo eyiyo.
Kulonyaka wezimali sizoqala uhlelo lokusungula izikhungo ezizobhekelela labo abahlukunyezwe ngokocansi ezizobizwa ngokuthi iThuthuzela Centres, nokuyilapho kuzohlinzekwa inhlanganisela yosizo kubandakanye nosizo olunikezwa onukubezwe ngokocansi olumvikela ezifweni noluzohlinzekwa ngaphansi kokuqondiswa yiminyango ethintekayo okubalwa kuyo uphiko lwamaphoyisa (SAPS) umNyango wezobuLungiswa kanye nomNyango wezeNhlalakahle ngenhloso yokuqhakambisa amalungelo abantu uma kuhlinzekwa usizo lwezempilo.
Ukwehlisa izinga lokugcwala kwemibhede ezibhedlela ngenxa yegciwane lengculazi, sekwenziwe uhlelo lwemibhede ezolala labo abangasadingi ukunakekelwa okwengeziwe. Njengamanje kunenani lemibhede eyizi-2,556 (izinkulungwane ezimbili amakhulu amahlanu namashumi amahlanu nesithupha). Kulemibhede eyizi-2,277 (izinkulungwane ezimbili namakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nesikhombisa) isezikhungweni zikahulumeni kanti engama-279 (amakhulu amabili namshumi ayisishiyagalombili nesishiyagalolunye) isingethwe yizinhlangano ezisebenza ngokungahlose kuthola nzuzo, (NGOs).
Njengamanje isifundazwe sibhekene nengwadla yegciwane lesandulelangculazi kanye nesifo sofuba esihambisana nalo. Ukuqubuka kohlobo lwesifo sofuba esinenkani iXDT TB kamuva nje esibhedlela iChurch of Scotland kubeke ingcindezi enkulu emsebenzini wezempilo. Isifundazwe, sesivele sisesimweni sokuphebeza ubhubhane lwesifo sofuba njengoba beyi-1,054 (izinkulungwane namashumi amahlanu nane) abantu abahaqwe yilolubhubhane kubantu abayi-100 000 (ikhulu lezinkulungwane). Isibalo sabantu abangama-200 (amakhulu amabili) abahaqwe yisifo esithile kwabayi-100 000 (ikhulu lezinkulungwane) senza lesosifo sithathwe njengobhubhane.
Ngenyanga ka-January 2007, umnyango waqhamuka nohlelo lokuhlinzeka usizo lokudla kubobonke abantu abathatha imishanguzo yesifo sofuba kanye nesandulelangculazi ukuqinisekisa ukuthi bayahambisana nendlela efanele yokusebenzisa imithi ikakhulukazi imithi yesifo sofuba njengoba sona singelapheka. Uma isifo sofuba selashwe kahle singakwazi ukunciphisa izinga lokuhlasela kwesifo sofuba esinenkani (MDR TB). Izindleko zokwelapha isifo sofuba isikhathi esiyizinyanga eziyisithuba zingama-R400 (amakhulu amane) kanti ukwelapha umuntu osephethwe yisifo sofuba esinenkani iMDR TB kucishe kufinyelele ku-R30 000 kanti isifo sofuba esinenkani kakhulu nesisezingeni eliphezulu iXDR izindleko zalo ziphakathi kuka-R80 000 (amashumi amathathu ezinkulungwane) (amashumi ayisishiyagalombili ezinkulungwane) kuya ku-R100 000 (ikhulu lezinkulungwane).
Ukusimamisa uhlelo lwezempilo Ukuze sikwazi ukunqoba izinselelo ezinhlobonhlobo esibhekene nazo emkhakheni wezempilo, sidinga ukuba sibuke lonke uhlelo lwezempilo bese sithola indlela ehlanganisa yonke imikhakha esizobhekana ngayo nalezizinselelo. Lokhu kungathela izithelo ezibonakalayo nezihambisana nezindleko okubhekwene nazo.
