Schools (Maize)									IsiZulu
Iphrogramu lethu lezikole lihamba phambili 
Folio strap: IPhrogramu Lezikole
Byline: UWillie Kotzé, umphathi wePhrogramu leSA Lokuthuthukisa Abalimi ngokuqeqesha nangokuthuthukisa
IGrafu 1: Izikole esihambele kuzo ngethemu lokuqala ngo-2010 nango-2011.
IGrafu 2: Abafundi esibabonile ngethemu lokuqala ngo-2011. 
IGrafu 3: Abafundi abayile kuzifundo ngethemu lokuqala.
IGrafu 4: Izikole esiyile kuzo kumaphrovinsi athile ngethemu lokuqala ngo-2011.
Ngo-2010, iGrain SA liqale iphromu ezikoleni elisekelwe iMaize Trust. Iphrogramu belinomphumelo omuhle. Ngesicelo sethu kuMaize Trust sokuthola imali ngo-2010/2011 siphinde futhi ukucela imali sokusekela iphrogramu lezikole success. IMaize Trust lalinomusa lokuvuma ukunikeza imali yokuya ezikoleni. 
Kubalulekile ukududa izingane ukwazi ukuthi ukulima kunenani (igugu) lapho kukhiqizwa ukudla (kuyindawo lapho kuvela khona ukudla), kuyinto enkulu ezindatsheni zezomnotho, kunikeza ithuba lokuthola imisebenzi futhi kuyindawo lapho ungakhetha ukuyosebenza khona. Uhafu wabantu eAfrika banentanga engaphansi kwa-20. Ngokwamanje izingane zingabathengi zezimphahla, zingabathengi bakusasa futhi bayizizukulwana ezingabasebenzi zakusasa. Uma sikwazi ukubafundisa manje ukuthi ukulima kubalulekile, kakhulukazi umsebenzi wokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu, singazama manje ukubasiza ukuqonda ukuthi konke lokhu kubalulekile. 
Lo nyaka umgomo wethu ngale phrojekthi lethu kwakukwenza amaDVD amathathu ahlukene akhombisa isigaba sokwezokulima, umsebenzi wokukhiqiza ummbila nokukhetha ukuyosebenza ekulimeni. Inani lezingane eziya kulezi zifundo likhulu – kuzo zonke izikole besingakwazi ukubona zonke izingane kanyekanye (inani elikhulu alisebenzi kahle ngoba awukwazi ukunaka zonke zidingo zabo), noma ukubona amaqembu lezingane amancane (lokhu kusho ukuthi umfundisi ufanele efundise isifundo sinye kaningi). Siye ukubona iAgriSETA ngo-Okthoba 2010 ukubacela ukusekela le phrogramu. Bathe bazonikeza R360 000 ukwenza la maDVD amathathu. Sayemukela isithembiso sabo sasesaqala ukukhetha abantu abazokwenza lawo maDVD. Ekugcineni sakhetha uMartie Williamse waseNoline Productions ozokwenza iDVD lokuqala noPW van Wyk waseAgriTV ozokwenza iDVD lesibili. 
Abafundisi bakhethwe ezindaweni eziyishumi, EFreyistata, eNorth West, eNorth West/Gauteng, KwaZulu-Natal, eEastern Cape, eNorthern Cape naseMpumalanga. Ngethemu lokuqala siye kuzikole ezingu-180 sakhombisa abafundi lawo maDVD. IDVD lihlanganiswe ngendlela evumela umfundisi ukumisa iDVD ezindaweni ezintathu ukuze umfundisi uzokwazi ukuxoxa ngalokhu okukhonjisiwe nabafundi. Emva kokubheka iDVD lokuqala isikole sizothola iphosta elizokhumbuza abafundi ukuthi iDVD belifundisani – Ukudla, Umthambo, Impilo. 
Sibuze abafundi abathile kulezi zikole lapho siye khona sababuza ukuthi lokhu esizame ukubafundisa kubasizile. Masizwe ukuthi bathini:
UMoliko, uTebello noDoreen abafundi baseQuibing Senior Secondary School
 “Angazi ukuqala kuphi kodwa ngiyazi ukuthi ngifunde okuningi futhi ngisafuna ukufunda okunye futhi. Ngikholwa ukuthi kubalulekile ukutshala imithi nokunye ukuze sizokwazi ukuphila kahle njalonjalo. Ngifunde futhi ukuthi ukutshala akusiko umsebenzi wabalimi kuphela, thina esingabantu abasha, siding ukwazi okuningi okuhambelana nomsebenzi wokulima ukuze sizokwazi ukukhiqizela abanye abantu ukudla. Ngokusuka namuhla ngizoqala ukutshala amaveji ngoba ngifundile nami ngiyakwazi ukusiza. Ngithumela iGrain SA isibusiso sami. UNkulunkulu abe nabo ukuze sihlangane futhi.”
