NHLOKO entsha yomNyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Busi Nyembezi, ifunge yagomela ukuthi izokwethula izinguquko ezintsha ezizoholela ekutheni lo mNyango uphucule indlela olethela ngayo usizo emphakathini.
Exoxa noNwele Olude ngasekuqaleni kwenyanga ngemuva nje kokuba uNgqongqoshe wezeMpilo uNkk Neliswa Peggy labo lifisa ukusebenza ezindaweni zasemakhaya, badikibaliswa wukungabibikho ezingeni kwezidingo zokuqhuba umsebenzi nokunye, kuchaza uDkt Nyembezi.
Uqhube wathi lo mnyango sewenze kangcono kakhulu, ikakhulukazi ekwakhiweni kwemitholampilo, kodwa okudingeka kakhulu yindawo yokuhlala yabasebenzi bezempilo basezindaweni zasemakhaya, nokuyisidingo esiphuthumayo.
kwemitholampilo ezindaweni zasemakhaya nasekwandisweni kwesibalo sezibhedlela, kodwa kudingeka siphucule indlela yokulethwa kosizo emphakathini, usho kanje.
Uthembise nokuqinisa izinhlelo zokulwa nokubhebhetheka kwesifo sengculazi. Uthe uhlela ukwenza lokhu ngokwakha izinhlelo zokusebenzisana neminye iminyango kaHulumeni, osomabhizinisi abazinze emNyangweni wethu. Ubukhona bakhe buzoba nomthelela omkhulu ekuqinisekiseni ukuthi siyaqhubeka nomfutho wokusungula izikhungo ezintsha ezinjengemitholampilo nezikhungo zezempilo yomphakathi, kusho uNgqongqoshe.
Uphiko lwabosizo oluphuthumayo esifundazweni luphezu komkhankaso wokuqasha abanye ukuze lubhekane nezimo eziphuthumayo emigwaqweni.
Lokhu kuyingxenye yohlelo olwaqala nyakenye lapho kwaqeqeshwa khona abantu abangu-50 okuyimanje basebenza emNyangweni.
UNtsobi uthe iningi lalabo abazoqashwa lizotshalwa ezindaweni zasemaphandleni uma sebephothule izifundo zabo okulindeleke ukuthi zithathe izinyanga ezintathu.
Sesiqala umlenze wesibili wohlelo lokwandisa abosizo oluphuthumayo. Lokhu kulandela ukuphumelela komlenze wokuqala nyakenye lapho futhi saqeqesha inani labantu abangu-50, kuchaza uNtsobi.
Lo Mphathi wophiko uthe bazoba ngaphezulu kwamaphesent angu-90 abesifazane kulabo abaqeqeshwa.
Sibone kungcono ukuthi sithathe abantu abaningi besifazane ukuze siqinisekise ukuthi nabo baba baningi kulo mkhakha wezosizo oluphuthumayo. Eminyakeni edlule umsebenzi wosizo oluphuthumayo ubuwaziwa njengowabantu besilisa. Sibonile ukuthi nabesifazane bayakwazi ukuwenza lo msebenzi ngendlela efanayo nozakwabo besilisa, kusho uNtsobi.
Ukuqeqeshwa kwabosizo oluphumthumayo kuyingxenye yohlelo kukahulumeni wesifundazwe ukuqinisekisa ukuthi zonke izindawo kulesi sifundazwe zithola usizo oluphuthumayo uma ziludinga.
Sizophinde siqinisekise ukuthi imiphakathi ebincishwe amathuba ezindaweni zasemaphandleni. yiyona ebhekelelwa kuqala kulolu Okudingekayo manje ukuthi hlelo. Umnyango usuwenze siqinisekise ukuthi ezosizo umsebenzi oncomekayo ngokwakha oluphuthumayo zisezingeni imitholampilo nezibhedlela eliphezulu ukuze kunqandwe ukufa kwabantu okungadingekile okubangwa ukuthatha isikhathi eside ukuthi abantu bathole usizo, kuchaza uNtsobi.
Uthe kuzothathwa labo abangasebenzi kuso sonke isifundazwe. Kudingeka ukuthi kube abantu abangakaze balithole ithuba lokuthi bafunde ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uqhube wathi kudingeka ukuthi babe nomatekuletsheni, izincwadi zokushayela (code 10) nemvume yokushayela imoto yokuthwala abantu (PDP).