I-Africa Health Strategy 2007, uhlelo lwezempilo lwamazwe ase-Afrika luka-2007, lukubeka ngokungananzi ukuthi uhlelo lokuhlinzekwa kwezempilo, ukutshalwa ngononina kwezidingo zokusebenza ezindaweni ezifanele, ukunakekela kwabantu, ulwazi nobuciko kanye nokuqapha nokubuyekeza kuyizinto ezisemqoka kakhulu ekuqinisekiseni ukusebenza ngendlela efanele yohlelo lwezempilo lonkana.
Imithi yokwelapha yesintu yase-Africa Uma sifuna ukunqoba impi yezifo sidinga ukwazisa nokuhlonipha indlela yomdabu kanye nemikhuba encike nosiko lwabantu bethu futhi sisebenze nabo singasebenzi ngokuphikisana nabo.
Ukusingathwa kwezindaba zabantu/ zabasebenzi Sihlalo ohloniphekile, udaba lwabasebenzi emNyangweni wezeMpilo lusemqoka kakhulu kuwowonke amazwe, kodwa ikakhulukazi kulawo asathuthuka. Lelizwe lisungule iNational Human Resource Plan ngonyaka ka-2006 ngenhloso yokubhekana nenselelo yokwentuleka kwabasebenzi abenele njengegxathu lokusimamisa umkhakha wezempilo nokusebenza kwawo.
Ukuhlela nokuthuthukisa uhlelo lwabasebenzi kuhlanganiswe nezidingo nezimfuno zohlelo lwezempilo ngokuthola lonke ulwazi lwezempilo oludingakalayo ukuze kuhlanganiswe uhlelo lokusebenza lomnyango wezempilo.
Ukuqinisekisa ukuthi kunesimo esisimeme ekwenziweni komsebenzi, ukuhlinzeka bonke abasebenzi bezempilo ngamakhono ngenhloso yokuthi izindawo ezisemakhaya nazo zithole usizo lwezempilo olufanele.
Ukuqinisekisa ukuba abasebenzi bezempilo bakulungele futhi banamakhono afanele okunikeza usizo lwezempilo, ukunikeza usizo lwezempilo oluseqophelweni eliphezulu.
Ukuqinisekisa ukuthi indawo yokusebenza ikulungele yini ukusebenza futhi iyahambisana yini nendlela okuphethwe ngayo umsebenzi.
Malunga ahloniphekile sizokhumbula ukuthi sike sazithola sisesimweni sokuthi sixoshe abahlengikazi kanye nalabo abasangena kulomkhakha abazibandakanya kwisiteleka esabe singekho emthethweni ngasekuqaleni kwalonyaka. Umsebenzi wesigungu esisingethe loludaba usuphothuliwe, sizobe ke sesisebenza ngokwezincomo zalesisigungu.
Sibheka ezinye izinhlelo zemifundaze ngenhloso yokucobelela ngolwazi lwemfundo intsha yethu engasebenzi kanye nokwakha amathuba emisebenzi lapho sintula khona abantu abazohlinzeka ngamakhono omsebenzi.
Njengamanje sizibandakanye ohlelweni olubhekene ngqo nentsha engasebenzi esezindaweni ezabe zincishwe amathuba ngaphambilini ukuze iqeqeshelwe ukusebenza ngaphansi kophiko lwezempilo olubhekele izimo eziphuthumayo (Emergency Care Practitioners). Loluhlelo lungena onyakeni wesithathu manje lwasungulwa. Intsha engaphezulu kwekhulu evela ezindaweni ezabe zincishwe amathuba ngaphambilini ihlomulile kuloluhlelo kanti kumanje iqashwe ngumNyango wezeMpilo njengabasebenzi bezempilo abahlinzeka usizo lwezempilo nababhekele izimo eziphuthumayo (Emergency Care Practitioners). Ngonyaka wezimali ka-2007/8 okungenani kuzophinde kuqeqeshwe abanye abayikhulu.
