bhIlI: Usufuna ukweqa ubaleke, angabe esakufica amaphoyisa lapha.
sonto: Awu, siyabonga mama. Okukabani nje ukusinda enhlamvini yesibhamu.
lwazI: Sengizothula-ke manje ngingabe ngisaphendula.
bhIlI: Eyi, kwanzima-ke uma kunjalo mshana. Manje ufuna ukuthi ngikwenzeleni?
sonto: [Esukuma elungiselela ukuhamba.] Kusho ukuthi-ke singeke sisaqhubeka nalolu daba okwamanje.
MazUIngU: Usindile impela yena. Sekuyiko nje ukuthi utubekile lapho imshaye khona. Maqondana nalapho imdubule khona kusankenketha, kubomvu. Bamnikezile nokho imishanguzo yokuthoba idambise izinhlungu.
senzo: [Ethuke.] Hawu! Isikhathi eside kanje?
bhIlI: Nginombuzo nami engizowuqondisa kuLwazi.
senzo: Ngiqonde ukuthi kuzofanele sibize inkomo ebizwa ngokuthi imvimba, leyo eyokugeza ontanga bakaLwazi asebehlazekile. Kube ekanina ingquthu, leyo eyobuntombi bakhe osebulinyaziwe. Kuzobe sekugcina imvuma, inkomo yokwamukela umonakalo ukuthi wenziwe nguye uqobo, nokuhlawula umuzi lapho ezalwa khona uLwazi. Zizoba zintathu kuphela izinkomo ezizoba yidemeshe noma inhlawulo yokumitha kukaLwazi.
senzo: Mh! Abheke eceleni.
senzo: Usuhamba khona manje?
MazUngU: Kwangathi ningahamba nazo zonke izithutha zalapha ekhaya. Zinikhanyisele indlela naphambili. Baphume-ke bahambe oSenzo nomalume wakhe sebeya kwaNozi.
sonto: Siyezwa sisi.
nozI: Hamba impela kepha ungalibali ukuthi mina nawe sisazobonana kakhulu. Futhi ngeke size sehlukaniswe wubala lolu lwasekuseni namuhla.
lwazI: Hhawu, mama ngoba bengithi usivakashele nje lapha ekhaya, manje wase ubiza abantu abakude le, engabe uhlala nobaficile sizixoxele.
senzo: Ukuthi mangehlukane noNozi mama.
senzo: Cha, angiphindeli nje kuye ngoba ngizenzela. Ulayezile kuSipho wathi ufuna ukungibona ngoba phela uthi akazi ukuthi mina wangixosha ngaliphi ekhaya njengoba sengihlala nawe lapha nje.
lamasotsha egazi kuqala, babone ngalo ukuthi uyawadinga noma awuwadingi ama-ARVs.
nozI: Impela mngani kunjalo. Sitshele iqiniso lonke wena njengoba linjalo Lwazi. Ungalokhu usitshela indaba kaBhili, indaba efile nenukayo.
nozI: [Ethuke kakhulu.] Habe! Uthe ukhulelwe?
senzo: Ngilokhu nginjalo nje mama.
senzo: Buza mama ngikuphendule.
nozI: Kuzodingeka ukuthi ulunge-ke ukuze lesi sisu sakho sisimukise kulo Bhili wakho. Kusasa nje noma kanjani siya khona.
senzo: Siyeza leso sikhathi mama. Ungajahi.
lwazI: Yebo, silale kahle noma-ke usuku sesiluqale kabi.
nozI: Musa phela ubesewuqhatha usizi kube sengathi ufelwe yizwe. Akukho muntu ofile. Ngenjani yona leyo nto oyicabangayo ngempilo yakho?
sonto: Kulungile, qhubeka sizwe.
Isenamisi Lo mdlalo uyajabulisa (uyenamisa).
sonto: Ko, Ko, Ko!
ONozi sebekwaBhili ekhothiji eliseTop Rank eClermont. Bamukelwe kahle bahlaliswa.
kanye ukuba ube khona uzongilalelisa, ube ngufakazi kukho konke okuzobe kwenzeka. Usufuna ukungilahla lapho sengikudinga kangaka mntakwethu?
bhIlI: Iyodwa-ke into okuzofanele ingalibaleki. Yigazi lakho lelo elithwelwe yileyo ntombi. Ungalilahli mshana wami igazi lakho.
sonto: Cha, kakulona elakho wedwa lelo phutha. Nami nje ngiyimi, angizange kengisole lutho. Ngabe phela ngike ngakuncweba ngaso isisu ukuthi awuke umbhekisise nawe uLwazi uke umhlole.
senzo: Hawu! Konje sengikuzibe ngaliphi?
senzo: Ngizoya impela mama. Ngizocela ukuthi ngiphekezelwa nguye umalume futhi ngoba vele useyayazi indaba. Angithi kuzolunga malume?
sonto: Cha, wenze kahle ukuthi ungadlobi ngolaka nawe nize nilwe.
bhIlI: Sala umbone Sonto, mina ngisayobona uSenzo ngalena ukuthi ngingamsiza kanjani njengoba empongoloza engasaqedi. Udokotela angene nesikhwama sakhe eseshesha.
MazUngU: Angikubuzi ngiyakutshela mfana wami, finish en klaar kwaphela.
senzo: Wena ugcine utheni kumama wakho?
sonto: [Asukume ethi uya ekhishini.] Hho, nanguya noSenzo engena ngesango. Angisale sengihlala ngimlinde angene.
senzo: Nisale kahle. Aphume ziye ngaye.
MazUngU: Awu, yaze yanobuntu ingane yabantu. Ingiphatha kahle kanje ingangazi nokungazi, yazi uSenzo nje kuphela kwami. Impela nalokhu kuthukuthela engingene nginakho, sekudambile.
bhIlI: [Emphenya ebheka.] Ngizama ukuthola inxeba ukuze ngibone ukuthi likuphi, futhi linjani bese kwenziwa imizamo ngokopha.
nozI: [Ngolaka.] Yeyi we Senzo! Unyakaza wenzani Unganyakazi! Uzama ukwenzani Ucabanga ukuthi nginethusa ngenyoka efile yini uma ngithi ngizokudubula Hhe?
senzo: Empeleni mina ngaqala ukumazi ngomngani wami uSipho oyisihlobo sakhe. Sasivakashele khona, wayesethi angibobuya ngelinye ilanga ngedwa ngizomvakashela.
nozI: Cha, siyezwa bhuti.
nozI: Buye bekungabuye kuthiweni sengilwa nomamezala. Ahleke.
nozI: Lalela lapha-ke mntakwethu. Imoto kanginayo inkinga ngayo. Uma ufuna ukuthenga imoto, kuhle impela lokho. Musake ukucasha ngesithupha uthi awunamali yokungilobola. Uke wangizwa mina ngithi ngidinga ungilobole?
sonto: Nayisebenzisa ikhondomu sisi?
nozI: [Anyiphe ambuke.] Imamba yani Musa ukudlala wena. Ubungabona loya mfazi ngendlela abesedlondlobele ngayo ngolaka. Ngigcine sengimyekile, wayithatha indodana yakhe wahamba nayo?
sonto: Impela kuzofuneka impela ukuthi ubambisane nabeluleki bakho ukuze izinto zihambe kahle.
nozI: Uma kunguye, kodwa mina angiyizwanga imoto yakhe iduma izokuma lapha. Kusho ukuthi uze ngentsha ceke.
nozI: Phela mina ngangithi ngizophatheka kahle uma sengizitholele umkhwenyana osemusha ongenayo yonke le ngqondo efile esemadodeni amadala, ahlupha ngokuqonywa lonke izwe leli...
dokotela: Lo mntwana kaLwazi, ngumntwana womLungu onamehlo aluhlaza cwe, ngokofuzo aluthathe kuyise. Sengiyanishiyake. Salani nizozibonela nani. Aphume ahambe udokotela abashiye bebambe ongenzansi.
nozI: [Eseqhelisa ubuso kuye.] Ewu awukahle kancane Senzo. Kanti kawusadeli yini Awuthi ngibheke lapha. [Aphakame elule isandla ethatha iwashi elisekhabetheni eliseduze nombhede.] Sekuyihora lesikhombisa. Sengathi ngingake ngithi ukulala kancane. Umzimba wami ukhathele kabi?
nozI: Cha, kakusona isikhwele. Yiqiniso elimsulwa leli engikutshela lona. Angithandi ukuloku ngadlala abantu bengikhahlelisa okwebhola, bezenzela umathanda ngami. Sengakhathala ukushayana nabantu besilisa ngithi ngiyabaqondisa, bajike bangishiye kanjalo. Bangilahlise okwenyongo yenyathi.
senzo: Cha, angikulahli sithandwa. Into nje ngenziwa wukuthi bengingaboni ngale ndlela wena obona ngayo. Yingakho nje kuthiwa ubucwibi obuhle ngobuhamba ngabubili. Kulungile-ke ngizoya nami kulo Bhili kusasa.
senzo: Eyi, ngibona ukuthi sekuyobonisanwa ngalokho kamuva ukuthi yena indaba yakhe iyogcinaphi.
MazUngU: Usho ukuba njani kwani wena Wesabani, lenzeni ibhulukwe UBhili asondele kuSenzo ambheke ibhulukwe bese elibona ukuthi linjani?
nozI: Impela kunjalo mngani. Ezinye izinto mngani zenzeka singabe sazikholwa. Uma kuthiwa lixhoshwa libhekile, kusuke kungaqanjwa manga, kusuke kushiwo lokhu osekungivelele. Kangikaze nakancane ngize ngisole ukuthi uLwazi umntanami usemithi.
lwazI: Khona kwakunzima impela ngisaqala ukufunda khona. Buye nomama wayengenawo nomsebenzi okahle ngaleso sikhathi, wayebamba amatoho nje angasho lutho kangako. Amthelele isiphuzo engilazini, amnikeze.
senzo: Eyi, cha ubumnakile-ke nawe uze ubone nokuthi wakheke kanje. Kusho ukuthi umthandile impela uLwazi.
nozI: Kulungile, yana kuye nixoxe ngoba ngisaphuma nami.
nozI: Yebo, kulungile, kepha ngifuna wazi ukuthi uma usathandana nami, akukho lutho oluzongena phakathi kwethu lusehlukanise. Ungizwa kahle?
MazUngU: [Agqibelane, abuke uNozi.] We Nozi! Awungitshele, ungifunani ngengane yami kuwuphela kwayo Ungifunani?
nozI: Cha, akusikho lokho. ULwazi ubeyogcwalisa amafomu kudokotela uNgubane namuhla ekuseni, kwatholakala ukuthi ukhulelwe.
senzo: Wena Lwazi wakhulumisa okwengane ngempela. Awusho-ke, awumthandi yini wena umama wakho?
lwazI: Yebo mama, ngizithole zonke, kephaBese unina emngena emlonyeni esathi uyachaza.
nozI: [Emqhweba.] Phuma lapho ekameleni lakho uze lapha!
nozI: Ngenjani-ke eyejwayelekile?
senzo: Kukhona yini obekungalungile yini ngawo?
ngUbane: Sisebenza ngomthetho nathi ngapha singodokotelai. Ngeke impela ngakwenza lokho ngoba kakukho emthethweni. Uma ngingathi ngiyakwenza lokho, angafa loyo mntwana, afe kanye naye unina, bese ngethweswa icala lokubulala ngenhloso. Angikufuni-ke lokho mina ngomsebenzi wami. Siyezwana?
senzo: Cha mama! Akunjalo.
lwazI: Ngizozibulala Senzo, kungakayiwa nakuya kuBhili.
sonto: Phela mina besengithi senihambe nangishiya. Yikho nje sengize ngapha ukuzonibheka. Ngabe ngifonile manje-ke nocingo aluvumanga ukungena ngenkathi ngilushaya. Nilale kahle nje Lwazi?
nozI: [Kumethuse lokhu.] Hhayi bo Lwazi! Ungathathi ngamawala mntanami! Angiqonde khona ukuthi uhambe ngempela.
nozI: [Ema ephenduka ezibheka ngemuva.] Eyi mngani, uzoke ungisize ngenaliti nohala kengithi ukubamba isiketi sami lapha. [Ekhomba.] Awubheke sinjani.
senzo: Kumele impela ube namahloni ngale nto. Manje-ke ngoba kufanele ukuba uyofunda lena enyuvesi, kuzomiseka kanjani manje khona ngoba nasi nesisu sakho sesisikhulu kangaka?
USenzo uzobonana nomalume wakhe ekhothishi lakhe eTop Rank eClermont.
uthi usazoyibeka. Ngicela ungiphendule-ke ngibone nobufakazi bencwadi yasebhange.
lwazI: Hha! Umuntu omdala phela uyayazi into ayenzayo.
Umlobi ubaveze ngezindlela ezahlukene abalingiswa bakhe. UMaZungu yena uvezwe kanjani Chaza?
sonto: Eyi, kangazi-ke nami. [Abheke uLwazi.] Lwazi, kwakuyilo ngempela lolo suku olushoyo?
lwazI: Uyazi Senzo, mina kangiyena nalowo muntu wabafana. Angazi nje ukuthi ngingasukela bani ngoba mina ngaziwa njengomuntu ongaqomile.
senzo: [Ejanquza ngamadolo.] Awu! Kuyahlaba futhi sekuyashisa lana emadolweni!
senzo: Manje nginenkinga ngoba ngeke ngiphinde ngiye kuNozi noLwazi. Ngizocela sisi uSonto ukuthi usale ubabikela oLwazi nonina ukuthi kuthiweni emtholampilo.
MazUngU: Ngizokugquba njengembuzi size siyofika ekhaya. Asihambe-ke! Ungabheki emuva! [Baphume bahambe.] [Basale bekhungathekile oNozi noLwazi.
nozI: Ngikubuzile ngathi njengoba uthi usafuna ukubona umhlaba, bewuqondeni ngalokho, awangangiphendula. Ngisalindile-ke namanje. Ubuqondeni ngalawo mazwi?
nozI: We Bhili! Kukwami lapha. Awuzozolawula ukuthi kufanele ngithini ngibuye ngingathini. [Ekhomba phansi ngomunwe.] Akusikho ekhothiji lakho lapha.
lwazI: Hhayi ngalokho mama!
sonto: Hawu, thula phela mngani ! Kwamukele njengoba kunjalo osekwenzekile mngani ngoba ngeke kusaguquka.
senzo: Yebo mama, khona ngizoganwa ngokuhamba kwesikhathi. Okwamanje ngisafuna nokubeka imali yokulobola.
MazUngU: Wena Senzo awuzibuzi ngani ukuthi ubangelwa yini ukuthi umthande kangaka emdala kunawe, uyeke ontanga yakho bebahle bephambi kwakho ubaziba ubabhekile?
lwazI: [Evuka.] Yebo Senzo! Hlala khona lapho esitulweni. [Emkhomba kuso.
nozI: Singazi ngani mngani. Kona kuzofanele ngimmele ngenhla uLwazi ngithi makakhulume iqiniso, ngoba ngale kwalokho ngizovele ngimxoshe, aphume aphele endlini.
nozI: Hha! Asazi-ke! Asho kanjalo ahwaqabale nasebusweni.
lwazI: Kulungile-ke mama. [Edikila efulathela.] Angifuni ukulokhu ngimemezana nawe ngikuphendula size sizibangele namehlo abantu. Kulungile-ke sengiyahamba. Ngiyahamba, kodwa ungazisoli mama ngoba ngizoya ngqo, kuBhili ngiyokipita naye. Ungakhali-ke ngoba kuyobe kwenzeke intando yakho. Ngeke uze uthole ngisho isenti eliluhlaza leli lenhlawulo yesisu. [ULwazi ayekele konke abekwenza, asuke lapha ahambe eseqonde ekameleni lakhe.
senzo: Asisekho isidingo. Uthi nje makasho leyo nhlawulo ayifunayo, ngizobe ngilungisa yona ngapha ngasekhaya.
MazUngU: Ngizizwele ngalezi ezami. Esho ekhomba izindlebe.
lwazI: [Esholo phansi.] Uthando mama, kalukhethi ludwani oluwela kulo.
MazUngU: Yini kwenze njani Kukhona yini ekhaya ogulayo?
senzo: Manje ngize lapha ngoba ngibona kufanele ukuba ngijeziswe ngengikwenzile.
nozI: Sh! Sh...! [Ebeke umunwe emlonyeni.] Angisiye mina umntakwenu futhi angisesona isithandwa sakho mina. Uzwa kahle Ungangibizi neze kanjalo mina! Ngikunikezile ithuba lokuthi ukhulume. Manje-ke thula, sekukhuluma mina?
senzo: [Angene.] Yebo malume.
sonto: [Abheke kuye ngqo.] Hawu Senzo, wathula nje sikhuluma ngempilo yakho. Kuhambe kanjani lapho ebenikade niye khona nomama wakho?
bhIlI: Kulungile, uhambe kahle mshana. UBhili asale ejula ngemicabango aze akhulume yedwa ejabhile.
nozI: Ngizocela ukuthi uSenzo aqale asho konke afuna ukukusho.
nozI: Ngala manga owaqamba ngoBhili.
nozI: Uqinisile Senzo. Ngethuke nami sekugcwele intuthu ngale ekhishini, ngaphuthuma khona sekonakele. Awuzwe nje ukunuka sekuze kuzwakala nangapha ekameleni. Sengathi manje bekubhakelwa ngapha. Impela umuntu uzobulawa ukucabanga kakhulu.
Ewashawozi uLwazi nonina uNozi bamatasatasa bahlamba izingubo zokwembatha.
lwazI: Uthe udokotela ngikhulelwe.
bhIlI: Wewu! Yigama elidume kakhulu phela lelo lapha eClermont. Ngeke uze uqonde ukuthi yimuphi lowo Bhili. Kodwa-ke kakubalulekile ukwazi igama lakhe ngoba ngeke kwakusiza ngalutho. Kufuneka ikhambi elizoba ngujuqu phela lapha.
lwazI: [Ame emnyango ophumela ekamelweni.] Hho! Kanti ungenza isilima mama ngokuthi angihambe. Wenza kanje ngoba ungafuni ukungilalela ukuthi mina ngokwami ngithini mama?
sonto: Kugcinaphi-ke Wazosibambezela ngento engekho nje?
ukuyixoxa leyo, ngenkathi ngisacela uSenzo ukuba ahambisane nathiAthi ukuthulathula esacabanga ukuthi kwenziwa njani.
senzo: Kade ngiye laphaya kumalume. Usengisizile naye ngale ndaba yethu ngoba siye sayixoxa engibonisa ngokungenziwa.
MazUngU: Hheyi, thula wena! Ngizokukhipha esihogweni ongeke wakwazi ukuthi uphunyuke kuso ngaphandle kwami. Thula! Esebeke umunwe emlonyeni.
senzo: We Nozi, uyabona nje ukuthi isikhathi sesibaleke kanjani silinde lo muntu wakho ongasafiki. Sizohlala kanje singanyakazi kuze kube njani nje?
senzo: Ukubuziswa yini lokho mama?
nozI: Ngisacela singene endlini-ke ngisebenzise lona sifonele uSenzo eze lapha, yikhona sizosale sesiqedela konke mayelana nokufanele sikubize kuBhili.
sonto: Hho. kusho ukuthi yonke into iba kuwena ukuthi uyabambisana yini nabasemtholampilo ukuze ufundiseke, uqeqesheke kuqala bese kuba yima uzothola imishanguzo yayo ingculazi.
lwazI: Bengisathe ukucambalala mama ngemuva kokuba ngifike ngivela edolobheni. Ahambe ahlale esitulweni.
nozI: Cha, imnandi le nyama oyithosile Senzo. Umuntu uzolala eshaye esingeqiwa gundane ngale nyama emnandi kanje namuhla.
nozI: Cha, kangizange ngisho kanjalo. Besixoxa nje. Eyomuzi angizange ngiyiphathe ngoba bengifuna azibonele futhi azivumele ukuthi siye emshadweni ngothando. Phela ukuba ngike ngayiphatha eyokuthi uzothola umuzi, ubezovele anqabele khona lokho, angibuze ukuthi bese ngizwe ukuthi uthe ufuna umuzi yini ngoba nakubo ukhona.
senzo: Hhayi lokho mama! Mina ngisho ukuthi uyalibona ibhulukwe lami ukuthi linjani Awulibheke nje?
nozI: Wena Senzo umtshelile yini ukuthi uhlalaphi nanokuthi uhlala nathi na?
senzo: Naso ngiyasazi, kepha hhayi le nto yasekuseni. Yinsambatheka ongayazi.
sonto: Kodwa sizoyithini nje le ndaba kaSenzo?
nozI: Hawu! Ngingaze ngikhohlwe phela Senzo. Ngisazoke ngihambe khona manje ngiye kuSonto. Sengicishe ngalibala. Kukhona acele ukuthi ngimsize ngakho ekuseni nje. Ngizocela ukuthi ungahambi uLwazi engakabuyi edolobheni uma nami ngingakabuyi. Ungisize impela. Ngizogeza ngidle masinyane ngiphume.
nozI: Ngizamile nje ukuthi ngenqabe naye uSenzo ngoba naye ubevele engathandi ukuya kubo, buye ngoba vele besesihlele nokuthi siye kwaBhili.
lwazI: Ungowakhona lapha. Mhlawumbe ungeke umazi ngoba baningi abantu kule ndawo yaseClermont.
senzo: Cha sisi. Amaphilisi engculazi ayalungiselelwa kuqala.
nozI: Yeyi! Ungangibizi ngoLavi wakho mina! Uyezwa?
sonto: Wafika kahle mngani ngisaxakwe yilezi zingubo. Awusale usunginekisa lezi ngapho. Emnikeza ngebhakede ekhomba.
nozI: [Ayeke akwenzayo ame abheke uLwazi.] We Lwazi, uyazi akufanele kushone ilanga indaba yakho yesisu ingacacile. Ngisafuna ukwazi ukuthi ngempela ngempela ngesikabani lesi sisu sakho. Awusho ngempela, ngesikabani?
senzo: Phela nawe uzothi ubusadidekile.
senzo: Ngiyabonga mama. Asho asukume aphume ayokudla.
MazUngU: [Ekhuluma yedwa.] Eyi, kwangcono ngaze ngafika kwalo mfazi othatha ingane yami azoyifuyela lapha. Angazi ukuthi ngiyombonga ngani uMaMgobhozi ngokuthi angivuse ngomntanami uSenzo ukuthi uzoguga aphele abe yikhehla ebe esemncane ngalokhu kuthandana nokukipita nomfazi omdala kanje. Hawu, iNkosi ibathanda bonke abantu! Ingithandile nami ngoba nakhu sengifikile lapha manje ngizokhulula umfana wami emaketangeni egobondela alo mjendevu oyilo mfazi. Uzoke angitshele ukuthi uyifunani ingane yami. Kusho khona ukuthi usile, useyishaye ngodelunina njengoba ingasafuni nokuthi ihlale isikhashana nami ekhaya sixoxe ibuye ilale khona. Habe! Ingane yami phela manje isingumlalandle. Kuba wukufika nje ekhaya bese ivalelisa masinya kanti yenziwa yilo mfazi omubi oyiphehlela imithi okhambeni, ayibize khona iphume iqhantshe kubo iphindele kuye ngokushesha. Wothi ngingene ngingqongqoze. Cha, kakufuneki ngingene ngolaka, angizibambe impela. Ngiyovutha uma ephakama naye, simane sitholane phezulu, kuchitheke gula linamasi. Yingane yami phela lena adlala ngayo. Ngeke ngithule. [Asondele emnyango wasekhishini bese engqongqozaa.] Ko! Ko! Ko! Ekhaya!
lwazI: Ngena sisi uSonto! Angene ahlale ngale kwetafula maqondana noMaZungu.
nozI: Yebo! Yebo! Uma ethi uyalobola, angangilobola kubani ngoba ngingedwa nje lapha kwaDabeka. Abakhabokamama sebashona bonke njengoba nami ngingedwa nje futhi. Sekuyimi noLwazi nje kuphela esisaphila.
Ngabe kade ngibuyile ekhaya ukuba bengiye edolobheni kanti ngizizele lana.
nozI: Ha! Uthini mngani Uthi ngike ngathula Lutho mngani?
nozI: Yilokho-ke engikufunayo. Angifuni uma ngithi ngizobhaka kube khona okushodayo. Usho uvula izimpahla ezisetafuleni lasekhishini.
Ngaphansi kwesakhiwo kubhekwa uhlaka lwendaba ukuthi izigameko ezisendabeni ngabe zihleleke kanjani ukusuka ekuqaleni kuze kufike esiphethweni. Kubhekisiswa imbangela yokwenzeka kwezinto kanye nomphumela wokwenzeka kwazo. Akumele kube khona isigameko esingahambisani nengqikithi yombhalo. Kukhulunywa ngamabanga okuphakama uma kufundwa kuze kuyofinyelelwa esicongweni sendaba,-bese kuthi uma indaba isiya emaphethelweni kube sengathi usuyehla esicongweni ubheka mazansi. Indaba ebhaleke kahle ithi ingafika esicongweni bese iyaphela ingaze ibande. Nakuwo lo mdlalo emva kokudutshulwa nokubeletha kukaLwazi indaba iyaphela.
MazUngU: Awusho-ke, kwenzeka kanje ukuphi uLwazi?
sonto: Oo! Cha, ngiyezwa mngani. Manje obani abanye esizohamba nabo siye kuloyo Bhili?
lwazI: Hawu masinya kangaka ma! Ngingasamtshelanga nokuthi sizoza?
senzo: Kanti ayingenanga! Hawu, kwangcono!
MazUngU: Eyi, kodwa unesibindi nomngani wakho bo! Ubesengibulalela ingane yami ngempela ngenxa yokungezwani ngothando nje lodwa.
senzo: Ukuphi yena uLwazi Utheni nje yena ngale ndaba yokuphikwa?
MazUngU: Uma sewehluleka ukuhlala nami noma ungasathandi ukuhlala nami, qonda laphaya [Ekhomba.] e-KK emzini wezinsizwa, uyoqasha umbhede khona. Iningi kabi indawo lapho futhi kunezinsizwa lapho ezizokufundisa ukuthi izinsizwa ziziphatha kanjani ukuze ziphumelele uma sezifuna ukuganwa.
nozI: Cha, ngiyezwa dokotela. Ngiyabonga. Usale kahle. Alubeke phansi ucingo.
dokotela: ULwazi uthe uma eteta, wathola umntwana womfana.
senzo: Hawu mama, yikho nje ukuthi uma ngihambile ngivakashele abangani, mhlawumbe ngihlwelwe ngakubo, ngibe sengilala khona kubo. Yingakho nje ngezinye izinsuku ngingabuyi ekhaya.
lwazI: [Emnikeza.] Nazi-ke izinto zakhe mama. Wafika nazo ngawo amapulastiki engazifakanga esikhwameni.
lwazI: Yena sake sazana naye kanti uyasebenza unemali, manje uthe uSenzo ngcono sesulele ngaye ukuze angabe esexabana nawe ngoba uyakwesaba wena.
senzo: Kuyangibhedela impela malume. Sengethembe wena.
sonto: [Emvumela ngekhanda emqhweba nangesandla.] Woza nayo impela mngani.
lwazI: Wukweyisa Kukuphi ukweyisa kwengikushilo?
nozI: [Ekhomba uLwazi.] Thula! Hlala khona lapho! Musa ukusuka lapho, ngifuna uwabukele kahle amasoka akho womabili, ukuze ubaxoxele konke owakubona ngokufa kwawo. Ngizoqala ngoSenzo, ngimdubule inhliziyo ngenhlamvu. Ngifuna ulibone kahle igazi lakhe liphuma litsaza lizokuthela. Ngizolandelisa ngoBhili, ngimsakaze ubuchopho bunaphazeke kusofa ngemuva kwakhe ngoba ucabanga ukuthi uhlakaniphe kakhulu.
MazUngU: Lokho kuzoshiwo ngamanesi sesifike khona, hhayi wena. Okwesibili uma sifika khona, bazokuthatha igazi liyohlolwa ukuthi awunagciwane yini lalolu khuvethe lwengculazi oseluhaqe lonke izwe leli likaMthaniya.
lwazI: Cha, lutho mama. Mh.....! Mh....! Hi....! Hi...! Esula amakhala.
MazUngU: Hawu! Siyabonga Nkosi yami! Bengizoba yini nje?
MazUngU: Kazi uzotholani lapho?
lwazI: Awusho-ke, uma kwaBhili lowo esethi kulungile singashada, ngenze njani?
MazUngU: Maye..! Kwenze njani ngomntanami Ulaleleni lapho uSenzo Bhilikida Asondele esethwele izandla ekhanda?
senzo: [Asuke bese embamba isandla sisodwa.] Hawu! Musa phela ukukhala. Kumele sakhe icebo elisile ukuze siphunyuke olakeni lukamama wakho. Uma phela engezwa ukuthi sake sashiyelana ugwayi nawe, siyowukhomba umuzi onotshwala. [Ebeka umunwe emlonyeni edabukile.
nozI: Hhayi, awuvuke-ke uze ngapha ekhishini uzongisiza ungenzele itiye nesinkwa ngilambe kabi. Ngiphekile lapha futhi ngisageza nalezi zitsha.
nozI: Lwazi! uyezwa Uthi uDedi ubomphathela iphephandaba lakhe edolobheni. Ungalilibalike sisi?
bhIlI: Ngiyezwa Nozi, ngizomtshela. Sengiya kuyeke. Ngeke ngilale ngingamtshelanga lezi zindaba. Usale kahle-ke.
senzo: Ngiyaye ngiwabuke lawo mahlazo ezingane ezincane eziya nezisu ezikoleni.
senzo: [Ngokumangala.] Hawu! Usho ukuthini ngalokho?
senzo: [Ephikelela emsondeza kuye.] Woza phela Lavi.
bhIlI: Angiboni lutho lapha dokotela, dlulela kuLwazi.
bhIlI: [Avule angene.] Sanibona sisi uNozi!
nozI: Usuzohlala lapha ungixabanise nonyoko. Umshiyephi yena?
bhIlI: Wothi ngikuyeke kanje. Uyakwazi lokhu Bamba la! [Kuthi] Xhafa! Xhafa! Xhafa! Kuthi nya! Ya usukutholile obukufuna. Yikho lokhu?
Chaza ukuthi umlobi usisebenzise kanjani isizinda ekuqhakambiseni indikimba noma umongo wendaba. Uveze ukubumbana kwayo nezehlakalo ezenzeka emdlalweni.
bhIlI: Kanti inhlamvu ngempela ikushaye kuphi Senzo Awuthi kengibone lapha ehembeni lakho. Ake ngikhiphe lezi zinto ezilapha ephaketheni lehembe lakho. Akhiphe iwolethi kanye nomshini wokubala bese ekubuka?
nozI: [Ebeka isandla emlonyeni.] Angiseve ngiphoxekile mngani.
sonto: [Amngene emlonyeni.] Kanti uzoshaya eceleni mngani wami, kungabe kusaba njengoba bewuhlosile. Hheyi, xola mngani wami. Ukuthathe njengento ezodlula. Xola impela mngani.
nozI: Usho ukuthi uma ngingambiza ngimbuze, angavumelana nawe?
MazUngU: [Esula umjuluko ebusweni ngethawula elincane.] Yebo mntanami. Nathi siphume ngemuva kwesidumo leso sakwaNozi, saphuthuma seza lapha.
sonto: Thula sisi, uyeza khona manje.
lwazI: Impela ukubeke kanjalo.
sonto: Cha kuhle-ke uma ukwamukele lokhu Senzo ngoba akekho umuntu oyoke akusize ukwedlula wena uqobo lwakho.
bhIlI: Asithandaze mshana! Nkosi ngamukele mina ngiyisoniAphazamiseke.
bhIlI: NginguBhili Sibisi dokotela. Ngicela uphuthume uze lapha kwaNozi unina kaLwazi Hadebe, lapha kwaDabeka kwa-K, no.15 Paradise Street. ULwazi uyahelwa usezoteta. Kukhona noyedwa odubulekile lapha.
nozI: Iphutha likabani?
lwazI: Wathi umama akafune mfana engizomqoma. Angisakhulumi-ke ngeyokumitha. Wathi uyongibulala nalowo oyobe engimithisile. Ngiyamazi-ke umama uma engayifuni into.
bhIlI: Ungabe usabuza sisi. Phuthuma uze khona lapha manje, sekonakele.
senzo: [Evungula amazinyo.] Kulungile-ke, sesiyoxoxa khona ekuseni.
ziqhamuke no "Ngiyosho ekhaya ukuthi ngenzani mina ngasese ningangiboni nina".
lwazI: [Ame ambheke.] Hawu mama! Kangimvikeli Nkosi yami. Ngizoze ngithini kanti manje.