Labo abazophothula izifundo zabo, bazophinde bathole amathuba okuqhubeka nezifundo zabo kulo mkhakha lapho bayogcina sebezitholele iminyezane emakolishi kanye nasemanyuvesi.
sifundise ukubekezela, Okumhlophe, Solwazi nokuthi ukusebenza ngokuzikhandla, ukuzimisela kanye nokuzinikela yikhona okuhamba phambili endleleni eya empumelelweni.
Ronald Green-Thompson uma sibuye sifunde kuwo ukuze sibe ngabantu abangcono. Usifundise ukuthi kufanele sikhule ngokwanele ukuze sikwazi USolwazi Green-Thompson "Ngikhulumela bonke ozakwethu uthe unelisekile ngenqubekela izibhedlela ezintsha ezimbili, lezo ukwamukela uma sonile bese njengoba ebekade aziwa esisebenza nabo kwiNational Health phambili nakho konke okuzuzwe zibhedlela iMahatma Ghandi siyavuma uma sisolwa ngalokho, ngabasebenza naye kanye Council, ngidlulisa amazwi wumNyango ngesikhathi Memorial Hospital enemibhede kanti okubaluleke kunakho konke nabasebenzi kulo mNyango okubonga kakhulu kuSolwazi eseyiNhloko yawo. ewu-340 kanye neNkosi Albert wukuthi kukho konke esikwenzayo waqokwa njengeNhloko yalo Green-Thompson ngegalelo lakhe "Yize kusekuningi okusafanele Luthuli Central Hospital yona kufanele sifune okuhle kodwa mNyango ngonyaka ka-1995. kulo mNyango. Sibonga bonke kwenziwe, kodwa esezingeni eliphezulu kakhulu futhi kulabo esisebenzisana nabo." UGreen-Thompson uyiNhloko ubuhlakani osinike bona usisiza okungithokozisayo ukuthi usizo enemibhede ewu-840," kusho yena.
UmNyango wezeMpilo wenze bafika ngobuningi babo siphawule ukuthi uSolwazi Green-eminye emitholampilo engu-122 zikwazi ukuhlomula. umcimbi wokuvalelisa uSolwazi ukuzothamela umcimbi Thompson uwuthwale ngothando yakhiwa ngonyaka ka-2003. Emva Ngesikhathi esabambe lo Green-Thompson obese sebenze wokuvaleliswa kukaSolwazi Green-nokuzimisela kanye nokuzinikela kwalokho kwabuye kwathengwa mnyango ziningi izinto iminyaka eminingi njengeNhloko Thompson. Ethula inkulumo yakhe umsebenzi wakhe njengeNhloko omahamba nendlwana eziyimpumelelo kanye nemiklomelo yomNyango wezeMpilo. Lo mcimbi uNgqongqoshe wezeMpilo, uNkk yomNyango. bemitholampilo abangu-56. eyatholwa yilo mnyango. ubewenzelwe eThekwini, e-ICC.
Kuthe sekuphethwa umcimbi uSolwazi wanikezwa izipho zakhe kanye nencwadi equkethe imiyalezo evela kubasebenzi balo mNyango. Njengoba sonke sazi ukuthi idili akusilo idili ngaphandle kwekhekhe, wonke umuntu wazitika ngekhekhe elalenzelwe lo mcimbi omkhulu wokuvalelisa uSolwazi Green-Thompson.
