Study Group (Maize)										Isizulu
Sibheka Isiqumbi Sokufunda sasePhuzane
Instructions:
Folio strap: Profile
Byline: UJurie Mentz, umphathi wephrovinsi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi
Use the South African map and show where Uphuzane is (Paulpietersburg)
Igama lequmbi lokufunda
Iqumbi libizwa ngokuthi Uphuzane.
Likuphuphi leli qumbi?
Indawo yasePhuzane uzoyithola eNyakatho KwaZulu-Natal uma uhamba amakhilomitha angu-25 usuka ePaulpietersburg, eceleni komfula obizwa ngokuthi Bivane River. Lapha kusemaphandleni impela futhi akukho lokhu okubizwa ngesiNgisi i-infrastruture (izinto zokulima nokutshala nokuhamba, nokuthenga nokuthengisa noma ini). Abalimi futhi abanawo amakhono nolwazi ukulima njalonjalo ngokwabo bodwa. 
Ukuba ilunga laleli qembu
Kuleli qembu lokufunda kukhona abakhiqizi abesifazane nabesilisa abafisa kakhulu ukufunda nokwandisa inzuzo yabo, okuzokwenza ukuthi impilo yabo ibe ngcono, nokusebenzisa kangcono izingcebo zazemvelo ezikhona. 
Amasimu akhona akwazi ukulinywa
Ngokwamanje abakhiqizi basebenzisa amahektheli angu-70 akwazi ukulinywa, kodwa kusekhona izindawo eziningi ezingahlanyeliwe ezikwazi ukukhiqiza. 
Kungani kubekhona amasimu angalinywa?
Izizathu zokungalimi kulezo zindawo kakhulukazi zisemalini, ngoba amaningi amasimu angamasimu omhlaba wonke, bese amabhange nabanye ababolekisa imali abathandi ukukhokha leyo mali ngoba abanalo iqiniso ukuthi elithi bazophinde bayithole leyo mali ekugcineni. Enye inking isemishinini, abalimi abanabo ogandaganda neminye imishini. 
Amalunga equmbi ahlangana nini?
Iqumbi lihlangana kanye ngenyanga ukuxoxa ngezinkinga zamalunga nangezindlela zokusebenzisa izingcebo zabo ezincane. 
Ziyini izinsizo ezihambelana nokuba ilunga lale qumbi lokufunda?
Ngithole isimangaliso esikhulu lapho bengiyohlola ukuthi benzani, ngithole ukuthi basebenzisa izindlela zokulima ezinsha ezizakwamanje ukukhiqiza (ukungalimi ngegeja – “no-till”) ngo-2009/2010 ngomphumelelo omuhle. Ngalo nyaka bandies ukutshala ngaphandle kokulima ngegeja batshaIa ummbila ngendlela ye-“no-till” bathola umvuno ongaphezu kwalowo wonyaka odlule. Ukuvuma nokufuna kwabo ukushintsha, ukuyeka izindlela zakudala zokutshala, ukuzama ukusebeza ngezindlela ezinsha kuyakhombisa ukuthi ababalekeli ukushintsha futhi bayabona ukuthi ukufunda kwabo nokuqhubekela phambili kubalethela imphumelelo enhle. Bayazi ukuthi abadala bathini: ‘Walala wasala’ – abaqhubekela phambili bazokushiya.
Abakhiqizi bathola ukuthi bathola ulwazi oluningi lapho bangamalunga equmbi lokufunda nokuya ezinsukwini zabalimi lapho kukhona izifundo. Enye indlela ukuthola ulwazi ngukusebenzisa amaphloti okuhlola, lokhu kukhombisa abalimi indlela ensha eqondile yokutshala ummbila.
Kukhona ukuhlangana kwaleli qembu nabanye abalimi bezomnotho?
Kukhona ukuthintana kwamalunga eqembu nabanye abalimi bezomnotho abaseduze, kodwa abanye bahlala kude abakwazi ukuhlangana nabo kalula – lokhu kuyinkinga. Iqembu lizwana kahle noMnyango Wezokulima kaGavumente nabanye abalimi bezomnotho kuleyo ndawo.