USenzo ufika ekamelweni likaLwazi esalele.
nozI: [Emkhomba.] Besengisho nje phela ngoba ukube ubusucabanga ukubuyela kuye, ubuzongibona kahle mina ukuthi anginsangu angibhenywa. [Usho kanje useqala ukufudumala elokhu embuka ngeso lengulube.
nozI: Ungakhathazeki ngokudla. ULwazi uzohamba esesenzele kona ngaphambi kokuba aye edolobheni eThekwini.
bhIlI: Cha, ngiyakuzwa mshana, noma-ke sengithatheleke phezulu. Inzima impela le ndaba yakho.
lwazI: Ngikushiso wububele anabo. Akakuyeki nje angakusizi uma usenkingeni. Ngangilokhu ngifisa ukubona umama wakhe.
MazUngU: Uyabona-ke, impela iqaqa kalizizwa ukunuka. Wena phela ususindwa yikhanda, nomzimba wakho usuhwabheke ngenye indlela. Kuyasho nje ukuthi uthandana nesalukazi. Sesakuncela wonke umsoco osegazini lakho. Buka nje ukuthi intamo yakho incane kanjani, kanti nezingalo zakho sekungazathi sekuyimikhono yephela. Hhayi suka! [Ephebeza ngesandla.] Siyeke lesi salukazi sakho esikhohlakele.
lwazI: Ngeke basithole, umhlaba mkhulu kabi.
senzo: Ko! Ko! Ko! Ekhaya bo!
senzo: Yona ithoseke kahle, kodwa phela yilesi sinongo sakuleya bhusha engiyithenge kuyo le nyama, esenza ibe mnandi kanje.
senzo: Hawu! Ngoba kwenze njani mama?
sonto: Kodwa-ke uma kukhona akwaziyo, angasifihlelelani?
nozI: [Eseqala ukuswanguluka.] Kona silibazisekile impela. Sesiyofika kwaBhili abantu sebegcwele imigwaqo baze basibone.
lwazI: Shono-ke Senzo, kuzokwenziwa njani.
nozI: Akusho lutho lokho ngoba uma sasesihlezi, sasesihlezi.
lwazI: Impela usho kanjalo.
lwazI: Yebo, kona kunjalo Senzo. Kwenzeke kanjalo. Kodwa...
senzo: Njengoba sekufike nomalume uBhilikida mama lapha ekhaya, sengicela ukuthi asale asekubikela konke osekwenzekile silokhu siqale ukubonana naye namhlanje. Lokhu ngikusho ngoba wena mama angikutshelanga ukuthi ngizobonana naye. Sizoxoxa nje sihlezi khona lapha.
MazUngU: Hawu Nkosi yami! [Abambe ongezansi.] Sengijabule kangaka.
lwazI: Cha, angikhumbuli eba nokusola. Yena wayehlala engibabaza ukuthi ngidla kakhulu yikho nje sengiyindlovu, kanti sengonakele nami nginganakile.
senzo: Manje lo monakalo sizothi uyiphutha likabani ngoba angithi uyakhumbula ukuthi ngakubuza ukuthi uvikelekile yini ukuthi ungakhulelwa, wena wathini?
bhIlI: [Ecabanga ngokushesha.] Angimgxumele, ngimubambe ngimephuce isibhamu. Angilwe ngingafi njengevaka ngingenzanga lutho. [Angachithi sikhathi, amgxumele kuhle okwekati libamba igundane libaleka.
lwazI: Cha-ke manje, sengiyakuzwa. Yima ukhuluma. Sonke lesi sikhathi ubusathule nje ubhibhidla into engazwakali. Ahlekahleke kancane embuka.
MazUngU: Empeleni wena Sonto wahlangana kanjani nalo muntu aze abe ngumngani wakho ngoba anifani nje nakancane?
senzo: Awusho-ke. Uma ungamthandi uBhili, uthanda bani?
senzo: Hawu! Uzongibulala yini Nozi?
lwazI: Nguyena impela uSenzo othe ngimfihle angaziwa.
sonto: [Ayeke kwakuneka lokho ame athi phuhle ebambelele edanda emgqolozele.] Hhayi bo mngani! Ukhulelwe Njengoba bengimbabaza ukukhuluphala sinawe, waze wathi uyisidlakudla, kanti lokho besekukhomba khona ukuthi sesihlezi?
sonto: Ake sihlale phansi mngani siphumule, kade sisebenza sineka.
bhIlI: Ngena, kuvuliwe. Hawu kanti nguwe mshana! Ngena uhlale lapho esitulweni.
nozI: [Ngokucasuka.] Sale usuyeka le nto oyenzayo njengamanje! Thatha zonke izimpahla zakho uphume uphele lapha ekhaya!
sonto: Awuphuphi mngani.
nozI: Hawu mntanami! Bese ungaze ukhale kanje kanti ungicabangela kulokho Bengingeke ngize ngikuxoshe noma bengingabe ngithukuthele kangakanani. Umuntu engifuna ukubhekana naye ngqo, nguye lo Bhili wakho. Uzoke angitshele ukuthi ingane yami uyenza umfazi wakhe ngemvume kabani. [Ahwaqabale.] Ngifuna lokho nje?
MazUngU: Ngiyabonga nje ngoba usindile umntanami kulesi sigilamkhuba esinguNozi. Noma-ke esindile, usinde ukusinda okungayi ndawo.
senzo: Kukhona othe uma ngimxoxela ngayo, wathi ngifuze yena umalume wami uBhilikida. Hawu, ngisize phela malume siyeke amancoko eceleni.
nozI: Eyi, ngaze ngahlala ngedwa ngilibele ukucabangana nalo mbhedo wendaba kaLwazi noSenzo. Cha, ingidina kabi le nto abayenzile oLwazi noSenzo. Kuthi mangisakazeke phansi ngife. Konje ngizokwenze njani Yona leyo ngane uma isizelwe, ngiyoyigonelwa ngubani, ingane yesoka lami eseliphenduke isitha sami Ngeke kulunge lutho impela. Ngeke ngize ngibe nalo uthando lwale ngane eyode ingikhumbuza uSenzo njalo nje uma ngiyibheka. Nx! Hhagrha! Ake ngifonele udokotela uNgubane. Aluthathe ucingo alushaye, ngale alubambe udokotela bese ephendula?
sonto: Kwangcono wamthola mngani.
lwazI: Hawu mama! Ungangivutheli kangaka ngolaka. Kangizami ukumvikela mama. Mina bengifuna nje ukuthi le ndaba imane iphelele kithi. Ubengeke abe khona obezoke azi nokuthi sike saba khona lesi sisu.
nozI: Angiboni ukuthi lokho kungaphumelela ngoba uLwazi akaseyona ingane. Usezohlanganisa iminyaka engama-20 khona maduzane nje.
sonto: Kulungile mngani wami. Uhambe kahle. Sobonana.
nozI: [Amklukluluze ngeso elibi.] Ubani igama likamalume wakho?
nethuba lokuphuma ngopotsho, abaleke ayocasha.
senzo: Wesabani kangaka?
MazUngU: Uyazi ukuba kwakuthiwa ngiyakwazi ukuzenzela, ngangingathi okungenani kungcono ukuba uthandane noLwazi.
MazUngU: We Senzo! [Emkhomba.] Ngizofa. angifuni ukuthi ngikushiye lingacacile ikusasa lakho ngokwakha umuzi. [Esula nomlomo ngesandla.
lwazI: [Sakukhathazeka.] Kanjani sisi?
senzo: Ngisabheka nje. Kambe uhambe kanjani kudokotela Umtholile wakwazi ukuthi akugcwalisele amafomu akho?
MazUngU: Yebo, sawubona mntanami! Kusho ukuthi uwutholile umlayezo wami ebengiwuphathise uSipho. Uvuka uhlala ngezinqe.
MazUngU: Unamalini osuyibeke ebhange njengamanje njengoba uqale ukusebenza?
nozI: [Sakukhala.] Uthi angilele nje Sonto Angiphuphi nje, mhlawumbe nje ngisazophaphama mngani. Hhayi bo ngivuse phela mngani! Hhi?
nozI: [Ngokwenqena.] Hhayi, sizithulele nje mngani.
bhIlI: Hhayi, kulungile mshana. Ngizokuyela kuye. Khululeka.
lwazI: Kulungile mama.
Uma sibheka eminye imidlalo siye sithole ukuthi umuntu ulandela igama lakhe ngezigameko ezenzeka emdlalweni. ULwazi ubukeka sengathi akalilandeli elakhe igama. Uthini wena?
MazUngU: [Echaya izandla.] Ubengeke akutshele ngoba esaba ihlazo lokulandwa njengenkomo yentaba engumlalandle ibuyiselwa ekhaya. Ungavumi wena Senzo ukubhecwa ngobende inyama ungayidlanga.
senzo: Awu, malume sengiphinde ngabuya futhi. Ahlale phansi.
MazUngU: Wagcina nini ukuthi uzibuke esibukweni?
senzo: Mmh! Angabe esasho lutho.
senzo: Awu kwaze kwabuhlungu nalokho mama.
USenzo ubuyela kuLwazi.
sonto: Phela mngani, mina ngasengithi sewahlanza ngedela mayelana nomshado, wazifanela nami.
senzo: Awu! Eshu! Eshu...! Ebambelele esifubeni.
senzo: Impela mama. Wothi ngiwufake ephaketheni lehembe lo mshini. Ngoba kuyashisa ngaphandle, ngizofaka le jakhethi elula ngihloniphise amahlombe.
lwazI: Impela mama, ngithule nje ngithatha ngiyabeka ngomqondo, ngingafiki ndawo ngale mpilo yami.
nozI: Uzozibona ukuthi uzofana nobani usungekho lapha.
senzo: Mina bengisho ukuthi ngisemncane. Bengifisa ukuthi kesijole nje kakhulu. Ngeke ngakwazi ukuthi ngikulobole ngoba kanginayo nemali yokwenza lokho njengoba ngisanda kuqala nje ukuthi ngisebenze.
nozI: [Aphakamise ikhanda.] Ini Uthini Lwazi Uthi uyazizwa nje ukuthi uthini?
nozI: Umhlaba wani Avuke ahlale ngezinqe embhedeni?
bhIlI: Kuthe akangidle angifele. Wale waphetha ukungizwa ukuthi ngithini. Wathi angibokutshela ukuthi akayizwa le nto oyishoyo. Wathi ufuna wena qobo lwakho uzozikhulumela, ungakhulunyelwa njengedlozi. Impela ugcizelele ukuthi uze, ukulindele. Ngale kwaloko uthe uzokuthumelela izinkabi.
sonto: Hhawu mngani wami! Mina, ngoba sengimadolo aqine kanje, ngiyobe ngisakwazelaphi ukushaya isitephu. Ngazathi sengiyabona sengiqinisa amadolo ngithi ngiyacothoza, ngiqhuzuke ngiwe ngiyohlaba phansi ngomlomo. Hhayi suka mngani wami! Musa ukungihlekisa ngiziphathelwe ngumsebenzi ongaka okusamele ngiwenze. La maphupho akho awafuni ukuphela namanje. Usalokhu uqhubeke nawo.
lwazI: Athule nje abheke phansi engasho lutho.
bhIlI: Nami kanti ngizofa?
nozI: Hhayi! Ungabe usakhala manje. Thula, sula izinyembezi, sekwanele. Kakuqali ngawe mntanami. Ingani nampa abangani bakho oZama noThoko nabo bamitha bazala. Bayaphila bayafunda. Nawe-ke uzozala sibuye sikuphindisele esikoleni. Akulutho lokhu mntanami. Thula sisi ungabe usakhala.
nozI: Uyazi kwavele kwahlwa emini nje manje namuhla. Konje kumele ngenze njani uma izinto sezinje mngani?
nozI: Ooh! Senzo mntakwethu! Sekwenzeke iphutha lapha. Bengibhaka kwasekusha amakhekhe ngisalibele wukucabanga, nginganakile. Naye evula amakhethini.
MazUngU: Hlala la ekhaya nami kusukela manje. Ungaphinde uye kuso.
lwazI: Kungcono uhambe usudlile. Ukudla kwakho ngikubone kusekhona laphaya phezu kwetafula.
nozI: Eyi, phela ngeke usabaqonda abantu kulezi zinsuku. Sebephithanelwe amakhanda.
MazUngU: Ayive inobuntu leya ngane. Ngiyibone izolo inginesa, ingitenda ingangazi. Nanokukhuluma kwayo nje kwehlukile. Uyithanda uqala nje nokuyibona. Isho ngobushudula bayo obuzinzile. Ithi uma isigqigqizela isebenza, uchazeke ngoba inomzimba othi umkhulu kodwa ube ulula futhi. Angikhulumi-ke uma lapho isimamatheka isihleka, kuthi faca ezihlathini zayo eziphuphuzela uboya. Ivele yangichaza leya ngane yabantu ngiqala nokuyibona.
MazUngU: Iyiphi le mali ofuna ukuyibeka ngoba phela mina ngibona ungeke wakwazi ukubeka imali ube uphethe uyidla bume nabantu engingabazi.
nozI: Impela uthi udokotela uthe ukhulelwe.
nozI: Sekube kuhle naze nafika nonke ekugcineni. Ngizocela wena Senzo uhlale kulo sofa nomalume wakho. Adlule uSenzo ayohlala lapho eyalelwe khona, uNozi bese ebiza uLwazi.
lwazI: Mina ngibona kungcono sivele seqe nje nawe, siduke nezwe, angazi umama ukuthi sashonaphi. Ubona kanjani wena Senzo?
senzo: Ewu mama! Kahleni phela ngomsindo!
nozI: Ake nithule kancane ngilalele.
KwaMaZungu kufika uBhili ezobona uSenzo. Bahlale ekhishini baxoxe.
manje ungibalekele Usufuna ukubuyela kuZodwa wakho lo obheda kanje Loko ngeke ngize ngikuvume?
nozI: Asazi-ke lapho ukuthi kuyogcinaphi. UBhili yena ubuvezile ubufakazi bokuthi sekwadlula izinyanga eziyishumi alala noLwazi. Ngabe kade-ke ateta ukuba esakhe.
MazUngU: Ungafi Senzo! Ungafi mntanami! Musa nawe ukucimeza uvale amehlo. Bheka mntanami ukuze ungafi! Bheka Senzo!
Udweshu lwangaphakathi luyavela lapho uNozi esezwe indaba kaLwazi noSenzo, sekuzozalwa ingane ezoba umzukulu wakhe angazi noma uzokwazi yini ukuyithanda noma khona ukuyigona. Uze ashayele udokotela ebuza ukuthi isisu singahushulwa yini.
senzo: Engathi ngeke kulunge lokho mama. Phela it is my choice ukuthi ngiyohlolwa igciwane mama.
senzo: [Ehlala phansi maqondana naye.] Ubucabangani wena kangaka?
lwazI: Eyi mama! Kuyashisa manje. Naleli tshali ongemboze ngalo, seliyangibulala ngesifudumezi. Ngisalembula, ngizobuye ngizemboze ngalo uma sesihamba. Asho alisuse esejulukile.
lwazI: Hawu mama! Anzinyana nokho la magama ogcine ngawo mama. Ayasabisa impela.
senzo: Manje awucabangisise phela Lwazi. Njengamanje impilo yami isebucayini ngoNozi, angangenza kabi uma ezwa into enje.
senzo: [Esukuma.] Sengibongile bo ngakho konke. Sengiyolala manje ngoba kade kusile. Ngikhathele kabi, futhi sekuhlwile manje.
senzo: Bengizocela ukuthi okungenani ungiyele wena kuye, uyongizwela ukuthi ufuna ukuthini. Uma kuwukuthi ungibizela yona le ndaba, ufike ungixolisele kakhulu kuye. Umtshele ukuthi ngiyesaba ukuza kuye futhi ngesaba nokumbheka. Ngisize kanjalo malume. Usale usuhamba khona manje ngoba uthe usengilindile.
UMnu. Puleng Frank Kekane nguthisha esikoleni samabanga aphakeme eMnambithi, KwaZulu-Natali. Waphothula izifundo zakhe zobuthishela (PTC) eMadadeni College of Education ngonyaka ka-1979. Wabuye wafunda neVista University lapho athola khona iziqu ze-SEC. Kwathi ngonyaka ka-1987 wathola iziqu zakhe ze-BA eNyuvesi yaseNingizimu Afrika (UNISA), isitifiketi se-PIP ne-BBF e-UNISA Centre for Business Management ngonyaka ka 2004 no-2005.
senzo: Yebo mama!
nozI: Senzo! Uma uzazi ukuthi umsulwa, fika manje lapha kimi!
bhIlI: Hhayi, yona inzima le ndaba. Mshana angisho ukuthi sengingaba nesixazululo sale nkinga ngoba nakhu ingiqhamukela manje kade ngingayilindele. Okwamanje engingakucela kuwe ukuthi awuke unginike ithuba lokuthi ngiyicabangisise kahle.
MazUngU: Akekho nje omunye omdala enihlala naye lapha?
bhIlI: Ngiyabonga mshana. Manje dadewethu, kuye kwafika uSenzo laphaya ekhaya lapho engihlala khona, wazongitshela ukuthi usenze icala lokukhulelisa uLwazi ebe ethandana nonina uNozi.
sonto: Kukhona yini okufika emqondweni wakho njengoba uthule nje?
dokotela: Hawu! Kwenze njani kule ndlu Kwasakazeka yonke impahla la phansi, kuyaliwa yini?
sonto: NguSenzo, isoka lakho mngani.
nozI: [Ngolaka.] Hheyi wena! Musa ukungidina ngalokhu kufehla kwakho manje! Thula! Thula! Akuthi nya umsindo! [Lapho usemhlahlele amehlo.
bhIlI: Uma ngikhumbula kahle wake weza walala lapha.
bhIlI: Okunye okwesibili, mina ngisebenzisana kakhulu nalo mtholampiplo olaphaya wakwaDabeka uma ngenza umsebenzi wami.
lwazI: Sengibuyile mama. Angibatholanga kusisi uSonto. Uthi baphume bathi basayothengathenga eThekwini edolobheni. Ngimcelile-ke nosisi uSonto ukuba eze lapha. Uthe useyeza-ke mama.
MazUngU: Ungazami ukujabulisa mina kuphela. Ubuye ngoba kuyinto efanele. Umfana akagani, kugana intombi-ke uma ungazi ngikutsheleke mina.
senzo: Umama wakho naye akakaze asole lutho nje naye ngaso?
sonto: [Amemeze.] Lwazi! Awuze ngapha kancane sisi!
nozI: Kukhona okunye osafuna ukukusho?
senzo: Eyi, ngiyakuzwa mama. Manje sengiyadideka ukuthi kumele ngenzeni. Wena mama ubona ukuthi mangiganwe nguLwazi ngimyeke uNozi?
MazUngU: Ngiyabonga-ke bantabami. Sengicela indlela. Nisale kahle. Asukume ayophuma ngomnyango ehamba esula umlomo.
sonto: [Ngokuncenga.] Shono sisi, ungesabi. Sizokwamukela lokho. Yisho!
lwazI: Wena utheni uma uzwa lokho?
nozI: Usho kahle ngoba vele awusophinde uthandane nami ngoba namuhla uyawugcina umhlaba. Asho akhiphe isibhamu esiketini ngemuva lapho abesifihle khona enqulwini. Abakhombe ngaso bese ehlehla ekhiya umnyango, kuthule umoya.
MazUngU: Sengifikile-ke bhuti.
lwazI: [Eza eshesha.] Yebo sisi, sengikhona.
lwazI: Hha! USenzo mama, akeve enobuntu. Uyaphila impela ubhuti uSenzo futhi uyakhombisa ukuthi uphuma ekhaya elinemfundiso eqotho.
nozI: Lusekhona konje ucingo lwakho lwasendlini?
lwazI: Ngiyezwa mama. Ngisahamba ngisayolala. Esukuma ephuma.
senzo: Hawu kodwa mama, wazongiphoxa ekuseni kangaka kodwa.
Phakathi kommeleli nembangi kuba khona umlingiswa okuthiwa umelekeleli. Kungenzeka abe yisisusa sodweshu noma abe ngumlamuleli, noma abe phakathi naphakathi. Kulo mdlalo uSonto angafaniswa nomelekeleli ngoba simthola esiza uNozi ngamatoho okuthunga ngoba engasebenzi. Uhlala ekhona njalo uma bedinga usizo. Umdlalo uphela naye esesibhedlela kuLwazi.
lwazI: Ungabe-ke usukhohlwa amazwi akho Senzo, ngithi uma ngicela ukuthi ungisize bese wenqaba.
lwazI: Awu mama! Ngiyaxolisa! Mh! Mh...! Mh...! Asuke azulazule agcwale indlu uNozi esegane unwabu.
nozI: Lutho mngani. Akuyilamatekisi ethu asegugile okuthiwa yizingqoshi. Nx! Ngidatshulelwe yisihlalo sayo lana.
senzo: Ngisazoyovalelisa kahle, ngisho njengoba ungibonisile nje mama ukuthi kofanele umalokazana wakwakho ake athi gqi, ngapha ukuze nawe umazi kahle.
sonto: Ungaqali uhambe mngani. Ake ungisize ngalo mthungo. Awuve ujahekile. Ngisize bandla, sizowushaya siwuqede khona manje.
sonto: Ngiyomazisa uNozi uma sengiyombona le esitokisini. ULwazi ngicabanga ukuthi naye uzokuthola lokhu osukuzwile kuwo la manesi. Uma kwenzekile ukuthi akezwanga, useyotshelwa yimi Senzo.
bhIlI: [Ebambe umlomo ejabhile.] Ewu! Yaze yanzima nale ndaba yakho mshana! Manje wena uyalazi lelo soka lakhe lowo mntwana?
MazUngU: Kuhle-ke lokho, noma ungasamshongo nje ukuthi ungubani. Kepha ngiyathanda ukumazi umuntu onjalo. Kakuyona into enhle ukuthi uhambe uyohlala nomuntu esingamazi thina. Futhi kwakuhlala naye, nalokho kufanele kunciphe. Nali ikhaya lakho. Musa ukuzenza isihlupheki nomhambuma, ulokhu uyoncikiselwa ngendawo yokulala emizini yabantu ube ushiye umbhede wakho la.
MazUngU: Kwangazathi izinto zingahamba kahle, atete kahle uLwazi, athole insizwa yikhona uyihlo ezovuka Senzo. Yikhona ezovuka, "uSikhuni esinentuthu; uSigodo siyacinywa siyagqamuka siyalephuka." Wo! Mntanami, sengiyayijabulela le nto egcina seyenzeka. Bengivele ngimthandile lo mntwana kaNozi. Umedlula kude le unina. Ngingamane ngihlale naye kunokuba ngihlale nonina.
MazUngU: [Ngokudinwa.] Uthini Uthini weNozi?
MazUngU: Ooo! Ngiyaxolisa mntanami. Mina nginguMaZungu khona lapha kwaDabeka. Ngizala uSenzo lo enihlala naye lapha ekhaya. Uyindodana yami engukuphela kwayo.
senzo: Uthe usahamba usayobona uSonto mayelana nayo le ndaba. Sizohamba naye uma evuma, sesihambisa isisu sakho kuBhili. LWAZI Kulungile Senzo. Ngisafuna nokulala futhi manje. Ngiyabonga ngoba nje usukwazile nokungikhulula emoyeni wami. Sekuzokwehla nobuthongo.
senzo: Ngeke ngisadla. Nami sengivele ngaphela amandla nje, ngasutha umoya ngale ndaba osungifikele nayo. Sengobuye nginibone. Asiphumisane. Kungcono ngoba sengigezile, akusenani okokudla. Sengiyodla phambili nakhona uma kuvumile. Baphume bobabili bahambe.
senzo: Lo muntu usaqhuba ngendlela yesikhathi sakudala lapho kwakubhekwa khona ilanga ukuthi selikuphi.
nozI: Kulungile ngiyakuzwa mntanami. Ngizoqhubeka ngisebenze ngingedwa. Ukubhaka lokhu akuyona inkinga. Kambe uhambe kanjani ngamafomu akho obuyowagcwalisa?
nozI: [Ngolaka.] Unamanga lo ngalokhu akushoyo. Bebethandana ngingazi mina ngiyisilima.
lwazI: Cha, kulukhuni Senzo. [Athi ukuthulathula.] Saze sangilaya nalesi sisu!
lwazI: Hhayi, uBhili sabonana naye ngingaphuzile. Saxoxa naye sezwana.
sonto: Linjani itiye mngani?
Ekuseni kwaNozi sekufika uSonto ezobabheka.
senzo: Besengisho nje ukuthi ubucabangela emalini engamarandi amangaki inkomo ngayinye njengoba sekuyilesi sikhathi samanje?
senzo: Ngiphume ngathi ngisaya edolobheni. Wazi ukuthi sengilapho manje. Awu, ngiyaxolisa nangalokhu okwenzeke ekuseni.
MazUngU: Hhayi Senzo! Awazi lutho ngothando mntanami. Lo mfazi kade akuhlakaniphela wena ungaboni. Wawumbonani nje kodwa uze uthandane naye Wamshela ngoba umboneni?
senzo: Khona lapha esifubeni. Kuyashoshozela, angisafuni nokuthi ngibheke khona. Eshu! Eshu! Awu! Ngiyawushiya umhlaba Nkosi yami! Eshu! Eshu!
nozI: [Ngesankahlu.] Thula! Angisafune msindo maje. Akuthi cwaka umsindo.
bhIlI: Yeyi wena Nozi! Awusiyeke, lala lapho!
lwazI: Kuyazisho mama.
nozI: Sekuzomele ngazise uSonto ngemoto engakalali ukuthi isitholakele.
senzo: Eyi, uboqaphela ngoba uyozithola usuvutha nendlu uma ungabhekile, umqondo wakho uwubeke kwenye into unganakile okwenzayo. Hha! Umlilo akusiyo into yokunganakwa.
lwazI: Ko! Ko! Ko!
MazUngU: [Emnyiphela.] Ishoysi yani yona leyo Uneshoysi wena UNozi lo, iyona shoysi yakho leyo?
lwazI: Cha Senzo, uwagcwalisile eseqedile ukungihlola.
senzo: Eyi, angazi kodwa ngizobona mama.
nozI: Ukuba bengikhona bengizombonisa kahle ukuthi akakudedele akubone ukuthi ukhula kanjani ungekho ngaphansi kwekhwapha lakhe ngaso sonke isikhathi.
nozI: Ngisafuna ukuyizwisisa kahle le ndaba ngoLwazi. Awungibizele yena uthi ake eze ngapha kancane.
senzo: [Eyobeka isitsha abedlela kuso.] Konje uhambe kanjani ngemoto yakusasa?
senzo: Ko ! Ko ! Ko ! Malume! Wena wakoManzini!
sonto: Awusho-ke Senzo. Njengoba sebekusize ngale ndlela, bakunikezile yini amaphilisi engculazi ukuze uhambe nawo uyowasebenzisa ekhaya?
lwazI: Konqabani Ingani kuyafundwa nezisu kulesi sikhathi samanje?
lwazI: [Ezesula izinyembezi.] Ngisazocabanga Senzo.
bhIlI: Ayikho inkinga ngalokho mshana. Uzohamba nami kusasa lokhu okusayo.
nozI: Awumtholanga yini ngoba uma ngabe awumtholanga uNgubane, ubuzodlulela nakwabanye bakugcwalisele amafomu?
senzo: [Emngena emlonyeni emsondeza kuye.] Hawu, kahle phela Lavi. Asilale futhi sizobuye sivuke.
Ekhishini lakwaNozi, oSenzo bafika benyinyitheka nezimpahla abazithengile.
MazUngU: Angisho ukuthi usale sewenza lokhu engikusho ngoLwazi phela. Zikhona nezinye izintombi ezinhle ongazeshela zikuqome. Ungalokothi wena uphindele kulesiya salukazi ngoba uyogcina usunesikhwakhwalala esingapheli, ungabe usaqonywa ngontanga yenu, usunesigcwagcwa esesabekayo. Ugawule ubheke mntanami kukho konke okwenzayo.
lwazI: Eshu! Eshu...! Awu...we!
bhIlI: Ingenephi pho inhlamvu ngoba phela ikuzwisile ubuhlungu UNozi uyapaquza laphaya phansi ezama ukuvuka, angakwazi nokumemeza esephapheme ngemva kwesithongwana esifushane?
lwazI: Impela mama ubenibuza nobabili enibhanqe ngabhande linye.
sonto: Cha, ngiyezwa, futhi wenze kahle kungahanjwa noquqaba lwabantu. Uyabazi nawe ukuthi abantu bazithanda kanjani izindaba ezingaqondene nabo. Bangasizakala kakhulu sebezwa lena yesisu sikaLwazi.
lwazI: [Ngokujabula.] Hawu! ngiyabonga mama. Mina bengithi uzothukuthela bese uyangixosha nalapha ekhaya.
nozI: Hhayi suka mani! Uyohamba usinda wena Bhili! Elakini liyakuthanda. Ubuzongazi kahle mina ukuthi ngingubani ukuba nje bekunguwe omithise uLwazi. Uthe udokotela uLwazi usenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe. Kusho ukuthi uphume kanjaloke emlonyeni wengwenya. Futhi wena, [emkhomba] uyohamba usinda! Ngesikhathi ufika ungena, bengithi kungena yena uSenzo.
senzo: Cha, wena Nozi ungizwa kabi. Mina bengiqonde ukuthi kuzokuthi ngale nkathi sisajola, mina bese ngizithengela imoto engizokwazi okuthi ngiye ngayo emsebenzini kalula. Sikwazi nokuthi sike sizikhiphe nje nangezimpelasonto ezithile siye ezindaweni ezipholile. Sike sishaywe ngumoya. Singalokhu sahlala ndawonye okwembuzi yeNdiya ekhulekwa esihlahleni ingayi emadlelweni.
senzo: Yebo! Umncenge uthi bekuyoba ngcono akunike ithuba lokuthi akuyeke uhambe uyozincengela uBhili ukuthi avume.
dokotela: Kwazangathi kawulimalanga kakhulu ndodana. Ngakho-ke musa ukukhala kangaka sengathi usuyafa.
nozI: Hlala phansi la kusofa mntanami.
nozI: [Ekhongozela ngesandla endlebeni.] Ubani Awuphinde. Esikabani?
IphoyIsa: Kwenzekeni kahle bhuti?
senzo: Ngiyabonga kakhulu. Alithathe ahlale embhedeni maqondana noLwazi bese elifunda, elokhu eqisa amehlo akhe ngale kwalo.
senzo: Yebo ngisakhumbula kahle. Bathe igazi eliyimilligram eyodwa. Okunye uze uthole ukulungiselelwa ukuwathola ama-ARVs uma amasotsha akho egazi esenciphe aze ayoba ngaphansi kwamakhulu amabili.
senzo: Sengibuyile ekhaya. Sengike ngaxoxa nanomama wakho ngale ndaba yakho. Ukuthathe kanjani nje ngenkathi umbikela ngayo?
nozI: USenzo Wena umazelaphi uSenzo?
sonto: Usenzeni-ke uSenzo nihlala kamnandi kangaka naye kwakho?
MazUngU: Ngiyabonga ndodakazi. Hhayi siyaphila mntanami. Ninjani nina ndodakazi?
sonto: Sanibona nonke!
nozI: [Ehlala phansi.] Futhi-ke uthe yena usebenzisa ijazi lomkhwenyana. Usichithile impela kulokho samuzwa ebeka. Siyileke nakwadokotela wamhlola uLwazi, wase eqinisekisa ukuthi usezoteta ngoba usenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe.
sonto: Nisho ukuthi sizoya laphaya kusasa sibuye sesiqhuba izinkomo Siyozobekaphi nje lezo zinkomo lapha kwaDabeka kungenazinkomo namadlelo?
bhIlI: Wothi ngimqhaqhe iduku nalona ocishe wasibulalela ubala. Nempela amthukulule iduku emlonyeni, bese emshiya elokhu elele ngohlangothi.
lwazI: Cha, ngisale kahle mama. Akubanga khona nkinga. Okwenzekile nje wukuthi kufike umama kaSenzo lapha ekhaya.
sonto: Yebo mama, i-ambulensi ifike yamthatha ngoba ubesezizwa esephelelwe ngamandla ngemuva kokuteta. Bamxilongile abahlengi kanye nomntwana wakhe, base benquma ukuthi balethwe lapha bazobonelwa eduzane odokotela. Nani mama sekuphelile yini ebezokwenza njengoba senihamba nje sephuma?
senzo: Eyi, uyazi! Sengivele ngajabha nje ngale nto ongitshela yona. Yena uthini uma umbuza ukuthi ngubani lona osemonile thina besisathi sibheke lukhulu nje kuye ngoba kufanele ahambe ayofunda kude le Esho ekhomba eshingila?
senzo: [Asukume aqalaze.] Eyi mama! Bazothini nje abantu uma bengibona nginje emgwaqeni [Ezibheka phansi abuye aphenduke ezibuka ngemuva?
senzo: Ngiyobonga kakhulu sisi uSonto uma ungidlulisele lowo mlayezo.
lwazI: Hhi! Hhi...! Ngiyesaba ukusho. Hhi...!
senzo: [Ngokwethuka.] Ini Uthe udokotela unjani?
nozI: Hhawu, thula phela twana kama! Thula phela mabheyibi! Thula Lwazi kama! Tshela mina ukuthi utheni udokotela kuwe. Uthole sifo sini kanti uNgubane kuwe Yisho ungazenyezi ngalokho kugula kwakho athe usunakho?
