Profile (Maize)									IsiZulu
Ukumazi… uMonica Mathamba
Instructions:
Folio strap: Ukwazi umuntu 
Byline: ULawrence Luthango, umaqondanisi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi kuleli phrovinsi.
Photo: Use pic of Monica
UMonica Mathamba uhlala Embusweni waseMthatha Mbozisa lapho eyilunga leNhlangano Labalimi baseMbozisa. UMonica ulima amasimu omhlaba wonke angamahektheli angu-6 futhi uphumelele ukubiyela amasimu lapho etshala khona ngothango.
UMonica uye kuzifundo zeGrain SA eziqeqesha abalimi ezilandelayo: Isingeniso sokukhiqiza ummbila nesifundo esiphakeme sokukhiqiza ummbila. UMonica wandise umkhiqizo wakhe ngokusebenzisa ulwazi aluthole kuGrain SA. Uvame ukukhiqiza amathani angu-3,5 ehektheleni kodwa manje ukhiqiza amathani angu-4,5 ehektheleni. 
Uyithola kanjani imali yokutshala?
Imali yokuqala ukutshala uMonica usebenzisa imali ephuma ekhukhwini lakhe ngoba umphathi wezimali uvama ukuthola imali ayibolekayo emva kwesikhathi lapho sekuvuniwe. 
Uzithola kuphi izinto zokutshala?
UMonica uthi uthenga izinto zakhe zokuqala ukutshala kuMthiza Farmers Co-op naseEast Cape Co-op. Inani lentengo livama ukuba phezulu (ziyadula) futhi abalimi abanikezwa iseluleko maqondana netheknoloji zalezo zinto.
Uyinini umsebenzi ugavumente ubhekene nawo ekulimeni futhi uphumelela kanjani ukwenza lowo msebenzi?
Ugavumente ufanele enikeze abakhiqizi imibiko (iseluleko) namakhono ahambelana neknoloji futhi bafanele banikeze izindlela namathuba ukuqhubeka ngomsebenzi wabo (infrastructure). UMonica uthi ugavumente akawenzi lowo msebenzi ngoba abasebezisi amapholisi abo lapho kudingeka khona.
Utthini ngokuqhubeka kwakhe ngendlela enhle kangaka ekulimeni?
UMonica uthi ukuphumelela kwakhe phambili kwenzeka ngoba uthanda kakhulu umsebenzi wokulima futhi usebenza kakhulu njalo, ukhuthele. Ukholwa ukuthi ukusebenzisa izimbewu ezingama-‘hayibridi’ (izimbewu ezimbili ezingafani ngohlobo), umanyolo ofanelekile futhi uzama ukubulala ukhula emasimini ngamakhemikheli kumsizile ukwandisa umvuno wakhe. Ngalo nyaka, uMonica ufuna ukuthenga eminye imishini, kakhulukazi umshini ofafazayo. 
