Profile (Maize)										Zulu
Ukumazi...uVictor Mahlinza
Instructions:
Folio strap: Ukwazi umuntu
Byline: UJurie Mentz, umaqondanisi wephrovinsi osebenzela iPhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi
Photo: Use pic of Victor
USibongile Victor Michael Mahlinza wazalwa eEstcourt ngo-14 July 1961 futhi wakhulela endaweni yaseNtabamhlophe (White Mountain). Waqala ukuya esikoleni sabancane ngo-1968 eCornfield Primary School. Ngo-1976 waqala ukuya ku-Mtshezi High School waze waqeda ugrayidi 11 ngo-1982. 
Ngo-1983 wasuka waya eGoli wasebenzela umkontilaki owakhayo waye ngusekrethari. Wasebenza lapho unyaka owodwa. Emva kwalokhu uVictor wasebenzela inkampani eyenza amakhemikeli eGoli, waye ngumphathisitolo. Wahamba lapho ng-1986. Ngokusuka kwa-1987 ukuya ku-1988 uVictor waye ngmshayeli weloli ku-M & L Distributors. Ngesikhathi esisuka ku-1989 esiya ku-1995 wayediliva izimpahla zeAMCA Construction. Ngo-1996 uVictor wafisa ukuba umkhiqizi wabuyela ekhaya. Waqala ukulima walima watshala ngezinkabi. Wathenga ugandaganda ngo-2003. 
Umndeni wakhe
UVictor ushade noLinah, banezingane ezinhlanu: amantombazane abathathu nabafana ababili. UFikile (26) unezingane ezimbili. USizwe (19) uqede grade 12 ePietermaritzburg kuZakhe Agricultural College, uqede futhi isifundo sokutshala amaveji kuBuhle College eDelmas, ngokwamanje usebenza noVictor epulazini labo. Zandile (15) uku-grade 9 kuAbantungwa High School noMpumelelo (11) uku-grade 4 kuMathamo Primary School.
UVictor ungejiwe futhi noNorah, banezingane ezintathu: umfana oyedwa namantombazane amabili. UAyanda (24) uqede grade 12 kuMtshezi High School wathola futhi iN3 sithefikethi ngeCivil Engineering kuBerea Technical College eThekwini. UAyanda naye usebenza noyise epulazini. Amantombazane, uThakasile (20) ngokwamanje uku-grade 11 kuAbantungwa High School noBongeka (12) uku-grade 6 kuMathamo Primary School.
UVictor unabogandaganda ababili: iMassey Ferguson 440 4 x 4 neMassey Ferguson 5465, futhi unemoto, iColt 2.8. Uzoqhubekela phambili ngokulima ngoba wakhulela emapulazini. Unesibonakalo sokuzayo futhi unesibindi sokubhekana nezinkinga ezingavelela umuntu ofuna ukuba umkhiqizi wokudla.
Uyithola kanjani imali yokutshala izitshalo zakhe?
UVictor akaboleki imali kumunye umuntu noma kwenye indawo, usebenzisa imali yakhe. Lokhu kuyinkinga ngokwamanje ngoba kakhulukazi usebenzisa amasimu omuzi wonke futhi uqasha amahektheli angu-15 kumunye umlimi wezomnotho. 
Uzitholaphi izinto zokuqala ukutshala?
Uthenga zonke izinto ezidingekayo ukutshala kuTWK eWinterton futhi uthenga amakhemikheli kuFarmers Agri-Care eWinterton. Izimbewu uVictor uzithenga kuPannar noma kuMonsanto futhi bayamjabulisa ngendlela bamphatha ngayo.
UGavumente banomsebenzi onjani ekulimeni futhi bawenza kanjani lowo msebenzi?
UVictor ubona ukuthi uMnyango Wezokulima endaweni lapho elima khona bayawenza umsebenzi wabo futhi bayamsekela ngezindlela eziningi. UMnyango Wezokulima waleyo ndawo usize abalimi ukutshalela iSAB ummbila obomvu. Ukuphumelela kwakhe ekulimeni kusuka ekwakheni kwasu alungileyo nangokusebenza ngokukhuthala.
Kuyini okungaba usongelo oluzovimba ukuthuthuka nokuphumelela kwakhe?
Ubona ukuthi nkinga enkulu evimba ukuthuthuka kwakhe ngukuthola imali ekwanele yokuphatha umvuno wakhe kahle uze ufike emakethe. Izindleko zabasebenzi zimhlupha kakhulu futhi.
Yiziphi izinto ekulimeni kwakhe efuna ukuzenza zibengcono zithuthuke?
UVictor uzothanda ukuthuthukisa ukufuya kwakhe kwezinkomo nezimbuzi ngoba ubona ukuthi kuzosekela ukutshala kwakhe. Amasu akhe okuphumelela lo nyaka ngukulima ngezinto ezinhlobonhlobo, ukuhlukanisa; ngokwamanje unenkontilaki kuNestle ukutshala ummbila, ubhontshisi owomile, amaveji ishikoli (chickory).