IphoyIsa: Kulungile bhuti. Asaphumile wonke amaveni, ngizothinta eseduze nalapho iphuthume lapho ngokushesha.
MazUngU: Hawu! Siyabonga!
nozI: Hhayi thula wena! Mina ngizokhuluma naye. Angifuni izinto eziningi. Ngifuna angitshele nje libe linye, ukuthi uLwazi wami umnikwe nguba. Ukuthi ngithi ngiyamfundisa eseyingane yesikole, yena bese emenza umfazi wakhe. Yilokho nje kwaphela engifuna angitshele kona.
MazUngU: INkosi ikubusise mntanami!
senzo: Kungcono uma ukwamukela lokhu engikushoyo.
Ukhathazekile uSenzo usehamba useya kumalume wakhe uBhilikida khona lena ekhothiji lakhe eTop Rank eClermont.
nozI: Ngeke nje ize yenzeke into enje kimi nangengane yami! Hhi!
Ubani owayekhuluma la mazwi angezansi Ewasho kubani Kwenzekeni Achazani?
senzo: Hhayi, ake ngimbone ngixoxe naye ngingakahambi nje.
sonto: Asibambe-ke simqiqinge. Eyi uyasinda bo! Yinyathi uqobo lwayo.
sonto: Wenza kahle nalo Hulumeni uma ethi aziphele lezi zimoto esezigugile.
sonto: Hawu! Kanti umuntu usungaze umethembe uma sekunjani?
Izenzo zikaSonto zikhombise ngokusobala ukuthi ungumngani weqiniso. Chaza ubhekise endabeni.
nozI: [Ngokunengwa.] Efika evelaphi?
sonto: Awu, phela uma kunjalo, kuzofuneka kubizwe yena impela uSenzo, azoziphendulela, ahlawuliswe kanzima kunale ndlela ebesizohlawulisa ngayo uBhili.
senzo: Phela njengoba sithanda nje, mina bengingazi ukuthi kanti njengoba ngineminyaka engama-23, wena ungedlula ngeminyaka eyi-11. Angazi noma kunjalo ngempela yini njengoba lokhu ngikubone epasini lakho izolo.
senzo: Cha mama, ngabe nginamanga uma ngithi ngamshela.
nozI: Hho! Uyazi ukuthini we Senzo Lalela lana ngikutshele. Unyoko lowo akangene ngalutho kulolu thando lwethu. Angithi sathi siqala ukubonana nawe ngathi ngiyakuthanda, nawe futhi wathi uyangithanda Angithi kunjalo?
Umbhali walo mdlalo unike incwadi yakhe isihloko esiyifanele uma ethi: "Isihlahla sendlela". Isihlahla sendlela yisihlahla esikhulela endleleni lapho kudlula khona wonke umuntu. Uma ekhathele uthola ukuphumula kusona, uma sinezithelo noma ubani uyazikhela adle adlule. Asikhuli isihlahla sendlela, futhi asivunwa kahle njengezinye izihlahla. Asitheli kahle sibe nezithelo ezibonakalayo ngoba abanye basikha izithelo zingakavuthwa bazidle ziluhlaza. Kwesinye isikhathi sife nje ngenxa yokunyathelwa ngabantu. Wonke umuntu odlula ngendlela ngathi esakhe, iningi nje labantu liyaphambukela kusona.
MazUngU: Ngeke impela ahlupheke umzukulu, nami ngisaphila. Babuye bathule bese eqhubeka udokotela nesimemezelo sokugcina.
sonto: Ubongipha phela nami lawo makhekhe.
bhIlI: [Ufaka enye inombolo, alalele.] Yebo sisi. Yimina uBhili.
nozI: Bheka-ke mngani, ngingakaze ngizwe nokuncane noma ngibone kwabhulukwana lizisondeza kumntanami. Hawu! Kanti izingane zamantombazane zinjani?
bhIlI: Sisi, ngibona sengathi sesikulungele ukuba sihambe noSenzo umshana manje. Ngingathi konke sekumi ngomumo.
MazUngU: Kulungile-ke. Thatha nansi enye ebengiyibeka ngasese njalo kule kadekle, isize yaba ngumthanyana nayo. Mi! Amnike yona ngemvilophu equmbile.
nozI: Njengoba umbona nje nawe, emuhle kanje. Ngizomswela. Ngiyosala ngincela izithupha sebengithathele yena. Sengakhathala mina wukuncintelwa ngabanye abafazi ema-owini ami.
senzo: Uma wawungavikelekile, awalanga ngani ngoba ngabe asingenile kule nkinga esesikuyo njengamanje.
lwazI: Sisi uSonto, nguye lo mama ocele ukuba uze lapha, ungumama kaSenzo. Mama, nguyeke usisi uSonto lona ongumngani kamama wami. Hhayi-ke usengaqhubeka umama ngafuna ukukusho.
lwazI: Uma ebuza ukuthi kwenze njani, sizothini kuye?
lwazI: Yena impela uMaZungu.
lwazI: Cha, ngiyakuzwa Senzo.
lwazI: Sibuzile ukuthi uyagula yini noma mhlawumbe kunesifo esivelile, wathi cha kakukho lutho olunjalo.
nozI: Yeyi we Senzo! [Emkhomba.] Uyazi lo muntu usengiphoxe kabi. Mina phela besengizishaya isifuba ngalo mntwana njengoba ephasile nje. Ngikhulume kanje kubantu ngayo, kanti angiboni ukuthi sekukhona umuntu osengonele phansi kanje ngengane yami.
nozI: [Ehamba eyaluza sakudiyazela.] Ngubani mngani wami?
nozI: Kulungile mngani ngoba noSenzo sengimthintile wathi useyeza usendleleni.
lwazI: Hawu, ngaze ngajabula ukukwazi mama. Yebo umama akekho njengamanje. Kukhona lapho esaye ngakhona.
MazUngU: Hawu asebenzile, siyabonga impela. Mina uyazi ngangithi abantu bamane bayazisholo nje uma bethi unezulu lezandla, kanti babeqinisile. Buye futhi izolo ngimbize iqhude ngathi akeze naso silwe, akangasikhipha. Besengikholwa ukuthi akanaso ngempela ngoba engazange aze angesabise nangaso.
bhIlI: Besengifonele amaphoyisa ukuba eze lapha kuNozi.
nozI: Sengiyahamba ngempela phela manje mngani, sengilibazisekile. Nawe sengikubambezele. Ngabe sewukude ngomsebenzi wakho.
nozI: [Ema ebambelela edanda.] Ukushiso yini lokho?
lwazI: [Ngokuzithoba.] Cha, isisu lesi ngizosikhomba engxenye.
senzo: Impela kuthiwe ngimkhuthaze impela lona engizwana naye ukuthi eze naye azohlola igazi ukuze naye azazi ukuthi umephi ekusulelekeni ngesandulela-ngculazi ukuze naye asizakale masinya.
sonto: Manje, ngingaze ngikhohlwe. Sizohamba kanjani ekuseni?
lwazI: Awu! Eshu...!
senzo: Sengikhona. Ngifike ngaxoxa noNozi wasephuma ehamba. Kunjani kodwa?
nozI: [Eme ebambelele okhalweni.] Yeyi, phela yindaba kaSenzo.
bhIlI: Buka nje sisi! Ithe uma iphuma kwiwolethi yakhe, isigobe u-R5.00 yase ishaya ikhalkhuleytha yabhajwa kuyo. Kwakhalkhuleytha nayo isihlephukile, ngeke iphinde isebenze. Zisizile lezi zinto zombili. Ukuba bezingekho, ngabe kukhulunywa okunye manje.
bhIlI: Lokho engikushoyo ngikushiso wukuthi ngemva kwalokho, angiphindanga ngambona futhi uLwazi.
lwazI: Kulukhuni ngempela Senzo. Angazi nami ukuthi kuzomele ngithini ngoba umama uyobe esethukuthele egane unwabu engasangeneki.
bhIlI: Cha, kulungile. Ningaqhubeka ngenize ngakho.
lwazI: Hhayi mama, ngiyesaba ukukutshela. Ashalaze manje uLwazi abheke eceleni. Unina ambheke ngqo.
nozI: [Uyafudumala asukume.] Wena wawungabaqomi ngani uma kanti wawukubona lokho Ungazenzi ngcono ngami wena. Nawe wawuqomile. Wawunginakeni ungaqomile wena?
nozI: [Emkhomba ngenjumbane.] Uyazi we Lwazi ukuthi uzohamba lapha ekhaya uma ulokhu uqhubeka nala manga akho?
lwazI: Ungakhathazeki mama. Sekulungile ukudla kwenu. Ngikubeke lapha phezu kwetafula. Sengiyahamba, yikhona ngizokwazi ukuthi ngisheshe ngibuye.
MazUngU: Uma uzwa kahle ngithi mina, hlukana nalesi salukazi esingangami. Ezikhomba esifubeni, wase khipha iduku wezesula ebusweni.
sonto: Nawe phela uyazi ukuthi ngisizakal kakhulu ngoncedo lwakho. Yingakho nami nganganqeni ukukukhokhela kahle ngoba phela kuthiwa izandla ziyagezana uma kushiwo into enjena.
senzo: Ngingamyekelani ngoba ngiyamthanda mama?
senzo: [Esondela embamba ngesandla.] Hawu thula Lwazi! Musa ukukhala, zizolunga izinto. Kufuneka sakhe icebo lokuvimbela lo mshado. Angithandi ukuthi uzibulale ngoba kungaba kubi.
senzo: Ngiyethemba ukuthi mina, kasizukuba khona isidingo sokuthi ngiye lapho.
MazUngU: Impela iqaqa kalizizwa ukunuka.
Ewu, madoda kanti le ngane enguLwazi iyisihlahla sendlela ngempela, sona njalo esidliwa nanoma ubani odlulayo! Angingabazi ukuthi umshana ukhuluma ngaye, engazi nakwazi ukuthi yimi lona ebengizobhecwa ngobende ngenxa yakhe. Kodwa-ke akunani. Ngeke ngimlahle umshana. Ngizomsiza lapho engingakwazi ukuthi ngimsize khona. Kwanginceda nami ukuthi igama lami lingaziwa lonke, laziwe kuphela yibo abashana.
nozI: Nami ngisazophuma khona manje ngiyobheka imoto ezosisa kwaBhili kusasa ekuseni. Siyixoxile-ke le ndaba sinoyihlo uSenzo ngenkathi sisedolobheni. Usuyomazisa ukuthi ngiyephi uma engibuza ukuthi sengiyephi.
nozI: Bese kugcinaphi-ke?
MazUngU: [Ngesankahlu.] Senzo! Ngithi thatha zonke izimpahla zakho, uphume uphele lapha, siye ekhaya. Yenza lokho kuphela!
nozI: Wena Senzo, ubole kakhulu. Kuzo zonke izinto ezimbi ozenzile wazibala, kawuzange ukhumbule ukuthi uwenzeni umoya wami namhlanje. Awuzange ukhumbule ukuthi uyenzeni inhliziyo yami ngengane yami engiyizalayo. [Lapho usehlengezela izinyembezi, nezwi lakhe seligedlezela.] Awuzange uze ukhumbule uthando lwami ebengikuthanda ngalo ngaso sonke lesi sikhathi.
sonto: Kufuneka ukuthi usho konke okwaziyo, ungafihli lutho.
lwazI: [Ezinyukunya amahlombe.] Eyi, ngaze ngavelelwa Nkosi yami!
nozI: Ukuthi sinjani ngoba ngisibona singenalutho nje?
nozI: USenzo yi-owu. Yi-owu yami uSenzo, futhi ungithanda kabi.
nozI: Awungitshele-ke, lo mbhedo wokukhipha isisu usuwutshelwe nguye yini lo Bhili wakho?
senzo: Hawu mama! Malini yona le mali elana?
senzo: Ngephutha lethu sobabili sinaye uLwazi.
nozI: [Esukuma ehlala ngezinqe.] Hawu! Uyagula yini umama wakho Usuphindela kuye futhi Ingani ubukade uyile nje ngenyanga edlule kuye?
nozI: Angibaleki Senzo! Ngisekhona lapha ngisengowakho futhi.
lwazI: Cha mama, angiqalanga khona. Ngaqala khona lapha kwaDabeka emabangeni aphansi, ngase ngiya ngalena sengiqedile lana. Ugoqoza isiphuzo esethele noshukela.
senzo: Uyazi Nozi ukuthi isibiza malini inkomo uma uyithenga?
MazUngU: Kahleni-ke ningakahambi, ake ngibuze. We Senzo! Uyiphethe yini imadlana yenhlawulo?
sonto: Awu, bengithi ngeke uze umyeke. Wamyeka ngempela Echaya izandla?
lwazI: Wagcina esetheni-ke Senzo?
nozI: Yebo dokotela, yimina uNozi unina kaLwazi lapha kwaDabeka.
bhIlI: [Ahlale azinze.] Ngizothanda ukuthi ngixolise ngokuthi ngifike lapha ngingazange ngisho ukuthi ngiyeza. Sengithe angisale sengizobuza mayelana nalokhu esikuxoxe ngenkathi ningivakashele laphaya kwami.
lwazI: Ngixolele Senzo. Nami angazi nje ukuthi kwase kwenze njani ngemizwa yami. Nami ngabona nje sekuphelile sesehlukana. Ungixolele impela Senzo ngoba futhi yimina engeza kuwe ngazokulinga. Aqale abibitheke manje.
sonto: Hawu! Awuthi ngibone. [Athathe abhekisise.] Impela sekuphele leso sikhathi ngempela.
senzo: Awu..! Awu! Ngafa! Eshu...!
nozI: Lutho bhuti uBhili, angifuni ukubaleka. Ngicela ukuya endlini encane.
lwazI: Hhayi nje lokho kuphela.
senzo: [Ejabula.] Senginengane ezothi baba kimi manje. Cha, sengiwumuntu nami. Besengihlanze ngedela kuNozi.
nozI: Cha, yena uyazama. Nisale kahle kodwa Lwazi?
senzo: [Ayokuma phambi kwakhe eshaqekile.] Hawu! Ubani Umama wami?
senzo: Hawu! Uzohamba ekuseni kangaka kanti uLwazi Yini yona le ayiphuthuma edolobheni?
lwazI: Ngiyoya esibhedlela ngifike ngitete bese ingane ngiyishiya lapha ekhaya mina ngiqhubeke nokufunda.
nozI: Siza kanjena-ke. Fika ngokushesha lapha kwami!
bhIlI: Kulungile-ke sisi. Sibonga kakhulu. Siyonibona sibuya.
sonto: Yikuphi lokho esingakwazi?
nozI: Uma umtshelela ukuthini Khona ezobaleka singamtholi, hhe?
nozI: Ungakhathazeki-ke ngalokho. Yena uyobona ngathi sesigcwele indlu.
lwazI: Ungitshele umbhedo wokuthi uzoyofunda khona ekhulelwe enjalo.
MazUngU: Kunjalo ngempela ngane yami.
nozI: Nakanjani Sonto!
nozI: Kulungile angali, ungaya uyobona umama wakho kodwa usheshe ubuye, ngikufuna lapha.
senzo: Ngiyesaba malume. Ngiyasola ukuthi sebemphoqile uLwazi ukuthi akhulume iqiniso. Ubengivuthela ngolaka ocingweni uNozi. Hheyi, unginqumele ugwayi katiki wathi nakanjani angize kuye ngokukhulu ukushesha lokhu.
MazUngU: Hho! Sekunguwe bhuti. Kuhamba kanjani ngapho?
senzo: [Ehlahle amehlo amakhulu.] Hawu mama! Kanti nguwe lona?
nozI: We mngani! Awungifonise kwiseli yakho. Eyami isaphelelwe wumoya.
senzo: Utheni-ke malume, umama kaLwazi uma ufika kuye?
senzo: [Ngokwethuka.] Hawu! Sekwenze njani?
khona uma sengifikile kubo oNozi. Angisukume manje ngiphume ngiqonde khona. Aphume ahambe aye khona kusashisa nje.
nozI: Wena Senzo usufuna ukuhlakanipha, ngiyakubona.
bhIlI: Cha, kangifuni ukuthi kube sengathi ngizama ukuniphamba. Ngizocela ukuthi kenibuyele kudokotela ayonibhekela, anihlolele lesi sisu sikaLwazi ukuthi sinesikhathi esingakanani bese niqhathanisa nalolu lwazi esengininike lona. Mina sengiyozwa ngani-ke ukuthi nithole mpenduloni.
UNozi usebuyela kwakhe lapho ezofica uLwazi esebuyile kwadokotela.
senzo: Yingakho-ke nami ngithi angiyi lapho. Akake angiyeke, ngizitike ngamanoni asebumnandini benjabulo mina. Ngizobuye ngimbone yena. Siningi kabi isikhathi sakhe engizosithola.
senzo: Angiyi mama!
lwazI: [Abambelele esihlathini ebheke phansi.] Manje nami Senzo angazi-ke ukuthi ngizothini kumama ngale ndaba ngoba phela uzongibuza ngayo.
lwazI: [Ayeke ukuwasha ahlale phansi esehlengezela izinyembezi.] Hhayi mama! Akazange aze akusho lokho Nkosi yami. Hhi! Hhi...! Ungangixabanisi mina noBhili ngoba angizange ngikusho lokho. Mina bengizivezela umbono wami ngoba ngiyazi nokuthi lokho bekuzoba lula futhi ngikwazi ukuqhubeka ngiye enyuvesi. Besengizobonakala sengimsulwa, sengifana nezinye izingane. Hhi...! Hhi...!
bhIlI: [Ecabanga ekhuluma yedwa eya endlini.] Yaze yakhona nansi inkatha yenkangala madoda! Konje sekufanele ngenze njani Ngiqale kubani ngigcine kubani ukusiza Hho! Kungcono ngiqale ngakumshana uSenzo ngibone ukuthi ngabe ulimale kangakanani. Awu, ngiyalesaba negazi ikakhulu ngoba nakhu awekho namagilavu engingawafaka ezandleni ngizivikele. Angisale sengizidela amathambo, ngiqale kuye uSenzo. [Angene aqonde kuye.] Kunjani mshana lapho ulimale khona?
MazUngU: Impela mntanami, kangithandi neze ukuthi uvele ubhunguke ukhona lapha obala nje, ungaziwa ukuthi ukuphi. Buya ekhaya mntanami. Musa ukuba yinkomo yentaba. Buya ekhaya ndodana. Esho eqhweba.
ukotini nohala, uzosikhumula usithunge kahle. [Avule ikhabeshana amkhiphele.] Thatha nakhu sisi.
nozI: Umama wakho usengaze akhaliswe wukuthi akakubonanga isikhashana esincane kanje, esingamavikana Awu, uyakuthanda bo! Usafuna ukukuncelisa yini usukhule kanje?
nozI: [Naye esenengiwe.] Hho! Yingane yini uSenzo?
lwazI: Yebo ngiyamazi. Ngamazela khona kulo leli kamelo ngize ngibe nje.
bhIlI: Ngikuvove inkani Nozi. Usungihlibikise namaqupha ami ngala mazinyo akho azingovolo. Kungcono ngoba usuqulekile awuseyona ingozi manje. Ulele unabile uthe thwi manje. Angikubophe izandla nezinyawo ngikuhlanganise ngqi unganyakazi. Angikubophe nangale ntambo yefoni ngikuqinise, ngibophe ifindo lemfene uqobo.
Ngokomthethosisekelo izisu seziyahushulwa manje.
sonto: Lwazi usuqedile.
sonto: Ngiyabonga-ke. [Abheke uBhili.] Ngiyathemba uyayazi le ntombazanae nanokuthi uyazelaphi.
nozI: Uyabona-ke Senzo, lena emakhaya unguBhilikida. Lana esiLungwini unguBhili. Nguye-ke lo Bhili esiqale kuye ekuseni silethe isisu kuye, wasiphika.
sonto: [Esonga izandla ehlala phansi.] Kusinda kwehlela madoda!
lwazI: Kona kunjalo Senzo, noma kungesiyo into ebukekayo. Kodwa kokwenziwa njani uma izinto sezinje?
senzo: Uzocabanga nini ngoba isikhathi asisekho Uyabuya manje uNozi. Uzobe eselazi iqiniso lokumitha kwakho khona manje?
nozI: Cha, ake siyiyeke ngempela le nto. Kodwa ngisazodla amathambo engqondo ukuze ngibone ukuthi ngizomthola kanjani lo Bhili. Ngiyayifuna phela leya nhlawulo esikhulume ngayo, wasesivimba asangabe sisakwazi nokuthi sifike ekuxoxeni ngayo. Ngiyazi mina, ngizomthola uBhili. Uqambe ushilo.
nozI: Nami kade ngilokhu ngibekezele ngithi ngizovula umnyango kekushaye umoya. Liyashisa impela leli kamelo lakho.
lwazI: Angazi nami. Ngifuna ukuzwa ngawe ukuthi ngimtshele yini umama ukuthi wena uyazana nokumitha kwami Awu nkosi yami! Ngaze ngazilaya! [Aqale manje abibitheke, sibe muncu isimo endlini.] Hhi...! Hhi...! Hhi...!
sonto: Kuzodingeka siye kudokotela nakanjani. Uthini Lwazi ngalokho?
nozI: Cha, usheshile. Bengingalindele ukuthi uzoshesha kanje.
senzo: Ufuna ukwenzani manje?
bhIlI: [Amngene emlonyeni.] Lalela phela sisi uzokuzwa kahle.
lwazI: Cha, kwangazathi yicebo elingcono lelo. Kodwa-ke indaba yami nawe yona ibe seyiphelelaphi?
senzo: Hhayi-ke kakusenani. Sengiphumile-ke emalangabini ebesengizozithola ngikuwo. Sengisinde emlonyeni wengwenya. Ngiyabonga-ke Lwazi. Bathi ukwanda kwaliwa ngumthakathi.
lwazI: Impela kufanele mama.
senzo: [Ephulula izandla sakuzincengela.] Musa phela ukuthatha ngolaka. Siyazixoxela nje, siyabonisana nawe mntakwethu. Angilwi mina nawe.
nozI: [Evuma ngekhanda.] Wona impela.
lwazI: Kwaze kwalukhuni-ke Senzo. Sengizoshadiswa ngingazange ngize ngikucabange lokho. Angiboni ukuthi kuzolunga lokho. Angiboni impela.
senzo: Cha, kawukushongo lokho. Kepha phela kuqalwa ngalo ilobolo ngaphambi kokuba kushadwe.
sonto: Lwazi, ake ngibuze kuwe. Uyamazi uBhili futhi umazelaphi?
lwazI: Yebo kona akabikanga lutho olubi.
lwazI: Ungitshele into engenze ngaphuma lapho ngibambe ongezansi.
lwazI: Naye akekho mama. Uhambe nje ngemuva kokuba kuhambe umama. Ngizihlalele ngedwa nje lapha ekhaya.
senzo: Lalelani-ke. Inkomo manje, ngisho inkomo ngempela, hhayi labo gondo abafuyelwa emigwaqeni yezimoto nasemingceleni yamadolobha nemijondolo, abaphila badle utshani namapulasitiki namakhalibhodi, inkomo isibiza izinkulungwane ezinti nomake ukuyela lapho. Ekhombisa ngeminwe.
MazUngU: Uzohlukana naye?
Imbangalusizi Lo mdlalo uletha usizi kanye nomunyu.
senzo: Mina ngiyethemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi izinto uma zingalungi, icebo lizozakha. Ngeke singakwazi ukuthola elinye ikhambi lale nkinga.
nozI: Ngiyabonga ngalawo mazwi Senzo. Kepha ake ungiphendule, ungalokhu ungiziba. Emgqolozela futhi.
senzo: Ubebuza nje ngokuthi akasangiboni ekhaya manje. Nami-ke ngamtshela ukuthi ngisuke ngikubangani bami. Angizange ngize ngisho ukuthi ngisuke ngikuphi futhi ngikubani. Kuyangixaka nje nokuthi usetshelwe ngubani ukuthi mina ngihlala lapha nani uma ngingekho ekhaya.
senzo: Ubumsulwa obufana nobokwenzani Lavi?
sonto: Ninjani-ke empilweni sisi?
nozI: [Avule umlomo awaphuze.] Eyi, ngiyabonga mngani. Hho! Sengiyakhumbula...
MazUngU: Hho! Kusho ukuthi uyakwazi nokupheka ngoba kawusazihluphi nangokudla uma ufikile lapha ekhaya.
bhIlI: Awuthi ngiboneAthule, adle amathambo engqondo.
senzo: [Emnyakazisa.] Lwazi! Lwazi! Usalele yini?
lwazI: Cha, kangitshelwanga muntu. Ngizicabangele mina lokho ngoba ngibona kungangcono ukuba senze kona.
bhIlI: [Nebala ayikhuthuze ayithole ayikhiphe.] Awuthi ngibone ukuthi ikhona yini imali kuqala. [Acofoze, alinde, ayithole impendulo.] Awu kwangcono. Wothi ngishayele amaphoyisa kuqala. Umuntu usecishe wafa ekuseni. [Alucofoze.] Ti! Ti! Ti! Ti! [Athule alalele lukhala ngale ucingo.] Nti! Nti! Nti! [Lubanjwe luphendulwe.
MazUngU: Phela mina besengithi uyafa umntanami.
lwazI: Wena mama ngabe uyangiyeka nje ngihambe ngiziyele kuye uBhili, ngiyomncenga ukuthi avume. Ngabe ukushiyela kimi konke lokho ngoba wena uyehluleka.
nozI: [Ebeka izimpahla etafuleni.] Sesibuyile Lwazi. Usale kanjani Sihambe singasashongo nokuthi sizoya nasedolobheni eThekwini sisuka kwaSonto?
MazUngU: [Ebheka kabi uNozi.] Angizelanga ukuzohlala lapha uma ungazi-ke. Ngizolanda uSenzo aye ekhaya njengamanje.
MazUngU: Awumuzwanga yini uSonto ethi umalokazana wakwami uzele ingane yomLungu?
MazUngU: [Ngolaka esondela kuye emkhomba.] Yeyi we mfazi owumjendevu! Angikwesabi mina, uyezwa Asiphumele laphaya ngaphandle siqhuthane amakhizane. Angikwesabi! Ngelusa mina uma ngabe awazi. Ngizokubamba, ngikushaye ngikuvove inkani, ngize ngikugibele ubhashe njengembongolo. Uyezwa [Emkhomba.] Phuma siye phandle yikhona kungezukufa izimpahla ezilapha endlini. Phuma! [Emqhweba efingqa imikhono.]. Woza siyoqeda ukukhuluma laphaya phandle?
senzo: [Enikina ikhanda.] Lutho Lwazi! Ngeke aze akuxoshe. Uma ekuxosha, ubovele wenqabe. Umcacisele ukuthi okokuqala yikini lapha. Unelungelo eligcwele lokuba lapha. Okwesibili uma esaqhubeka nokukuxosha, uvele umtshele emehlweni ukuthi angazisoli ngoba uzovele uhambe uye kuBhili uyoziganisa kuye. Ngemuva kwalokho angabe esakulandela, futhi azi ukuthi ngeke aze athole ngisho isenti leli azohlawulwa ngalo nguBhili.
nozI: [Ema embuka.] Ngiyakuxosha. Ucabanga ukuthi ngiyadlala yini Hamba?
senzo: Yebo mama, ngilalele.
senzo: Ngiyabona ukuthi kukhona into ofuna ukuyisho, kodwa awufuni ukungitshela yona. Shono ukhululeke, lokho kosiza mina nawe. Zama ntombazane. Zama bandla! Emhlikihla emhlane ngentende yesandla kancane, kancane.
senzo: Kona akukuhle neze. Awungitshele-ke, uma usufikelwa ukuthi utete uyokwenze njani-ke?
senzo: Pho manje yini ekukhexisile kulokhu ngoba vele bewuhlolwa impilo yakho ukuthi uphile kahle bese kugcwaliswa lawo mafomu?
nozI: [Ebhenguza ngesandla.] Hawu, khohlwa yilowo. Akasezukuhamba. Sesiyohamba sobathathu njengoba silapha nje.
nozI: Uzowezwa ukuthi anjani sengikulethele wona mngani. Usale kahle, siyobonana. Aphume ahambe.
senzo: Into wukuthi angiqondi ukuthi ungibizelani.
MazUngU: Kufanele kuphele-ke lokhu kungangazi ukuthi ngiphila ngani. Angilona mina ibhayisikili lona eliphila ngokudla umoya.
MazUngU: Ukushiso yini lokho ngoba angikwazi nje kwami wena?
senzo: Cha yena unobuntu mama. Ungenzela konke. Angithinti lutho. Uyangiwashela akwazi nokungiphatha kahle nje.
senzo: Ngizamile phela nami ukumkhuza kulokho, ngithi kuyosizani ukuthi athi anishade kanti akekho obeqonde umshado phakathi kwenu.
sonto: Cha, kulungile futhi ngiyabonga. Nihambe kahle-ke. Baphume bahambe.
nozI: Cha, ngiyezwa-ke mntanami. Kulungile usungabuyela ekameleni lakho. Aphume uLwazi abashiye bodwa.
senzo: Kanti kuyoze kwenziweni Phela wena Lwazi usukhule ngokwanele ukuthi usungashada. Kanti uyoze ushade nini, uma sekwenze njani ngoba phela yilo ithuba lomshado leli?
nozI: [Edidekile.] USenzo muphi yena?
lwazI: Indaba enkulu mama yilesi sisu. Esho esikhomba.
MazUngU: Hhayi-ke, uma kuvuma wena, singathini-ke thina ngoba vele indlela yaziwa ngumhambi wayo.
sonto: Akusiye uSenzo obekudla izithende.
sonto: Yishi mame! Waze wazincomela into yakho bo!
bhIlI: USenzo owenzeni?
senzo: Yebo impela kunjalo. Ngakusho lokho futhi namanje ngisakuthanda. Angingabazi lutho ngalokho.
senzo: Ngiyezwa mama.
lwazI: Ngiqinisile mama. NguSenzo owangikhulelisa futhi naye ukuvumile lokho kimi ngenkathi ngimtshela.
Ngaphandle kwikhonteyna yamaseli uBhili ushaya ucingo.
nozI: Mntanami, ngiyabona ukuthi kade ulokhu uthule siwasha lapha ungasho lutho. Kwenze njani, ucabangani kangaka Khuluma bo, ungaze umelwe yinhliziyo?
nozI: Wena Senzo ekuseni uthi nibonane kahle nje naye uDoris?
kuBhili. Kungcono-ke ngoba sizoyixoxa engekho lapha uLwazi.
bhIlI: Kubonga mina uma kukhona okukusizayo kulokhu engikushilo.
senzo: Hhayi bo! Izinkabi zingena ngaphi kule ndaba ngoba mina ngizokuya kuye Bengizama ukumhlonipha nje uma ngithumela umuntu kuye?
MazUngU: Impela bathe umuntu ophile kahle uba namasotsha egazi angaphuzulu kwamakhulu amahlanu ashashazeni elincane legazi elihlolwayo.
lwazI: [Ethuthumela.] Yebo mama!
nozI: Ya! Kufanele ukuthi uthi awazi ngoba ucabanga ukuthi uhlakaniphe kakhulu.
lwazI: Angisazi-ke ngizothini ngoba uthe ufuna iqiniso lodwa.
bhIlI: Ngicela usibizele ne-ambulensi sisi, usuyaphela umoya kule seli.
senzo: Cha, ngiyezwa ukuthi usuhlele kanje, uyakwazi ukucupha izinto.
senzo: [Ethuke aze abambe umlomo.] Hawu! Kanti [Embhekisisa.
nozI: Ho! Ngazi kahle ukuthi uzozibuyela uSenzo njengenja ecaba kanye ithambo yejwayele. Unina uzishaya ngendlebe etsheni ngale nto ayenzayo. Wake wabonaphi umfana ekhethelwa umfazi ngalezi zikhathi ezinje?
bhIlI: Awuthi ngifone ngeseli yami. Qhafa! Qhafa! Ngci! [Alinde kancane.] Awu! Madoda, impendulo ithi angisenamali. Nami ngikhohlwe ekuseni ukufaka umoya, nocingo lukaNozi nalo luphahlake phansi lwafa alusasebenzi uma selunje. Kungcono ngimane ngiyothatha iseli kaSenzo ngifone ngayo. Angiqonde kuye ngiyoyithatha ngiyisebenzise. [Aphuthume kuye.
nozI: Uyadlala wena Lwazi. Lo Bhili wakho ngifuna nokumbona ngamehlo, ake angitshele ukuthi usekutshelelani ukuthi khipha isisu. Angiyona phela mina ingane yokukhohliswa.
senzo: [Esondeza ubuso bakhe kuye.] Impela sithandwa sami kunjalo. [Amuthi manqa emlonyeni.] Sekuyikho nje ukuvuka, umuntu namhlanje ulale sengathi ufile. Sikhathi sini khona manje [Amphulule izihlathi amqabule futhi?
sonto: Yini-ke yona leyo mngani Ngiyobe ngingene ngaphi lapho mina uma senishada nisho lawo mazwi?
sonto: Ubesezohlokoloza imamba isemgodini wayoke uma esesho njalo mngani. Usho kanje usecijise izindlebe efuna ukuzwa.
nozI: Wesabani Umtshele ukuthi ngithe angizwa lutho ngalo mbhedo akutshele wona. Ngobona ngaye uma ezisola ngempela ngakwenzile. Ngifuna yena kanye umnikazi wendaba, hhayi wena. Akeze ngimlindile?
lwazI: Kulungile ngizothula mama. Wesula izinyembezi ngethishu.
bhIlI: Awunalutho Senzo. Vula amehlo ubheke lapho oshayeke khona. Uzoyibona into engiyishoyo.
nozI: [Asonge izandla ambheke.] Awungitsheleke mntanami. Wawumsuka ngani uBhili ngoba phela nawe uyazibonela ukuthi ungangoyihlo?
