Study Group (Maize)										IsiZulu
Sihlola iqumbi lokufunda laseKhanyayo
Instructions:
Folio strap: Isifanekiso
Byline: UIan Househam, Umhlanganisi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi wePhrovinsi 
Sebenzisa imephi laseSouth Afrika lokukhombisa ukukhombisa ukuthi iNorthern Eastern Cape ikuphi.
Photo 1: Iqembu Lokufunda LaseKhanyayo emhlanganweni walo.
Photo 2: Usihlalo weQembu Lokufunda LaseKhanyayo uMnz Magidela ngaphambi kommbila wakhe.
Igama leqembu lokufunda
Iqembu Lokufunda laseKhanyayo.
Likuphi leli qembu?
Leli qembu lokufunda lisemaphandleni lapho kungekho khona imiqwaqo emihle nezitolo. Lingamakhilomitha angu-60 ukusuka eBizana eNorthern Eastern Cape.
Ukuba ilunga lequmbi 
Kukhona amalunga angu-100 kuleli qumbi.
Umhlaba okwazi ukulinywa nomhlaba okhona ukulima
Kukhona amahektheli angu-100 akwazi ukulinywa ukukhiqiza.
Amahektheli alinywe ngo-2010/2011
Amahektheli angu-40.
Izizathu zokungalimi wonke umhlaba okwazi ukulinywa?
Ukuswela kwezimali.
Ukuswela kwezinto zokuqala ukutshala.
Ukwesweleka kwemishini.
Ukuswela kwezincingo zokwakha uthango.
Isimo sezulu – ekuqaleni kwesikhathi sokutshala ngo-2010 izulu liphuzile ukufika, lapho belifika bekumanzi kakhulu ukutshala.
Ubude obukhulu ukuthintana nalabo abanikeza izinto zokuqala ukutshala, njengomanyolo, izimbewu namakhemikheli.
Iqembu lokufunda lihlangani kangaki?
Iqembu lokufunda lihlangana kanye ngenyanga nabaseGrain SA futhi nabo bahlangana njalo ngeviki ukuxoxa ngezindaba zokulima.
Ziyini izinsizo zokuba ilunga lequmbi lokufunda?
Kakhulukazi izinsizo zokuba ilunga lequmbi lokufunda kungukudlulisela ulwazi, ukuxoxisana namye amalunga eqembu, ukubona izindlela ezifanelekile zokusebenza njengokuthatha amasampula omhlabathi, zokutshala, zokuthela umuthi obulala ukhula nokuhlola izizamo ezinsha. Iqembu lokufunda laseKhanyayo belinenhlanhla sokuya Esifundweni Sokuqala Sokutshala Ummbila.
Kukhona ukusebenzisana ngaphakathi kweqembu lokufunda nabanye abalimi bazomnotho?
Ngokwamanje abekho abalimi bezomnotho kuleyo ndawo!
Iqembu lokufunda lisizakale kanjani ngezisekelo ezivela kuGrain SA?
Ngezikhathi behlangana, amalunga athola ulwazi nethuba lokuxoxa ngezindlela ezifanelekile zokutshala.
Izizamo zokuhlola nokulinganisa zikhombise usizo lokusebenzisa amakhemikheli nomanyolo.
Lapho amalunga ahlangane ukwakha iqembu lokufunda, lelo qembu lonke selikwazi ukuthenga amakhemikheli nomanyolo, hhayi njengomuntu oyedwa kuphela.