Mosamo, Mokhele P, Diphapang, Radimo and Mokhetni M from Le Reng Secondary School
 “Sifunde izinto eziningi esingazazi, njengalokhu: 90% wokudla womhlaba jikelele ukhiqizwa ngabalimi. Sidinga abalimi abahlanu ukwenza i’burger’ elodwa. Abanye lapha esikoleni sethu bebengazi ukuthi izinto zokwembatha zenziwa ngezikhumba noma uboya bezimfuyo, abazi ukuthiukufuya izilwane (izimfuyo) nakho kuyindlela yokufunda. Besicabanga ukuthi umsebenzi wezokulima ngukulima nje (ukutshala), kodwa namuhla sibonile ukuthi asazi lutho. Umsebenzi wezokulima kuhambelana nempilo yabalimi ngoba ngaphandle kwabalimi akungeke kubekhona ukudla.”
UBongani noSechaba waseThabo Thokoza Secondary School
 “Yebo! SIsiqonde kahle isifundo futhi sifunde okuningi maqondana nokulima. Asikwazi ukuphila ngaphandle kokulima. he presentation was clearly understood and we learnt more about agriculture. We can’t live without agriculture. Kukhona ukulinganisa okusondele ngaphakathi kwabalimi abalimi abakhiqiza ukudla ngokufuya izimfuyo nokutshala izitshalo. Sifundile ukuthi lokho esikugqokayo kuvela ekulimeni, sifundile futhi ukuthi ubhekilanga ukhiqiza uwoyela futhi ukhotini usebenziswa ukwenza ama”jeans”. Sifundile futhi ukuthi ‘photosynthesis’ kwenzeka ezitshalweni eziluhlaza ne’chlorophyll’ kutholakala ezitshalweni eziluhlaza. Siyanibonga Grain SA, bekumnandi ukuhlangana nani.”
UMonique Pretorius waseWinburg High School
“Yebo, ngifundile ukuthi singenza umehluko uma siyosebenza emapulazini emva kokuqeda ngesikole ukuze sonke sisizane sibe nokudla. Ngibonile futhi namuhla ukuthi kubuyaphi konke ukudla nezinye izinto esikudlayo, akulula ukwenza zonke lezo zinto, besingacabangi ngalokho. Angizange ngicabange ukuqonda ukuthi zenziwa kanjani lezo zinto, kungimangalisile. Ngibonga kakhulu!”
UMakotsoang Sello waseLouw Wepener Combined School
“Yebo, ngoba kumnandi ukuthola ulwazi okuhambelana nokwezokulima, ngufundile futhi ukuthi umhlabathi uyinto yemvelo ephilisa umhlaba. Konke esikutholakho namuhla kuvela kuzimfuyo nasemhlabathini. Ubabamkhulu wami wayelima naye kodwa wayengenolwazi njengobaba. Ubaba unolwazi nekhono, utshala izinto eziyinhlobonhlobo njengeklabishi namazambane. Ngifisa ukuthatha ifa labazali bami ngiye phambili. Nobaba uzozigqaja. Lokhu engikubonile bekuyinto engeke ngiyikhohlwe. Ngibonga kakhulu.”
UMalefane Retshedisitswe waseBoitumelo Secondary School
 “Ngibonile ukuthi ngaphandle komsebenzi wezokulima sizolamba futhi asingeke sibe nezinto zokwembatha. Ngokwami ukulima kuyinto enhle, kusiza abantu, izilwane nokunye. Ngifuna ukucela abantu ababulala izilwane nemithi ukuthi bakhawule, ngoba lapho baqubeka ukubulala imithi sizohlupheka ngoba asingeke sibe nokudla, amapulangwe ukwakha izindlu, ifenisha nezinto zokubhala, futhi uma sibulala izilwane sizohlupheka ngobe asingeke sibe nezinto zokwembatha nokudla – ngiyakuthanda lokho...”
URebecca Ntsapi waeBoitumelo Secondary School
“Ngibonile ukuthi ngaphandle komsebenzi wezokulima sizohlupheka, akungeke kubekhona abantu emhlabeni, abantu bazokufa. Ngaphandle kokulima akungeke kubekhona izingubo zokwembatha, ukudla nezindlu. Ukulima kubalulekile empilweni yethu, ngaphandle kokulima akungeke kubekhona izinto eziningi emhlabeni. Ngiyabonga!”