Lapha abaliingiswa ababili basuke bangaboni ngaso linye. Yilokho kungezwani kwabo okwenza indaba iqhubekele esicongweni noma kuvuthondaba. Kubhekwa ukuthi bayaphila yini nokuthi ubunjalo babo buyiqhuba kanjani indaba ngoba ukuqhubeka kwendaba kweyame ezimilweni zabo abalingiswa labo.
bangasho lutho. Hho! Anifuni ukuthandaza phezu kokuba nginenzele ububele obunje, ngehora nangomzuzu wokugcina ezimpilweni zenu.
lwazI: Cha, yena akamdala kakhulu kangako kunami, kanti-ke futhi yena uyasebenza. Manje angazi nami ukuthi waleleni ukuvuma ngoba unayo nemali abengahlawula ngayo yedlule le nkinga.
bhIlI: [Ephebeza ngesandla.] Cha, cha, sisi! Ngifuna ukuthi nazi ukuthi ngiya njalo khona ngiyolanda amakhondomu amahhala.
senzo: [Ngokumangala.] Hawu mama! Ingani angilimalanga nje kakhulu.
MazUngU: Kwangazathi ukukhala kwengane nje lokhu manje!
nozI: We Senzo! Usuyitleva manje Usuhlakaniphe kakhulu?
senzo: Hawu! Uthi kuyolunga ukushadisa umuntu kube kanti mhlawumbe yena wayengaqonde mshado.
nozI: [Ame kulokhu akwenzayo, ambheke.] Hawu, wagula usubuya nakwadokotela. Usufike wathola ukugula kudokotela yini ngoba phela ubungayanga ngokugula kuye?
senzo: Cha, phela noma sibiza ngezinkomo inhlawulo ngokwesiZulu, ikhona nendlela yokubiza izinkomo lezo kube ezephakethe, imali phela.
nozI: Eyi, lowo doti! Angazi nje ukuthi ngingawubhekelwa ngubani. [Ezikhomba.] Mina avele angenze kanje! Angazi mngani, angazi. Kuyoqhuma nhlamvana.
senzo: Kanti-ke nami kangidlali ngawe wena Nozi. Ngiqinisile uma ngithi ngiyakuthanda. Kepha-ke inkinga yikho nje ukuthi wena uyangijaha, ufuna sishade masinyane kanti mina bengisafuna ukuthi kengibone umhlaba.
bhIlI: Hho! Ngena mshana!
MazUngU: Angiqondi-ke mntanami ukuthi ukuvakashelaphi. Mina ngeke ngaba nenkinga yokuthi uvakashe. Yinqobo nje uma ungeke uphindele laphaya engikulande khona. Lokho ngeke neze ngize ngikuvume.
sonto: Hawu! Kanti sizohamba ngalo baba okhulumela safuthi Ewu! Akeve ezithanda izindaba nalo baba. Unesidina kabi ngale nto yakhe?
nozI: [Aduzuluke ngompongo kakhulu.] Hawu! [Athi uSonto uyambamba ehluleke, awe uNozi aquleke.
Isenzo sokufuna inhlawulo engaka kuBhili nokufuna ukushadisa uLwazi noBhili kusachaza ubunjalo bakhe. Isibindi sokufuna ukubulala uSenzo noBhili sisalandela lona igama lakhe.
senzo: Cha, kakukho malume. Singaphuma sihambe. Awuthi ngithathe leli bhuku lokubhala kanye nekhalkhuleytha esizobala ngayo le phambili. Yonke imali ngingayibhala kule dayari.
Udweshu ukushayisana kwemibono noma ukungaboni ngaso linye kwabalingiswa. Ukuba khona kodweshu endabeni yikho okwenza indaba iqhubeke ize iyofika esicongweni. Lapho kungekho khona udweshu indaba isheshe iphele. Udweshu lwehlukaniswe kabili.
senzo: Sisi uSonto, kunzima ukusho. Kodwa ngingabeka ngithi ngihloliwe ukulimala ngaluthola usizo lwalokho. Ngibuye ngathatha igazi lahlolwa nalo. Ngiye futhi ngalulekwa ngemiphumela nangokuyamukela yona injalo, ukuthi ngikuthathe kanjani. Impela bangifundise ukuthi konke okwenziwayo, kwenzelwa ukuthi kusizakale mina ikakhulu.
MazUngU: Hawu, kanti awumshelanga! Pho nahlangana kanjani?
sonto: Hhayi bo! Kwenze njani lapha endlini kaNozi Bhili Bhili yini kwenze njani ngoba ngizwe ukuqhuma kwesibhamu ngisekhaya?
MazUngU: Nx! Kuthi mangiwufake isicathulo lo mfunzana onguNozi.
sonto: Phela vele kuhamba kanjalo uma kuzoshadwa. Wena kanti ubufuna kuhambe kanjani?
sonto: Walokhu uthemeleza nje, uqonde ukuthini we mngani Hlala phansi ungixoxele kahle le ndaba yakho?
nozI: Angizukuchitha isikhathi, hleze aze abaleke uma ezwa ukuthi isiyaziwa indaba yakhe. Kusasa nje lokhu okusayo, sivukela khona.
IphoyIsa: Kulungile bhuti. Ngizonibizela yona.
sonto: Kusho ukuthi unina umalele ukuthi avukele ngapha ekuseni.
senzo: Eyi, malume kuthi mangigxume. Angikaze ngijabule kanje. Nobuhlungu ebengibuzwa esifubeni sebuvele baphela nje. Bathule-ke bese ebuye eqhubeke udokotela.
senzo: Uzomtshela konke lokho uNozi?
sonto: Wase umdedela kanjalo nje?
MazUngU: Cha, angiguli futhi kakukho sifo esivelile. Ngimbizela ukuthi kuvimbeke ukuthi kuvele isifo, ngoba phela uma engezukufika ngizomelwa yinhliziyo ngife. Angifuni-ke abese ethi kangimtshelanga. Ethintitha izandla.
bhIlI: Ehhene, ngasibamba nalesi sibhanyana sakho. Seziphumile nezinhlamvu zaso zasabalala phansi. Zichitheke zaphuma kumagazine la zihlala khona.
lwazI: [Esonga izandla ebheka phansi.] Cha Senzo, angazi nje ukuthi uzoyithatha kanjani le nto engizoyisho manje.
senzo: Nginani kanti mama?
Nempela ayikhiphe ayibale aqede.
nozI: Awu mngani, angiboni ukuthi kudingeka ngimuse emaphoyiseni ngiyombopha. Ngiyofika khona ngithi ngimbophelani?
senzo: Uzile uSonto?
nozI: Awu, waquma! Awangasho lutho ngivelelwa yishwa elinje. Khuluma ukuthi kuzokwenziwani uma sekunje. Emgqolozele emehlweni yena egwajaza.
senzo: [Ebheka uLwazi ngokumeba.] Umonakalo lo, wukuthi sekusuke kwakhulelwa uLwazi ngephutha.
MazUngU: Usumdala manje we Nozi, usujikela ezinganeni zethu. Ucabanga ukuthi sizalele wena lezi zingane ezizomane zidlale wena bese ucabanga ukuthi sizothula Ngeke impela sithule?
sonto: Umbophele ukuthi unukubeze ingane yakho.
nozI: USenzo uzosisiza ngempela ngezinto ezifana nalezi. Futhi nje kusekuningi okusafanele sikwazi ngempela mngani.
lapho wawusiqinela khona sewuse kakhulu kunathi, usuqome obaba abadala useyingane?
nozI: Umntanami, kuzokwenzekani ngaye?
senzo: Eyi mina sisi uSonto, sengifana nomuntu osefile yize ngisaphila. Imiphumela yegazi iveze ukuthi selingihaqile igciwane lengculazi ngenxa yobudedengu bami.
sonto: Cha, ngiyezwa. Into engiyibonayo wukuthi lo mfana uyingane. Usazizwela ubunsizwa bakhe nje egazini lakhe njengoba ejola nawe. Kuzodingeka ukuthi uke umyeke mhlawumbe uzobuye asibone isidingo sokuthi ashadelwe nguwe.
lwazI: Kulungile mama. Eyi, ngisayocambalala ngiphumule. Sengikhathele mama manje. Sengingaze ngibulawe yile washingi engapheli.
senzo: Imali enginayo incane mama. Nginemali engama-R500.00 ebengizibekela yona. Ngiyethemba ukuthi izowenza umehluko enhlawulweni.
MazUngU: Senzo! Into yokuqala esengiyicabangile, esizoyenza singakayi ekhaya, ukugibela ingqoshi siphuthume lana kwaDabeka emtholampilo.
sonto: Eyi mngani, isithanda ukuxaka phela manje le ndaba kaLwazi. UBhili naye uzuhlangulile ngezizathu zakhe wathi masiye kudokotela masingamkholwa. Manje udokotela uvuna ubufakazi bukaBhili. Umuntu umitha izinyanga eziyi-9 atete, ahlinzwe uma kunezinkinga.
senzo: [Uhlala phansi embhedeni.] Ukuthi mntakwethu sizoshada, angingabazi ngakho, kuzokwenzeka. Kuzodingeka ukuthi izinto sizenze ngesinono sekati, singabi namatata. Linda nje ngizokwazisa uma sesifikile isikhathi esifanele.
lwazI: Hhayi Senzo, ngingathi nje uphatheke kabi impela.
MazUngU: Uyabona mntanami, yinkulu into eyakungena ngalo Nozi. Hlukana uthi gelekeqe nalo Nozi wakho mntanami. Akalungile, futhi usemncane kabi wena. Ukhohliswa yile ntshebe onayo njengoba sewaze waba ngumahlekehlathini nje.
sonto: Cha, empeleni bhuti wami size ngale ntombazane ehlezi laphaya kukhaphethi embozwe ngetshali eseduze kukanina.
MazUngU: Bazobe sebetshelwe ngubani abantu ukuthi uvelelwe yini?
senzo: Hhayi bo mama! Usho ukuthi ngabe senginaso njengamanje?
Ekhishini lakwaMaZungu, unina kaSenzo ugeza izitsha sebeqedile ukudla kwasekuseni.
senzo: Into efana nani [Ebhenguza ngesandla.] Hhayi ! Akukho lutho lapha. Umama wenziwa yisikhwele sokuthi sengihlala nani lapha?
dokotela: [Abheke azigculise.] Angingabe ngisachitha sikhathi lapha nami ngoba kakhukho gazi nanxeba elibonakala lopha kuye. Angiye kuLwazi ngiyosiza yena. [Khona manjalo kungene uMaZungu esendiza, athi nhla kuSenzo.
nozI: Mh! Mh...!
MazUngU: Bayokufundisa abahlengi bempilo ngalokho.
nozI: [Elokhu ebakhombe ngesibhamu bonke.] Angikutshelanga-ke?
nozI: Wawangenqabi ngani wena noma ungibikele?
senzo: [Uhlezi embhedeni ukhuluma yedwa.] Hhawu madoda! Waze wahamba bo noNozi. Kunini ngilokhu ngihlezi ngedwa nginesizungu Yena ngiyamthanda impela futhi angizenzisi ngalokho. Sengimkhumbule impela manje. Angazi ukuthi akasabuyi ngani umntakwethu. Kazi benzani nje benoSonto Hho! Mhlawumbe bayathunga nje, balibele nawukuxoxa. Kwazi bani Abantu besifazane uma sebehlangene, izindaba kazipheli kubo. [Kudlule isikhashana.] Awu, kwangcono, nanko umsinjwana womuntu ongenayo. Ngizwa izigi nje kungathi kungezikaNozi. Mhlawumbe nguye u Nozi umntakwethu. Kuzoke kube ngcono-ke manje eseze wafika. [Kuzwakale ukungqongqoza emnyango?
senzo: Hhayi mama, ungakhathazeki kakhulu. Ngizobuya mama ngizohlala nawe lapha ekhaya. Esho ekhomba phansi.
lwazI: Hhayi, impela ngabe nginamanga uma ngingathi bayephi ngoba kabangazisanga. Ngiyacabanga nje ukuthi mhlawumbe baye laphaya kwamngani kamama, usisi uSonto.
sonto: Ungadlali ngami wena mngani. Okungcono sekuyomane sekuba nguLwazi oyoba yimpelesi yakho ngoba yena uselula, usemusha kanti futhi muhle. Hha, ngeke ngalunga mina ngimdala kanje!
MazUngU: We Nozi! Ngibheke kahle mina. Angiyona insangu mina. Angibhenywa! Uthatha ingane yami, uzoyifukamela lana bese ucabanga ukuthi ngizothula?
sonto: Uma-ke sesibiza imali, iyoba malini-ke inkomo eyodwa ukuze sikwazi ukuthi siyihlanganise yonke siyazi ukuthi malini.
senzo: [Abambe ikhanda ezulazula.] Eshi.! Wenqabeleni manje Nx?
bhIlI: [Ehwaqisa izinhlonzi.] Sekwenzenjani manje mshana?
MazUngU: Waya-ke nawe usuwedwa We! Nkombose kababa. Awangabona ukuthi itshe limi ngothi?
lwazI: Hhayi, angisho lutho mina.
senzo: [Ngokumangala.] Inkulungwane yamarandi mama! Awu, waze wangenza umuntu mama. Ukwanda kwaliwa ngumthakathi.
lwazI: Cha mama, akunjalo. Into nje ngiyabona ukuthi ngishiswe yilanga kakhulu. Manje sengiphethwe yikhanda. Yingakho ngicela ukuthi kengiyolala ngiphumule ngoba besengiwaphuzile namaphilisi alo ikhanda leli elingiqedayo.
Kusemtholampilo wakwaDabeka lapho uSonto ezithela kuSenzo nonina uMaZungu sebephuma beya ekhaya yena esazongena.
senzo: Ngizobuya mama ngiyethembisa.
MazUngU: Ngicela ningilayezele kuSenzo ukuthi ngithe ngicela eze ekhaya khona namhlanje. Ngifuna azolala ekhaya namuhla. Kubaluleke kakhulu ukuthi akwenze lokhu. Angalenzi iphutha, nakanjani eze. Yilokho-ke nje engicela ningenzele kona. Ngeke-ke anganikholwa uma senisho into eyodwa ninobabili.
nozI: Yini yona leyo engingayazi?
sonto: Nami ngake ngezwa besho ukuthi unaso kepha ngenqena ukumbuza.
ekugcineni athole ukuphumelela.
nozI: [Ngolaka amphebeze emxosha.] Suka phambi kwami Sathane! Suka lapha! [Ame avale amehlo akhale zehle zigobhoza. ULwazi naye ume lapho ethithibele.
UBhili ephika isisu sikaLwazi ngokuveza isikhathi agcina ukubonana noLwazi ngaso, efakazelwa uthishanhloko okhumbula ilanga nosuku lomcimbi, nokuthi uLwazi noNozi abaphinde bayozwisisa kudokotela. Indaba ithanda ukufinyelela kuvuthondaba lapho uNozi ezama ukubulala uSenzo noBhili ngokubadubula.ULwazi uqale ukusikwa khona lapho wabelethiswa ngudokotela Ngubane. UBhili wephuca uNozi isibhamu wambopha wambizela amaphoyisa. UMaZungu noSenzo bajabulela ukubeletha kukaNozi nokuthi uthole ingane yomfana. Injabulo yabo yaphenduka yaba muncu lapho uma kuzwakala ukuthi ingane eyomLungu.
senzo: Ewu, ngingabonga kakhulu malume uma ungakwazi ukungephula kula malangabi esengilengela ukugxambukela kuwo ngishe.
bhIlI: Yebo, ngiyamazi ukuthi nguLwazi lo mntwana.
MazUngU: Manje awusho-ke ntombi, kugcine kwenzekeni laphaya kwaNozi ngoba phela sihambile sashiya kunjalo?
bhIlI: Wake wangibikela Lwazi ukuthi sewukhuleliswe yimi na Uma ungazange kungani?
nozI: Sihilizisene ngamazwi noDoris esedelela saze sacishe salwa. Ubesefuna siphumele eshashalazini siyolwela khona, sibange uSenzo.
lwazI: Cha, phela thina asizange sithandane. Saganga nje sase sesula imilomo, akwangabonakala ukuthi kukhona amantshontsho esesiwadlile.
senzo: Hhawu, kodwa mama ungakusho kanjani lokho?
bhIlI: Angiyena umfowenu mina. Ubungeke ungikhombe ngesibhamu ngiwuye.
sonto: Cha mama, ngize kuLwazi ongeniswe yi-ambulensi khona manje lapha.
senzo: Ngizobuya nje mama, khona kulezi zinsuku.
nozI: [Emkhomba.] Ubowabala amagama akho mntanami uma ukhuluma nami.
senzo: Cha, kona akusafani nakuqala. sekusele izidubulo lapha esifubeni.
MazUngU: Uma nje engubani nje nempela lo okuchuthayo, ongakwazi nokuthi ake eze lapha ekhaya simbone simazi, kungalokhu kwaya wena kuye njalo?
sonto: Awuthi ngivule ifasitela ngoba sekuyashisa manje lapha endlini. Alivule ifasitela bese ebuya ahlale phansi athunge.
KukwaSonto lapha endlini yokuphumula.
nozI: Phela uSenzo akazange aye kubo izolo kusihlwa njengoba usho nje ukuthi unina ubemfuna. Ulale lana. Nakho-ke ekuseni sekufika uDoris esezomfuna ngodli, ijazi lephoyisa.
sonto: Ngiyabonga ngokungisiza kwakho. Phela bengingeke ngikwazi ukuwuqeda wonke lo mthungo ongaka ngingedwa ngalesi sikhashana. Usungisize kakhulu. Bazonele bangikhokhele yonke imali yawo bese ngikunika insonyama engcono kakhulu.
nozI: Ngizokubhaxabula ngayo. Anginandaba nokuthi unesisu.
MazUngU: Mfana wami! Lalela lana. Ngingunyoko-ke mina. Ngizokukhethela ngoba awukwazi ukuzikhethela. Uma usugula la, uyogulela mina, ugulele emzini wami. Kufuneke ngikugeze ngikufunze ngikuphiphe. Uzoyohlola-ke igazi ukuze sikhululeke sonke mayelana nokuthi unalo noma awunalo yini igciwane lengculazi.
nje nawe. [Ebhekisa kuSenzo.] Nawe Senzo kade ngilokhu ngikuphenduphendula, kepha angiboni nxeba la kuwe.
nozI: Hhayi-ke, ngiyakutshela mngani. Uyobhema ukholwe ngalelo langa.
senzo: Cha, ngilalele.
MazUngU: [Ngesankahlu.] Asihambe wena sithutha! Ungabe usasho lutho futhi!
nozI: [Ngokunengwa.] We Lwazi! Uyazi ukuthi wukweyisa lokhu okushoyo njengamanje?
bhIlI: Awuzwa-ke! Ngeke usakwazi ukunyakaza Nozi. Noma ungaphaphama manje, awusenandlela yokuthi kukhona osengakwenza. Ngizokuvala nalo mlomo wakho odelela ngawo, ngiwubophe ngqi, ngaleli duku lakho ukuze ungakhulumi.
lwazI: Mina engikwaziyo Senzo wukuthi ngeke. [Ethintitha izandla.] Ngeke ngize ngishade naye uBhili. Angimthandi uBhili kwaphela nje.
MazUngU: Kwakuhle ndodana usubuye ekhaya. Nginethemba elikhulu lokuthi usuzosibona ngamanye amehlo manje isidingo sokuthi ube nami njalo lapha ekhaya lakho.
MazUngU: Ngabe awunalwazi lokuthi bayephi futhi bazobuya nini?
Asukume ahambe abashiye.
nozI: Hawu yaze yakhona nansi indaba yale ngane! Nathi sazalela emakhaya kodwa angizange ngimithe ngimncane kanje. Konje kuthiwa laba abethu sebenamalungelo okuzikhethela abangakwenza. Umntanami yena akazi yena ukuthi usezifake otakwini olunjani. Kuyena izinto ziyefana nje. Uzoke abone ukuthi azifani kusasa uma sesimhambisa kulowo mfokazi. Awu kwaze kwanzima lokhu osekungehlela ngithi ngiziphumulele nginganake lutho ngengane yami!
nozI: Washesha ntombi ukukhathala!
sonto: Kulokhu nguye uLwazi obedla wena izithende esokeni lakho uSenzo.
sonto: Buza sisi.
sonto: Impela baqinisile, kosizakala wena ngempela Senzo.
nozI: Ngena kuvuliwe.
bhIlI: Phela uSenzo uze kimi njengomshana wami, wathi ngize ngimbuzele nanokuthi limi kanjani ihlawulo okufanele alikhokhe ukuze abe elungisa lona ngalena.
dokotela: [Izwi ocingweni ngale.] Yebo, ngingakusiza?
nozI: Eyi! Awuyiyeke eyobudala bami ngoba ubudala bami abenzi mehluko ekuthandaneni kwethu. Uma ungithanda ngokweqiniso elimsulwa Senzo, usungaze uyeke ukungithanda ngenxa yeminyaka nje kwaphela mntakwethu?
senzo: Cha, ngibona sengathi ngizobe ngingekho ngoba kusazodingeka ngiye ngasekhaya kumama ongizalayo. Uthe udinga ukungibona yinoma kanjani namhlanje.
senzo: Okunye wukuthi ubambelele kuye uBhili, ume nje ekutheni nguye umnikazi wale sisu. Uma-ke uNozi elokhu esaqhubeka nokukubuza ngayo le ndaba, umane umcele ukuthi akunikeze ithuba lokuthi uke uyoncenga uBhili. Usho nokuthi wake waphinda wamvakashela kaningana uBhili, kakuzange kube kanye njengoba nikuxoxe ekuseni.
senzo: [Wethukile ukhuluma yedwa.] Hawu, kodwa yini nje le engivelelayo UNozi wangivuthela kanje ngolaka, ngabe kwenze njani Hhayi, ngiyasola ukuthi inkonyane isiwuchithile umuthi. Sekonakele phela uma sekunje. ULwazi lona, nakanjani usemtshelile uNozi unina ukuthi yimina omonile. Akakaze nje nakanye akhulume kabi kanje kimina uma engifonele uNozi. Uthi angingambizi ngoLavi! Ayi, sekonakele impela, ngiyazisa Nkosi yami. Ngeke ngize ngiye kuye uNozi. Ngiyamesaba, khona uma esethukuthele kangaka, angangenza mnyama. Kungcono ngoba ngize lapha kumalume. Ngiyethemba ukuthi naye usengitholele iqhinga engingaphuma ngalo kulolu bhuku lobishi engizifake kulo. Ngiyethemba ukhona lapha endlini yakhe. Angingene?
lwazI: Ngabe uqala ngokuya kuye, bese uzwa-ke ukuthi yena ufunani kuwe Senzo.
MazUngU: Uzobuya nini ekhaya mfana wami?
lwazI: [Angene ahlale esitulweni.] Ngiyaphila bhuti Senzo noma ngiphila ngaleyo ndlela nje. Nali iphepha lakho.
senzo: Hhayi, ngethembe mntakwethu. [Usho usondeza ubuso bakhe kuNozi ukuze amqabule.] Ngethembe mntakwethu. [Esathi nje uyamanga bese kuzwakala ukungqongqoza emnyango.
bhIlI: Ungabe usabuza Sonto. Asithathe nangu uLwazi simuse ngale embhedeni wasekameleni lakhe, useyasikwa.
nozI: Wena uthini-ke ngaleso sizathu sikaBhili?
lwazI: Eyi, kulukhuni ukusho. Nami ngaqala ngazibona ngikhuluphala nje, angizange nginake okunye-ke.
senzo: Hawu kodwa Nozi mntakwethu! Waba njani nje wena ngokuba nesikhwele esingaka?
konke lokhu osekwenzekile uma esefika ngeveni. Ngizohlala lapha ngimqaphele lona naganyakazi.
lwazI: Yebo mama.
nozI: [Ehlala phansi ebambe umlomo.] Habe! Nansi imihlola yami bo!
lwazI: Ngiyamthanda yena Senzo.
UNozi usalokhu elinde uSenzo endlini yokuphumula kwakhe. Uthuka esephaphama.
lwazI: Mina ngize ngacela isisi uSonto ukuba eze lapha azongizwisa futhi angifakazele ngale nto esenginitshele yona.
nozI: Ngowaphi yena lowo mfana Uyasebenza?
sonto: Kunjalo mngani. Awungitshele-ke, wena uyazi ukuthi kuqhutshwa kanjani uma kuhanjiswa isisu?
MazUngU: Ungawafeli amathe amazwi ami mfana wami.
nozI: Awungiyeke wena! Uma wena uzishimele, uthi asenzeni thina ngalokho?
lwazI: Angazi-ke manje ukuthi kanti kufunekani. Bese kungena uNozi esefonile.
nozI: Umshado kwakuyiphupho kudala ngiseyintombi. Manje ngizowunuka, ngiwubambe ngezandla lezi mngani. Uyobe uzibonela nawe mngani.
nozI: Njengoba ubungihlolela yena ekuseni, manje ngicela ukuthi usale usungisiza ngokusihushula leso sisu sakhe.
nozI: [Ehlala phansi.] Cha, sengithe angize lapha kesizobonisana ukuthi singaphuma nakhambi lini ngodaba lukaLwazi.
nozI: Anginandaba hamba! Ahambe uLwazi asale ebhaka uNozi kepha engasenakho ukuphumula. Akhulume yedwa ngalokho akucabangayo.
USenzo uvela esigcawini sokuqala nje enkundleni yokuqala abonakale ethanda uNozi futhi efuna ukushada naye. Inkinga yokuqala ahlangabezana nayo ukuthi akakazimiseli ukushada naye manje usafuna bathandane nje kodwa uNozi ufuna bashade kanti unina kaSenzo akamthandi noNozi lowo.
sonto: Ewu, kwaze kwakubi-ke lokho Senzo.
lwazI: Eyi, nangu nomama esengena njengoba kukhala isango nje. Uzothi ubusahlezi nami sonke lesi sikhathi?
bhIlI: [Echaya izandla.] Akazame inhlanhla kwabanye. Mina ngangingeke ngilenze lelo phutha kanti futhi nginonkosikazi le ekhaya. Ngangingeke ngazotapa ukhuvethe lwengculazi bese ngiluthatha ngiyobulala umkami ngalo ekhaya. Cha, ngangingeke ngalokotha ngibe budedengu kanjalo sengibabonile abenze njalo, bevithika befa.
senzo: [Sakuhleba ethukile.] Njengoba ngize lapha nje malume, ngisanda kuthola ucingo oluvela kuNozi. Uthi angize kuye ngokushesha khona manje.
sonto: Kulungile asisale sesingena ngoba vele sesiqedile ukuneka.
senzo: Umalume ungeluleke ngokuthi noma kungenzekani, ngize ngingalilahli igazi lami leli elisesiswini sakho. Yikho nje ngithe angisale sengedlula ngapha ngaphambi kokuba ngiphindele ekhaya.
nozI: Ha! Kanti nina nobabili ninoSenzo, nihlangene ngami ukuze ningicekele phansi Nihlangene ngami ukuba ningenze inhlekisa yasezweni Hhe?
sonto: Buza sizwe.
sonto: [Enikina ikhanda.] Eyi, ayikholeki le ndaba.
sonto: Mina ngibona sengathi liselincane kabi iqiniso osalishilo.
MazUngU: Siyabonana mntanami! Ungena uyajuluka ebusweni.
lwazI: [Ekhala encenga.] Hawu mama! Baxolele Nkosi yami!
senzo: Cha, nami sengizosale sengiphumisana nawe ngiye ekhaya. Usuyosale usumazisa umama wakho ukuthi sengihambile.
USenzo ungena ekamelweni likaLwazi afike ame emangele.
senzo: Awusho-ke, uzoliveza yini iqiniso?
senzo: Awu, ngiyaxolisa-ke ngalokhu engikwenzile. Mina bengithi uzothi mhlawumbe akulona iqiniso lokhu okubhalwe laphaya kumazisi wakho. Lokhu ngikushiso wukuthi kawubonakalisi nakancane ukuthi usumdala kangaka.
MazUngU: Ngingabonga ndodakazi ukuthola okubandayo, ngithibe ilanga leli. Konje ufunda kuphi mntanami Ufunda khona lapha kwaDabeka?
nozI: Uyabona Lwazi njengoba sesibuya kwadokotela ngifuna ukuthi ungitshele kahle ukuthi uzwile yini ukuthi utheni udokotela uNgubane. Utheni?
senzo: Impela, nami ngibona sengathi sizoba nemhlophe indlela lapho siya khona. Bazohamba nathi impela bonke oMahlase.
senzo: [Athi ukuthulathula esebambe ikhanda limzimukela.] Manje uzoyibika kuNozi ukuthi ingekabani le ngane oyikhulelwe?
lwazI: Lutho Senzo, akukho lutho ebengiluhlelile. Bengiphendula wena nje.
USonto - uNomasonto igama lakhe uma seliphelele. Impela uyalilandela igama lakhe. Ungumngani onosizo, onomusa nobubele. Ungumuntu ohamba ngokwemiyalo yoMbhalo Ongcwele.
IphoyIsa: Hello! Kusemaphoyiseni akwaDabeka lapha. Singakusiza?
bhIlI: Awusho-ke. Empeleni kukuphi khona lapho behlala khona, yikhona ngizovele ngingabe ngisapholisa maseko, ngiqonde kubo.
lwazI: [Ngokujabha.] Yebo, kona ngiyakuzwa lokho kukamalume wakho. Pho manje wena ngokwakho, kakukho yini okunye obuye wakucabanga ngoba phela uzobuya umama alifune iqiniso.
sonto: Wesabani mngani wami?
nozI: [Embheka.] Ubani-ke obengidla uma kungesiye uSenzo?
senzo: Akeve ekwazi ukuthunga nomngani wakho. Uthunga into kube sengathi iphuma esitolo sakwanokusho.
senzo: Hhawu Nkosi yami! Sengizofa njalo, ngingasayibonanga nengane yami!
senzo: Angizange ngimtshele.
sonto: Ngizocela ukuthi uzembule sisi ubonakale kahle. Nembala azembule uLwazi bese buhlala obala ubuso bakhe.
senzo: Ngiyazibuka uma ngikama.
senzo: Wawuqinisile yini?
senzo: Yisho uliphinde lelo. Awuzwe nje ngoba usethi ufuna akuhlawule lo Bhili bese ekushada masinya ngoba usephoxeke nakubantu akade ekhuluma ngawe kubo ukuthi uzokusa eThekhi.
senzo: Hha! Uthini umama Ngifuna ukubala ngihlanganise yonke imali yami engangibanika yona, ngibathengela nezinto. Iningi kabi imali yami elaphaya. Ngizoyihlanganisa yonke bese ngiyisusa yonke enhlawulweni abazongibiza yona. Zizobuya emasisweni. Ngeke phela ngilunge ukuthi ngingakhokha leya nhlawulo engakaya. Ngeke impela! Ethintitha izandla?
bhIlI: Ngimfonelile useyeza, usendleni manje. Bamba ngapho-ke Sonto!
senzo: Akudingeki aze atshelwe. Kufanele azibonele.
senzo: Ngikwakho Nozi. Kambe nigcine nihambe kanjani lena kwaBhili ekuseni?
bhIlI: Kulungile-ke Sonto. Asimbeke la embhedeni wakhe. Nebala bamlalise.
senzo: Lwazi! Akukho okunye akushilo ukuthi ungifunela kona?