Umyalezo kaNgqongqoshe wezeMpilo siwumNyango sibe ngabesihlanu Kusona lesi sifunda ngonyaka ka- Impumelelo ekutholeni nezinkampani ezizimele.PEGGY NKONYENI ukubeka umuntu wesifazane 1996 wakhushulelwa esikhundleni izindlela zokulwa nesifo sengculazi. Kunemali engango-R2.4 billion njengeNhloko yomNyango. sokuba ngumqondisi wesifunda Ukugxila kakhulu ekuvikeleni engasetshenziswanga kulo NJENGOBA kuqala unyaka, Sinenhlanhla enkulu njengoba saseMgungundlovu. nasekugqugquzeleni izindlela msebenzi. ngithanda ukuthatha leli thuba uDkt Nyembezi ezazi kakhulu Ngifisa ukuthatha leli thuba zokuphila, ukwenza ngcono Njengoba sekuphele unyaka ukunibingelela nginifisele unyaka izidingo zabantu bakithi nezihlale ngibonge uDkt Nyembezi ezimweni zokudla, ukuqinisa ngikulo mnyango, ngiyajabula ka-2006 onezilokotho ezinhle. zanda ngaso sonke isikhathi. ekuzinikeleni kwakhe ngokuthi ukwelapha izifo nokuhlanganisa ukuthi emnyangweni sekunomuntu Kuyintokozo kimi ukunethulela UDkt Nyembezi usebasebenzele akhethe ukusebenzela abantu ukwelapha kwesintu nezinhlelo okholelwayo ezinguqukweni. iNhloko entsha yomNyango abantu bakulesi sifundazwe bakulesi sifundazwe wancamela esinazo zethu zokwelapha. Sithemba ukuthi uzosihola wezeMpilo. Ngikuthatha ngezindlela eziningi nezahlukene. ukuyeka inkampani yakhe Ukuba sinikeze izidingo njengoba sizimisele ukubuyisela njengempumelelo yabantu Umphakathi wesifunda abeseyiqalile nebisebenza kahle, zezempilo ngokwezidingo isithunzi sabantu bakithi. besifazane njengoba lesi sikhundla saseMgungundlovu, ususizakele iHarambe Institute for zomphakathi ngokwemigomo Sithemba nokuthi zonke esibaluleke kangaka sithathwe kakhulu ngolwazi lwakhe Transformation. yesifundazwe kanye nezwe lonke izinhlaka emikhakheni yonke nguDkt Busi Nyembezi, ongumuntu kwezobudokotela alukhombise Sikholwa wukuthi Silungise ukwesweleka esifundazweni zizosizakala wesifazane.
Isifundazwe saKwaZulu-Natal ka-1993 lapho ayesebenza khona aseluqokelele nasenalo ekuphatheni eyahlukene ikakhulukazi njengoba sizokwenza konkesibe yisibonelo ngokwethembeka njengodokotela wabe esedlulela luzosisiza kakhulu ekufezeni ubuhlengikazi nobudokotela. okuyobekwa ngaphansi kwe-kubantu besifazane e-Edendale esibhedlela lapho izinjongo esizibekele zona. Ukuphuthumisa ukwakhiwa National Health Charter.abazikhandlayo.
Siyajabula kakhulu ngokuthi wesibhedlela. zibandakanya lokhu: nemikhulu ngokusebenzisana engcono yabantu bonke.
Njengoba ekhulelwe uyazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi nokunomsoco. "Ngifuna ukuthola ngingazenzi izinto ezingabeka impilo yomntwana wami engozini utshwala. Ngiyathanda ukudla izithelo nemifino,"kusho uSlindile.
ULouis uhamba nami uma ngiya emtholampilo wabakhulelwe. Uma kukhona into engingayiqondisisi kumbe engifuna ukuyibuza uLouis nguye oya kudokotela ayongibuzela angisize nangayo yonke indlela.
Kusemqoka ukuthi wazi lapho uzilungiselele kusenesikhathi.
okhulelwe nosezobeletha kufanele enze wonke amalungiselelo ukuze angabi nenkinga uma sekufika isikhathi sokuthi abelethe.
Ngiyazi ukuthi ngizobelethela kusiphi isibhedlela futhi ngiyazi ukuthi kungenzeka ngibelethe nini. Sengiqalile ukuthenga izimpahla zengane eyophuma izigqokile esibhedlela. Sengizithengile nezinye izinto engizozidinga.
Ukuya emtholampilo wabakhulelwe kwenza ukuthi abahlengikazi nodokotela bakwazi ukuthola kusene-sikhathi uma kukhona inkinga ekhona futhi kubalula ukuthi basheshe bathole ezinye izifo ezingaqubuka ngesikhathi ukhulelwe okuyizifo ezifana noshukela, ukugijima kakhulu komfutho wegazi (BP), ingculazi izifo ezithathelana ngocansi, njll.
Ngibona sikhona isidingo sokuthi thina abakhulelwe siye emtholampilo ngoba uyakwazi ukuthola ulwazi ngezinto eziningi ezingahle zenzeke uma umuntu ekhulelwe.
