Plan (Maize)											IsiZulu
Sebenzisa amasu akho ngendlela efanelekile
Folio strap: Ukuphatha
Byline: Imininingwane itholwe kuenyuwali ebhalwe ngMarius Greyling ebizwa ngokuthi ‘Farm Management for Profits’
Lapho amasu okwenza imisebenzi yakusasa eziwe ngokugcwele, nezingcebo zabasebenzi nemishini kuhlanganisiwe, kufanele kwenzeke ukusebenzisa kwala masu ngendlela efanelekile kuqiniswe. 
Ukwenza ukuthi imisebenzi namasu kusebenze ngendlela efanelekile kuqonde ukuthothola umgomo webhizinisi. Ngakho-ke kuzoba ubuphukuphuku ukuqondisa kahle amasu nokuwahlanganisa kodwa bese ukhohlwa ukuwasebenzisa. Ngokunye futhi, ukwenzeka komsebenzi ngokuqondile kungahlushwa lapho akwakha nokuhlanganiswa kwamasu akuzange kwenzeke kahle. Masibheke ukusebenzisa imisebenzi, okungumsebenzi wesithathu sokuphatha ibhizinisi. 
Lapho sesifika ezintweni ezinokwenzeka, kufanele siqhubeke lapho sigcine khona ngale mibhalo yethu (Pula/Imvula Juni) echaza ukwakha amasu nokuwahlanganisa, bese sekuzofika 9 Meyi 2011 lapho amasu nokuwahlanganisa kusetshenziswe. Isibonelo:
Ukuwakha amasu Nokuwahlanganisa: Iviki 9 - 13 Meyi 2011
UMsombuluko 9
Imisebenzi esemaswini
Abasebenzi abasebenzayo
Ezinye izingcebo
Ukusebenzisa
UMmbila
Hlola insimu 5.
UJan.
Isithuthuthu (ukuhamba).
Ibhuku lamarekhodi.
Uqedile, bekungekho izifo.
UBhekilanga
Vuna insimu 3, amahektheli angu-10.
UPiet (Umshayeli).
UPadiso, uVosloo, abasebenzi ababili (piece job).
Umshini wokuvuna.
Ogandaganda ababili namathreyila amabili.
Kuqedwe amahektheli angu-9.
Izinkomo
Bheka izinkomo.
Hlola okukhothwayo nokudla.
Susa ebeleni, beka izimpawu, phuzisa umuthi, thola ukusinda kwamankonyane angu-100.
UKlasie.
UKlasie.
UMoloto, uAbram, uKagiso noHendrik.
Ihhashi, ibhuku lamarekhodi.
Ihhashi, ibhuku lamarekhodi.
Izinto zokuphatha izinkomo, izinto zokushisa izinkomo, izinto zokuphuzisa umuthi, umuthi, isikhali nebhuku lamarekhodi.
Izinkomo zilungile.
Ukudla enkambeni 3 kugcwalisi-we.
Imisebenzi ngezinkonyane ezingu-100 iqediwe.
Izinkukhu
Lungisa indlu 3 (susa izinto zokulala ezindala).
Imisebenzi ejwayelekile njalo ngosuku, izindlu 1 na-2.
UJohanna, uMinah, uJohannes.
USarah, uMonica, uDawid.
Izinto zokubutha, amasaka, ithreyila.
Amathulusi.
Indlu ilungisiwe. 
Imisebenzi ejwayelekile njalo ngosuku yenziwe.
Umsebenzi ojwayelekile
Penda i’workshop’.
Umkontilaki onguphrayivete.
Amathulusi ache, njll.
Umsebenzi uqhubeka ngokufanelekile.
Ukwenza ukuthi wonke umsebenzi ozokwenziwa, kufanele wenziwe ngabantu balelo bhizinisi, bafanele babangwe ukwenza lowo msebenzi ngendlela efanelekile. Lapho kutholakala umsebenzi onomphumelo omuhle, kudingeka ukuthi umphathi (umlimi) abe nokukhuthala kuzo zonke iziqephu zebhizinisi lakhe, imisebenzi yakhe yokuphatha ibhizinisi efana nalokhu okulandelayo: ukuhamba phambili, ukuzwana nokukhulumisa, ukubanga abasebenzi, ukunikeza kahle imisebenzi, ukuhlanganisa imisebenzi, ukuthat izinyathelo nokuphatha umsebenzi ngendlela eqinileyo njalo.
Isiqondiso esasiqhubekayo semsebenzi
Ukuhamba phambili nokubamba izintambo okuvela ngaphakathi kuyadingeka ukuqhubekisa umsebenzi ozokwenziwa, futhi kudingeka kutholwe izindlela ezingcono zokuhlanganisa amasu njalonjalo. Abaphathi bafanele bahambe phambili lapho kusetshenziwa lokho okuzokwenziwa, akufanekanga ukuthi bona bawenze lowo msebenzi, kufanele bakwazi ukubanga abasebenzi babo bawenze ngendlela efanelekile. Abaphathi bafanele babange abasebenzi ukuze bafune ukusebenza. Bafanele babange abasebenzi benze lo msebenzi abakwazi kuwenza ngawo onke amandla abo. Ngesikhathi sokusebenzisa umsebenzi owenziwayo kufanele abasebenzi bathole umlayezo kubaphathi ukuze bafunde, lokhu kusiza ukubanga abantu.