Sihlalo ohloniphekile, siyaqhubeka nokuthuthukisa izinsiza kusebenza kwezokwelapha ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abasebenzi bayakwazi ukubekwa esimweni esivulelekile sokuthi bakwazi ukuthuthuka ngokomsebenzi wezempilo.
Uhlelo lokwakhiwa kabusha nokuvuselelwa kwezibhedlela seluke lwabhekana nezinkinga, kanti kumanje sesibandakanye umnyango wezokuGcinwa kwaMafa kaHulumeni esifundazweni (Treasury), umNyango wezeMpilo kazwelonke kanye nomNyango wezokuGcinwa kwaMafa kaHulumeni ezingeni likazwelonke ukuze sithole indlela ephumelelayo ekwenzeni izinhlelo zethu okubandakanya kuzo ukwakhiwa kwezibhedlela eziqanjwe ngo-Dkt. Pixely ka Seme no Dkt. J.L. Dube, iKing Edward VIII, isibhedlela iEdendale kanye nesibhedlela sase-Madadeni zingabe zisaphazamiseka noma zibambezeleke.
Selokhu umsebenzi wokusingatha amakhaza siwuthatha ophikweni lwamaphoyisa iSAPS, ukulungiswa kwezinsiza zokusebenza okuncane sekwenziwe nokudle imali engu-R11.2 million. Lokhu kwenziwe ngenhloso yokwenza umsebenzi wasemakhazeni ube ngosebenza ngendlela. Uhlelo lokuvuselelwa kwezakhiwo zasemakhazeni sekuqalile kwezinye izakhiwo eziyisithupha okuyizindleko ezilinganiselwa ku-R16 million. Lomsebenzi uluhlelo oluqhubekayo kanti kumele luphothulwe ngalonyaka wezimali. Ekuqaleni sibe nezinselelo ngaloluhlelo kodwa sakwazi ukuhlangabezana nezinye zezinkinga.
Ukulungela imidlalo yendebe yamazwe omhlaba ngo-2010 NjengomNyango wezeMpilo kumele siqinisekise ukuthi sikulungele ukubhekana nezidingo somqhudelwano wendebe yamazwe omhlaba. Lokhu sizokukhombisa ngokuqoka imeneja ezosingatha izindaba ezimayelana nalemidlalo ka-2010. Izikhala zomsebenzi ezingama-600 (amakhulu ayisithupha) abasebenzi abahlinzeka usizo lwezempilo ezimweni eziphuthumayo asesunguliwe ukuze kuqiniswe umthangala wabasebenzi bezempilo. Kuzophinde kube nombhidlango onqala wokuqinisekisa ukuthi kunabasebenzi abanele ukwesekela ukuhlinzekwa kwemisebenzi yezempilo ngokuhambisana nezidingo zemidlalo yendebe yamazwe omhlaba ka-2010. Izimpiko ezibhekene nezingozi kanye nezimo eziphuthumayo ezikhungweni zethu zizothuthukiswa kanti futhi sizoqhamuka nezinhlelo ezizobhekana nokuhlinzeka usizo lwezempilo oluseqophelweni ngaphambi kokuba umuntu afike esibhedlela.
Sihlalo siyazi ukuthi ukwakhiwa kwanoma yiliphi isu, izimpawu ezibonakala ngaphandle kulona, zincika kakhulu kwezingaphakathi kulo. Siyazi futhi ukuthi ngokwezinga lethu lezepolitiki, abanye bethu bangaguqulwa ngokuthi bahlinzekwe ngolwazi oluphelele lwalokho esikwenzayo, nokuchaza kabanzi imizamo yethu kanye nokuzinikela kwethu. Kungenxa yalesisizathu nginqume ukuba ngenze umzamo wokunikeza lendlu isithombe sempumelelo esesifinyelele kuyona kusukela ngaqala ukuma lapha, ngomsebenzi ofanayo, ngethula isabelomali sami kulendlu ukuze isamukele.