Emtholampilo bayakwazi nokukutshela ukuthi yikuphi okumele ukulindele uma usubeletha. Njengokuthi izimo ezithize zingadala ukuthi ugcine usubeletha ngokuthi uhlinzwe, kuchaza le ntokazi.
Njengoba ejabulile futhi enokushaywa wuvalo kancane, uSlindile uthi usejahile ukugona usana lwakhe. "Sengijahile ukuba ngumama ngigone umfanyana wami. Izeluleko engizithola kubangani kanye nabanye ozakwethu abangomama zibe wusizo olukhulu kimi," kuphetha uSlindile.
Lolu suku lwenza laba bantwana abanye babo abayizintandane nabangenabani bazibone bebalulekile. Ezinye zalezi zingane ezaziyingxenye yaleli dili azinabazali ngenxa yesifo sengculazi. Ezinye zazo zaziqala ukuzwa ubumnandi nenjabulo ehambisana nokuthola isipho.
Ngijabule kakhulu ukubona uNgqongqoshe futhi ngijabule ngoba senginodoli wami engidlala ngawo. Sengijahe ukuyotshengisa nabangani bami, kusho intombazanyana eneminyaka eyisithupha iphethe udoli wayo.
Emiqondweni yalezi zingane ezimpofu, unyaka ka-2005 ngeke usakhumbuleka njengowezivu-nguvungu kanye nokuhluku-mezekeza kepha uzokhumbuleka ngalokhu okuhle abenzelwe khona. Siyanibonga. UKhisimusi yisikhathi senjabulo, isikhathi soxolo, isikhathi sothando kanye nesokupha. UKhisimusi yisikhathi esithakaselwa kakhulu yizingane. Injabulo yokuvula izipho kanye nokuthola izinto ezintsha kwenza ukhisimusi kube ukhisimusi ngempela kuzona, kusho uNgqongqoshe uNkonyeni.
Kuthe ngesonto elilandelayo uNgqongqoshe wavakashela kwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Lo mgubho kaKhisimusi bese kungowesibili ukuthi wenziwe kanti waqalwa nguNdlunkulu wasesigodlweni saKwaKhangelamankengane, uNdlunkulu uMantfombi kanye neSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini. Izingane eziyizintandane ezibalelwa emakhulwini zazifike ngobuningi bazo kulo mcimbi oyisipesheli ezazenzelwe wona.
Abahambanga belambatha nje, njengoba izindathane kanye nemindeni entulayo yaphiwa amaphasela okudla.
Ibalelwa ku- 500 imindeni eyahlomula yakwazi ukulala idlile.
Ngichitha isikhathi esiningi nomphakathi ngigcine sengibona lonke usizi nokuhlupheka abakuthwele. Abanye abantwana bayeza kimi bafike bangixoxele ngobunzima ababhekene nabo emakhaya. Siyalubonga uxhaso lwenu ngokuthi nenze lolu suku lube yimpumelelo nokuthi nibuyise ithemba ezimpilweni zalaba bantwana ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka, kusho uNdlunkulu uMantfombi.
Ethula inkulumo yakhe uNgqongqoshe wenxuse umphakathi ukuthi unakekele izimpilo zawo ngokuthi ulandele indlela efanele yokuphila basebenzise izinhlelo zentuthuko ezenziwa ngumNyango wezeMpilo. "UmNyango ususungule uhlelo okuhloswe ngalo ukuthuthukisa osomabhizinisi abancane ikakhulukazi abesifazane, phecelezi ama-co-operatives. Umnyango usuqalile ukuthenga kuma co-operatives izinto ezifana nezimpahla zokulala iziguli ezibhedlela, amashidi, amakhethini nokunye. Sihlose ukusiza imiphakathi ixoshe indlala ngakho-ke kusemqoka ukuthi nani nisukume nisungule ama-co-operatives ukuze sikwazi ukunisiza," kusho uNgqongqoshe.
Ukusungulwa kwalo mfundaze, kuyingxenye yezinhlelo zalo mnyango zokubhekana nokushoda kwamakhono ezikhungweni zezempilo.
UmNyango kaZwelonke unezinhlelo zokuthumela abayoqeqeshelwa ubudokotela ezweni laseCuba, kanti uphezu kwezinhlelo zokugcina abasebenzi basezikhungweni zezempilo zikaHulumeni besebenza kuzo, bangathathwa yizikhungo ezizimele.