Ukuzwisana (ukukhulumisana) okukhanyayo kuyinto ebaluleke kakhulu uma sifuna umphumelo omuhle emsebenzini ozokwenziwa ngamasu akhiweyo. Umlayezo ufanele ubesobala, ukhanye ushaye du. Bonke abantu abasebenza ngomsebenzi ozokwenziwayo bafanele bazi kahle ukuthi ngubani ozokwenza ini, nini, kanjani futhi baqonde ukuyaphi ngawo lo msebenzi.
Ngesikhathi sokwenza umsebenzi ozokwenziwayo, ukunikeza (ukwabela abasebenzi umsebenzi) umsebenzi othile kubalulekile. Umphathi akakwazi ukwenza yonke imisebenzi yena ngokwakhe. Lokhu ukwabela abasebenzi umsebenzi kuzohambelana nobukhulu bebhizinisi noma ubukhulu bomsebenzi othile. Lokhu kumi ngothi abaphathi bafisa ukungena kulowo msebenzi ozokwenziwayo ngawo onke amandla noma bafisa ukuba eceleni baluleke kuphela ekuphathweni komsebenzi. 
Kubalulekile ukunaka ukuhlanganisa okuhle ngaphakathi kweziqephu zebhizinisi. Imisebenzi yebhizinisi ifanele ihambe kahle uma umsebenzi ozokwenziwayo uzoba nomphumelo omuhle. Lapho ukuhlanganisa kuhlushwa kuzochitha isikhathi nemali futhi. Khumbula imali engenayo - izindleko = inzuzo noma incitheko. Isibonelo sethu phezulu sikhombisa ukuthi uma umuthi wokuphuzisa amankonyane ungekho ngoMsombuluko ekuseni, ukusebenzisa umsebenzi ozosebenziwayo uzokuma bese kuzochitheka isikhathi.
Lapho kusetshenzwa kubgadingeka ukuthi abaphathi bathathe izinyathelo masinya ukuze umsebenzi ozokwenziwa wenzeke kahle. Uma ugandaganda unesondo eliphantshile kuzokwenzekani? Isondo lzolungiswa kuqala noma kuzosetshenziswa omunye ugandaganda? 
Ukuphatha abasebenzi ngokuqina ngaso sonke isikhathi kubalulekile kakhulu uma abaphathi bafuna ukuqinisa ukuthi umsebenzi uzokwenziwa ngokufanelekile. Kuyenzeka ukuthi umsebenzi uyenzeka kodwa awulunganga kahle, abaphathi bazokuvuma lokho? Uma kungekho impatho eqinileyo futhi abasebenzi abahambelani naleyo mpatho kungalimaza umsebenzi ozokwenziwayo ngendlela embi.
Ukukhetha umsebenzi obalulekile
Umsebenzi ozokwenziwayo kuyavameka ukuthi kwenzeke izinto eziningi ezehlukene, khumbula futhi ukuthi kungavela imisebenzi ongazange ucabange ngazo – umlilo emadlelweni, inkunzi enhle ebhajiwe odakeni, njll. Ngokusebenza isikhathi eside siyazi ukuthi awukwazi ukwenza yonke imisebenzi ngasikhathi sinye. Kufanele ukwazi ukukhetha umsebenzi odingeka ukwenziwa ngesikhathi esithile – lokhu kungukhetha/kungukhomba umsebenzi obalulekile. 
Umsebenzi oziphatha kabi izinzuzo noma izindleko, noma obaphatha kabi abasebenzi bakho njengokusebenza i-‘overtime’, ufanele ubhekwe kahle ngoba ubalulekile. Le misibenzi ingahlelwa ngezinhlobo ezilandelayo:
Isisindo somsebenzi esiphakeme/ukphuthuma komsebenzi okuphakeme; 
Isisindo esiphakeme/ukuphuthuma okungaphakeme/okuphansi; 
Isisindo esingaphakeme/esiphansi/ukuphuthuma okuphakeme; 
Isisindo esiphansi/ukuphuthuma okuphansi.
Umsebenzi onesesisindo esiphakeme ngumsebenzi unokubaluleka okuphakeme onokuphuthuma. Ukuphuthuma okuphakeme kukhombisa ukuthi leyo misebenzi izothintana nezuzo – uma yenziwa masinya izpkwandisa inzuzo – uma ingenziwa ngokushesha izokwehlisa inzuzo. Lokhu kuhambelana nezindleko futhi – uma ingenziwa ngokushesha izokwandisa izindleko. 
Ukuphuthuma kuhambelana nesikhathi esikhona sokwenza umsebenzi othile – kufanele wenziwe manje/namuhla noma ngesinye isikhathi. Lapho wenza umsebenzi wokuvuna bese kuphuka umshini, ukulungisa lowo mshini noma ugandaganda kuzoba into efanele yenziwe ngokuphuthuma okuphakeme – kuyinto ebalulekile. Kanjalo kuzofana nenkomazi enhle enenkinga ukuzala, kakhulukazi uma kuyinkomazi ye’stud’ sakho. Amafayili nomsebenzi wasehhovisini kuzobekwa eceleni ngoba akusiwo umsebenzi odinga ukuphuthuma, kungenziwa ngesinye isikhathi.
Ngakho-ke kuyadingeka futhi kubalulekile ukuthola yonke imigomo yebhizinisi lakho, futhi ube nesineke ngempela ngokusebenzisa amasu ukuze kulingane nendinganiso yebhizinisi. 