MazUngU: [Ngokujabha.] Hawu Nkosi yami! [Abambe ongezansi.] Sengijabule kangaka.
lwazI: [Esevale amehlo ngesandla.] Yena lona owakho. Hhi! Hhi...!
lwazI: Cha mama, akangenzanga lutho udokotela.
nozI: Ha! Uthini Sonto. Wena phela uyobe uyisitolomisi sami. Uwena oyosayina njengofakazi wami emshwadweni wami oyobe usezingeni eliphezulu kabi.
bhIlI: Usho kanje sis?
nozI: Eyi, impela noDoris laba sebeguga kabi. Uyolokhu acabanga ukuthi uSenzo lona useyingane namanje kuze kube nini?
senzo: Uke wathini Lwazi, ngoba uvele wavukela mina ngolaka wathi sengingummeli kaBhili. Nami-ke ngibe sengiyiyeka kanjalo le ndaba.
nozI: Ningawabizi amaphoyisa. Ngiyakucela Bhili bandla!
nozI: Ngisacela ukubuza nami.
nozI: Yini lowo monakalo Senzo?
nozI: Ukuze ngixole Senzo, uyazi ukuthi ngicabangani?
sonto: Hhayi bo! Uthini mngani Umlande ngenkani lapha emzini wakho, nawe wathula nje mngani?
bhIlI: Umuzwe kahle mshana.
lwazI: Ube esefuna omunye omdala ukuze abe ngufakazi wokuthi niqiniseke ukuthi ubefike lapha ngempela ezofuna uSenzo ukuba aye kubo uma esebuya lapho ebeniye khona.
nozI: Mayelana nenhlawulo, idemeshe phela, singabiza kanjani we Senzo Nginethemba lokuthi uyazazi wena lezi zindaba?
senzo: Sizamile mama ukuthi lesiya sisu sisikhombe komunye umuntu sinoLwazi, kwasho ukuthi naye lowo muntu uyaphika ngoba kwasekukudala adlula kuLwazi. Kube sekusala mina-ke ukuthi yimi ngempela umnikazi waso. Ngiyalivuma impela ukuthi yicala lami leli.
lwazI: Uhambe kahle mama.
nozI: Sale usungixegisa lapho ungibophe wangiqinisa khona kakhulu Bhili.
nozI: Hho! Kungcono-ke uma kubizwa nangemali. Impela sesingamane sibize yona inhlawulo ngemali ngoba phela sesahlala esiLungwini.
Enjalo nje unguntanga yakho, unomoya omuhle. Angisho ukuthi ganwa nguye uma ungamthandi, ngeke ngize ngikuphoqe ngalokho. Kuzoba kuwe ukuthi uzibonele ngalokho. Engikushoyo kuwe ngingananazi wukuthi, hlukana nalo mgegedla womjendevu wesalukazi esinguNozi. Nguntanga yethu lowo, ungakukhohlwa lokho.
bhIlI: Ngiyaxolisa Nozi ngokwenzeka. Kwakungeyona inhloso yami ukuthi ngenze lokhu engakwenza enganeni yakho incane kakhulu kunami. Empeleni mina nayo sasivumelene, kangizange ngiyiphoqe nakancane.
Ngonyaka ka-1996/7 wangenela umncintiswano we-FNBKAGISO Literary Award lapho athola umklomelo wesibili ngenovelana yakhe yesiZulu ayibhala.
sonto: [Ebhekisa kuSenzo.] Uzizwa usunjani manje bhuti?
bhIlI: Hhayi sisi! Shesha, phuthuma impela mntakababa kungaze konakale kakhulu ungekho.
bhIlI: Ngingakungeni emlonyeni, ningakahambi yazini lokhu.
senzo: Awu, wangethusa mama.
nozI: [Ehlala phansi esitulweni.] Uyaqinisekisa ukuthi umama wakho uthe nakanjani ungalali ungayanga ekhaya.
nozI: Kodwa Doris, wazobanga umsindo endlini yami, ungihlolelani nje nempela?
lokuba ngikubone ngize ngixoxe nawe mama. [Athule kancane eqalaza ebuka ngaphandle.] Hawu, nangu nosisi uSonto esengena. Usheshile impela.
nozI: Mntakwethu, khohlwa ngabantu abaseceleni. Wena usaphila esikhathini sakudala ngiyakubona. Kushadiwe lapha ngaphandle, ngaphandle kwamawongowongo amaningi, nangomsindo wezimpempe. Indaba ikuwe-ke. Mina, bheka lapha! [Emkhombisa umunwe wendandatho.] Sengifuna indandatho yomshado kulo munwe, ezobe ivela kuwe ngoba uthi uyangithanda.
bhIlI: Hhayi-ke, ngiyabonga ngendlela osungichazele ngayo. Manje sesingadlulela endabeni yakhe uSenzo.
senzo: Awungitshele ukuthi njengoba sekonakele usukhulelwe nje, mina nawe besithandana yini?
lwazI: Ngafa yisisu Bhili! Siyangijuqa Bhili isisu, ngibizele udokotela masinyane! Sheshisa Bhili, ngafa!
senzo: Manje malume ngithandana nomunye usisi laphaya kwaDabeka. Unendodakazi esikhulile okwathi ngelinye ilanga sisobabili nayo kubo, ngalingeka ngalala nayo, kanti izokhulelwa. Manje lo sisi akazi ukuthi yimi umnikazi wesisu. Ekuseni namhlanje besihanjiswe kwelinye isoka lakhe lo mntwana. Manje ngiyabona ukuthi isoka ndini livele labona nje ukuthi lizobhecwa ngobende, laphika lema ngentaba. Manje yinto engingaphuma kanjani kuyo ngoba ngiyabona ukuthi inhlanzi izogcina isishelwe ngamanzi lapha kimi. Izinto zingimele kabi impela malume, ngisize ungophule kulolu taku esingizifake kulo.
senzo: Cha, malume ake ngiphume manje ngikushiye. Ngizolala phezu kwayo impela le ndaba, yokuthi ngingalilahli igazi lami. Sala kahle malume. Siyobonana.
sonto: Sesicela indlela-ke bhuti. Usale kahle. Baphume bonke bahambe.
lwazI: Hawu! Ngizohamba ngiyephi mama?
nozI: Kulungile, hlala laphaya eduzane kukaSenzo. Nihlalisane nobathathu kulowo sofa. [Benze njalo.] Mina ngizokuma eduze nomnyango bese siyaqhubeka-ke nalolu daba.
senzo: [Amngene emlonyeni.] Kodwa kodwa wokwenzani manje ngoba phela ukutholile obukufuna?
senzo: Siza mina malume. Sengethembele kuwe wedwa ngoba akekho omunye.
nozI: Hawu! Wadlala ngami nje mntakwethu. Mina ngake ngayithengaphi nje inkomo ngoba ngigcina ngokuthenga amathambo namathumbu ayo laphaya ngaphesheya ebhusha. Kwakuyibona nje inkomo ephilayo ngakugcina nini!
senzo: Cha, kulungile. Vele nami kangijahile kangako ukuthi ngisheshe ngihambe. Ngizohlala ngilinde iphephandaba elizobuya noLwazi ngaphambi kokuba ngihambe. Aphume-ke uNozi, asale uSenzo ecabanga.
nozI: Eyi, awukahle Senzo! Ngiyasibona nami isikhathi ukuthi uyehluleka ukusigcina uNgobese. Pho manje wase umbiza ngomuntu wami. Usewumuntu wami ngokwenzanike manje Hhayi, awuke uzifundise ukubekezela. Ingani sonke la silindile, wenake uhlulwa yini ukuthi wenze njengathi?
nozI: Kulungile mngani asineke sibe sixoxa yikhona kuzoshesha.
nozI: Khululeka mngani. Ngizoyilungisa imoto. Sizodlula lapha kuwe ekuseni ngehora lesithupha sikuthathe sihambe.
bhIlI: Kulungile ungaqhubeka.
sonto: Ukwazelaphi lokho wena mngani?
nozI: Uthe phela ngenkathi ekhala ngokuthi akanayo imali angangilobola ngayo, ngathi mina asikho isidingo salokho. Singashada nje ngaphandle kokulobolana.
nozI: Kujeziswa kuni lokhu okhuluma ngakho?
bhIlI: Uqambe ushilo. Uhlale ukwenza kukulungela mihla yonke. Uhambe kabi namhlanje. Udilike ngasohlangothini olungafanele embhedeni wakho ekuseni namuhla. Hlala nje ulindele ezakwaDalawane ziyeza. Nebala agcine esethulile uNozi ngoba esehlulekile, bahlala sekulindwe amaphoyisa.
nozI: Abekho abantu abaningi esizohamba nabo. Umuntu engimcelile ukuba asikhaphe, nguye uSenzo. Kusho ukuthi kuzoba yimi nawe noSenzo kanye naye-ke uLwazi.
sonto: Eyi le seli yami inokuhlupha njalo nje. Okwamanje isabheda isaqulekile, sekumele ngiyithengele ibhethri elisha.
UNozi usefika kwaSonto umthola ephandle ocingweni lwezingubo eneka.
bhIlI: [Ekhombisa ngesandla elokhu emile.] Amakhondomu ngiya nawo emkhangisweni ngebhokisi elinjengaleli lawo. [Ebakhombisa elilapho.] Ngifike ngiwabeke eduze no-DJ. Ngimemezele ukuthi abawafunayo bangazithathela wona ngokuthanda kwabo.
bhIlI: Cha, kasihlangene ngawe. Kuziqondanele nje osekwenzekile. Akuhlelwe muntu. Kuzenzakalele.
bhIlI: Sawubona sisi. NginguBhili Zungu, ngicela nithumele amaphoyisa, kube nokudubulana okwenzekile, nisibizele ne-ambulensi kukhona olimele.
nozI: [Eqhubeka nokufaka izimpahla ekhabetheni.] Utheni uma seninobabili noSonto uma esebuzisiswa ukuthi yini kangaka lena ayifuna kuSenzo?
lwazI: Hawu, phela mina besengijabule ngithi usivakashele. Kunjani ngikwenzele isiphuzo esibandayo mama bese ngikushiya usiphuza ngisayoshayela usisi uSonto ucingo ngale endlini yokuphumula?
nozI: Musa ukudlala ngami wena Sonto. Ucabanga ukuthi ngingahamba ngitete izandla ngikhexe umlomo kanje uma ngizoshada?
MazUngU: Wena njengoba uhlala lapha, ngikhona ngingunyoko unganginaki, ubona ukuthi akukona ukungiphoxa lokho?
senzo: Into efana nani manje Kanti udokotela akawagcwalisanga yini amafomu?
MazUngU: Angazi noma kungabe ikhona yini indlela yokuthi uke ungitholele kuye uSonto loyo, ukuthi kabekho yini ngakuye. Okungenani usale usungicelela yena uSonto asale eseza ngapha.
bhIlI: [Efola emhlola inxeba.] Thula ulinde mshana, sengimubizile usisi, useyeza.
lwazI: Yebo, sawubona mama! Ninjani empilweni Hlala khona lapha mama. Esho emnikeza isitulo sasekhishini?
nozI: Njengani nje ewukuhlakanipha ofuna ukuyenza kulo mbhedo ongitshele wona?
lwazI: Cha mama! [Enikina ikhanda ebeka isandla entanyeni.] Awu Nkosi yami!
nozI: Akaseve esisizile. [Ambhekabheke kancane.] Ngiyabonga Lavi. Sekuzofanele sivalelise siphume. Ngizothanda ukuthi siqale ngasedolobheni weSenzo. Kunezintwanyana ezisale kuLwazi ngenkathi ngimthumile okuzomele siyozithenga ngaphambi kokuba siphindele ekhaya. Asisale sesiphuma-ke.
nozI: Cha, khululeka ngalokho. Akekho ozolokhu ekubuza izinto eziningi.
nozI: Uqinisile mngani, kanti futhi iningi liyabona ububende.
senzo: [Uyasukuma uyovula ifasitela.] Kusho ukuthi sekodingeka ukuthi ngimtholele omunye umakoti ayohlala naye ukuze amchithise isizungu. [Ulokhu ehla enyuka khona ekameleni.
nozI: Uzwile Senzo ukuthi ngitheni. Ngeke ngilokhu ngiphindana nento eyodwa. Sala kahle! Aluvale ucingo uNozi, ankeme uSenzo ngale kubo.
sonto: Eyi, unenhlanhla Senzo yokuba ube nomama wakho eduzane kulesi sikhathi sobunzima esinjengalesi.
lwazI: Cha, abebhakwa ngumama ekuseni.
lwazI: [Ayeke ukuwasha.] Hawu mama! Wase ungibuka kabi kanje pho!
senzo: Hawu, siza mina Lwazi. [Esho esembamba nasehlombe ngalesi esinye isandla wasemphulula ngaso.] Ngisize impela. Ngiyokwenzela noma yini oyicelayo Lwazi.
senzo: Ungakhathazeki wena ngalokho. Ngeke ngathi kuyoba wukuthi kube wukuthi. Singathembela ekutheni isu liyozakha ngaleso sikhathi. Okwamanje thina kusazodingeka sibhekane nenkinga yokuqala yokuhambisa lesi sisu kuBhili. Siyobona-ke emva kwalokho ukuthi kwenzekani.
nozI: Mh! Mh...! Mh...!
MazUngU: Ngizwe kahle mntanami. Ngithi mina uLwazi ngimthandile, futhi nje muhle ngokuphelele.
nozI: Uqinisile, kuyoba ngcono ngalena. Uyazi, sengibona kungcono ngike ngikushiye manje, kengiye ngasekhaya. Ngiyethemba noLwazi usebuyile edolobheni eThekwini.
nozI: Wake wangitshela mina yini ukuthi useyakumithisa?
bhIlI: Kwakunini ngenkathi ufike lapha waze walala futhi?
bhIlI: Ungicelile-ke uSenzo, wathi nakhu ngoba uNozi ubesemfonele emfuna ngoshova, ubone kungcono ukuthi kuye mina khona kuNozi, ngiyomxolisela bese ngimbuzela nenhlawulo efunekayo ngalo monakalo osudalekile.
nozI: [Enwayanwaya ikhanda.] Eyi, sengathi inkinga izokuba lapho-ke.
bhIlI: Lowo mbuzo kufanele uwubuze kuye uLwazi.
nozI: [Emnikeza.] Usayifuna enye inyama we Lwazi?
senzo: Igama lakhe Ingani nguBhilikida Zungu?
Bese kuthi ukudlula ingelosi.
nozI: Siyile nje khona safike sayibeka indaba esize ngayo. Wavuma ukuthi uyamazi uLwazi kepha wenqaba ukuvuma ukuthi isisu ngesakhe.
senzo: Kosiza ngani lokho?
lwazI: Mama, into nje wukuthi nje uzosuke ungithathe kabi, mhlawumbe uze ungixoshe nalapha ekhaya. Mh! Mh....!
Ulwazi oluvela kudokotela Ngubane noBhili luphambana kanjani nolwazi olunikezwe nguLwazi mayelana nokukhulelwa kwakhe Chaza?
sonto: Mina mama angimazi kahle njengoba nami ngisanda kufika kule ndawo. Into eyasihlanganisa nguye owangamukela ngifika lapha wase eza ekhaya azongisiza uma ngithunga. Ngale kwalokho, akukho okunye. Sezwana naye ngoba ukuthunga ukuyathanda futhi sekukuningi asekufundile unekhanda elilula.
lwazI: Ngesaba umama ukuthi uzothukuthela bese engixaxa futhi kabuhlungu ngemvubu. Hhi! Hhi...! Awu Nkosi yami! Hhi...!
lwazI: Okwakho lokho. Mina bengingaqondanga lokho osukusho manje.
nozI: Hha---wu Nkosi yami! Yinto enjani-ke le?
nozI: [Ngolaka ebafutha] Ngithe yenzani umthandazo wokugcina nina. Nisathuleleni nje nempela?
nozI: Futhi nje yona le kaCebekhulu, kufanele ngabe kwaqalwa ngayo uma sezipaqazwa zigxotshwa zonke lezi zimoto eseziphelelwe yisikhathi.
Kade equlekile uNozi, manje usephapheme. Umqondo usadidekile usahambile.
lwazI: Ko! Ko! Ko! Nali iphephandaba likabhuti uSenzo we mama!
MazUngU: Ngeke ngamkhulumela uSenzo. Nangu zibuzele nawe kuye ukuthi ikuphi lapho kungasindekanga khona.
bhIlI: Sesingaqala yini sixoxe Asho abheke uNozi?
sonto: Kulungile mngani. Akengithi gqi nami ngasekhaya mngani usalindile. Ngizobuye ngikubone khona manje.
nozI: Kodwa ngoba umuzwe kahle ekubekela isizathu aphika ngaso.
nozI: Cha ngiyabonga mngani, sobuye silibone.
nozI: [Ememeza.] Yeyi nina nonke, hambani la emzini wami! Nithanda izindaba. Ake niyobheka ezemizi yenu. [Khona manjalo besabheke uNozi ebaxosha, kufike uSonto.
lwazI: Angazi noma uzomazi yini mama. NguBhili igama lakhe.
sonto: Hhayi-ke, siyokubongela mngani wami uma usuphumelele.
MazUngU: Eyi, ayashelelisa nala manzi achitheke lapha. Wothi ngimbambe. Mh! Mh! Nakho-ke! Awu! Kanti ulula nje, akasindi kangako. Hlala-ke fana kama! Bambeka kusofa nje ulokhu ekhale njalo uSenzo.
senzo: Cha, kuyaphileka, baphila bonke nasekhaya. Awu malume, ngaze ngathokoza ukukuthola ukhona. Mhlawumbe uzongisiza kule nkinga engikhungethe.
nozI: Unesibindi sokusho lokho, njalo wawuya kuye uyomgolomba?
senzo: Cha, uzoyithola kalula yona. Ibhalwe yagqama obondeni inombolo.
sonto: Hhayi bo! Umsindo ongaka, nime nangezinyawo! Kahleni bo! Hlalani phansi ukuze nikwazi nokuzwana uma nixoxa. Kahleni bo! Bathi ukuthulathula kancane bese behlala phansi bonke.
senzo: Hawu, phela uma kuthiwa mangiphuthume, bengizothi ngisalindeni. Ngivele ngavalelisa kuLwazi ngathi ngizobuye ngimbone ngoba kukhona lapho engibizwe khona kuyaphuthuma.
lwazI: Kulungile ngiyeza. Ahambe aze afike kunina ekhishini.
lwazI: Uyazi mama njengoba kungekho muntu lapha kwaDabeka owazi ngalesi sisu ngaphandle nje kwethu nosisi uSonto, bengithanda sengathi ukwazi kwethu kungaphelela kithi sodwa kungabi bikho omunye ozoba nolwazi lokuthi sike saba khona.
lwazI: Cha, sengenele mama. Sengizogeza izitsha bese ngiyolala.
lwazI: [Enikina ikhanda.] Kubi Senzo. Izinto kazihambi kahle neze.
senzo: Mama! Mama! Sengiyafa manje mama. Usale kahle!
senzo: Cha, kulungile. Manje awusho-ke ukuthi kuzoyiwa nini kuye?
senzo: Mina ngibona ukuthi asingaqali ngokushada kulolu thando lwethu oluselusha.
sonto: Kulula ukuxazulula le nkinga.
MazUngU: [Emkhomba.] Wena umbona ukuthi uyini uSenzo?
sonto: Cha, kuhle-ke lokho.
nozI: Mina angidinge lobolo lakho uma ungithanda ngempela. Uma uqonde ukuthi sishade ngempela, kusasa lokhu okusayo singavukela kwamfundisi ayosibhalisa. Nalu ucingo, ngingamshayela manje sisho isikhathi esizofika ngaso kuye.
senzo: Cha, uma ngikuthanda ngiyakuthanda nje kwaphela Lavi. Okunye-ke kungangena ngaphi-ke othandweni lwethu Mina engikwaziyo wukuthi ngiyakuthanda Nozi wami. Esondela kuye emanga?
sonto: Ewu, washo-ke! Sengize ngakhohlwa nokuthi sisenohambo.
senzo: Cha, sekwenele, sengizwile mama.
Lona ngumdlalo okhuluma ngothando. Umama nendodakazi yakhe bathandana nasoka linye. Lokhu kudala ukungathembani, ukuxabana, inzondo nokubangisana okugcina ngokulimazana. Umlobi uphetha ngokuveza umphumela wokungaziphathi kahle, ukungathembeki nokonakalelwa yikusasa ikakhulu ezinganeni ezisafunda isikole.
senzo: Yebo mama, ngimbonile uSipho wangitshela ukuthi uthe ufuna ukungibona.
senzo: Ukuhlakanipha uma kwenziwa kahle, kuyamukeleka.
senzo: [Ahlale phansi.] Cha ngizoke ngizwe. Qhubeka ngilalele.
nozI: [Enyukubala.] Sihlale sithi silindeni ngoba siyathandana?
senzo: Cha, ngiyezwa. Angazi-ke ukuthi yini empeleni okufanele sikhulume ngayo.
lwazI: Ngeke ngize ngithokoze nakulowo mshado uma ngingene kuwo ngingathandi. Ngeke impela kulunge ukuthi ngishade nomuntu engingamthandi Senzo.
senzo: Uyazi, ngicabanga ukuthi ngimphathise iphephandaba edolobheni ngoba ngisafuna ukuthi kengiye ekhaya, ngiyobona umama.
lwazI: [Ngokwesaba.] Yebo mama!
lwazI: Ngisizeni bo! Uphi udokotela sisi?
nozI: Qhela ngalapho! Woza manje uzohlala uqondane noSenzo bese umbhekisisa. [Asukume enze njalo.] Ngizokhuluma nani nobabili kepha ngizoqala ngawe wena Bhili. [Esho emkhomba ehlinile.
nozI: [Ngokucasukela izwi angalazi.] Ngena kuvuliwe.
nozI: Uthe ungumfana othile ohlala ekhothiji eliseTop Rank Clermont. Kuzomele ukuthi sisiwe kuye lesi sisu. Ngifuna angitshele kahle ukuthi ingane yami uyinikwe ngubani. Ngifuna nokumbuka ezinhlamvini zamehlo, angichazele nokuthi uqondeni ngale nto. Ngaphandle kwalokho kuyoxatshanwa impela.
senzo: Uthe singakanani lesi sisu sakho?
nozI: Yebo sawubona mngani!
MazUngU: [Emamatheka.] Wothi umkhwekazi wakho ngoba phela ngeke uphinde uthandane naye. Hawu, waze walayeka noNozi, kwenzeka le nto kuye. Wayethi uyangikholisa ngomntanami. Isikhuni manje sesibuye nomkhwezeli. Ehhene, angithi sekwehla ngamphimbo munye manje. He! He...! He...!
nozI: Sengimbizile, asihlale simlinde.
lwazI: Angithi nguwena ongibizele lapha kepha manje sewuthi ngizohamba ngingakaqedi nale nto othe angiyenze.
nozI: [Emnika isihlalo.] Ngani Wenzeni ngoba naye ukhulume into ayaziyo?
nozI: Hhayi, mina angazi lutho we Senzo. Sitshele wena leyo mali eseyisetshenziswa manje, yikhona sosebenza ngayo nathi.
MazUngU: [Ulokhu ezesula umjuluko ebusweni ngeduku.] Ewu, kwakubi-ke. USenzo yena ngingamthola Ngicela ungibizele yena-ke?
nozI: Hha! Kanti awuzwanga Izindlebe zakho zigcwele isigonogono yini?
senzo: Nami umqondo wami ugcine usukufanele futhi usukulungele ukuzwa nanoma yimuphi umphumela ozoqhamuka ngemuva kwesikhathi selihloliwe igazi.
USenzo - zonke izenzo ezikulo mdlalo zibandakanya uSenzo. Wonke umuntu ukhala ngoSenzo. Unina uMaZungu uphoxekile ngezenzo zakhe.ULwazi kumele afake uBhili otakwini ngenxa kaSenzo.UNozi ukhala esikaNandi ngoSenzo kanti noBhili akaphumule ngokubaxabanisa noNozi. Izenzo zakhe zimlethele inhlupheko kanye nokugula.
nozI: Uqinisile Lavi. Ungaphila kanjani ulokhu ugadiwe sengathi uyisiboshwa. Futhi nazo azisagadwa kanje.
nozI: Kulungile Lavi. Awuthi ngibheke lapha futhi. Selishayile elesikhombisa. [Ezelula.] Eyi!Umzimba wami ukhathele kabi, ngiyakudinga ukuphumula.
lwazI: Angazi-ke ukuthi utshwala sebuhlanganaphi nokumitha kwami.
senzo: Kunjalo nje. Njengoba-ke thina sizobe sihambise intombazane nje, kungakuhle sibize inhlawulo eyejwayelekile.
inkinga. Yinqobo nje esithwale waze wayosibeka lapho esiya khona siphilile futhi siphephile.
bhIlI: Hhayi kulungile mshana, ungesabi. Vele kakade injobo enhle ngethungelwa ebandla.
nozI: [Ebamba isilevu.] Kusho ukuthi uSenzo ubelokhu engidla izithende sonke lesi sikhathi mina nginganakile ngoba ngingaboni.
Umdlalo imvamisa ubhalelwa ukudlalwa phambi kwezibukeli esiteji. Wethula indaba noma umyalezo ngendlela yobudrama ngokusebenzisa inkulumompendulwano. Kukhona umdlalo onkundlanye onesigcawu esisodwa ogxila kuso noma zibe mbadlwana nje. Umdlalo omude unezinkundla eziningi, kanti inkundla ngayinye yehlukaniswe ngezigcawu. Kukhona nezinhlobo eziningi zomdlalo ezehlukaniswa ngalokho okwethulayo.
lwazI: Ngisayoshayela usisi uSonto ucingo ngalena mama. Sala uzipholisa ngejusi ngapha kanye nangala makhekhe. Aphume-ke uLwazi, asale uMaZungu ecabanga aze akhulume yedwa.
nozI: Ngiyabonga mngani uma ungeseka kulokhu. Yinkinga phela lena efuna ukumelwa ngezinyawo. Sengiyabonga-ke. Angikushiyeke, ngiye ngasekhaya.
senzo: Hhayi! Akafuni ukungincelisa. Ufuna ukungibona nje ngoba phela unesizungu, uhlala yedwa njengoba nobaba engasekho esasishiya emhlabeni.
sonto: Hawu! Usho ukuthini manje mama kaSenzo ngalokho?
senzo: Hawu! Kanti usuyangala yini Nozi Sengikwenzeni kanti manje, usuwotha ubomvu kanje?
MazUngU: Ihe! Ngizoke ngizwe! Yimi lona osezogona umzukulu Wadla ntombi yakoManzini! Wadla ntombi yakoGwabeni! Ehhene! Bazoke balayeke nalaba abebengigabisela ngokuteta abazukulu babo bezodlula ngakwami. Namuhla nami sengizoteta. Kungene udokotela bathule balalele ukuthi uzothini?
lwazI: Eyi, phela manje sekunzima kakhulu, angisazi nje ukuthi ngenzeni.
nozI: Ungonile Bhili. Ungiphule umphefumulo, wangidabula inhliziyo phakathi, ngokuziphatha kwakho kabi enganeni yami, ube umdala ungaka. Uzothola isijeziso esikufanele nawe.
sonto: Kanti uyongena engakokotile yini Kukwakhe yini lapha?
senzo: Akanasibongo yini lowo Bhili?
senzo: Ewu mama, khona kayikho imali enginayo engiyibekile ebhange. Uma ngiholile, ivele isebenze iphele yonke.
senzo: Ukhona mama. Uzombona ngelinye ilanga.
MazUngU: Yinsizwa kanti! Li! Li...! Li...! Wavuka uSikhuni esinentuthu. Wavuka uSigodo siyagqamuka. Wavuka uMahlase. Usho kanje usephakamise nezandla wukuthokoza akuzwayo.
senzo: Phela ngizohlawula ngalokho okubiziwe bese indaba seyedluliswa, sithelelane amanzi.
nozI: Kazi sekonakaleni ukuthi usengaze eze lapha uDoris!
nozI: Uyabona-ke mntanami, ngeke ize yenzeke leyo nto. Isiko lokuthi uhlawulwe lizosebenza. Angithi kuhlale kuthiwa thina abomdabu izinto azisilungeli ngoba sesayeka amasiko ethu. Leli-ke ngeke ngiliyeke. Ngiyifuna lapha iphelele yonke inhlawulo kuBhili wakho lowo. Ungazami nje ukungenza isilima sakho ngokuthi umvikele. Yena, uzokhokha, ethanda noma engathandi.
bhIlI: Hho, ngiyabona. Kepha manje angiyiboni kahle yona, icashile.
MazUngU: Ewu! Umntanami usecishe wabulawa yilo doti ngenhlamvu! Ukube nje [Ekhomba ebhekise kuNozi.] Ukube uke wambulala, ubuzowukhomba onotshwala.
senzo: [Ekhomba ngezandla.] Mhlawumbe kuze kufike ukuthi utete.
nozI: Ngiyabonga-ke uma ngabe nawe uyasibona isidingo sokuthi ube nathi kulesi sikhathi sobunzima. Kuzodingeka ngiye kuSonto ngiyomazisa, ngimcele naye ukuthi abe nathi uma sesihambisa isisu. Nebala asho esukuma esehamba.
sonto: Yebo bayahlupha abantu abangakwazi ukugcina isikhathi. Bengithi mina ngalezi zikhathi, mhlawumbe siyobe sesibuya khona le kwaBhili.
senzo: Yebo malume.
lwazI: Cha, phela odokotela bawazi kahle umsebenzi wabo. Ungihlolisisile ngaphambi kokuba angazise ngakho lokho.
lwazI: Hhayi mama, ngicela ukuthi ngingabe ngisabhaka. Angiphilile kahle njengoba ungithole ngisathe ukulala.
nozI: [Ame engabe esahamba.] Shono-ke ukuthi ngesikabani lesi sisu?
lwazI: Phela Senzo, ngathola nokunye ebengingayile ukuyokufuna kudokotela, angitshele ngakho embikweni wakhe ngempilo yami.
lwazI: Cha, ngiyezwa.
MazUngU: Hho! Waqala khona lapho ukufunda?
nozI: [Angene.] Hawu, kanti usekhona Senzo Bengithi ngizobuya usuhambile. Nami sengilibale kakhulu ngale kuSonto ngimelekelela sithunga ama-oda aphuthumayo?
nozI: Kuyefana nje ngoba ngeke kungenze ngingamthukutheleli uSenzo.
MazUngU: [Ezamukela.] Hawu, phela ngabe kuyadlalwa! Ngiyeke ingane yami mina! [Ayithathe bese ebheka ngakuLwazi.] Ngiyabonga mntanami.
senzo: Yebo impela. Imithi yengculazi bathe idinga umuntu ozoyisebenzisa njalo uma eseke wayiqala angabe esayeka ngoba ukufa kugcina sekuvuka indlobane kube namandla kakhulu kunakuqala imithi igcine seyehluleka ukukwelapha. Uzwe abantu sebethi, ayisebenzi nale mithi yodokotela. Kanti empeleni yibo abangayidli ngemiyalelo yayo.
sonto: Bakwethu, umntwana uphila kahle impela.
lwazI: Angisazi-ke ukuthi ngizothini manje Nkosi yami! Eyi kwaze kwaba lukhuni ukuba yimi!
senzo: Isihogo sani mama ngoba akukho sihogo engikuso mina lapha?
lwazI: [Ezibinya ebame isisu.] Hawu! Mh! Mh! Ngaze ngafa! Siyangijuqa, anisize bo!
USenzo usahlezi ekameleni likaNozi uyacabanga.
lwazI: Uthe uma efika waqala wanibuza nobabili ninomama ukuthi nikuphi. Ngamtshela-ke ukuthi kanikho nihambile.
nozI: Ngizokwenzela noma yini oyifunayo.
nozI: [Asukume afake igawuni.] Yebo, sisi! Mana kancane ngizokuvulela ngisagqoka.
sonto: [Ethuke kakhulu.] Hawu! Yinto enjani-ke le Uqinisile nje Lwazi?
MazUngU: Ikhiphe uyibale.
nozI: Khululeka mntanami, usho. Ngethembe. Ngiyathembisa nami ukuthi ngeke ngisakushaya. Yisho sana lwami!
nozI: Cha, ngiyezwa mngani. Ake ngimbize naye lo Senzo. Angimfonele eze kusashisa nje azoziphendulela ngingaze ngiphole.
bhIlI: [Ahlangise izintende zezandla sakuthandaza.] Ngiyaxolisa Nozi!
nozI: Hhayi, kuzodingeka siyibize njengoba injalo le mali. Singayehlisi, uzosijwayela kabi naloyo Bhili wansondo. Kufuneka afunde ukubhekana nomlilo azibasele wona uBhili, awothe uze ulothe engakhali ngokuthi uyasha ngoba vele usezithungele yena. Ngiyozifuna zonke lezi zinkulungwane zamarandi zenhlawulo. Esho esevule izandla esemamatheka ubala, kungazathi useyazibona.
lwazI: Impela mama ungihlolile. Uze wahlola ngisho nomchamo wami, oqinisekise ngomphumela wethesti awenze ngawo.
sonto: Uthi uLwazi ngumngani wakhe womfana ongumLungu ababefunda naye.
nozI: Sesethemba ukuthi kuyohamba kahle konke.
lwazI: Ngowakhona lapha eClermont laphaya eTop Rank. Uyasebenza yena mama. [Izinyembezi zilokhu ziphumile.] Uyasebenza mama kanti nemali unayo, akaswele lutho.
sonto: Siyabonga mnumzane ukuba usamukele endlini yakho nakuba singazange sisho ukuthi siyeza lapha kuleli khothiji lakho.
