Uma uyobonana nosista noma nodokotela wakho, mchazele ukuthi uhlela ukuthola umntwana, ikakhulukazi uma unesifo esigxilile kuwena esifana nesifo sikashukela, isifo sokuwa nesifo senhliziyo.
uma wena nomyeni wakho nihlobene.
Gwema imithi oyiphuza ngaphandle kokuyalelwa ngu sista noma ngu dokotela.
Vama ukuvakashela ikliniki (clinic) yabakhulelwe noma udokotela wakho.
Uma emndenini wakho noma emndenini womyeni wakho kunomuntu ozalwe nokukhubazeka okuthile noma ukungase-benzi kahle kwengqondo, kwamehlo no-ma kwezindlebe, cela usista noma udokotela wakho ukuthi akulayele ikliniki yezaluleko kwezenjenethiki eseduze nawe.
Thola ukuphumula okwenele futhi uzelule umzimba kancane.
Thola ulwazi ngokuncelisa ibele.
Thintana nekliniki noma nodokotela ngo-kushesha uma wopha esithweni sakho sa-ngasese noma unolunye lwalezimpawu ukucanuzela njalo kwenhliziyo, ukuhlanza noma ikhanda elibuhlungu, ukuvuvukala kwezinyawo noma kwemilenze noma uku-khula ngokushesha kwesisindo somzimba wakho, izinhlungu zesisu, ukuncipha ko-mchamo owuchamayo noma ukugeleza kakhulu kwamanzi aphuma esithweni sa-kho sangasese.
Vakashela ikliniki noma udokotela wakho esikhathini esicishe sibe ngamasonto ayi-sithupha emva kokuzalwa kwengane yakho ukuze uthole ukuxilongwa okujuli-le okwenziwa emva kokubeletha.
Vama ukuhambisa umntwana wakho ekliniki yabantwana ukuze athole ukuxilongwa okwejwayelekile nemigomo edingekayo.
Bonana nekliniki yokuhlela umndeni noma ukuze uthole ukuthi yini okumele uyisebenzise ukuvikela ukukhulelwa.