Isabelomali sonyaka ka-2007/8 Sihlalo ohloniphekile, imali eceliwe ezobhekana ngendlela nezindleko zonyaka wezimali ka-2007/8 kuzoba ngu-R13 412 815 000.00, nokuyimali okulindeleke ukuba ibhekane nezinselelo esisabhekene nazo esifundazweni sethu ukuze sihlinzeke usizo lwezempilo olungcono futhi sikwazi ukubamba iqhaza ekwakhiweni kwekusasa lesifundazwe.
Uhlelo lokuqala lwalesisabelomali: Ukusingathwa kwemisebenzi yomnyango. Sihlalo ohloniphekile ukuze abaphathi bomNyango wezeMpilo basebenze ngendlela enempumelelo, kubonakale kusemqoka ukuthi imisebenzi eyenziwa eNhloko-hhovisi ihlelwe ngendlela yokuthi ihlinzeke ukwesekela okufanele kuzozonke izikhungo zethu zezempilo, ukuqeqesha nokuthuthukisa abasebenzi, ukuthuthukisa izinhlelo zezempilo kanye nokuthuthukisa izinga lokuhlinzekwa kosizo emphakathini. Sikholelwa ukuthi ukuthuthukisa imisebenzi eyenziwa yinhloko-hhovisi, nezinye izinhlaka ezingaphansi kwayo zizokwazi ukusebenza kahle. Sibeke eceleni imali engu-R274, 399, 000 kulonyaka, nokulinani lemali elikhuphuke ngo-30% uma kuqhathaniswa nemali yangonyaka owedlule eyabe ingu-R209, 856, 000 eyayihlinzekelwe unyaka ka-2006/7. Lemali ilinganiselwa ku-2% wesabelomali sesisonke.
Ngonyaka owedlule, sazibophezela ekuthuthukiseni uphiko olubhekele ukuhlinzeka usizo lwezempilo ezimweni eziphuthumayo ngokuthi kwandiswe izimoto zokusebenza kanye nokuqasha abanye abasebenzi abengeziwe ukuxhasa lomkhakha. Sibeke eceleni imali engu-R553, 561, 000, nekhuphuke ngo-21% kuleyo yangonyaka wezimali ka-2006/7 eyabe ingu-R459, 380, 000. Ukukhuphuka kwalemali kuzobhekelela ukuthuthukiswa kwezikhungo zokuxhumana, izikhungo zokugcinwa kwezimoto zokusebenza, ukwakhiwa kwethimba elizobhekelela imidlalo ye-FIFA, ukuqasha abasebenzi kanye nokuqeqesha labo abavele besebenza emnyangweni.
Izinselelo ezibhekene nomnyango wezempilo ukuthi izibhedlela zingasingathwa kanjani kangcono okungancikile ukuthi zinazo yini izidingo zokusebenza. Sibeke eceleni imali engu-R3, 512, 310 million, ekhuphuke ngo-11% uma iqhathaniswa naleyo yonyaka wezimali ka-2006/7 eyabe ingu-R3, 163, 833 million.
Izibhedlela zethu ezibhekene nezifo ezithile kuphela zingezinye zezibhedlela ezihamba phambili emhlabeni. Imisebenzi yalezizibhedlela ibuye ixhaswe kancane ngezimali ezikhishwa ngaphansi kwezimo noma imibandela ethile ngumNyango wezeMpilo kazwelonke, kanti izinga lemali yoxhaso ilawulwa yisimo samandla emali ngalesosikhathi kuphela. Imali engu-R1, 271, 875 million ibekelwe ukubhekana nemisebenzi yalezizibhedlela. Lokhu kuveza ukukhula kwalemali ngo-9% isuka ku-R1, 168, 164, 000 ngonyaka wezimali owedlule.