Lokhu kulandela ukuthutheleka kwenqwaba yabasebenzi bezempilo abahehwa ngamathuba angcono emazweni aphesheya kwezilwandle.
Izitshudeni ezifuna ukufaka izicelo zalo mfundaze kumele kube yilezi ezikwazile ukufeza imigomo ebekwe ngumNyango.
Izitshudeni ezifaka izicelo kumele kube ngezaKwaZulu-Natal kanti kumele kube ngezivele sezithathiwe ezikhungweni zezemfundo ephakeme zaseNingizimu Afrika kulo nyaka, kuchaza uMotha.
Imali engenayo ekhaya yabazali bazo behlangene, akumele ibe ngaphezulu kuka-R120 000 ngonyaka, kanti umfundi akumele kube ngukuthi unediploma noma iziqu.
Izitshudeni ezineminye imifundaze ngeke zibhekelelwe ngaphansi kwalolu hlelo lwemifundaze.
Abafaka izicelo kuyodingeka ukuthi basayinde isivumelwano sokubolekwa kwabafundi izimali nomNyango wezeMpilo.
Amafomu okufaka izicelo ayatholakala emahhovisi osizo lwezimali asezikhungweni zemfundo ephakeme kuleli.
Lawo mafomu uma esegcwalisiwe kunxuswa ukuthi abuyiselwe emahhovisi osizo lwezimali kulezo zikhungo athathwa kuzo, ungakashayi uJanuwari 31 nonyaka.
Ngaphandle kokuba nama-ambulensi kanye nabasebenzi bosizo oluphuthumayo abaqeqeshwe ezingeni eliphezulu, uphiko lwakwa-EMRS luphinde lube nendiza (fixed wing plane) nenye enophephela emhlane zombili eziseThekwini. Ukubakhona kwale ndiza kuzosiza ekuqinisekiseni ukuthi usizo lwezempilo oluphuthumayo kwezingozi nezimo eziphuthumayo shwa kwayo njengabasebenzi luyakwazi ukufinyelela nakwezinye ezibikwayo ngesikhathi samaholidi. bosizo oluphuthumayo.
Le ndiza izoba wusizo ezimweni eziphuthumayo ezindaweni eziseNyakatho yesifundazwe ezihlanganisa uThungulu, uMkhanyakude naseZululand.
Ukufika kwale ndiza kwenzeke ngesikhathi esihle kakhulu njengoba phela silindela ukwanda Ukubakhona kwayo kuzoba wusizo kakhulu uma kudingeka sinikeze ngosizo oluphuthumayo futhi sisheshe sifinyelele ezimweni eziphuthuma kakhulu, kusho uMnuz Themba Dludlu, oyi-Operations Manager yakwa-EMRS.
Ngesikhathi samaholide umNyango waphinde wanezezela ngama-ambulensi awu-50 kwawu-200 amasha ceke athengwe yilo mnyango.
Hlakanipha faka ijazi lomkhwenyana!
Okunye okumqoka ngokusebenzisa ikhondomu ukuthi kusizaumuntu angakhulelwa engahlelile.
Ngisho kungathiwa azikho izimpawu, kumele ukhathazeke uma kungukuthi usuqale ukulala nomuntu osanda kuthandana naye, uma usanda kuthola ukuthi umuntu othandana naye unabanye abantu eceleni alala nabo, uma uke walala nomuntu ongathandani naye ngoba uzijabulisa nje ngaleso sikhathi.
Kumele uzihlole futhi uma kungukuthi udlwenguliwe noma uke wazijova ngenaliti eyodwa nomuntu nisebenzisa izidakamizwa.
Sizokunikeza izimpawu okumele uziqaphelenezingakukhombisa ukuthi unesifo esithathelana ngocansi. Sizophinde sikucobolele ngokubaluleka kokusebenzisaikhondomu kanjalo nokuthi iyiphi indlela yokuyisebenzisanokugwema ukuthi iqhume.
Ushintsho esithweni sangasese. Okufana nezilonda, amaqhubu aqinile noma izimila, ukuluma noma ukuvuvukala kwemithambo kanye nesitho sangaphansi kumuntu wesifazane.
Ushintsho oluveza izindlala, ukuvuvuka kwezindlala noma izilonda, uketshezi olusabomvu oluphuma ezindlaleni. Lokhu kungahambisana nobuhlungu noma kungabi nabuhlungu.