UNozi uhlala nendodakazi yakhe uLwazi endlini ayishiyelwa abazali bakhe asebashona. Unesoka uSenzo osemusha kakhulu kunaye. UNozi udlula uSenzo ngeminyaka eyishuminanye. Ufuna ukuthi uSenzo ashade naye ngenkani. USenzo usabathe akalinde ayolungisa ilobolo kepha uNozi yena akafuni kulotsholwa inqobo nje uma engamshada. UMaZungu ongunina kaSenzo wayefunda noNozi esikoleni ngakho-ke akakwamukeli ukuthi uNozi angaba umalokazana wakwakhe, kepha uthanda uLwazi indodakazi kaNozi. ULwazi noSenzo bathandana ngasese. UNozi wenza amalungiselelo okusa uLwazi enyuvesi njengoba esephothule izifundo zakhe zikaMatikuletsheni. ULwazi uma eyogcwalisa amafomu aasentuvesi udokotela Ngubane umtshela uthola ukuthi ukhulelwe. Ngabe ubani okhulelise uLwazi?
sonto: Uqinisile Lwazi. Mhlawumbe uSenzo uzocabanga ukuthi mhlawumbe wena uyagula noma kukhona isifo esesivelile ekhaya noma ezihlotsheni.
sonto: Yini yona leyo ongaze uyikhohlwe?
lwazI: Cha, ngilale kahle mama. Ngiyezwa mama, ngizoliphatha. Sengiyahamba, sengiyonibona ngibuya. Afulathele aphume ahambe, bese uNozi evala umnyango esebuyela kuSenzo.
ngUbane: Ngiyezwa. Ngingakusiza ngandlelani?
senzo: Kodwa Lwazi, usho ukuthi kawunalo nje elinye isoka oliqomile esingayolahlela kulo Kuke kuthi ukuthula kube sengathi uyawuziba lo mbuzo uLwazi, abheke uSenzo bese emphendula?
sonto: Singathini phela uma udukisa umkhondo khona singezukubona, sazi ukuthi izinto zonke zikuhambela kahle?
nozI: Cha awalahlekile. Ungitshele ukuthi udokotela uthe uma emhlola, wathola ukuthi usekhulelwe.
sonto: Uqinisile mngani. Umuntu usengaze ahambe nqunu ngenxa yazo.
nozI: [Athi ukuyeka ukuwasha ame ambuke.] Usho ukuthini manje Lwazi?
lwazI: Mina ngiyesaba manje ukuthi umama angeke ayizwe yonke le nto othi angoyisho kuye. Umama uzovele angixoshe, into engiyesaba kakhulu. Uma engixosha ngiyoshonaphi we Senzo?
lwazI: Cha Senzo, angiyiboni inkinga lapho. Ngizoya khona ngifike ngifunde.
senzo: [Ngikuzincengela.] Awusale usungixolela. Ngeke ngiphinde.
sonto: Yinto eyodwa nje Senzo. Mhlawumbe wena uzokwazi ukuthi usisize ukuze singafiki sibhayize le, kulo mfokazi.
senzo: [Asukume ayomvulela.] Hawu, kanti nguwe Lwazi ! Sawubona sisi! Kunjani Sale usungena, akekho umama wakho. Usaye laphaya kumngani wakhe uSonto?
wakho, yikhona uyokwazi nokuthi uqhubeke nesikolo. Ubona kanjani ngalo mbono wena?
senzo: Hawu! Kunukani manje lapha endlini Kwangazathi kukhona into eshile. Nishiseni weNozi Wothi ngivule amafasitela yikhona kuzoshaya umoya. Awavule wonke kakhulu?
lwazI: Ubesewagcwalisile kokuningi, njengobude bami nesisindo somzimba. Uthe lapho esengihlolile kanye nesampula womchamo wase ema engibheka. Ngibe sengimbuza ukuthi sekwenze njani?
senzo: Cha, okwamanje ngazathi sekuphelele ebengizokusho futhi ngizogcina ngokucela uxolo kuwe.
nozI: Usuqale manini ukuthi ungangethembi ngezindaba zakho Khuluma mntanami, ungesabi lutho. Yini nje ongathi uyayesaba kumama wakho?
MazUngU: Impela kunjalo ndodana. Kodwa-ke awusho ukuthi kubangwa yini ukuthi ungabe usahlala manje lapha ekhaya Njalo nje ufika uthi qu, bese unyamalala amasolokohlo. Sesakuxosha ngani lapha ekhaya Esho eneka izandla?
sonto: Hawu mngani! Kanti banjani nje abantu besilisa Umuntu avele akwenzele amanyala endlini yakho ninonke?
bhIlI: Dlula uye ngalena ekameleni we Mbomvu. Ukhona noSonto ngapho ozokusiza kuLwazi.
MazUngU: Uyabona indaba yokuthi ngizongizo... ayisebenzi.
sonto: Usho ukuthi usungashada naye engasakhokhanga ngisho nembuzi eyodwa leAngisayiphathi-ke eyenkomo, akuthole mahhala nje mngani?
sonto: Ngena Senzo! Ngena uhlale khona lapho. Emkhombisa usofa.
MazUngU: Awu, akusenani! Asihambe khona kunjalo. Kakuqali ngawe mntanami ukuthi umuntu ethuke aphunyuke. Uphunyukile nje ndodana. Uzoshaywa umoya ngaphandle, lome ibhulukwe. Basuke bahambe, kuthi uma uMaZungu esemaqondana noNozi ame ambuke.
bhIlI: Gxu! Ngqi! Phaqa! Xhakathisi! Gilikidi! Khelekece! Wahlalala! Paqu, paqu! Nya! Uyangizwa-ke lapho engihamba khona Noziga nomoya wakho omubi Bashuduzisane phansi oBhili noNozi uLwazi awe ngecele bese elala ngomhlane aqume?
senzo: Hawu! Uthe ukhulelwe Usetshekise ikhanda ekhedamile?
lwazI: Hhayi, liphumile nelanga namhlanje. Sizofa wukushisa.
Kakufuneki ube ngufelaphakathi okwebutho unezinkinga ezinzima.
nozI: Uyazi Sonto, washo into ebengiyicabanga nje futhi ngawe mayelana nomshado wami.
MazUngU: Bhilikida! Ayiphathwe nguwe le mali ngoba nguwe omdala ozobe uxoxa nabo abasekhweni lenu. Angifuni bathi siyizehluleki, sehlulwa nayimvuma yodwa le, sibe sazi ukuthi senze icala ngengane yabo. Mnike yona yonke bese niphumake. Kahleni-ke kancane nje[Akhwathaze umentshisi elokweni.] Asibike phela koMahlase ukuthi seniyahamba, khona bezoba nani kulolu hambo. Nansi nempepho esizoshisa yona nginibike seniphuma. [Aqale ngokushisa impepho ehlezi odengezini bese ivutha, kuthunqe intuthu, ayizungezise kubo, bese eyiphindisela emsamo.] Aqaleke. BoMahlase nonke! Ikakhulukazi wena Sigodo, nani nonke ngibika naba abantwana bayaphuma lapha ekhaya, ngohambo lokuyolungisa umonakale odalwe yinkonyane lenu, uSenzo. Sicela nihambe nabo babe nendlela emhlophe. Akahambi yedwa uSenzo lona, uphelekezelwa ngumalume wakhe uBhilikida Zungu. Bakhapheni-ke njengoba bephuma, nihambe nabo kukho konke okuzokwenzeka. Sicela ukuba nibavikele kokubi okungahle kubehlele. Nibakhanyisele la kuyoba khona izinkinga besaya noma sebebuya. Hambani nabo-ke.
lwazI: Yebo, kona ngimtholile noma-ke kuye kwaqhamuka into ebengingayilindele..
bhIlI: Kulungile mshana. Sizobonana-ke sengibuya khona. Asale ecabanga uBhili eyedwa aze aphimisele ngomlomo.
bhIlI: ULwazi lo, [Emkhomba.] wayengenalo nelincane ithuba lokuthi angakhuleliswa yimi ngoba ngiyazivikela, ngibuye ngivikele naloyo engiya naye ocansini ukuthi angakhulelwa.
lwazI: Hawu Senzo! Waphinda wabuya manje ngoba besengithi usuhambile. Kanti ujike endleleni yini?
nozI: Cha, kayikho inkinga lapho. Sizoya kudokotela.
MazUngU: [Esula ikhala eselijulukile.] Uyabona, akungaphinde kwenzeke lokhu okwenzayo. [Athi ukuthulathula.] Ubani yena lo malokazana wami osuke uye kuye uhambe ungabe usabuya ekhaya?
MazUngU: Phela sekungaba wukufisa nje mntanami. Kodwa phela siyasho isiZulu sithi buchitheka bugayiwe. Lobu-ke bukaNozi ngibuchithile ekuseni. Kakade nje uNozi lona wayengedokwe elaligayelwe wena. Wena wamane waxhopheka nje njengoba uzisholo ukuthi awuzange uze umeshele.
senzo: Ngiyabonga nakuwe mama ukuthi ungivule amehlo. Nami besengivele ngithanda ukubuya. Usungisizile-ke ngaleli cebo. Kunjani ukudla mama Angikadli selokhu kusile nje. Sengifile umashayandawonye esiswini?
lwazI: Kufanele mama ngoba kalisekho iqiniso eledlula leli engilikhulumayo.
senzo: Kulungile-ke mama. Sizokuya. Akusenani, ngizogcina sengizazi ukuthi ngime kanjani ngempilo yami, ukuze ngingabi yinkinga kubantu.
senzo: Awu! Niyabonga malume. Angikushiye-ke ngiye ekhaya ngoba kakukho muntu. Usale kahle malume. Aphume ahambe.
bhIlI: Manje kungenzeka kanjani ukuthi kuthiwe lesi sisu singesami Phela ukumitha komuntu kumenza atete ezinyangeni eziyisishiyagalolunye kwaphela nje?
senzo: Hawu, ngafa malume! Inhlamvu ingidubule lapha esifubeni. Sengiyezwa amandla aseyaphela. Ngibizele umama azongicimezisa. Ungibhekele kahle ingane yami uma sengingasekho. Ningikhulisele yona kahle ingane yami.
MazUngU: Ngiyobonga impela uma kwenzekile lokho.
lwazI: [Ebamba ikhanda.] Eyi, cha kangisasikhumbuli isibongo sakhe.
MazUngU: [Ngokwethuka.] Sekwenze njani, usungishayisa novalo nje?
sonto: Hhayi bo! Umuntu akazi lutho iNkosi impela.
Lolu hlobo lodweshu silubona ngentukuthelo nokuphoxeka kukaNozi uma ezwa ukuthi uLwazi ukhulelwe. Luyaqhubeka uma uBhili ephika isisu sikaLwazi. Luya ngokwanda impela uma uMaZungu ezwa ukuthi uNozi ababefunda naye isikole uthandana nendodana yakhe uSenzo. Aze azifikele mathupha kwaNozi emva kokuhletshelwa ukuthi uSenzo usehlalaphi. Lolu dweshu luya ngokwenyuka lapho uMaZungu ebonana noNozi betshelana ezikabhoqo. UMaZungu ukhombisa ukungamfuni uNozi Udweshu luya ngokwenyuka impela lapho izinto sezizimbi kakhulu uma uLwazi ethola ukuthi ukhulelwe. Ucabanga akaqedi ngoba phela wenza amalungiselelo okuya enyuvesii. Udweshu luyakhula ngoba uma etshela uSenzo ngokukhulelwa kwakhe nokuthi nguyena omkhulelisile futhi yena uyamthanda uSenzo kungcono ukuthi baduke nezwe bangaziwa ukuthi bayaphi kepha uSenzo akavumelani nalokhu. Lolo dweshu luyanda uma ethi uSenzo uLwazi akakhombe omunye umuntu ukuthi nguyena omkhulelisile. Noma uLwazi ephoxekile ubone ukuthi kufanele ukuthi avikele uSenzo olakeni lukanina ngokuthi athi ukhuleliswe nguBhili. ULwazi akaphatheki kahle uma kuhlongozwa indaba yokuthi uBhili kumele ukuthi amshade ethanda noma engathandi.
lwazI: Hawu! Ngani manje mama?
senzo: Khululeka-ke lapho. Ayikho into ezosixabanisa nomama.
MazUngU: We Senzo! Imibuzo ayikaze ibuzane. Ngizokuphendula nokho bese nawe unginika impendulo yombuzo wami. Wena njengoba usebenza nje, awungazi nokuthi ngiyaphila, ngiyadla, ngikhokhela ugesi. Imali yakho angiyazi nje.
senzo: [Ehlala phansi.] Ngimdala kabi uma ngingaka. Akake angishayise nomoya, ngizibonele impilo engizoyiphila.
nozI: Abadala bathi kungcono ngempela ukwethemba itshe.
lwazI: [Eselembule lonke itshali.] Eyi Nkosi yami! Bhuti uSenzo, ngicela usale usuhlonipha umama wakho, uphume nihambe naye njengoba ecelile ngayizolo. Impi ngeke ize ilungise lutho. Hamba bhuti uSenzo bandla!
sonto: Umuntu phela uyashintsha, akujikele esiswini njengotshwala. Ngeke nje uze uthi usuyamazi.
nozI: Hhayi bo! Utheni kanti udokotela kuwe Ngabe hhayi bo! Uthole ukuthi unani Ngabe ukuthole unengculazi yini Hawu ngiyazisa Nkosi yami! Ungangiyali wena Lwazi. Ngingaba yini nje senginesana nawe ugula yizo zonke izifo yilo mashayabhuqe. ULwazi amane abheke phansi ezinyaweni zakhe?
sonto: Bamba la! Avule isandla esibhekiswe phezulu, noNozi aphakamise esakhe athinte esikaSonto. Bahleke kakhulu.
nozI: Uzokuhlupha nje wena mntakwethu.
senzo: [Ehlikihla izandla sakuzincengela.] Yebo ngiyakuzwa.
UMaZungu usehambe waze wafika kwaNozi. Ame esakhathazwe umcabango.
nozI: Uyazi mina sekuyangikhanyela ukuthi sekufanele senze okuthile ukuze silazi iqiniso. Kakumele siyeke singenzi lutho ngoba ngithanda ukusola ukuthi mhlawumbe uLwazi lona udlala ngathi, uyalazi iqiniso.
umonakalo endaweni ebengikade ngihlaliswe kuyo.
sonto: Okufana nakuphi nje futhi?
MazUngU: Ngiyabonga mntanami. Amnandi nala makhekhe. Abebhakwa nguwe yini?
nozI: Ngeke ngisalinda. Kungcono ngimazise masinya, angaze enze amanye amalungiselelo akusasa.
nozI: [Ngokunengwa.] Eyi, hlala khona lapho, bese uyasho ukuthi uzofunani.
sonto: Nakho-ke. Umntwana uthi uyakwazi, ufakazisa nangaleli kamelo esikulo. Ake ngibuze, akakaze uLwazi azolala lapha?
MazUngU: [Eziphephetha ngeduku azesula ngalo ebusweni.] Kuyashisa impela. Sengifile mina njengoba kade ngihamba kulo. Manje ndodakazi ngicela ukubuza ukuthi ngingamthola umama wakho Kambe angithi uzalwa nguye uNozi?
nozI: Hho! Ngizohlala-ke mina, ngilinde kanti ngilinde umnyama ongenafu. Uthi usuka lapho ube ushaya utshani usubone abangcono kunami. Angithi?
nozI: Lo Bhili wakhe owenze lo monakalo, ngizomphoqa ukuthi uma esemhlawulile, asale esemshada uLwazi. Akukho okunye. Kuzomele ukuthi nakanjani amshade ukuze kugezeke konke lokhu kuphoxeka esengizithola sengingene kukho.
nozI: Impela kufanele akuyeke ngoba awusezukuhlala naye ingunaphakade. Kufanele nawe uzitholele impilo ozoziphilela yona ngaphandle kwakhe.
senzo: Ibheke lapha ephaketheni lebhulukwe lami. Awu! Eshu...!
bhIlI: Ngisacela ukubuza omunye futhi.
senzo: [Athi ukuthulathula uSenzo angamphenduli, bese ephawula ngamazwi akhe.] Eyi, ngiyakuzwa Lwazi. Manje kodwa inkinga wukuthi ngeke wakwazi ukuthi ushade nami ngoba mina nomama wakho besikade sikhuluma indaba yokulungiselela umshado wami naye. Angathini nje uNozi uma esezwa into efana nalena?
nozI: Hho! Usungummeli wakhe yini lo Bhili njengoba usungikhuza nje?
nozI: Ewu! Sekusile njalo madoda! Umuntu esanda kulala nje, sekukhanya kanje Ulula isandla aphulule uSenzo esilevini?
ngUbane: Yebo, ngiyakhumbula ukuthi ngimhlolile uLwazi, ngathola ukuthi uphile kahle impela umntwana. Lo mntwana amthwele futhi sekuseduze ukuthi amtete.
Indikimba ingumongo noma umgogodla wendaba ngoba yiyona equkethe umyalezo umbhali afuna ukuwudlulisela kubafundi. Umfundi uzozitholela yena lo mlayezo emva kokufunda indaba ize ifike esiphethweni. Kuyenzeka ukuba kube nendikimba esemqoka bese kuba nokunye okungaba omunye noma eminye imiyalezo edluliswa umbhali. Kulo mdlalo umfundi uzozitholela umyalezo ngakufundile mayelana nendawo, imiphumela yokuziphatha okungekuhle njengoba sibona ngezigameko ezivelela uLwazi.
nozI: Niqinela izingane ningamadoda amadala ngoba zingakwazi ukuzicabangela ngendlela efanele. Ukhohlakele kabi wena Bhili!
senzo: Cha, phela uma efuna uBhili ukuthi uzokuthatha, kofanele usale usuvuma phela nawe ukuze uNozi axole.
bhIlI: Akugcini lapho sisi.
lwazI: Bathini abeLungu ephepheni?
Kusekhishini lakwaNozi kuyadliwa, kuyaphithizela.
MazUngU: [Esukuma evula amafasitela.] Senzo mntanami!
bhIlI: Ewu, yaze yakhona nansi indaba madoda. Usenkingeni lo mshana wami. Kwasamina oNozi basanda kungihlasela nje khona manje, nami ngazihlangula. Konje ngizongena kanjani kwaNozi ngoba sehlukane kabi ekuseni, singezwananga ngobende ebengizobhecwa ngalo Hho! Cha, ngizongena ngayo leyo ndaba yesisu. Ngiyethemba ukuthi uLwazi sebemusile kudokotela. Ngizofike ngifune ukwazi ngomphumela abawutholile kuqala, bese kuyima ngilandelisa ngale ndaba kaSenzo. Ya, ngazathi kulungile ngingene ngale ndlela. Kazi bayazi ukuthi uSenzo lo, ungumshana wami Hhayi, akusenani?
ebeyingalindelekile ngoba wonke amehlo abekuSenzo.
kwe-16. Futhi-ke akazange aze amdlwengule, babevumelene njengabantu abadala abakwaziyo abakwenzayo.
bhIlI: [Ahlale phansi.] Mina qobo lwami angilenzi iphutha lokuthi ngingawasebenzisi uma ngiya ocansini nomuntu engingamazi nengiqalayo ukulala naye.
lwazI: [Ngezwi lokukhala.] Hawu mama! Wenzani manje?
nozI: Pho manje uBhili ungena kanjani kulesi sisu.
nozI: Uhambe kahle mntakwethu.
nozI: Phela ibingasekho into ebingingase ngiyenze ngoba nguyena engimthole kalula futhi wavuma.
MazUngU: Yebo, siyabonana.
bhIlI: Uqambe ushilo!
nozI: Hho, ubusalele. Ngiyamangala nje ungasavuli masinyane. Angeke usalala manje. Sekuzodingeka sibhake phela. Uzithole zonke izinto zokubhaka?
senzo: Cha, into wukuthi angifuni ukuthi umama aze asole ukuthi angiyanga le edolobheni njengoba sengihlale eside isikhathi lapha.
senzo: [Ehlala esitulweni.] Kwakubi-ke lokho.
nozI: [Ahlale nembala.] Uyazi phela uSenzo njengoba sesithandane naye isikhashana nje, uma ngithi kuye asishade, ukhuluma into engazwakali nje. Uyashwathiza. Bukake sizoshada bese ethola nomuzi ongaka engawushiyelwa ngumama, engeke aze akhokhe isenti lodwa leli.
UNozi usekhishini kwakhe. Uyapheka ulungisa ukudla kwakusihlwa.
senzo: [Ephebeza ngesandla.] Kangishongo lutho olufana nalolu olushoyo mina. Usuyangisukela manje. Ngingabuyela kanjani kuZodwa ngoba phela sayiqeda nawe indaba yakhe yokuthi angisophinde ngimbone njengoba wangidonsa ngendlebe ngalokho?
bhIlI: Awu, ngiyaxolisa futhi Nozi. Ngixolele bese ungitshela ukuthi nihambe kanjani kudokotela njengoba beniyohlola indaba yesikhathi sokukhulelwa kukaLwazi.
bhIlI: Wangithopha kamnandi Mahlase. Hlala khona lapho esitulweni.
sonto: Yaze yanzima le ndaba. Ngokunondla nje usungalala naye enguyihlo Lwazi?
lwazI: Nathi siyaphila mama. Bese kudlula ingelosi engasho lutho uMaZungu.
bhIlI: Uqinisile impela. Nami ngikhumbula lona lolo suku lomkhangisa kabhiya. Kwakungezikhathi zehora lesibili ekuseni singena lapha. Ngisacela ukuthatha idayari yami engibhala kuyo imisebenzi nezinto engizenzayo uma ngenza umkhangiso wobhiya walapho ngisebenza khona. [Asukume avule isudukesi, ayihoshe idayari elapho. Aphenye aze athole lapho efuna khona bese ehlala phansi.] Yebo nalu usuku lwalo mkhangiso. Uma ngibheka usuku lwanamuhla, nakhu nani ningazibonela, [Ekhombisa uSonto noNozi.] nalu lolu suku engikhuluma ngalo. Namuhla sekucishe sekuphele izinyanga eziyishumi kwenzeka ukuthi mina noLwazi sibe ndawonye.
nozI: Hawu Lwazi! Wangidida nje namhlanje mntanami!
nozI: Yena uzothola esinzima isijeziso. Uyozisola eseyedwa endlini encane ukuthi wayenzani, uma eyoke abe nenhlanhla enjalo.
sonto: Shono-ke mngani, uSenzo uthi niwushaya nini umshado wenu Khona uzoyeka nokuhamba utete izandla emgwaqeni?
nozI: Ngiyesaba mngani.
senzo: [Ngokwethuka.] Hawu! Kanti wena uyobe usuyokulwa yini kuye ngoba kufanele ukuthi kuyofunwa ukuthi akhokhe inhlawulo nje kuphela Uyomlwisa yini Nozi?
senzo: Sengiyabonga mama. Ake ngikushiye ngiyophumula ngetshise nala mazwi. Aphume ahambe uSenzo asale eqedela izitsha unina.
nozI: Yebo, dokotela. Kodwa uzame nje.
lwazI: Yilokhu engikutshelwe ngudokotela. ULwazi ukhuluma lokhu, ulokhu eququda izinzipho esalokhu emshalazela unina.
senzo: Uthe ngubani lowo ozofakazela lokho okushoyo?
sonto: Waze wasinceda-ke Senzo. Besizoyazelaphi yonke le nto.
nozI: Impela sebengiphendulile esikoleni. Bayasho bathi usuku kwakuyilo lolo. Usuyabona-ke manje Lwazi ukuthi iqiniso awukalisho.
Ekuseni ngoMgqibelo kwaMaZungu uBhili noSenzo balungiselela uhambo lwabo lokuya kwaNozi.
Kusekamelweni kwaNozi kusihlwa, uNozi uyehla uyenyuka akanasinqe.
nozI: Ngiyethemba noLwazi usebuyile edolobheni. Uselinde mina nje ukuthi sizobhaka.
sonto: Manje Lwazi, sisafuna ukuthola kahle ngendaba kaSenzo.
ungilethele umuntu ozongisiza manje lapha ekhaya. Angazi-ke ngoba ngibona sengathi sewahlukana noZodwa, umuntu engangethembe ukuthi uzoba umakoti wakwami.
MazUngU: Ukuthi yini eniyihlelile neningayihlelile, kangingene ngalutho mina lapho. Wena ngisize ngento eyodwa nje. [Ekhombisa ngomunwe.] Thatha zonke izimpahla zakho sihambe siye ekhaya. Yilokho nje engikufunayo kuwe.
lwazI: Udokotela uthe lesi sisu sami sinezinyanga eziyisishiyagalombili futhi sekuseduze ukuba ngitete.
sonto: [Ema eyeka ukuneka emangele.] Yini manje, sekwenze njani Useyabaleka yini uSenzo Akasabambeki usezama ukuphunyuka yini?
lwazI: Impela Senzo kunjalo. Nami angazi kwenzeke njani ngangazi.
sonto: Impela kunjalo mama.
senzo: Uyazi bengithi uyavuka. Bengizocela usale sewenza nokudlana, sengizwa indlala.
lwazI: Hawu, wabuza sengathi kawazi. Mina ngithanda wena Senzo. Ngenkathi silala nawe ngangingazi kahle, kepha manje sekuyangikhanyela enhliziyweni yami ukuthi wena ugcwele uyachichima kuyona. Ngiyakuthanda Senzo. Usho kanje usebheke uSenzo ezinhlamvini zamehlo.
senzo: He..! Umfana wami! Ilayiti yami! Intwana yami! Ngizoyenzela konke okungcono. Ngeke ize ihlupheke ingane yami ngikhona.
nozI: Awusho-ke kodwa. Yini le nto osungenza yona mntanami?
sonto: Manje-ke uthi usithole kubani lesi sisu ngoba phela ubengeke aseqe endleleni njengombhulelo?
nozI: [Ngesankahlu.] Lwazi! Lwazi!
nozI: Mvulele Senzo, angene ubaba uNgobese. Avule uSenzo, kuthi memfu unina. Angene ame, kuthule umoya.
MazUngU: Cha, Sonto mntwanakwethu, akukho nolutheni. Ngithande ukuba ube khona lapha ngoba ngifuna ube ngufakazi kwengizokusho kuLwazi ukuze angedlulisele kona kuSenzo. Athule kancane bese eqhabula isiphuzo kancane.
lwazI: [Aqale achiphize izinyembezi.] Hi! Hi...!
nozI: Nami ngizoqeda ukuthinta uSonto bese ngikulandela Senzo ngiyolala. Ngikhathele kabi nami namhlanje.
nozI: Hawu, besengizumekile lapha kusofa! Nx! Akasafiki ngani nalo Senzo, ngoba kade ngimlindile Kwangcono ngoba nakhu ngizwa izigi ziza neno emnyango. Kusho ukuthi sekunguye usezongena. Alinde?
MazUngU: Asazi-ke noma bayoyivuma yini leyo nto. Akunani-ke. Kulungile, ngizwile. Phumani-ke nihambe.
MazUngU: Ngiyabonga mntanami! [Athi ukuqhabula kancane.] Isimo sagcina sesinjani ngokuhamba kwesikhathi?
senzo: Ngizohlala mama nawe lapha ekhaya. Kodwa-ke ukuhlala kwami lapha ekhaya angiboni mama ukuthi kuzosho ukuthi angisezukuvakasha. Angithi njalo nje usazongivumela ukuthi ngivakashe mama?
MazUngU: [Ngokumangala.] Hawu! Kwangazathi nguwe Sonto ndodakazi lona osulapha! Usubekwa yini lapha ngoba thina sikushiye ekhaya le kwaNozi ngesikhathi siphuma siza lapha?
nozI: [Asondele kuye, amwole amthunduzele.] Hawu thula phela twana! Khuluma umtshele umama wakho. Kwenzekeni kanti kudokotela?
senzo: Ngimthanda ngoba naye uyangithanda mama.
senzo: Awungitshele, kodwa wena ubungasasiboni yini lesi sisu sakho uze uyobonelwa sona ngudokotela?
senzo: Hawu mama! Ngiyidla ngokwenzani nje kodwa?
lwazI: [Akhalele phansi, zehle izinyembezi mi!] Ungakwenzi lokho Senzo, ngiyakuncenga impela. Uyabona nawe ukuthi umama ngala matoho awabambayo, angeke akwazi ukufeza zonke izidingo zalapha ekhaya. Ngaphandle kwakho, asiyilutho phela thina la.
nozI: Uyazi ubuso bakho bungidina kabi uma ngibubheka. Awuzange usashaywa nangunembeza wakho ngokuthi incane kabi le ngane kunawe Akudingeki nokuthi uze uyibuze iminyaka yayo. Eyi, ungcolile?
lwazI: Kunjalo mama.
MazUngU: Cha bhuti, kusho ukuthi kwakungakufanela ukuba ngumseshi impela..
bhIlI: Yizindaba ezinhle lezi ezindlebeni zakho mshana wami?
sonto: Asazi-ke ukuthi uzomenza kanjani ukuthi akuzwe kule nto oyifunayo.
nozI: Mh! Mh...! [Ngalena ekameleni likaLwazi kuzwakale umsindo wokukhala.] Ngwee...! ngwee...! ngwee...!Ngwee...! ngwee...! ngwee...!
senzo: Ngizozama ukuthi ngibuye ekhaya mama.
nozI: [Ekhomba uSenzo noBhili.] Nina nobabili, izandla emakhanda! Sukumani niguqe khona lapho, bese nisho umthandazo wokugcina! [Benze njalo, bese kuthi uLwazi uvalo lumshaye lumeqe.
senzo: Ngiyakuzwa mama futhi sengathi uqinisile ngalo mbono wakho. Inkinga ekhona njengamanje wukuthi izinto sezisuke zahamba kakhulu. Angazi kodwa ukuthi kuyogcinaphi lokhu osekwenzekile.
nozI: [Ngolaka.] Yeyi! Wenzani wena Bhili Ungibambelani Ngiyeke mani?
nozI: [Emkhomba.] Yeyi we Lwazi! Wazini wena ngothando umncane kanje?
senzo: Ewu, cha ayasinda lawo magama. Nami nginele ngicabange lokho, ngizwe sengishaywa ngoluncane uvalo. Ngiyabonga malume.
nozI: Wena Bhili umdala kangaka wathatha ingane yami senzo [Amephule ulimi.] Kangisezwa kahle manje. UBhili ukuphi Umalume wami lona. [Esho emkhomba?
sonto: Lutho. Ngibe ngizothi ngikwazelaphi nje mngani. Angazi lutho nami. Afike ame ngaphandle uSenzo.
nalezi. Cishe ngenkathi useyinsizwa wake wahlangabezana noma wezwa ngenkinga efana nayo lena.
nozI: Angikwenzi isilima. Ngenza okumele ngikwenze njengomzali onakekela ingane yakhe.
senzo: Kulula lokho. UBhili uzohlawula, akulinde utete bese emva kwalokho ubone ukuthi uyamala. Usuke lapho umfake isondlo enkantolo uma umntwana loyo engasamondli ngoba ethi ulaya wena.
senzo: Hhayi, asimyeke mama, sihambe siye ekhaya.
