Seed (Maize)										IsiZulu
Indlela yokuphatha izimbewu zokhula esingazifuni emmbileni
Folio strap: Ukubulala ukhula
Byline: Dr Jeanetta Saayman-du Toit (ARC-GCI, Potchefstroom) 
Isikhathi sokuvuna siyasondela futhi kusekhona amasimu amaningi agcwele ngokhula. Ukuxoxa kwethu njalo kuyabuyela lokhu: ukhula luyisitha esikhulu somkhiqizi wokudla. 
Into eyodwa ebalulekile kakhulu uma sikhiqiza ukudla okuzinhlamvana, ngukuphatha nokubulala ukhula. Uma kukhona ukhula umvuno uzovelelwa izinkinga ngezindlela eziningi, kakhulukazi kuzolahleka umvuno omningi nezinhlamvu zizokonakala. Ezweni jikelele kukhona ukuntula kokudla okuzinhlamvu okudliwayo, kanjalo-ke asikwazi ukuvuma ukuthi izinhlamvu zijeziswe ngoba zonakaliswe izimbewu zokhula. Izimbewu zikakhaki azivunyelwa zibekhona emmbileni ngoba ziyanuka bese ummbila awudliwa ngabantu noma izmfuyo. Mayelana nomthetho ophatha ukuthuthukisa izitshalo nokuhlanzeka kwezimbewu, kukhona izinhlobo zokhula ezingavunyelwa neze emmbileni. Isibonelo, maqondana naleyi mithetho akufanelanga kube khona imbewu eyodwa ka-olieboom (datura). UDatura unophoyizini ongagulisa umuntu kakhulu. 
Izinto esizifundayo ezibalulekile lapho sibheka ukuphatha ukhula ngukususa isiqaliso esonakalisa izinhlavu. Ummbila ongenakhula ongakonakali ngumphumelo wokuphatha izitshalo zakho njalonjalo, sonke isikhathi, hhayi ukuzama lapha nalapha ukubulala ukhula.
Izindlela ezinhle zokuphatha ukulima kwakho ziyalandela: 
Yandisa ukuvunda komhlabathi wakho (ezinye izinhlobo zokhula zithanda ukumila emhlabathini ongavundile);
Sebenzisa izimbewu ezinhle ezihlanzekile ngesikhathi uhlanyenala;
Qinisa ukuthi alukho ukhula ezindaweni ezisondele nensimu yakho;
Izindlela ezinhle zokuphatha ukhula lapho kusenesikhathi (ngesikhathi sokuhlanyela, masinya emva kwaloku, kuzosiza ukuthi ukhula lungancintisani nezitshalo zakho ukuthola amanzi nokudla emhlabathini, futhi kuzovimba ukonakala kwezimbewu ekugcineni lapho uvuna; 
Uma ukubulala kokhula ngokusheshisa ngesikhathi utshala akuzange kusebenze kahle, ukhula ufanele uhlakulwe ususwe ensimini ngaphambi kokuvuna. Lokhu kuzovimba izimbewu zokhula zihlangane nezimbewu zommbila;
Uma ukhula olukhulu lususwa ensimini emva kokuba nezimbewu, kuzoba ngcono ukushisa lolu khula ukuluvimba ukumila futhi ngonyaka ozayo. 
Khumbula, umvuno omuhle usho ukuthi kukhona izinhlamvu zommbila eziningi – eziningi izinhlamvu ezihlanzekile!