Ukuphatheka kwezinye izingxenye zomzimba okuhlanganisa amathambo, amajoyinti, inhliziyo, imithambo yegazi kanye nemizwa yonke esemzimbeni.
Ngesikhathi uyifaka, bamba le ndawo encane phambili ukuze kuphume umoya ngoba uma usuchama ingaqhuma uma umoya ungaphumanga.


Makhosi aseNdlunkulu, ngiyanibingelela nonke nezinduna nezinye iziphathi mandla ezikhona phakathi kwethu.
Inkosi yesizwe sakwaMachi, eSayidi.
Imibiko eshaqisayo izolo isilandisa ngokudlula emhlabeni koMntwana wakwaZiphethe u-Gideon Zulu. Sizwelana kakhulu nemindeni kulokhu okwehlile.
Sonke sidabuke kakhulu ngefu elimnyama elisigubezele. Ngenhlonipho nokuzithoba ngizocela ukuma umzuzwana sihloniphe asebesandulele ngaphambi kokuqhubeka nalenkulumo.
Makhosi aseNdlunkulu lemihlangano esiba nayo, umnyango wami uyisebenzisa njengemihlahlandlela lapho sidingida khona amaphuzu abalulekile ezinguquko ezilethwa uHulumeni. Ngaphezu kwalokhu, lemihlangano iveza ithuba eMakhosini ahloniphekile, lokuba babonise uHulumeni ezabo izidingo namaqhinga esingawasebenzisa emkhankasweni wethu wokubuyisela isithunzi sobukhosi endaweni ebufanele nokuletha intuthuko nezidingo emiphakathi ehlala ezindaweni zamakhosi ngendlela esheshayo.
Makhosi aseNdlunkulu, sesihambe ibanga elide kusukela ngonyaka odlule sikhuluma ngezinguquko ezikhona. Ebengifisa ukukwenza namuhla ukubika ngendima esikhathuliwe bese ngethula uhlelo oluzolandelwa ukuqedela umsebenzi wethu. Ngiyazi sesakhuluma nani ngemithetho emisha. Sengachaza futhi ngohlelo loBambiswano okuyilona olulekelela amakhosi ekubhekaneni nezinguquko.
olwaveza ukuthi imithetho ethinta ubukhosi ayihambisani nomthetho sisekelo omusha. Nebala kwahlamuka kwaba sobala ukuthi imithetho ethinta ubukhosi eyashaywa ngaphambi kuka 1994 yayibona imiphakathi eyakhele amakhosi ingeyona ingxenye yeNingizimu Afrika. Ngaphezu kwalokhu, kwakuyimithetho ebukela phansi ubukhosi. Amakhosi ayegcotshwa yizimantshi nezinye iziphathi mandla zikahulumeni. Njengoba abamnyama bebengenaqhaza koMasipala bangalesosikhathi, ubuholi bomdabu babungenabo ubudlelwano nemikhandlu yoMasipala. Sizobakhumbula labo-Masipala ukuthi babebasezindaweni zabamhlophe. Izizwe zamakhosi beziba ngaphandle kwemingcele yomasipala.
Umphumela walokhu sisawubona nanamuhla njengoba izindawo eziningi zamakhosi zingakabinayo ingqalasizinda yentuthuko.
Kbalulekile ukuthi sikhumbuzane ngezikhathi zonke ukuthi sisukaphi siyaphi ngoba njengoba kwenzeka kubantwana bakwaIsraeli, Kuyenzeka sithi sisendleleni abanye bakhohlwe bakhumbule emuva.
Ngamafuphi, imithetho emisha ihlose ukubuyisela isakhiwo sobukhosi ezingeni laso esilifanele sibe nendima esiyidlalayo entuthukweni yabantu ngokubambisana nezakhiwo zobuholi obusuke bukhethwe ngokwentando yeningi-oMasipala ikakhulukazi.
Umthetho omusha uphinde ulethe isiqinisekiso ngekusasa lobukhosi ngokukhuthaza izinguquko ezihambisana nomthetho sisekelo wezwe nokuhlonishwa kwemihlomulo yomzabalazo ebandakanya indima yabesifazane emphakathini. Sekuchazwe kakhulu ngengqikithi yezinguquko ezilethwa umthetho omusha. Uma sikhumbuzana kubalulekile ukuthinta izihloko ezimqoka njengoba sengenzile ngenhla. Thina njengomnyango sizamukele ngenjabulo enkulu lezizinguquko. Siyathokoza ngokubuyiselwa kwamandla eSilo emisebenzini yaso yokugcoba amakhosi. Sinethemba lokuthi amakhosi aseNdlunkulu azohlabela phambili asebenzise imithetho emisha ukusebenzela izizwe zawo ikakhulukazi kwezentuthuko.