Asondele noMbomvu akhothame naye ezama ukubheka umonakalo wenxeba lenhlamvu.
nozI: Mh! Mh...! Mh...! Ejanquza phansi bavele bangamunaki.
nozI: Eyi, phela mngani! Ngingaze ngikhohlwe.
bhIlI: Ewu madoda! Kanti le ngane enguLwazi iyisihlahla sendlela ngempela, sona njalo esidliwa yinoma ngubani odlulayo! Angingabazi ukuthi umshana ukhuluma ngaye, engazi nakwazi ukuthi yimi lona ebengizobhecwa ngobende ngenxa yakhe. Kodwa-ke akunani, ngeke ngimlahle umshana. Ngizomsiza lapho engingakwazi ukuthi ngimsize khona. Kwanginceda nami ukuthi igama lami lingaziwa lonke, laziwe kuphela yibo abashana. Ngabe phela usetholile naye ukuthi yimi lo Bhili abekhuluma ngaye engazi ukuthi ubesekhuluma naye uqobo lwakhe. Hhayi, baqinisile uma bethi ithi ingaba nkulu ingazekeki. Nami sengiyoyizekela amagwababa echobana le ndaba.
sonto: Kungakuhle impela uma kungenzeka kanjalo. Wonke umuntu azazi isimo sakhe ukuthi sinjani.
senzo: Babuye bathi nakho ukugqisheleka kwegciwane egazini koncishiswa yikho futhi ukwenza yonke into engelulekwa ngayo. Bathi kothi uma kwanda kukhuphuka amasotsha egazi, kobe kuncipha ukugqisheleka kwesandulela-ngculazi egazini. Lokho nje kunginike elikhulu ithemba lokuphila.
senzo: [Ngokuncenga.] Hlala phansi phela mama. Awusabingelelanga nokubingelela. [Ahambe ayohlala kusofa kepha ame nje unina.] Woza uzohlala lapha eduze kwami, sizwane kahle ngoba nathi kukhona esesikuhlelile njengoba usufica sihlezi sonke lapha endlini yokuphumula.
nozI: Hhayi, ungitshele ngomuntu engingamazi. Uthi loyo muntu nguBhili. Ushilo nalapho ehlala khona, kwasho ukuthi sengiyoze ngizibonele sesifika khona ngoba kangazi mina lapho. Esho echaya nezandla.
nozI: [Ememeza ngokunengwa.] We Lwazi! Walokhu ulele uthe bunyalala lapho embhedeni, uqonde ukuthi ungabe usenza lutho lize liyoshona ilanga?
nozI: [Ngokudinwa.] Eyi, wena mngani awazi lutho. Uyalala nje ungezi nokuzobheka ukuthi ngabe kwenzekani kwamngani wakho ekuseni.
senzo: Hawu, ngeke, Lwazi, ngeke. Uyangazi nawe, sesiphuma kude kabi nawe. Sengingakujikela isimo sesinje Cha, ngeke impela ngakwenza lokho?
senzo: Ufunde nesisu esingaka?
sonto: Cha, kukungile sisi. Sizwile futhi sizomazisa uSenzo uma esebuyile.
lwazI: [Ame abheke ngakuNozi.] Hawu! Kanti uyamazi mama?
nozI: [Emqhweba ngesandla.] Vuka nje lapho embhedeni, uhlale ngezinqe. Ngifuna ukukhuluma nawe ngikubheke ngqo.
senzo: Ewu, kahleni bo! Nizosibangela amehlo abantu mama.
senzo: Yingakho-ke ngithi uma usafuna ukuthi ukwazi ukuthi ubuyele esikoleni uma usutetile, thola iqhinga lokungenyula kulolu taku. Ungesabi. Ngizokufundisa, ngikuqhube njengakuqala kanjengoba bewufunda.
nozI: Yini efanele Lwazi?
senzo: Cha, kangiyena ummeli futhi angimazi nakumazi.
lwazI: Ungabe-ke sewuthi asikutshelanga kahle uma senixabana naye.
lwazI: Ngangingeke nganixabanisa ngoba uSenzo usenzela konke lapha ekhaya.
nozI: Uyazi wena Bhili, ungidine kabi ngokuziphatha kwakho. Awungitshele, wawumfunani nje uLwazi eyingane encane kangaka kuwe Ngitshele?
sonto: Mfonele impela mngani. Singaphela wukuwakwa ngamahumusha phela mngani. Mbize eze lapha, simlindele impela. UNozi aluthathe ucingo alushaye, alamuke ngale uSenzo.
bhIlI: Udubulekile sisi. Emuphenduphendula embheka inxeba.
sonto: Wawuphuzile yini wena ngalolu suku lomkhangiso?
lwazI: [Ngomoya ophansi.] Ngiyesaba mina manje Senzo.
sonto: Hawu, uthini manje Evela kubo. Ingani unina ubefikile lapha izolo wathi ufuna ukumbona?
lwazI: Hamba Senzo!
nozI: Ubuqinisile Lwazi, noma nje uzama ukusixabanisa sobabili?
senzo: [Ungena uyayaluza endlini.] Cha, kukhona lapho ekade ngiye khona. Ngabe usebuyile yini uNozi lapho ebekade eye khona?
senzo: Ngicela ungilayezele uLwazi ukuthi angiphathele iphephandaba lami laphaya edolobheni. Angisize impela.
sonto: Uma kunjalo uyosale usumshikilela yize ungacelwanga muntu.
sonto: Wase ungiteta ezithendeni nje mngani kade nginawe khona manje. Sekwenze njani usungilandele eduze kanje?
Noma yiluphi uhlobo lombhalo lunabalingiswa. Yibona abaxoxayo kanti futhi bayazethula ngobunjalo babo. Igama lomlingiswa ngamunye lisho okuthile ngaye uqobo lwakhe. Kulo mdlalo abalingiswa balandela amagama abo. ULwazi uvezwe njengomuntu onolwazi olujulile, olunzulu, olusobala nolufihlekile. Ulwazi lukaLwazi lwaziwa nguye yedwa. Lokhu sikubona ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
senzo: Hawu! Kodwa sengenzeni mntakwethu Wangivuthela kangaka nolaka. Sekwenze njani?
lwazI: [Elula intamo eqalaza.] Uyephi umama Ngezwa kuthulekile nje ngalena?
MazUngU: Wo! Mntanami, sengiyayijabulela le nto egcina seyenzeka nakuba ingeyinhle kangako, kodwa yona sengathi iyihlazo elingcono kunelikaSenzo noNozi leli ebengiyomkhipha kulo izilo lo mfana wami oyedwa qwaba.
sonto: [Ebeka phansi isikhwama asiphethe.] Yebo mama kaSenzo, yimina impela lona. Ngiphuthuma lapha ngaphakathi.
nozI: Hhayi, awuyeke uSenzo phansi wena Doris! Akalethwanga nguwe uSenzo lapha, wazizela. Ngakho-ke musa ukuzomlanda sengathi wayethunywe nguwe.
senzo: Cha, impela kangidelanga neze. Kusheshe kwasa ngempela Lavi njengoba nawe uke washo ukuthi kusheshile ukusa kwanamuhla. Esho eshendelela kuye.
senzo: Malume mina aseyongithola ekhaya angibhalisele khona isitatimende.
sonto: Awu kodwa mngani wami, uyambona nawe uSenzo ukuthi usemncane. Akukabibikho kuye ukuthi usengashadelwa nguwe akhe umuzi. Yena usazizwela ubumnandi bokujola nje. Mncane phela uSenzo, nawe ukwazi kahle lokho.
senzo: Uthi kodwa kuyolunga lokho?
bhIlI: Hhayi, umuzwe kahle mshana.
lwazI: Uma yena ezoqhubeka nokuthi ngishade noBhili, kungcono ngingamane ngizibulale Senzo, ngehlukane nokuhlupheka kwalo mhlaba. Usho kanje usechiphiza izinyembezi sezehla zigeleza ngezihlathi.
senzo: Uyabona-ke Lwazi, kulesi sikhathi, akusizi ukulokhu sithi sizokhombana ngeminwe. Wena zama iqhinga esingaphuma ngalo kulolu bishi.
nozI: Uma-ke uLwazi uvuma ukuthi wafika walala kuleli kamelo, kungasizathu sini sokuthi uphike ukuthi ukumitha kwakhe kakuzange kwenzeke kulo mbhede futhi kulo leli kamelo?
senzo: Angazi noma kungalunga yini lokho. Phela umama wakho ngiyamthanda impela.
senzo: [Ememeza.] Hawu ngisize malume, ngafa.
lwazI: Uthi kolunga lokho Uzothi bengingakushongo ngani kuqala?
bhIlI: Kusho ukuthi usetetile uLwazi ngalena ekameleni lakhe. Kukhona udokotela uNgubane omtetisayo benoSonto.
nozI: Ubezokubuzani empeleni?
sonto: Angena ngaphi-ke wona lapha?
senzo: Hawu Nozi mntakwethu! Ngixolele nakulokho engingazange ngikukhumbule ngikusho ngikubale. Lixhoshwa libhekile, uyazi nawe mntakwethu. Yobe! Ayidle izibekele sithandwa sami.
Kulokhu umlingiswa omkhulu uvama ukuhlangana nezingqinamba ezithile. Emzameni wakhe awenzayo emdlalweni kukhona okusithintayo. Singamzonda, simthande noma sizwelane naye.
lwazI: Kulungile-ke mama sengiyoqoqa zonke izimpahla zami zokwembatha ngizifake esikhwameni ngihambe. Usale kahle ujabula mama.
MazUngU: Hawu mntanami, akusho nokuthi ngimthandile kwaphelela lapho. Ngiye ngaze ngambona nangamehlo engqondo esekula mabala alapha ekhaya, esengumalokazana wakwami, esengelekelela nangalezi zitsha engizigezayo. Abuke uSenzo obheke eceleni.
lwazI: Hawu! Usengaze asho kanjalo! Mina bengithe sengifuna umshado yini Ebeka isandla emlonyeni ekhombisa ukunengwa?
senzo: Ngihlezi ngedwa. Umama usathe ukuphuma.
senzo: [Enikina ikhanda.] Nx! Eyi, uzenza ohlakaniphile nalo Bhili.
sonto: Kuzolunga sisi. Awuthi ngikulalise kahle-ke.
sonto: Akuyena umuntu wokuthi adlaliswe uSenzo. [Ebambe umlomo.] Yeka umuntu obebukeka ethembeke kanje! Hawu bakwethu!
nozI: Hamba uyophumula, uphumuze nengane leyo elapho. Kusasa lokhu okusayo siya kubo kumnyama kubomvu.
nozI: [Efaka izimpahla ekhabetheni.] Nami kanti uthe uyangifuna?
bhIlI: Yebo-ke, ngifikile kuNozi ngamtshela ukuthi umshana uSenzo ungicele ukuba ngizomxolisela ngibuze nenhlawulo.
lwazI: Kulungile-ke angikushiye. Ngisayocambalala ngoba sengivele ngacobeka ngaphela amandla. Ngisafuna ucabanga indlela engizoyibeka ngayo le ndaba kumama uma esebuyile.
bhIlI: Nisheshe nendlala isoka lingakafiki.
lwazI: [Enyikinya amahlombe.] Kodwa ngoba sengikusho konke nje.
senzo: Kusho ukuthi ngeke esafunda?
sonto: Yini yona leyo?
lwazI: Ngubani loyo Kahle-ke ngikuvulele. Avule amngenise?
lwazI: Yebo ngimzwile mama.
sonto: Akulutho lokho, inqobo nje uma umsebenzi siwenze saze sawuphetha kahle ngaphandle kwezihibe.
sonto: Kulungile-ke mngani. Ake nginishiye ngiye ngasekhaya. Sobonana. Aphume abashiye bethule.
MazUngU: Hawu Nkosi yami! Yafa ingane yami, kuwukuphela kwayo! Ingabe ngiyavivinywa yini Mkhululi wami [Esekhala.] Senzo! Senzo! [USenzo naye ulokhu evimbanisile ngomsindo wokukhala?
nozI: [Ngomoya ophansi.] Hlala phansi we Doris, sizwe ukuthi ufunani.
senzo: Hho! Usho lawaya aseThekhi Esho ekhomba?
senzo: Nami ngithe ngixoxa naye kwavele kwacaca ukuthi uzofika alwe nalo Bhili ngendlela akhulume ngayo mayelana naye.
sonto: [Eyeka ukuthunga.] USenzo usebuye manini esanda kulandwa nje?
senzo: [Enikina ikhanda.] Anginalutho phela mina.
USenzo ufika ekamelweni likanina osalele, ecambalele emva komsebenzi wasekuseni.
USenzo usezidele amathambo waya kuNozi ehamba noBhili. UNozi akanasinqe ubamele ngezinyawo eyaluza indlu yonke.
Kufika uSonto nodokotela kwaNozi sekonakele.
nozI: Hhayi, ngiyeke ngalowo mbhedo! Kulungileke, ngeke ngifike kuye ngithi uthe nguye othe sikhiphe isisu. Ngizoyofuna inhlawulo nje kuphela. Thula-ke, musa ukulokhu ufehla, ungicasula. Thula!
MazUngU: Yimisebenzi kaNozi yonke lena.
bhIlI: Hhayi, kwangazathi akukho lutho lapha kuwe Senzo. Sukuma uhlale esofeni. Ngibambise yena sisi, simhlalise lapha phezu kukasofa. Bamqukule bemhlalisa.
nozI: Bhili! Hlukana nami mani!
KwaSonto kufika uNozi umthola ematasa ethunga.
ngUbane: Yebo, ngingakusiza ngani?
lwazI: Cha mama wayebuye angilale kaningi uma nawe ungekho ekhaya ebusuku.
nozI: Pho manje inkinga ikuphi Usungaze uzenyeze ngami ngokuthi awazi ukuthi unyoko angathini ngami. Nkulumo yini leyo Senzo?
bhIlI: Hello Dr. Ngubane!
sonto: Okokuqala nje uBhili usivezele ukuthi ngokwesikhathi owawuye ngaso kuye, kufanele ngabe usutetile manje. Okwesibili ubufakazi bukadokotela buveza ukuthi lesi sisu akusona esangalesi sikhathi wena owawuye ngaso kuBhili. Ngamanye amagama lesi sisu sinomnikazi waso okungesiye uBhili. Sitshele-ke ntombazane ukuthi singesikabani.
bhIlI: [Ngokuhleka.] Eyi, wena mshana! Uyisoka lamanyala, kodwa ufuzephi?
lwazI: Awu mama! Ungasamlwisa phela! Ngiyakwesaba phela wena uma usuthukuthele.
lwazI: Ngiqinisile, ngesikaSenzo. Hhi! Hhi...!
lwazI: Nginesiqiniseko ngalo impela. Ngangicelile nakumama ngalo lolo suku ukuthi ngiye e-24/7 J & D Club.
lwazI: [Aqhamuke.] Sengifikile mama.
senzo: Hho! Ngiyabonga.
nozI: Ukhona, ungalena ekameleni lakhe. Uzozibuzela yena nawe, mhlawumbe wena angakuphendula ngoba thina akasibeki ndawo. Akaphumi ezintangeni ucashile.
lwazI: Ngithe uBhili lona uyangihlakaniphela ngoba ngimncane kunaye.
bhIlI: Hho, ngiyayibona leyo ndawo. Sengiyobuza phambili uma kunenkinga yokulandelana kabi kwezinombolo zezindlu.
senzo: [Ngolukhulu umpongo.] Hawu Nkosi yami! Wangidubula ngempela Nozi Hawu! Uyangibulala ngempela Nozi?
lwazI: Mina bengiphendula ngithi ngivikelekile.
lwazI: [Eqoqa izitsha.] Hawu mama! Ubaba uNgobese ngoba nawe uyamazi ukuthi uzithanda kabi izindaba. Umthatheleni ngoba nemoto yakhe iyashunqa nje?
senzo: Lutho mama! Ngalithola-ke ithuba ngavela ngakuye. Ngamfica engilindele, wangiphatha kahle impela. Ngaze ngavuka ngakusasa ngahamba ngaya emsebenzini. Ngabe sengijwayela kanjalo-ke ukuze ngihlale lapho.
MazUngU: Sikhona ngane yakwethu. Kuthi ukuthulathula kancane.
lwazI: [Evuka.] Ngena Senzo. Kanti usubuyile.
senzo: Wathini-ke lapho uu...yena lowo?
Kungani umbhali efanisa uLwazi nesihlahla sendlela Chaza ubhekise endabeni?
senzo: [Emyeka.] Awu Nozi, nawe ngalokhu kushwabula kwakho, ukhona uyezwa.
sonto: Khuluma phela, silinde impendulo.
nozI: We Lwazi! Akukho sisu esizokhishwa lapha! Uzama ukuvikela uBhili wakho lo, ukuthi angahlawuli Angithi uthe uyasebenza?
nozI: [Ngokumncenga.] Tshela mina-ke. Ubani lona okumithisile?
sonto: Kulungile, asimbambe bhuti.
Kusekameleni likaNozi lapha elinefenisha kanokusho, balele oNozi nesoka lakhe elisha uSenzo. Bayavuka embhedeni, baxoxa ngezinkinga okumele bazixazulule kulolu thando lwabo.
nozI: Kulungile Senzo. Hamba impela, angaze abuye aqhamuke nalo mama wakho oyisipoki ngokuvutha kwakhe ngolaka.
sonto: Awuzwa-ke! Ngikwazi unjalo-ke mngani. Wamenzani uDoris esezokuphuca indoda yakho?
nozI: Ngimbuzile lokho, wathi hhayi ngoba nawe uzobe ukhona, seniyoxoxa njengamadoda ngoba naye usazodla amathambo engqondo ngayo leyo mali.
lwazI: [Uyasukuma ezesula emehlweni engasakhali.] Hhayi, sengiyahamba, ngisayophumula ngalena ekamelweni lami. Manje angazi noma uzoba khona yini uma le ndaba sengiyethula kumama njengoba esazobuya nje?
lwazI: Hawu mama! Waze wangisho bo! Engathi kuqala ngami ukumitha!
lwazI: Kusho ukuthi sekunguye ubaba uNgobese. Angizemboze futhi.
senzo: Ubezokwenzani lapha futhi ubelayelwe ngubani nje ukuthi ngilapha?
senzo: Uthi ukhulelwe nini ngoba kawubonakalisi ukumitha kwamanje njengoba ngikubhekile nje?
sonto: Manje-ke mngani ubona ukuthi kufanele kwenziweni?
sonto: Yilapho-ke nami engiqonde khona. Lwazi ntombazane enhle, musa nje ukusenza abantwana. Sibadala uma singaka.
sonto: [Ehlala phansi kusofa.] Nahlala kwathuleka kangaka lapha sekwenze njani?
bhIlI: Cha, ngizohambisana nawo amagama kaSenzo okuxolisa ngakho konke okwenzekile ngokukhulelwa komntwana. Ngizobuye futhi ngihambisane namazwi okuthi kuzohlawulwa ngalesi senzo sikaSenzo. Yilokho-ke enginakho.
nozI: [Ngokunengwa.] Ubusulenzani ipasi lami, uze ubone lokho?
MazUngU: Ngiyala iyanibulala imali eniyikhokhayo ngalokhu kwehla nenyuka kwenu zonke izinsuku ngamatekisi.
lwazI: Isisu lesi ngibona kungcono ngisikhombe kuBhili.
senzo: Utheni uSonto?
sonto: Ngempela mngani wami?
lwazI: Hawu mama! Kwaba yiphutha. Naye wayengaqondile lokhu osekwenzeke kwatholakala namuhla. Nami nje angazi ukuthi kwenzeka kanjani.
MazUngU: Cha siyabonga-ke sisi. Asingabe sisakubambezela-ke. Asehlukane nathi sibone indlela eya ekhaya.
sonto: Kulungile ngiyakuzwa lokho. Khululeka, ngeke esakuxosha sekukhona nami. Into nje kuzofuneka iqiniso lodwa-ke manje ukuze ifinyelele esiphethweni le ndaba. Kakusafuneki okunye ngaphandle kwalo iqiniso elimsulwa.
nozI: Kusho ukuthi kawusezukuya enyuvesi?
nozI: [Eziphephetha ngesandla.] Mngani, kodwa uyakuzwa ukushisa okulapha?
nozI: [Ngokungingiza.] Mh!. Mh....!Ng--ngi.--ku... Ngi-ku--phi lap--pha?
nozI: Cha, lutho-ke olufana nalokho. Indaba manje isingoLwazi njengoba ngangikuxoxele ukuthi ngizomusa enyuvesi.
bhIlI: Ngiyabonga kakhulu sisi. [Ayivale, abuye abheke imali.] Awu, isiphelile imali nakule seli. Kungcono ngiyofona kwikhonteyna laphaya ngaphandle. [Nebala aphume aye ngaphandle.
lwazI: Hawu! Nawe sisi uSonto uyavuma  [Esekhala.] Hawu! Nkosi yami! Hhi...! Kungcono ningiyeke ngizokhuluma nginitshele, kunokuthi ngize ngixetshulwe ngemvubu. Hhi...! Hhi...! Ningangishayi ! Hhi...?
lwazI: Ungitshele ukuthi nginezinyanga eziyi-8 ngikhulelwe.
nozI: [Amgqolozele.] Habe! Usuqala ukubheda.
Umlobi oyiciko usebenzisa ulimi oluhle endabeni ayethulayo. Umlobi kumele asebenzise ulimi oluhlwabusile, olunothile kodwa oluzwakalayon olungenandida ukuze angehlisi izinga lomsebenzi wakhe. Umlobi walo mdlalo usebenzise kakhulu izaga nezisho ukuhlobisa ulimi. Lokhu kukhombisa ulwazi lolimi olujulile ngokusebenzisa izimo zokukhuluma ezinembayo ekugqamiseni indikimba yakhe. Yize isizinda salo mdalo sigxile elokishini umbhali uwagwemile amagama ayimifakela amaningi. Akazange ehlise izinga lalo mdlalo ngokufaka wona wodwa.
nozI: Ho! Wabuza ibhasi ibhaliwe ukuthi iyaphi! Uphile kahle yini la ekhanda lakho Uzomuzwa kahle-ke uphansi kwetshe ebengikade ngibhuqwa ngaye ngunyoko lapha izolo ekuseni. Uzomuzwa-ke ukuthi uhlala kanjani enyameni yakho. Usho kanje umkhombe ngaso?
senzo: [Umile uyacabanga useze ukhuluma yedwa.] Hhayi, inkulu impela le ndaba yokukhulelwa kukaLwazi. Akusafanele ngithule nayo ibe ingidla ingiqeda ngedwa. Kungcono ngoba nakhu sengifikile lapha kwamalume uBhilikida. Ngizomxoxela yona, kengizwe ukuthi konje yena angangisiza kanjani. Angisale sengingqongqoza ngingene ngoba kuyabonakala ukuthi ukhona udlala nomsakazo. [Nebala asondele emnyango bese engqongqaza kakhudlwana ukuze kuzwakale endlini.
nozI: Awuhlabe inhlali, awuzibe lowo mbuzo.
senzo: Ngiyabonga nami uma kunjalo. Ngisahamba nami ngisayofunda iphepha ngalena endlini yokuphumula kengizwe ukuthi kwenzekani emhlabeni. Aphume uSenzo asale elala uLwazi.
bhIlI: Umninimuzi uNozi udubule isoka lake uSenzo ongumshana wami.
senzo: Ngisho ukukhokha inhlawulo ezobizwa ngalo monakalo esengiwudalile.
nozI: Pho manje ikuphi inkinga njengoba usucwebe amehlo esebomvu?
sonto: Akukho okunye mngani. Singaphela phela, sidlala amahumusha.
senzo: [Ethuka.] Into obungayilindele! Yini leyo okhuluma ngayo Ubesekubiza imali yini ngoba bengithi ugcwaliselana wona mahhala?
lwazI: Eshu! Eshu! Ngafa yisisu! Ngisizeni, ngi ngisizeni bo!
senzo: Nakanjani koba nguye. Angihlale phansi ngimlinde angene. Kuzwakale izigi ziyoma maqondana nomnyango bese kuzwakala ukungqongqoza.
lwazI: Eyi mama, ngi...., ngi....[Acifize izinyembezi.] Ngi...., angi...., angiza....
lwazI: Noma ngingekhumbule kahle, kepha yimi engamqonda naye akazange angikhuze ngiphuma ebheshini sidle amawayini engingawazi.
nozI: Hhayi Senzo! Ngiyavuka manje. Ilanga akufuneki liphume lize lingene endlini umuntu esalele.
nozI: Kulungile mngani. Ngizokuthinta ngefoni uma esefikile. Aphume uSonto ashiye uNozi. Asale uNozi ecabanga ejulile. Azilungiselele ukufika kukaSenzo ngokuya ekamelweni lakhe, lapho abuya wasehlala kusofa waze wazumeka wagcina esethathe isithongwana uSenzo engafiki.
lwazI: Senzo, udokotela uqale wangitshela ngesimo sempilo yami wasegcina ngokungitshela ukuthi ngikhulelwe.
sonto: [Esukuma.] Cha, angisenawo amaningi bhuti. Kungcono sibone esize ngayo.
senzo: Usho kanje, Lwazi.
MazUngU: Kwenze njani ngaye lo oseyisishuqulu laphaya phansi?
bhIlI: [Esondela ezomxhawula.] Ewu, mehlo madala mshana!
nozI: Hho, kulungile. Awuthi ngiyofona ngalena. Aphume basale bexoxa bodwa.
dokotela: Kulungile, sengilapho khona manje.
bhIlI: Yisu elidala lelo lezigebengu ezeqa ngalo ziphume ngefasitela. Iphoyisa lilokhu lilinde emnyango ukuthi isigebengu sizoqeda siphume kanti alibuzanga elangeni. Asisabonwa nangokhalo. Sesikude lapho sikude.
senzo: Akukho-ke okunye. Useyozikhalela-ke uma ekhala nimzwele phela. Kepha imvuma kuyofanele ayikhiphe aqale ngayo nakanjani. Lezi ezinye zingamane zilandele kamuva uma engakwazi ukuthi azihlawule ngaleso sikhathi sifikile.
sonto: Size ngaye ngoba usezithwele manje. Kuthe uma ebuzwa ukuthi ngubani umnikazi womthwalo, wasilayela wena. Yingakhoke sesifike lapha kuwe. Asizwe ngawe-ke ukuthi uyavumelana naye futhi uyamazi yena uLwazi.bhIlI: Yebo, khona ngiyamazi uLwazi. Okungididayo yilo mthwalo okuthiwa wawethweswa yimina. Akuwona owami lo mthwalo.
senzo: Hawu! Hawu! Ngafa! Ngafa! Ngibizeleni umama! Nithi akasheshe!
nozI: Ngiyabonga mngani. Ngeke ngisikhumule, ngizohlala phansi ngisiphendule ngisibambe ngisembethe. Angathini nje ongenayo angithole ngihlubule kanjalo.
lwazI: Kulungile mama.
nozI: [Edilika esitulweni.] Yinto encane leyo mntakwethu. Angizange ngize ngiyinake kangako ngoba ngazile nje ukuthi umama wakho uzishaya ngendlebe etsheni uma ethi ungezi lapha kimi. Ukuphi nje manje Senzo?
lwazI: Cha, angizange ngikubikekele. Isizathu wukuthi kwasanami ngangingazi ukuthi sengikhulelwe. Lokho ngize ngakwazi ngoba sengihlolwa ngudokotela izolo.
lwazI: Eyi Senzo, indaba ithi ingaba nkulu ingabe isazekeka.
nozI: Mdala phela manje uSenzo.
sonto: Lusekhona futhi lusasebenza.
sonto: Utshwala bona uyabuphuza yini?
senzo: [Awavule abheke.] Eyi, kodwa kubuhlungu lapha esifubeni. Eshu!
lwazI: KwakungoLwesihlanu khona ngalelo langa sibuya emkhangisweni wobhiya owawenzelwe e-24/7 J & D Social Club.
ikamelo lakho ukuze uthi uma usubuya ulithole lisesimeni esihle ukuze ulithokozele. Lona selilinde wena-ke ndodana.
senzo: [Ngokumangala.] Hawu! Kanti ungakanani lo Bhili?
nozI: Ngiyobonga kakhulu mngani. Ayive iwenza umehluko le mali engiyithola ngala matoho akho mngani. Sewungifundise okukhulu kabi ngokuthunga.
senzo: Sawubona mama! Sengikhona-ke mama. Kusaphileka kodwa ngasempilweni mama Ehlala esitulweni eduze nombhede kanina uMaZungu?
lwazI: Kulungile mama. Ngizoziletha izimpahla zakhe ubhuti uSenzo. Mana kancane ngiyoziqoqa. Aphume uLwazi aye ngale ekamelweni bese ebuya nazo esezifake epulastikini kadoti enkulu emnyama.
Umbhali kumele angenise indaba ngokuzonika abafundi ilukuluku; okuzobaheha bafune ukufunda bangayibeki phansi incwadi abayifundayo baze bafike esiphethweni sendaba.
nozI: We Senzo! Umthetho wakho ungumuntu othanda ukuthi uze wenziswe le nto ngempoqo yini Khona kungaba yinto enjani uma sekuze kufikwa ezingeni elinjalo Hhayi, cabangisisa kahle phela mntakwethu. Mina sengikhathele nawukuhlala ngingazi ukuthi ngiyophelelaphi ngoba phela nibuye ningathembeki nina bantu besilisa?
asilibonanga nguNozi. Mina ngizovele ngizibalekele ningaphinde ningibone lapha. Isale iniqoba indlala.
nozI: Ukusho kubani ukuthi ngiyisahluleki Kungqongqoze uSonto bese evele engena kusavimbanise umsindo?
sonto: Eyi, phela mngani, le ndaba isithanda ukuba yimpicabadala. Isingixakile impela nami. Ukuphi yena uLwazi?
senzo: Ko ! Ko ! Ko! Malume!
nozI: [Emklomoza.] Hhayi bo! Wakhala, ukhalelani manje mntanami Musa ukuhlola la! Wenzani Ukwezeni kanti lo dokotela?
UNozi noLwazi basesimeni esifanayo. Uthini wena Sekela impendulo yakho ngokulanda ngezehlakalo ezisendabeni?
MazUngU: [Abheke uSenzo osekhophozile.] Wena sukuma! Phuma nanku umnyango!
senzo: [Esula izandla ngemfaduko.] Uthe uzosibiza malini ukuya eClermont?
lwazI: Eyi, mama! Ngikhathele kabi. Angisafuni ukukhuluma.
nozI: Ngiyezwa mntanami. Manje ububona ukuthi singahle sigcine singaziwa kanjani?
MazUngU: Yebo kona kunzima futhi kubuhlungu lokhu. Okufanenele ukwenziwa manje yiko ukugwinya itshe sikwamukele njengoba kunjalo.
lwazI: Yena ngimtholile mama, futhi sabonana saxoxa naye.
senzo: [Enikina ikhanda.] Lutho mntakwethu! Ngingababona bevelaphi abanjalo njengoba namanje kangikamboni mina engimthanda ukwedlula wena. Kimi akekho ongafika kuwe ngiyakutshela.
USenzo usebuyele kuNozi, usengena endlini sekugcwele intuthu.
senzo: Ewu ngiyezwa.
bhIlI: Awu madoda! Sengizojeziswa njalo Ngijeziselwe ukuthi nami ngedlula esihlahleni nami ngakha ngadla isithelo, njengabo bonke abanye abadlula ngendlela, benza. Awu! Kwaze kwanzima madoda?
senzo: Usho ukuthini uma uthi uzobona?
senzo: Into nje angazi ukuthi umama angathini uma engezwa nokuthi sengithandana nawe, uZodwa sengehlukene naye. Washo la mazwi uSenzo waze wathi ukubheka phansi enikina kancane ikhanda kungazathi akafuni nokuyikhuluma le ndaba.
nozI: Thula ulalele Lwazi!
nozI: Ngimdedele ngamabomu ukuthi ahambe. Iyodwa into engiyaziyo ngoSenzo.
Kulo mdlalo izigameko zenzeka endaweni yasemadolobheni elokishini lakwaDabeka. Umbhali uyazi kahle le ndawo kanti futhi ukwazile nokucubungula indlela abantu ababephila ngayo, isikhathi sanamuhla nezinto ezenzeka esikhathini sanamuhla empilweni yasemadolobheni.
senzo: Ngithe uma ngithi ngiyaxoxa ngale ndaba kumngani wami uSipho, wathi hhayi uyahluleka yena ukungisiza kuyo. Wasethi kungcono ngibonane nawe malume ngoba ungumakade ebona wena.
senzo: Phela manje uma ungahle ungiveze, uyosibulala sobabili, athi simenza isilima lesi esigxiza amathe.
senzo: Angithi phela bekufuneka izinombolo zepasi lakho ngesikhathi kufike lo muntu womshuwalense ezongibhalisa. Wenake njengomuntu engimkhethela ukuthi abe ngoyothola okuthile uma ngifa, ngibe sengilibheka ungekho la emini, ngalithola ngase ngiyakubhalisa lokho ebekudingeka.
MazUngU: Ungavumi wena ukuthi nguwe. Wazi ngani ukuthi nguwe omonile uLwazi?
senzo: Angiboni ukuthi kuzoba nayiphi inkinga ukuhlala kwethu sonke lesi sikhathi ndawonye. Vele nje ngikujwayele ukuhlala lapha ekhaya. Sengizosale sengivalelisa ngithi bese ngilindele yena ukuthi aze abuye. Bengingeke ngakushiya uwedwa.
ukuthi amithe. Kwazenzekela. Kumele ukwamukele. Ungenzi sengathi kuqala ngawe lokhu. Ungamthathi nawe ngolaka.
senzo: Besengilinde ukuthi kufike wena, besengicela indlela. Sengike nganibona okwesikhashana manje, akusenani. Ngcono kenginishiye. Asukume.
nozI: Yebo Senzo, yimina uNozi ngapha.
lwazI: Mina mama bengibona ukuthi singazifakeli amehlo abantu ngendaba yalesi sisu.
senzo: [Ebambelela ekhanda.] Eyi, angazi-ke nami ukuthi kuzothiwani uma sekunje. Kodwake ngizocela ume emagameni akho, okuthi nguye uBhili okukhulelisile, akekho omunye omaziyo. Ume lapho nje ungachezuki.
sonto: Kunjalo phela mngani. Kuyaye kuthi kulezi eziyaye zibonakale zijwayelene nabafana, kulindelwe ukuthi kube yizo ezimitha kuqala, kodwa kungabi njalo.
