Study Group (Maize)									IsiZulu
Sibheka Amaqembu Okufunda aseEastern Cape
Instructions:
Folio strap: Isimo
Byline: ULawrence Luthango, umhlanganisi wephrovinsi wePhrogramu Labalimi baseSA Abasathuthukayo
Use the South African map and show where the Eastern Cape is
Kule ndawo kukhona amahektheli angu-2152 akwazi ukulinywa ngamalunga amaqembu okufunda. Lezi zindawo ngumhlaba osetshenziswa ngumuzi wonke kodwa ugavumente ungumnini, upthathwa nje umkhandlu wesigodi. Umlimi ngamunye unesivumelano sokhuhlala kuleyo ndawo (permission to occupy – PTO) okucishe kufane nesivumelwano sokuqasha. Umlimi angeke akwazi ukuba umnini walowo mhlaba, kodwa naye angeke ekwazi ukuqoshwa kuleyo ndwawo. 
Ngalo nyaka abalimi bahlulekile ukulima amahektheli angu-857. Kunkhona izizathu eziningi zalokhu, kakhulukazi izindleko eziphakeme zokuqala ukulima nezindleko eziphakeme zokuqasha abankontilaki. Abalimi bayahluleka ukuthenga imishini yabo ngoba intengiso yokudla okuzinhlamvu iphansi futhi inzuzo incane. Abaningi abalimi abasasebenzisa lo mhlaba sebakhulile baphila kakhulu ngempempensheni kuphela. Futhi laba balimi abagugile bangeke basekelwe amabhange ngokuboleka imali, abakwazi futhi ukwandisa amasimu abawahlanyelayo ngemali abanayo.
Amaningi amasimu akwazi ukutshalwa awakabiyelwa ngothango, manje abalimi babhekene nengozi ngoba izimfuyo zidlakhona. Iphrogramu leCASP loMnyango Wezokulima iqhubeka kancane kakhulukazi ngokubiyela amasimu ngothango. Iphrogramu elikhulu lokukhiqiza ukudla liyanciphiseka ngoba abaningi abalimi abasatholi ukusekelwa kuleli phrogramu ukuze batshale ukudla. Abalimi basemaphandleni bacela ukusizwa iphrogramu leASGISA bese balima amasimu womuzi wonke kodwa lokhu akusizi abanini balowo mhlaba. Lokhu akusiyo incasiso eqinile ngoba siyazi ukuthi lapho iASGISA lingasalimi amasimu, amasimu azophinda ashiywe nje angeke alinywe ngoba kungeke kubekhona ukunikezwa kolwazi futhi abalimi abangeke bathole amandla ukuqhubeka ngokwabo. 
Amalunga esiqumbi sokufunda ahlangana njalo ngenyanga. Kunosizo olukhulu ukuba ilunga lequmbi lokufunda ngoba abalimi bayakwazi ukwabelana izibono zabo, ukukhomba izidingo zabo mayelana nokuthola ulwazi futhi ukusekelana. Abalimi abasemaphandleni basekudeni nabalimi bezomnotho ngakho-ke abekho abalimi abaningi abalima ngendlela yezomnotho. Ukuthuthuka kulezi zindawo kuqhubeka kancane, kodwa ngiyajabula ukuthi ukuthuthuka kuyabonakala. Abalimi basebenzisa izimbewu ezingama-‘hayibridi’ (izimbewu ezimbili ezingafani ngohlobo), umanyolo ofanelekile futhi bazama ukubulala ukhula emasimini lapho kutshalwe khona ummbila. 