Njengomnyango, enye yezinselelo zethu ezinzima ukuthuthukisa ikhono lokwenza umsebenzi kubasebenzi kuyoyonke imikhakha namazinga ngokuthi abasebenzi bahlinzekwe ngamakhono ayiwo. Lokhu kubandakanya phakathi kwezinye izinto ukuthathwa kwabahlengikazi abasha kanye nabazoqeqeshelwa ukuhlinzeka usizo lwezempilo ezimweni eziphuthumayo kanye nokuqeqeshwa kwabasebenzi bezempilo emikhakheni eyahlukahlukene. Inkinga yokwentuleka kakhulu kwabahlengikazi kanye nokusebenza kanzima kwabanye abasebenzi bethu bezempilo ngenxa yalesisimo, kuphakamisa isidingo sokuba sibambe iqhaza elikhulu ekuqeqesheni abasebenzi abenza imisebenzi ebhekene nezempilo ngqo. Sibekele eceleni lomkhakha osemqoka kakhulu isamba semali engu-R503, 519 million. Ukukhuphuka kwalemali ngo-11% isuka ku-R58, 300 million kuhloswe ngakho ukuxhasa uhlelo lokuqeqesha uphiko oluhlinzeka usizo lwezempilo ezimweni ezibucayi (EMRS) kanye nokuqalisa uhlelo lweminyaka emibili yokuthi okade eqeqeshelwa ukuba udokotela asebenze iminyaka emibili emnyangweni njengengxenye yokuqeqeshwa.
Ngibona kunesidingo sokuthi ngikhumbuze indlu ukuthi loluhlelo lusetshenziselwa ukubhekana nempahla yomnyango. Sibhekene nezinselelo ezishisayo mayelana naloluhlelo. Eminye imisebenzi eminingi ebesiyihlelile ukuthi izoqala ngonyaka owedlule bese iqhubeka ngalonyaka wezimali esikuwo manje imisiwe ngenxa yokwehliswa kwemali ebhekele ukuvuselela nokwakha kabusha izikhungo zomnyango wezempilo ngo-R503 million esikhathini se-MTEF. Imali ecelwe kulonyaka ikhushulwe yafinyelela ku-R953, 145,000 ngonyaka owedlule wezimali yafinyelela ku-R1, 084,467 billion kulonyaka wezimali esikuwo, okukhomba ukuthi ikhuphuke ngo-R131, 322,000 noma ngo-14%.
Sihlalo ohloniphekile, ngivumele ngedlulise ukubonga kwami okukhulu kumadoda namakhosikazi eKomidi LezeMpilo ePhalamende (Health Portfolio Committee) abakhombise ukusesekela okukhulu futhi nelisaqhubeka nokusiqondisa emkhankasweni wokusingatha umnyango ngendlela eyimpumelelo egameni labantu besifundazwe. Ngizothanda futhi ukubonga abaphathi bomNyango wezeMpilo abasebenza ngokuzinikela nokubeka umphakathi esiwusebenzelayo phambili kunabo, okunye yikho lokho okushiwo yimibiko yabezindaba. Ngifisa ukuniqinisekisa ukuthi, lamadoda namakhosikazi, banenhloso yokuthuthukisa isimo sezempilo sabantu besifundazwe saKwaZulu-Natal nokunikeza impilo engcono kuwowonke umuntu.
Ngabe angibenzanga ubulungiswa kulenkulumo uma ngingambonganga uMhlonishwa uNdunankulu wesifundazwe kanye nabalingani bami engisebenza nabo esigungwini esiphezulu, kanye namabandla ehlukahlukene ezenkolo, abasesekelayo ngeqhaza abalibambile ekuthuthukiseni umsebenzi womnyango. Njengoba bengike ngakuphakamisa enkulumweni yami ngaphambilini, sidinga ukubumbana ukuze sinqobe umsebenzi esibhekene nawo. Ngizoqhubeka nokuthatha iziphakamiso nemibono evela kuzakhamizi zesifundazwe ezihlala zizimisele futhi zilangazelela ukusinikeza amasu okuthi singathuthukisa kanjani indlela esihlinzeka ngayo usizo lwezempilo kubantu.
Sihlalo ohloniphekile, lesi yisabelomali engu-R13, 412, 815 billion somNyango wezeMpilo engisibeka ezithebeni zenu ukuthi nisibheke futhi nisiphasise.