UMtabane Egnar waseLere-La-Thuto School
“Bekuyisimangaliso kimi ngoba okuningi bengingakwazi. Ngithemba ukuthi iGrainSA kizophinda libuye futhi. Kungisize kakhulu. Bengingazi ukuthi irayisi livela emhlabathini ngaphansi kwamanzi. Okunye engikufundile yilokhu: obabamkhulu bethu lapho befuna izingubo zokwembatha kwakufanele baphume bayozingela ukuthola izingubo, kodwa thina sithenga emashopo. Angizange ngicabange ukuthi ngizofunda okuningi kangaka. Ngiyanicela, phindani nifike nikhombise abanye abazange babone lesi sifundo senu. Bazomangala nabo lapho bebona lokhu engikubonile namuhla. Kwakuyismangaliso!”
UJaco Hulme wase Linpark High School
“Lokhu kwenze ukuthi ngibone ukuthi konke esikudlayo nalokho esikumbathayokutholakala emvelweni. Ngifunde ukuthi abalimi benza umsebenzi omkhulu empilweni wethu ngoba bona batshala izinto esikudlayo futhi amveji amaningi aphuma emhlabathini. Abalimi bayaqinisa ukuthi izimfuyo ezidliwayo ziphila kahle futhi bayasikhombisa ukuthi umhlabathi ubalulekile empilweni yethu. Abantu bafanele baphephe izinto zemvelo ngoba kusasa kungenzeka ukuthi ukudla kuphele – sisebenzisa imiliyoni elilodwa lamathani lommbila ngonyaka. Uma siqhubeka kanje sizoba enkingeni, kwenze ukuthi ngicabange ngazo lezi zinto futhi ukubonga ngoba sisenazo!”
UMetyatat Nontetho from Senzile Combined School
“Ukuvakashelwa iThe Grain SA kusilethele ulwazi oluhle – kusinikeze izibonelo ezikhombisa ukuthi izinto zenziwa kanjani: ekuqaleni (‘primary’), okwesibili (secondary), okwesithathu (tertiary). Kwakuyinto eyisimangaliso kimi. Ngimangale ukubona izinto ezisetshenziswayo sivelaphi. Kwenze ukuthi ngicabange ngemisebenzi ekhona ezokulimeni. Ngifunde futhi ukudbona ukuthi izingubo engizembatha njalo ngosuku zenziwa kanjani. Manje sengiyohlola ukuthi kukhona imisebenzi enjani ekulimeni ngoba ngibonile ukuthi nabantu abangafundanga nabo bayakwazi ukusiza – lokhu kusho ukuthi kuzoba khona eminingi imisebenzi futhi kuzoshintshakala impilo yabantu abaningi. Ngiyaphinda futhi: kwakuyisimangaliso ukubona lokhu.”
UThabiso Sonopo waseMarquard High School
“Yebo, bekunokusiza okukhulu ngoba ngifunde okuningi engingathembanga ukuthi ngizokufunda. Ngokokuqala bengingazi ukuthi umsebenzi wezokulima ubaluleke kangaka futhi ukuthi kuhambelana nempilo yethu sonke isikhathi. Kuyisimangaliso ngivukile ngadla ukudla okuvela ekulimeni. Okunye okumangalisayo yilokhu: ngigqoka izingubo ezivela ekulimeni. Kuyamangalisa kakhulu ukwazi ukuthi lapho ngiyolala amashidi abuya ekulimeni. Bengingazi ukuthi irayisi limila ezitshalweni. Ngeqiniso siphila ngokulima sonke isikhathi empilweni yethu. Kufanele siphephe izitshalo zethu, singazibulali ngoba sicabanga ukuthi azinamsebenzi, ngoba bengicabanga ukuthi izitshalo ezimila emanzini azinamsebenzi. Manje sengibone ukuthi irayisi liphuma kuleso sitshalo esimila emanzini. Ngibonga iGrain SA ukuvakashela isikole sethu ngoba basifundise okuningi okuhambelana nekulima. Ngilinda ukuthi baphinde babuye futhi. Grain SA, ngiyabonga ukusilethela lonke lolu lwazi.”.
ULetshabo Ipeleng waseSenzile Combined School
“Ngifunde ukuthi izinto esizisebenzisayo njalo zibuya kuphi futhi ziye kuphi ngaphambi kokuba ukudla okudliwayo. Sifunde ukuthi kungani izitshalo nezimfuyo zibalulekile kithi futhi zisinikezani. Sifunde futhi ukuthi ukudla kuvela kuphi ekuqaleni (primary) bese kuya esigabeni sesithathu (tertiary) bese kuya kube leyo nto esidliyayo. Kusinikeza futhi amaminirali nefayiba.”
