Isiphandla Sezwe wuphawu olubonakalayo, olukhulu kwedlula zonke izimpawu ezweni.
Isiphandla Sezwe yinxenye ephakathi nendawo yesisicilelo esikhulu, ethathwa ngokosiko, ngokuthi iyisibonakaliso esiphakeme kunazozonke ezweni. Iphepha elinesibonakaliso esiphakeme linikezwa amandla amakhulu ngoba loku kusho ukuthi livunyelwe nguMongameli waseNingizimu Afrika.
Isiphandla Sezwe saseNingizimu Afrika sethulwa esizweni ngoSuku Lwenkululeko, lika 27 April 2000. Lokhu kukhombisa inhloso kahulumeni yokugqamisa ushintsho lwentando yeningi eNingizimu Afrika kanye nothando elisha lezwe lethu.
Isiphandla Sezwe yinxenye yezinto ezilandelanayo ezihlelwe zakha isiyingi somumo weqanda esibekwe ngendlela yokuthi okunye kuphezu kokunye.
Isangqumo sokuqala yisaga esingumgomo esiphakathi kwendingilizi enguhafu eluhlaza. Kubekwe ngokufanana nxazombili, amazinyo endlovu amabili abheke phezulu, ukuze kugcwaliswe uhafu wendingilizi. Esifanekisweni esithi asifanane neqanda esakhiwa ngamazinyo endlovu, kunezindlebe ezimbili zikakolweni ezakhela ihawu legolide eliphakathi nendawo.
Umfanekiso wehawu uphathelene nesigubhu kanti unabantu ababili abadalwe ngobuciko bamatshe babantu bohlanga lwamakhoisan. Lababantu bavezwe bebhekene, bebulisana ngokuzwana.
Ngaphezu kwehawu, kunomkhonto kanye newisa zibekwe zakha isiphambano. Lezangqumo zibekwe ngokufanelana ukuze kuqondiswe ehawini kugcwaliswe umfanekiso wesisekelo ongaphansi ofana neqanda.
Inyoni yemilenze emide ibekwe ngaphezu kwehlathi eliluhlaza, izimbali zakha isifuba salenyoni. Inyoni yemilenze emide imise izimpiko zayo ngendlela yobukhosi. Izimpawu ezibonakalayo zalenyoni ziyimbathise ikhanda eliqinile ungathi ngumqhele. Ilanga eliphumayo ngaphezu kwesibhakabhaka libekwe ngaphakathi kwezimpiko zenyoni enemilenze emide ukuze igcwalisele umfanekiso ofana neqanda wokwenyuka.
Inhlanganisela yemifanekiso efana neqanda yangaphezulu nangaphansi ihlangana yakhe umzila omude ongenasiphetho kanti nokuhlelek a kahle phakathi kwezingqumo ezingumsusa kwakha umklamo onamandla, omuhle kakhulu nongafanani neminye. Kanti-ke ugcina ukusimama, nobuzotha, nobunzima abudingwa yisiphandla sezwe.
Isiqubulo - !ke e: /xarra //ke, sibhalwe ngolimi lwabathwa besizwe sabantu okuthiwa i-/Xam. Lesiqubulo sichaza ukuthi: ukubumbana kwabantu abahlukahlukene. Lokhu lowo nalowo mzamo wokuhlanganisa isenzo nomcabango kube yinto eyodwa. Kubiza isizwe, kuthi masihlangane sonkana sibe nomqondo ofanayo wokuzwana futhi sibe nokuziqhenya ngobuzwe baso. - ubumbano ekwahlukahlukaneni kwethu.
Ukolo umele ukunonophala, ukukhula nokuthuthuka okunokwenzeka, ukondleka kwabantu kanye nezinye izinto eziqondene nozolimo.
Amele ubuhlakani, amandla, ubumnene kanye nobungunaphakade.
Linemisebenzi emibili: ukukhombisa ubuqobo kanye nokuvikela ngokomoya. Liqukatha uphawu elikhulu lezwe.
Lokhu kokubili kumele ukuvikeleka kanye nobuphathimandla. Futhi kumele imilenze enamandla okungeyenyoni intinginono. Umkhonto newisa kulele phansi, okumele uxolo.
Esesimweni sokundiza - ngokwemvelo kukhumbosa ukukhula kanye nesivinini. Lena inyoni enamandla kakhulu omilenze yayo - ibekwe yafanekiswa nomkhonto newisa - eyisiza kakhulu ekuzingeleni kanye nasekuzivikeleni. Iyisithunywa esivela ezulwini futhi yehlisele ubumnene bayo bulapha emhlabeni, ngalowo mqondo-ke ingumfanekiso wobukhosi basezulwini. Izimpiko zayo eziphakeme zibonakalisa ukuphakama kwesizwe sethu, okuhambisana nokusinikeza ukuvikeleka.
Isibonakaliso sokugqama kanye nobukhazikhazi. Kungumfanekiso wesethembiso sokuzalwa kabusha, amandla abhidlangile okucabangisisa, ulwazi, ukuthatha isinqumo esiyiso kanye nokuzimisela okukhulu. Kuyisibonakaliso somthombo wempilo, wokukhanya kanye nokuphelela kweSintu okuphelele.
Isakhiwo esiphelele seSiphandla Sezwe sihlanganisa ingxenye engenhla nengezansi yakhe isiyingi somumo weqanda okufanekisa ingunaphakade. Ukuhlangana konqenqema lombhalo olungezansi, namazinyo endlovu, nokomkhathizwe okuqhamuka kuwo ilanga likhuphuke, kwakha isimo seqanda okuqhamuka kulo intinginono. Lomfanekiso unomqondo osho ukuzalwa kabusha ngokomoya kwesizwe sethu esikhulu futhi esinobuqhawe.
Igama elithi Batho Pele liwumushwana wesiSuthu ochaza ukuthi "Abantu kuqala", okubophezelela abasebenzi bakahulumeni ukuthi basebenzele bonke abantu baseNingizimu Afrika. Ukubaluleka nemimiso-migomo ye-Batho Pele uyisisekelo seSiphandla Sezwe. Ngomhlaka 1 Okthoba 1997, abasebenzela uhulumeni baqala umkhankaso we-Batho Pele ababehlose ukuwusebenzisa ukwenza ngcono izinsiza abaziphakela umphakathi.
Ukwenza umsebenzi omuhle kangangemali nemali ekhokhiwe ukuze amakhasimende abone ukuthi imali yawo yentela isetshenziswa ngendlela eyiyo neyimpumelelo.
I-Batho Pele imayelana nokuthi kukhishwe izindlela zokusebenza ezibiza kakhulu nezimosha imali ezingabeki izidingo zabantu phambili. Iphinde iphathelane nokuthi iqinisekise ukuthi izinhlelo zikahulumeni zokusebenzisa imali zihambelana nezidingo zabantu kanye nokuthi yiziphi ezidingeka masishane.
Iningi lentuthuko efunwa ngabantu ayidingi mali ukuze ibe khona, njengokumoyizela, ukuphatha abantu ngenhlonipho ukwethembeka uma unikeza abantu ulwazi kanye nokuxolisa uma wenze iphutha. Lezizinto azidingi mali - zidinga ukuguqula indlela abantu baziphatha ngayo.
Ukuthuthukisa imisebenzi eyenzelwa abantu wukuhlela kabusha indlela ophatha abantu ngayo. Ukufezekisa uhlelo lwe-Batho Pele akuwona umsebenzi owenziwa kanye ubese uphela, kanti kuwuhlelo oluqhubeka njalo, olunamandla oluzoqhubeka iminyaka eminingi luthola umfutho sonke isikhathi.
