Price (Maize) (350 words)								IsiZulu
Ukuhlelwa kokuma kwezimali ngokwamanje lapho kulungiselwa (kwakhiwa amasu) ukukhiqiza ummbila ngonyaka ozayo
Instructions:
Folio strap: Ukwandisa inani
Byline: Kubhalwe ngumkhiqizi osuthathe umhlalaphansi
Amanye ama-athikeli abhalwe lapha kuPula/Imvula akhombise izinto ezisemqoka lapho kukhethwa izinhlobonhlobo zezitshalo zasehlobo ezizozwana ukumila epulazini lakho, lapha bekubhekwa izingcebo zemvelo ezikhona, ukuvunda komhlabathi, ukwakha kwamasu okushintshana kwezinhlobo zezitshalo nenani lentengiso lazo ngakusasa. Imvula/Pula yale nyanga inama-athikeli athile azothintana nalabo bakhiqizi abafake ummbila emasweni abo lapho bekhetha izinhlobo zezitshalo ezizotshalwa ngonyaka ozayo. 
Izintengiso zakusasa (future prices) zommbila obomvu nommbila omhlophe zishintshe zaba lukhuni ngoAgosti 2011, lokhu kukhombisa uhlelo lokuma kwezintengiso kusasa luzofika ku-R1 840 (ummbila obomvu) futhi luzofika ku-R1 815 (ummbila omhlophe) uma lowo mbila unikezwa ngoJulayi 2012. Singasho-ke ukuthi umkhiqizi uzokwazi ukufaka R1 615 ngethani lommbila ekhukhwini lakhe emva kokudonsa isihlukaniso sentilansipoti esingafika ku-R215 noma ku-R225 ngethani.
Inani lommbila ongathengiswa phesheya lingafika ku-R1 717 ngethani. Lokhu kubizwa ngokuthi intengiso ekhonjiswayo elingana nentengiso phesheya (export parity price). Ummbila othengwa phesheya ukuwuletha lapha eRandfontein ubiza R2 894 ngethani. Singavumelana-ke ukuthi intengiso yamanje neyakusasa phakathi ezweni lethu imiswe phezu kwenani lentengiso phesheya.
Lokhu kukhombisa ukuthi kusekhona ummbila omningi kakhulu emaketheni lethu ngaphakathi kwezwe lethu, futhi kukhona ukubheka phambili ngokukhanyayo ngoba kungathi kuzoba khona ummbila okwanele ngonyaka ozayo. Ukubopha inani lentengiso kubheka zonke izinto ezihambelana nokukhiqiza njengesimo sezulu, isimo somhlabathi (ukuvunda), ukudingeka kwalokhu kudla kubathengi, ukudla okusekhona nommbila osazokunikezwa; ukuqhathaniswa kokushintshana kwerandi nedhola, izimo zokukhiqiza ngaphesheya, intelo yemali ebolekiwe lapha kithi konke kusiza ukubopha leyo ntengiso.
Ikhwalithi lommbila odilivwe kumasayilo ngabakhiqizi lingaba phansi ngenxa imvula eningi ene ngesikhathi sokuvuna, kodwa kungenza ukuthi intengiso ye’spot’ ikhuphuke lapho kutholakala ummbila omuhle. Khumbula ukuthi konke lokhu kungashintsha ngesikhathi kuvunwa ummbila ngonyaka ozayo ngoJulayi 2012.