Sengibika emakhosini, sesiphinde saba nokhetho lwesibili ngaphansi kohlelo loBambiswano zingu 6 May 2006. Mangibike ukuthi sibe nomaziphathe abangamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye ababenokhetho.
Enyakatho nesifundazwe bangamashumi amane nanye, maphakathi nesifunda bangamashumi amabili nane bese kuthi ezindaweni ezakhele ugu, bangamashumi amabili. Indawo emaphakathi nesifundazwe yayisebenze kakhulu okhethweni lokuqala ngonyaka odlule. Kulokhu amakhosi abezimisele kakhulu. Enhla nezwe bekunezikhungo zokuvota ezingamashumi ayisishiyagalolunye nanye. Maphakathi nesifundazwe bekunezikhungo zokuvota ezingamashumi amabili nane. Ezindaweni ezakhele ugu bekunezikhungo ezingamashumi amabili.
Makhosi Ahloniphekile, angingene engqikithini yendima esasele. Ngokulandela umthetho, umnyango ubambisene namakhosi sewuzoqalisa ukusungula izindlu zezifunda zabaholi bomdabu. Amakhosi wonke asesifundeni azoba nezihlalo endlini yabaholi bomdabu yesifunda. Kuyiqiniso ukuthi umnyango wami uzofundisa uchaze kabanzi ngokusebenza kwalezizindlu. Okwanamuhla ngimelwe ukucacisa izihloko ezimqoka zomsebenzi walezizindlu.
Zibonisane nomasipala ngezidingo zentuthuko ezingeni lokuhlelwa kwentuthuko.
Njengohulumeni sibona ikusasa lesizwe nenhlalonhle yabantu incike kakhulu ekuphumeleleni kokusebenza kwezindlu zabaholi bomdabu ezingeni lesifunda.
Makhosi aseNdlunkulu, inselelo esibhekene nayo ukusungula lezizindlu ngokushesha. Okwanamuhla angizukuxoxa kakhulu ngendlu yabaholi bomdabu ezingeni lesifundazwe. Uma sesisungule zonke izindlu ezingeni lezifunda, kuyofanele siphinde sisebenzise imihlangano efana nalena sixoxe ngesinyathelo esiya phambili nokubunjwa kabusha kwendlu yabaholi bomdabu ezingeni lesifundazwe.
Sengiya ngasemaphethelweni enkulumo, mangibike emakhosini ukuthi njengamanje umnyango uphezu kwamalungiselelo okhetho lokugcina ngaphansi kohlelo loBambiswano. Lolukhetho luzomenyezelwa maduzane. Luzonikeza ithuba kuwowonke amakhosi asele luphinde lunikeze ithuba kuwowonke amakhosi aseMzimkhulu. Ithimba lomnyango eliphethe lomsebenzi selunolwazi olunzulu - kuningi osekufundiwe. Lolulwazi sizolusebenzisa kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi umsebenzi siwuphothula ngobunono nangokushesha.
Makhosi aseNdlunkulu kwakuyisifiso somnyango ukuba uhlelo lokusiza amakhosi nemindeni yawo ngezindlu nangezindleko zokwelashwa lusheshe lusebenze. Wonke amalungiselelo asesimweni sokuphothulwa. Imigomo nemininingwane yomthetho nemibiko nokuhlela izimali kuthatha isikhathi eside.
Lokhu kwenza singasheshi ukuletha usizo oludingwa amakhosi ngesikhathi esasifisa oNdabezitha baluthole ngaso.
Makhosi aseNdlunkulu, kuyinhloso yami njengoba ngishilo lapho ngizishaya isifuba khona ibe isithangami lapho sibonisana khona sonke. Ngizothath lelithuba ukuba amakhosi athole ithuba lokusiphathisa imibono eyakhayo ezokwenza kube lula ukusebenza kwethu ukuze kuhlomule imiphakathi yakithi.