UMoshane Paballo Vinoliah waseRainbow High School
“Yebo, kwakumnandi kakhulu ngoba ngifunde okuningi okuhambelana nomsebenzi wezokulima. Ngingumuntu ozwayo ngakho-ke sengiyaqonda okuningi okuhambelana nokulima futhi ngifuna ukufunda okunye futhi. Lokhu bekuhle kakhulu. Ngifisa ukufunda umsebenzi wezokulima futhi ngikholwa ukuthi kukhona amathuba amaningi ukuthola umsebenzi. Bengizojabula kakhulu uma umfundisi wethu weGSA unkosikazi A Thoma athintane nami. Angathintani nesikole sethu kuphela, kufanele baye ezikoleni ezinye futhi banikeze ulwazi nalapho.”
UCallum Estchmaier waeWeston Agricultural College
“Yebo, kusisize kakhulu ngoba kusilungisele ukungena emsebenzini wezokulima. Lesi sifundo sabo sisize futhi sibone ukuthi ukulima kubalulekile ukuthola ukudla, izingubo, izicathulo ne-eneji. Bazama futhi ukusisondelisa ekulimeni sonke isikhathi.”
UThabiso Msomi waseLinpark High School
“Yebo, kusikhombisile ukuthi ukudla esikudlayo kufika kithi futhi kwenziwa kanjani. Kusikhombise futhi ukuthi kukhona izinto emsebenzini wezokulima esingakwazi. Kusikhombise ukuthi izingubo esizembathayo zenziwa kanjani futhi zifika kanjani kithi.” 
ULondeka Mhlongo waseWartburg Kirchdorf School
“Yebo, namuhla ngibonile ukuthi 90% yezinto esizisebenzisayo njalo ngosuku kuvela ekulimeni. Sicabanga ukuthi ukudla esikudlayo njalo nezingubo esizigqokayo kuyafika nje, siyakhohlwa ukuthi kukhona abalimi abasebenzela thina. Umsebenzi onzima wabalimi, izimfuyo ezihlatshwayo ukuthola inyama, izikhwamo ezenziwa ngezikhumba nangoboya. Kanjalo-ke bekuyinto enhle ukufundiswa nokukhumbuzwa iGrain SA ukuthi zivela kuphi lezi zinto. Ngakho-ke ngicabanga ukuthi sifanele siphephe umhlaba wethu singadali ipholushini.” 
UPono Shembe waseZakhe Agricultural College
“Bekunosizo olukhulu, ngiyaqinisa ukuthi zonke izikole nazo zizovuma. Nami ngifunde izinto eziningi, kakhulukazi ukuthi izidingo ziningi zabantu zivela emsebenzini wezokulima. Lapho abantu basuka emapulazini baye emadolobheni nokwanda kwabantu, ukulima kulinganisa amapulazi namdolobha amakhulu. Ukulima kuvala isikhala sokukhiqiza ukudla emhlabeni jikelele. Izingubo esizigqokayo zihambelana nokukhiqiza ekulimeni. Silinda ukuthi bafike futhi!”
ULondeka Mkhize waseEstcourt High School
“Yebo, ngoba ngifundile ukuthi kukhona izigaba eziningi ekulimeni. IDVD mhlawumbe lingakuchaza okunye ngendlela ekhanyayo. Kungifundise ukuthi kukhona izingcebo eziningi emhlabeni, thina esingabantu sifanele sicabange ngakho. Siyabonga ngoba kukhona abantu abathatha isikhathi sabo, ukwazisa thina ngalezo zinto, silinda ukuthi baphinde bafike futhi.”
URamona Steenkamp wasePionier Hoërskool
“Yebo, kwakulusizo olukhulu.Mina sengihlonipha ngibonga lokho engikudlayo futhi indawo lapho kuvela kukhona. Siyabonga ukusherisha ulwazi lenu nathi. Sicela ukuthi niqhubeke ngalo msebenzi wenu, bekuyisimangaliso.”
USandile Mohunu waseSarel Cilliers High School
“Yebo, ngikholwa ukuthi thina esingabantu sivama ukuthatha izinto ezivela ekulimeni ngathi kuyinto ejwayelekile nje. Angizange ngicabange ngazo zonke izinto engizizwe namuhla. Manje sengiyazi ukuthi ama’cornflake’ awafiki nje etafuleni ngaphandle komsebenzi omningi owenzekayo ngaphambili. Sekuyisikhathi sibheke izinto zemvelo ngendlela ehlukene, ngendlela evumayo. Qhubekani ngomsebenzi wenu. Ningalahlekelwa umdlandla wenu...”
Izikole esiye kuzo – ithemu lokuqala
Inani lokuya ezikoleni ngethemu lokuqala 2011 – inani labafundi abayile
Inani labafundi esibabonile – ithemu lokuqala
Izikole esiye kuzo kumaphrovinsi