MazUngU: Uyabona-ke Sonto, kuyoba kancane kungonakele nakulabo uSenzo akade enza nabo ucansi olungaphephile.
lwazI: Mina besengithi ngiwakhiphe wonke amangwevu amacebo ongihlomise ngawo. Manje sengikhungathekile. Angisazi ukuthi sekumele ngenze njani. Hhayi, sekume umqondo manje.
nozI: [Emqhelisa ngesandla.] Mana kancane Lavi! Ngisekhona lapha angibaleki, into nje wukuthi seku...
nozI: Yeyi wena Senzo! Ngithe musa ukunyakaza! Wenzani Wenzani UzamaKuthi qhu! isibhamu awe uSenzo, ebambe esifubeni lapho edutshulwe khona?
senzo: Wayengekho mhla ngiqala ukulala khona. Waze wabuya kamuva, naye wangamukela kahle.
nozI: Yingakho-ke ngithe angize lapha kuwe ukuba ngikucele ukuba ungiphelekezele sihambise isisu kuBhili kusasa lokhu okusayo, siye le eTop Rank eClermont.
MazUngU: Hhayi bo! Yini le nto engiyizwayo Ngoba besengithi sengehlukene nje nezindaba zikaNozi, kanti angibuzanga elangeni. Angikaze ngiyizwe into..?
bhIlI: Mshana iseli yami ayisenamali, ngicela eyakho ngizofona ngayo.
senzo: Bahlala laphaya kwaDabeka Section K, kuParadise Street kwanombolo 15.
sonto: Kwasamina ngimangele ngempela uma sekuthiwa nguye obedubula.
senzo: Sengithe angintshontshe ngibuye Nozi ngizonibona.
senzo: Hho!Ngiyabona. Indaba yenhlawulo iye ihambe ingefani ngokwezindawo ngezindawo. Kwenye inkathi intombazane ihlawulwa nangokuthi izalwa ngubani. Uyabona uma kuhlawulwa ingane yenkosi noma induna, leyo nhlawulo kuba sengathi yilobolo uqobo.
bhIlI: Cha, ngiyakuzwa sisi. [Abheke uSenzo.] Ngibona sengathi sesiqedile. Uthi akungcono sisale sesibona indlela mshana. Kukhona yini osakulindile?
bhIlI: [Ngokumangala.] Hawu! Kunjalo ngempela Angikuzwanga-ke lokho ngoSenzo ngenkathi sixoxa naye?
senzo: Ewu mama, ngizamile ukuzikhipha kulolu taku, kwase kusho ukuthi angiphumeleli. Icala belilokhu likhombe mina njalo nje.
nozI: Pho, akazizeli ngani kimi azozixolisela yena ngomlomo wakhe uma ezisola ngempela Uzokhulunyelwa nguwe, uyidlozi yini?
lwazI: Hawu mama! Usufuna ukungibhaxabula ngemvubu, ibuhlungu nakanje, ube ungibona ukuthi ngizethwele?
senzo: Hawu mama, kodwa unjani nje Kuyokonakalani ukuthi ngiyolunguza nje kuNozi ngoba phela mina angizange ngixabane naye?
MazUngU: Hawu! Kanti naye usengapha?
lwazI: [Ekhophoza.] Ngiyaxolisa mama! Yobe! Xola mama! Sengicela ukukushiya futhi manje ngoba sengikhathele kabi.
bhIlI: Ngifike kuye ngithi uyombona nini njengoba ekufuna kanje?
nozI: [Abheke uBhili.] Kukhona nawe ofuna ukukusho?
nozI: Ngithi fika masinyane! Usuqale manini ukungibuza uma ngikubiza?
senzo: Uyabona-ke, nanso-ke into ehlakaniphile ebengiyilindele ukuze siphephe sobabili. Owakuphi lowo Bhili?
bhIlI: Sisi! Limanzi leli bhulukwe lakhe, ikakhulu laphaya kwesingezansi kanye nasemlenzeni wanganxanye.
bhIlI: Cha, akunjalo. Ngabe uzile, kodwa-ke uthe uyesaba.
lwazI: [Ezethukisa.] Hawu! Uyangixosha mama Ungixosha ngempela mama?
nozI: Kwenzeka kanjani wena uze ulale naye?
senzo: Hawu! Kanjalo nje! Abakini bona bangathi singabantu abanjani Awubheke nezindandatho asinazo?
nozI: Hhayi, ungamnaki wena. Asiphumeni siye kuye sizohamba. Baphume bobathathu baye emotweni engaphandle.
nozI: Njengomshado nje nawo. Wake washadisa nje mngani?
lwazI: [Ngokungabaza.] Ee...e.....esika...S... Senzo.
emavikini ambalwa okuqala esanda kukhulelwa unina. Ngeke-ke kwakwazeka ukuthi sihushulwe lesi sisu sikaLwazi. [Athi ukuthulathula] Hello! Usalalele sisi?
lwazI: [Ngokudangala.] Kuze kube nini Senzo?
nozI: [Ngokunengwa.] Uyazi uyangicasula uma ukhuluma kanje. UBhili akayena ubra wakho mani! Unguyihlo. Awumboni yini ukuthi ulingana noyihlo?
nozI: Unobani ngapho?
nozI: Hho, kulungile mngani. Bahlale phansi bobabili bawuthunge.
nozI: [Ejanquza ehluleka.] Ngithe ngiyeke wena mani! Awuzwa yini we Bhili?
MazUngU: [Ebuyela embhedeni eyohlala.] Ngifuna ungiphendule ngeqiniso kulo mbuzo engizokubuza wona manje.
MazUngU: Ngiwabone usanginika nje ukuthi ehla esiphundu. Ngijabulile nokuzwa ukuthi uSenzo kanti uyanisiza lapha ekhaya.
senzo: Umama wami nguye ozoba ngumsizi nomelekeleli wami kukho konke okuzobe kwenziwa ukungisiza, naye ubekhona kushiwo konke lokhu.
lwazI: Ngiyakuzwa Senzo. Ziningi kabi izinto ezinhle obuhlala ungenzela zona. Namuhlake kumele ngizikhumbule zonke, selokhu wafika lapha ekhaya.
senzo: Hhayi bo Lwazi! Ndabani yona lena ekujabhisile?
lwazI: Eyi mama! Kulukhuni, angazi ngizoyethula kanjani le ndaba kuwe. Mh! Mh....!
senzo: Cha, ebhodweni yena, akafuniseli. Ulazi kahle.
MazUngU: Uyabona Senzo, ungangenzi ingane mina. Ngimdala uma ngingaka. Wena ucabanga ukuthi angiboni ukuthi kukhona umuntu osumtholile. Nguyena lo muntu osengephuce wena. Angisenangane phela manje, njengoba ungasahlali nami nje.
lwazI: Yebo, impela ngiyindodakazi yakhe. Nomake ngingasakwazanga mama wena ukuthi ungowakwabani. Mina nginguLwazi.
lwazI: Kulungile Senzo.
nozI: Ukhona laphaya ekhaya. Ngimshiye elele, kodwa manje ngethemba ukuthi usexoxa noSenzo.
senzo: Mina sengikhathele wukuqalaza. Sekuze kubuhlungu intamo. [Athule alalele ngaphandle ukuthi kwenzekani.] Kwangazathi kukhala isango nje. [Alunguze ngaphandle ngefasitela angaboni lutho.] Kwangazathi kukhona ongenile ngesango.
Umlingiswa ophikisa umlingiswa omkhulu emizameni yakhe kuthiwa yimbangi. Lona kukuba umuntu ongathandeki ngoba ephikisana futhi evimba ukuba ummeleli azuze isifiso sakhe. Umdlalo omuhle futhi onesasasa yilowo oveza udweshu phakathi kommeleli nembangi. ULwazi angafaniswa nalo mlingiswa ngoba ulethela uSenzo izingqinamba ukusuka ekuqaleni kuze kuyophela umdlalo.
UNozi undwazile uhlezi yedwa udla amathambo ekhanda aze aphimisele.
MazUngU: Awu bakithi! Kusho ukuthi uLwazi lona uyisihlahla sendlela esidliwa yiwo wonke umuntu odlulayo. Sake savunwa yini isihlahla sendlela, into kanoma ubani odlulayo Awu, Nkosi yami ngiyazisa?
ngenxa yezandla ezifudumele zikaLwazi. Ngabe kusho ukuthi ufuze bani, unina Cha ngeke afuza loyo. Hhayi, angiyeke futhi ukucabanga ngale ndlela. Ngizosuke ngicasuke futhi. Uthini uLwazi Uthi manje sekungcono lapha ekhaya ngoba sekukhona uSenzo Yimihlola-ke lena! Kusho ukuthi ayiboni le ngane ukuthi isikhuluma ihlazo Hhayi, kusho ukuthi yenziwa wubumsulwa bayo bobungane, ize ikhulume kanje ngomntanami, engithi ngimfuna ngodli. Cha, angikwazi impela okunje. Kungcono ngisale sengithula ngoba nangu naye uLwazi eseza neno. Asiphuze isiphuzo leso, adle nekhekhe elilapho?
nozI: Basifundisa phela laba abalwela amalungelo okuphathwa kahle kwezingane.
nozI: Ubeyimpisi lo mfana, ebeyizemboze ngesikhumba semvu. Kodwa-ke uzokuvuna akutshalile. Ngeke ngithule nje, nezinyane lemvubu kalidliwanga zingwenya kwacweba iziziba. Akobe uyazi ukuthi usezidlokolozele imamba isemgodini wayo.
sonto: Usendlini yokuphumula emzini wakho mngani. Ngikuqukule ngalena ekhishini, ngazokubeka lapha kusofa. Phuza nanka amanzi abandayo mngani.
esuphamakethe. Okunye-ke athe uzoyokwenza wukuyogcwalisa amafomu okuya eThekhi lapho ezoyofundela khona ukuba yimenenja kwezamabhizinisi.
MazUngU: Uyaye uzibone ukuthi unjani?
bhIlI: Ngiyamazi uSenzo. Ungithumile lapha kuwe, wathi ngifike ngithi uyaxolisa kakhulu ngalokhu akwenze kuLwazi.
lwazI: [Ebambe isisu.] Hawu! Hawu! Ngafa yisisu! Sizani bo!
USonto ongumngani kaNozi uvakashelwe nguye uNozi, bayaxoxa bebe besebenza bethunga endlini kaSonto.
senzo: Impela bese idukelene malume ngoba kade yagcinana. Niphila kanjani kodwa ngapha malume?
sonto: Sanibonani ekhaya mngani!
lwazI: Cha, ngangingavikelekile.
kwadokotela, ngivele ngiyosikhipha kuphele ngetswayi ngaso. Singalokhu sizixaka ngezinto eziningi.
sonto: [Ahlale aqhiyame kusofa.] Olufana nani nje mngani?
senzo: Ngiyabonga-ke Lwazi. Ngisacela ukukushiya, sizobuye sibonane.
lwazI: [Ngokupikla] Wowu! Kuyovimbani nje nempela Umthetho usuyavumela ukuba sifunde nazo izisu. Uyateta nje ubuye uyofunda. Uma ungazi ukuthi izodlani ingane leyo, uyoyibhalisela imali yeqolo eyisondlo sikaHulumeni, ube uzoyiholele njalo ngenyanga. Ngaleyo mali kungakhokhelwa nomuntu ozoyibheka uma umama engeke akwazi ukungigadela yona. Mina ngiyobe ngifunda ngale?
senzo: Kwenzekeni ngawo Uwalahlile yini?
nozI: Umtshele ukuthi uma engezi, ngizomthumelela izinkabi. Hamba, kulungile.
lwazI: [Efaka amanzi eketeleni.] Ngesakhe mama uBhili. Umane uyasiphika nje ngoba vele icala ngumphikwa.
lwazI: [Esholo phansi.] Angazi lutho mina ngalokho.
lwazI: Umama naye kungathi usemanawala kakhulu ngalokhu kuthukuthela kwakhe.
MazUngU: [Ezikhomba ekhanda.] Ucabanga ukuthi uhlakaniphile uNozi. Useqambela uSenzo amanga ukuze amthandele ngomsila wecala elingekho ngoba ngimephuce uSenzo ekuseni. Ehhene, ngimlande ngoshova kuye ekuseni engasafuni noSenzo.
nozI: Ungakhulumi-ke into ongayazi. ULwazi nakanjani zizowushaya nalo Bhili. Uyathanda akathandi uzomthatha.
senzo: Uma ungithanda ngempela Lwazi, ngeke wazibulala ngoba mina ngizovele ngimtshele kwezikabhoqo uNozi ukuthi ukushadisa umuntu ngenkani, kakukho emthethweni njengoba nawe ungakufuni ukuthi ukwenze. Ngiyazijuba ukuthi ngizomtshela ngimkhuze.
nozI: Awuthi ngiqede la bese ngiyofonela uSonto kengizwe kahle ukuthi ubezokwenzani ngempela unina kaSenzo. Ahambe ayolushaya ngale endlini yokuphumula bese ebuya.
nozI: Uyazi uyaphapha. Uboke uyeke ukuphapha. Ubungaliceli ngani sengubuyile ipasi lami Usuka nje uyazithathela, sewuze ubona nezinto ezingafanele. Wenziwa yikho nje ukuphapha?
bhIlI: [Ezelula.] Hhayi, kasikaboni lutho mshana. Singezwa kini nani.
senzo: Sibonene sazixoxela nje, futhi bekungekho nento etheni ngoba sizixoxele izindaba zasekhaya futhi ezingasho lutho nolutheni. Angiboni-ke ukuthi kukhona okusale kuleyo ngxoxo yethu ngoba ukusho konke abefuna ukusho.
lwazI: Cha, akekho mama. Yithi sobathathu nje kuphela.
Ngibona ukuthi singephumelele kanjalo. Into engenzeka embi kithi, wukuboshwa. Ngingavele ngiboshelwe ukuthi ngikuthumbile.
Umdlalo wenzeka endaweni ethile, ngesikhathi esithile nangaphansi kwezimo ezithile. Isizinda sibalulekile. Uma indaba ibhaleke kahle izigameko zibumbana kahle futhi zihambelane nesikhathi nendawo ezenzeka ngaso.
sonto: Mhlawumbe uqinisile. Kungenzeka esabe ukuthi uzoyaphi bese elikhuluma iqiniso. Kungenzeka sibe nenhlanhla avele alikhulume uma wenza njalo.
sonto: Mhlawumbe uLwazi uzoke akhulume into ezwakalayo noSenzo.
sonto: Yini senze njani sesimanikiniki kanje Ubusulunywa yizinja yini?
lwazI: Ngiyezwa Senzo. Ngizobona.
nozI: Hhayi, phela imoto leyo ebesikhulume ngayo, angizange ngisayithola. Phela umniniyo kuthiwa uphume ngayo waya kubo le eSabhu-5 ngeke esabuya. Ngize ngagcina sengithole ekababa uNgobese waseFilidi lona ohlala lapha e-KK.
Manje yena ufuna ukuthi silokhu sithathela kude kulotsholwa indendende.
senzo: [Ngelikhulu ixhala.] Ubani uyise?
sonto: [Ekhomba.] Sekuzodingeka ukuthi ngiyithuthe le mishini, ngimane ngiyothungela ngalena egaraji ngoba indawo inkudlwana ngakhona.
senzo: Sekuthanda ukwehla manje nobuhlungu mama.
dokotela: Ngiyabonga. Unjani loyo olapho phansi omsizayo?
sonto: [Abuye aqhubeke nokuneka.] Hho! Ngiyakhumbula uthi usezoyofunda enyuvesi . Pho yini manje, abasamthathi yini, sekwenze njani ngaye?
lwazI: Cha, mama. Mina ngifunda nabeLungu ePineTown. Sibulawa ukuvuka ekuseni kakhulu, sigibele amatekisi asithuthela khona. Uthela amanzi neqhwa kujeke ezomenzela isiphuzo esiqandayo.
sonto: Manje uthi asenzeni ngalokho?
sonto: Ngiyethemba ukuthi nani nihambe kahle lapha. Akalimalanga nje kakhulu uSenzo engozini yesibhamu?
nozI: Bhili! Angisakuzwa manje ukuthi uthini. Wena ufike lapha uzobuza okuqondene nawe. Manje wase ugxambukela ezindabeni zikaSenzo. Ungena ngani odabeni lukaSenzo noma ngabe uyamazi Ungene ngani lapho?
nozI: [Evula umnyango ame khona lapho.] Cha, kulungile mntanami. Kulaleke kahle nje ntombi Asisakubingelelanga. [Engakawuphenduli lowo mbuzo ngempilo, uSenzo engenelela?
lwazI: Mina bengibona ukuthi bekuyoba ngcono nje ukuthi ngabe kasikho kwakuba khona kwamanje.
senzo: Angithi uthi wena uthe umama akukho lutho olubi alubekile nje?
MazUngU: Cha, kuzomele unikele khona Senzo ukuze ilunge le ndaba, yikhona nathi sizohlawula sibone ukuthi umakoti wakwami usizalela mntwana muni. Hawu, ngaze ngajabula mina kababa. Sengizoke ngigone, ngitete nami njengawo wonke amakhosikazi anabazukulu. Izandla lapho usezitete ngemuva.
Endlini yokuphumula ekuseni kwaNozi kulindelwe imoto ezobahambisa kuBhili.
lwazI: Ubesengixosha phela umama wena sisi uSonto.
dokotela: Kosekwenzekile ngalena ekameleni lentombazane, kuhambe kahle konke impela. Besengesaba ngoba uLwazi utetiswe wukwethuka ngenxa yovalo lwesibhamu. Usetetile-ke uLwazi. Utete kahle ngaphandle kobunzima.
lwazI: Ngizosho ngokumitha kuphela okunye-ke ngizothi angazi lutho.
lwazI: [Ngokujabula.] Usho kanje Senzo?
senzo: Phela nami engangikwenzela khona, ngangifuna ukuthi ukwazi uthole lokho okudingayo ngaleso sikhathi. Ungakhali ngokuthi umama wakho akanawo amandla okukusiza Lwazi.
senzo: Hawu, Nkosi yami! Bengithi umama uyazisholo ne, kanti ubeqinisile.
bhIlI: Udubulekephi weSenzo Angangabona gazi nje lapha?
lwazI: Cha, akakabuyi. Ngisalokhu ngihlezi ngedwa. Usuphumaphi ubuya usubukeka ususwangulukile nasebusweni masinya kangaka?
lwazI: Eyi mama! Ngizothini-ke manje?
sonto: Hawu! Kusho ukuthi komele sibize izinkulungwane ezingaka. Naye futhi ekhombisa ngeminwe.
MazUngU: Senzo! Sukuma lapho sihambe! Ayisekho into esingathi sisayihlalele manje. Aphelile agambaqa.
MazUngU: [Esula ikhala ngeduku.] Impela bhuti. Uma phela kuqhathaniswa ububi umuntu ezithola ephoqekile ukuthi akhethe ububi obungcono kunobunye, kuthiwa kungcono ukhethe ububi obungebubi kakhulu kunobunye.
bhIlI: [Ngokumangala.] Hawu! Pho uma uya kuye, ikuphi-ke inkinga lapho?
sonto: Angithi sizohamba naye usibali uSenzo Ukuphi manje, ngabe usefikile ukuze angasali emotweni?
bhIlI: [Emamatheka kancane ngokunconywa.] Kulungile qhubeka ngilalele mshana.
lwazI: Cha mama, angiguli ndawo. Ngiphile kahle. Udokotela ungitshele ukuthi ngikhulelwe. Mh! Mh....! Mh.....! Unina athi ukumyeka njengoba ebembambile, ame ambheke.
nozI: Ukuhlole kahle nje mntanami?
sonto: Impela kuyiqiniso ukuthi uma sekonakele, kusuke sekonakele. Kakusho lutho ukuthi kubuye kwaphindwa yini.
MazUngU: [Ebambelela edanda.] Uqinisile. Kufanele kuphele-ke ukuba ngumkhoma oxetshulwa ngabantu esingabaziyo. [Ezikhomba esifubeni.] Ngakukhulisa kanzima ngibambe ngamazinyo ngingumfelokazi. Kufanele ungazi ukuthi ngingunyoko ungondle. Ungibona ngifanelwe wukubulawa yindlala?
sonto: Kulungile, nani nihambe kahle. Behlukane oSonto noSenzo nonina uMaZungu. USonto angene egunjini lapho kulaliswe khona uLwazi nengane yakhe.
nozI: [Ngesankahlu.] Lwazi!
nozI: Cha ngiyabonga. Ngizoqeda ukuthunga bese ngifonela uSenzo mayelana nalolu daba. Nakanjani yena angakwazi ukuba nosizo. Baqede bese bengena endlini yokuphumula.
bhIlI: Habe! Nansi inhlamvu lapho ibhajwe khona. Uyayibona sisi Ayikhombise uMaZungu kanye noSenzo lapho isiyisicaba esintayekile?
sonto: Ayikho into esingayenza ngaphandle kokuthi ake anikwe ithuba lokuthi azochaza uSenzo. Angazi-ke noma mhlawumbe ucabanga ukumbophisa mngani.
senzo: Noma kunjalo-ke okubuye kwanginika ithemba wukuthi bathe amasotsha egazi wona awakanciphi kakhulu futhi anganda uma ngingalalela ngenze konke engitshelwa kona.
MazUngU: Cha, ndodakazi kangivakashile lapha. Ukuba bengivakashile bengolayeza ukuze bangahambi ngifike bekhona bengilindele oSenzo.
nozI: Kwangazathi yimoto kaNgobese lena ema ngaphandle. Awuthi ngilunguze. [Alunguze ngefasitela.] Yiyo ngempela. Asisale sesiphuma bakwethu.
bhIlI: [Amephule ulimi.] Isaxoxelwani manje leyo ndaba ngoba umbiko kadokotela ungikhiphile ekumitheni kukaLwazi ngobufakazi engininike bona, benkathi eyenzeka ngayo indaba yami naye uLwazi.
bhIlI: Ayingenanga sisi. Nansi, yiyo le! Ibone. Iqale yashaya yagqobhoza isikhwama semali, iwolethi kwagqobhoka nawo amakhadi imbala. Idlulile lapho yase ingenela imali ewuhlweza. Lena iyishaye yaze yagoba ngenkathi inhlamvu ishushuluza kuyo. [Abakhombise isixebeledu se-R5.00 esesigobile.] Kusho ukuthi umfutho namandla enhlamvu aphelele kulo-R5.00 njengoba usunje.
nozI: Ubuncane bakhe bungavimbani Angashada nami, sizihlalele ngokuthula?
nozI: Hhayi, asiyeke amancoko mngani. Hheyi, phela izinto zimbi laphaya kwami. Sekuyabheda impela njengoba bengikuxoxela ngokuthi ngithanda ukuthi sishade noSenzo Athi ukuthulathula.
senzo: Ngisahamba ngisayoziphumulela ngalena ekamelweni lethu. Aphume ahambe abashiye. UNozi asale emamatheka ngala mazwi uSenzo agcine ngawo.
Ugcizelele impela kula mazwi. Ngeke angashintshi.
Uma umbhali ebhala incwadi usuke eqonde ukuthi indaba yakhe ifundwe yonke. Isihloko sombhali kufanele sibumbane nendaba yonke ukusukela ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni kwayo. Uma isethulo sendaba yakhe siduma asiniki umdlandla nogqozi lokuphokophelela nokufunda indaba.
nozI: [Asukume.] Awuthi ngiyolanda imvubu yami ngalena ekamelweni. Ngikhathele manje nguLwazi.
MazUngU: Cha mntanami! Usindiswe yiNkosi nje nakuba usaphila njengoba umbona nje. Ucishe wangikholisa nalo mngani wakho.
bhIlI: Hawu! Wabukeka wethukile nje mshana, sekwenze njani?
senzo: Hawu! Uyazi umama usangenza ingane encane esancela. [Enikina ikhanda ezulazula ekhishini.] Hhayi! Ngeke ngiye lapho mina. [Ebhenguza ngesandla.
nozI: Asazi ukuthi uyohlala nobani ngoba mina ngeke ngize ngiyokotiza kini ngishiye indlu yami enhle kanje.
UNozi, uNoziga uma seliphelele igama lakhe. Iziga nezigigaba zikaNozi ziningi kusukela esafunda noMaZungu esikoleni. Ukuziphatha kwakhe akukhombisi isimilo esihle.
senzo: Hawu kodwa mama kungenzeka kanjani lokho ngoba phela ngithandana nonina Kungathiwani sengiqhobozela isikhukhukazi namachwane aso?
bhIlI: Ko! Ko! Ko!
nozI: Eyi, awungiyeke ngaleso sigilamkhuba. Sisazongitshela ukuthi simoneleni umntanami uLwazi.
MazUngU: Hamba uyozibonela ngalena ekhishini. Mina ngisazozilalela lapha kengiphumuze igazi.
nozI: [Esathukuthele.] Uyeyisa kabi wena ngane!
senzo: [Ngokuthuka, eshalaza futhi.] Hawu! Ukhulelwe?
lwazI: Angazi ukuthi ngizothini mama ngoba vele uyangiqinela uBhili.
nozI: Awu, nami ngibone ngaye esengena nje, ethi usazokuzwa ukuthi sihambe kanjani.
sonto: Kanti wena uthe nizoshada bese ethola umuzi Kanjalo nje?
nozI: Cha ungazenyeza nje wena. Mina ngisafuna ukuthi kengiyobuya khona. Ngingalokhu ngiwuzwa ngendaba umshado. USenzo lona, ngizoshada naye. Akekho omunye engingashada naye uma ngehlulwe nguye. Muhle phela uSenzo futhi ngiyamthanda okwangempela. Ngingabuye ngisitholephi isishebo esinjengaye?
senzo: [Emkhomba.] Sizotholana nawe esikhaleni kwaNtombela. Uyezwa?
senzo: Ngisho phela ngoba angisona isihlobo sakho futhi kangiyena nomkhwenyana osemthethweni.
lwazI: Hhayi, mina angazi noma uyangiqinela yini ngale nto ayishilo ngoba ngiseyingane. Nami angisazi ngempela ukuthi usuku lwekhalenda kwakuyilo yini lolo oselushiwo. Kodwa esikoleni ngalelo langa kwakukade kunefashion show esasiyibukela lapho emini. Mhlawumbe singabuza nothishanhloko. Mfonele mama ukuze sicacelwe kahle.
lwazI: Kulungile Senzo, ngizozama.
lwazI: Phela isimo sabuye saba ngcono sekufike ubhuti uSenzo. Akusamsindi manje njengakuqala ukuthi angigibeze ezimotweni kuze kuphele inyanga. Athathe isitshanyana esisapuleti amfakele kuso amakhekhanyana ambalwa, amnikeze.
nozI: Thula nje wena uzobona. Ngiyamazi uSenzo wami. Ngizomncenga kancane kancane aze avume. Angifuni neze ukumbhozomela ngimphoqe. Angaze angibalekele. Kungekho nokuthi sebengithathele yena.
sonto: Eyi, kona kunzima mngani ukuthi yikuphi okungcono. Ngibona kuzodingeka kesizizwele ngaye uSenzo le ndaba.
senzo: [Ebheka uNozi.] Ngenze njani [Athule nje uNozi angamphenduli?
UMaZungu noSenzo balinde imoto esitobhini.
sonto: Lalelani lapha bakithi! Ngiyazi nami ukuthi le ndaba yesisu, yiyo kanye le eseyiniphakamisele imimoya yenu phezulu. Asiyithathe kahle ngesinono sekati, hhayi ngolaka nangamawala.
lwazI: Yebo uzile futhi angangifakazela ukuthi ngiqinisile.
sonto: Ulalele ini?
MazUngU: Ewu! [Emamatheka.] Usunehaba nawe Senzo. Usungaze uphathe nomshini wokubala ngenhlawulo nje yodwa?
lwazI: Into nje wenziwa wukungazi wena mama.
nozI: Hhayi! Angimazi uSenzo ukuthi ucabanga kanjani. Impela baqinisile uma bethi amathanga ahlanzela abangenamabhodwe.
nozI: Bengisacela ukwazi ukuthi ngeke yini wangisiza ngoLwazi?
senzo: [Esehlahle amehlo.] Kukuphi lapho engxenye Lwazi?
sonto: Afikile amaphoyisa amthatha uNozi nesibhamu leso sakhe. UBhili bambhalise isitatimende wasisayina ase ethi azobuye aye kuSenzo ayothatha nakuye esakhe.
Phawula ngolimi olusetshenziswe umbhali kulo mdlalo.
senzo: Hhayi phela mama. Kangisho kanjalo mina. Ngiqonde ukuthi umuntu uyazikhethela ukuhlolwa igazi.
senzo: Hawu! Usethini-ke manje uMbomvu Nithi ngimuzwe kahle nje?
senzo: [Emvumela ngekhanda.] Uqinisile impela mntakwethu.
nozI: Awu Bhili bandla! Ngizwele mfowethu.
nozI: Ko! Ko! Ko! Vulani bo! [Kuthi cwaka.] Ko! Ko! Ko! Senzo vula bo! Sengizokokota kuze kube njani Ko! Ko! Ko! [Esondela emnyango eyomvulela.] Yebo mama! Mana kancane ngizovula. Hhayi bo! Kwenze njani, navala yonke iminyango emini nje kusanda kusa [ULwazi amvulele angene?
sonto: Ake siyiyeke le ndaba esenikuyo manje. Kufanele kucace manje ukuthi kuzomele senze njani. Sebutholakele bonke ubufakazi ebesiyobufuna kwadokotela.
senzo: [Ehlikihla izandla.] Eyi, kubi malume. Izinto zingimele lubhojozi.
lwazI: [Ezincengela.] Awu mama, bandla! Yilo iqiniso leli engilishilo. Nguye kanye uBhili owangikhulelisa. Akekho omunye mama wami.
senzo: Asazi ukuthini?
lwazI: [Egwajaza.] Awu mama! Ufuna ngithini manje UBhili mina wangeshela, nami-ke lapho ngamthanda ngamjola. Uyi-owu ekahle nephila ntofontofo ubra Bhili. Ngangingeke ngamjola ukuba ngangingamthandi?
Kufika uSenzo endlini yokuphumula kwaNozi ogibele esitulweni ediliza amakhethini.
MazUngU: Hho! Usewubusuku wena Senzo. Kusafuneka ngikuhambise kondlela zinuka imiswane nasezinkokhovuleni zezinyanga. Kebayokuphalazisa, bakugcabe, uncinde, ubheme, bakutshope, bakugqume baze bakuchathe ukuze ubuyele esimeni sakho mntanami. Awuwedwa phela uma usunje.
nozI: Kufanele mngani. Ongathi ungena phakathi kwethu, azame ukusehlukanisa, angazi ukuthi ngingampheka sitshuli sini. Angangifunda angiqonde ngelanga elilodwa nje. Ngeke impela ngivume ukukhishwa iqatha emlonyeni mina kababa.
lwazI: [Ezelula evuka.] Eyi mama, ngikhathele kabi namhlanje.
senzo: Ko, Ko! Lwazi!
senzo: Uyazi ukuthi nguye owalesi sisu. Manje usefuna ukuthi le ngane kuze kuliwe nayo, khona izogcina isiqambele omunye umuntu amanga ukuthi nguye oyonile.
senzo: Cha, kangilazi kepha ulishilo igama lalo wathi uBhili.
sonto: Ko! Ko! Ko!
nozI: Usuxoshwa wukufika kwami manje?
nozI: Phela ngithe ngibuya kuSonto, ngafika lapha uLwazi wangitshela insambatheka yendaba uma ngimbuza ngamafomu abekade eye nawo kudokotela.
Lapha umlingiswa ushikashikana yedwa nenkinga abhekene nayo. Sibona kuLwazi okhathazekile ngenxa yokuthi uthanda isoka likanina uSenzo futhi usekhulelwe. Luphinde luvele kuSenzo ohlala esovalweni ngokungashiwo uLwazi ngesisu sakhe. Nokuthi abone ukuthi usedinga usizo sekumele ayokhuluma nomalume wakhe uBhilikida amtshele ngale nkinga akuyo. Luba lukhulu kakhulu lapho uNozi esemshayela ucingo esesaba ukuya kuyena ngoba esebona ukuthi isiwuchithile umuthi inkonyane. Luyaphinda luyavela ngenkathi uBhili esecabanga ngalokho obekushiwo uSenzo esebona ukuthi uLwazi lo uSenzo akhuluma ngaye umuntu oyedwa nalo Lwazi obezobika isisu kuyena. Yingakho nje efanisa uLwazi nesihlahla sendlela.
MazUngU: [Emkhomba.] We Nozi! Useyisa namanje Usadelela impela?
