Planning (Maize)									IsiZulu
Ukuba nesu elinguhhafu kuncgono nokungenalo isu phelele
Folio strap: Ukuphatha
Byline: Imininingwane ihlanganiswe yathathwa kumenyuwali Farm Management for Profits ebhalwe nguMarius Greyling
Ukuze ibhizinisi liphumelele, lifanele liphathwe ngendlela efanelekile. Ukuba namasu aqondile kubalulekile ngoba ayisisekelo sayo yonke imisebenzi yokuphatha ibhizinisi.
Ukuphatha ngendlela efanelekile kusho ukuthi imisebenzi emine yokuphatha inakekelwe ngokulingana ukuze ibizinisi liqhubeke kahle ngokuhamba kwesikhathi lifike lapho lifisa ukuya khona nokuthola inzuzo. Imisebenzi yokuphatha yilokhu: ukwakha amasu, ukuhlanganisa amasu, ukusebenzisa amasu nokuhlola njalo ukuthi umsebenzi uhamba kahle (ukubamba izintambo). 
Ukwakha amasu kungumsebenzi obalulekile kumkhiqizi ngoba kuyisisekelo sayo yonke imisebenzi yakhe yokulima. Singasho ukuthi ukwakha amasu kuzokhombisa indlela eya phambili nemisebenzi edingekayo ukuthola imigomo ebekwe phansi emaswini akho ukuhlanganisa leyo misebenzi. 
Kaningi sithi asikwazi ukwakha amasu aqondile ekulimeni. Izizathu zalokhu yilokhu: kukhona izinto eziningi kakhulu ezingonakala esingakwazi ukuzishintsha, njengesimo sezulu, izifo, ukukhuphuka nokwehla kwezintengiso nezintengo zezindleko nalokhu okuthengiswayo. Lezi zingozi zingavela ekulimeni, zikhona, sibhekene nazo lapho sizama ukwakha ibhizinisi lokulima. Kodwa, siyaphinda futhi sithi: isu elinguhhafu lingcono nokungenalo isu. Kungcono ukwakha amasu maqondana nonyaka ovamekile, bese sizokwazi ukushintsha lawo masu uma izinto zishintsha ngalowo nyaka.
Ekwakheni kwamazu kufanele kubhekwe okulandelayo: 
Kufanele kwenzeke ini? 
Kufanele kwenzeke kuphi?
Kufanele kwenzeke nini? 
Kufanele kwenzeke okungakanani? 
Kufanele kwenzeke kanjani?
Ukuba nekhono lokwakha amasu
Ukuba nekhono lokwakha amasu kudinga ukuthi lawo masu abhalwe phansi futhi adinga ukuphathwa ngokuqina. Kufanele ukwenze njalo kuze kube isiqephu sempilo yakho. Ungabhala phansi amasu akho kudayari, ebhodini noma kukhompiyutha noma kuphi. Uma uqinisa ukubhala phansi lokhu kuzokusiza ekugcineni ngoba uzoba nemininingwane yesikhathi esidlule ezokusiza lapho ubheka phambili.
Ngokwejwayelekile ukwakha amasu kwenzeka njalo ngonyaka – kuzokwenzekani ngonyaka ozayo epulazini. Kodwa kufanele kube khona isu lesikhathi eside elibheka ukuthi kuzokhiqizwa ini epulazini ngakusasa.
Ukuba nekhono lokwakha amasu akusasa
Lokhu kuyisu elibanzi elikhombisa ukuthi kuzokhiqizwa yini kusasa – leso sikhathi singaba iminyaka emihlanu noma nangaphezulu kwalokhu. Isibonelo: ukutshala izitshalo zokuthengisa emahektheleni angu-500, ukukhiqiza inyama emadlelweni nokufuya izinkukhu.
Ukwakha amasu njalo ngonyaka
Isu lonyaka lifanele lifanele libe neziqephu ezimbili ezilandelayo:
Isu eliyimvama
Lokhu kuzokhombisa imisebenzi evamekile efanele yenziwe ngonyaka ozayo, njengokupenda indlu ethile, ukwakha uthango oluthile, ukulungisa izintango, ukuthenga igeja elisha, ukuya ezifundweni/ izinsuku zabalimi, njalonjalo.
Amasu okukhiqiza
Kuzokhiqizwa ini ngonyaka ozayo, kuzokhiqizwa okungakanani nakanjani futhi kuzomakethwa kanjani. Isu lonyaka 2010/2011 lifanele libe nemisebenzi yokukhiqiza elandelayo, isibonelo:
Tshala amahektheli angu-400 ngommbila obomvu ukusebenzisa epulazini, okusalayo kuzothengiswa ngenkontilaki endaweni eduze enza ukudla kwezimfuyo.
Tshala amahektheli angu-100 ngobhekilanga ozothengiswa ngenkontilaki.
Ukukhiqiza amajongosi/amathole angu-200 aneminyanga angu-20 asuka edlelweni azothengwa iYYY Supermarket.
Ukukhiqiza izinkukhu eziphekwayo ezingu-40 000 ngenyanga ezizothengwa iXXX Chicken Wholesaler.
Isu lifanele libe nale misebenzi evamekile, isibonelo:
Penda i’workshop’ negalaji likagandaganda.
Yakha idamu kunkambo 9.
Lungisa nokuphatha zonke izintango.
Isu lenyanga
Ngokusebenzisa isu lonyaka – elivamekile nelokukhiqiza – kungakhiwa isu lenyanga. Isibonelo: isu lenyanga kaMeyi 2011 lingaba njengalokhu okulandelayo:
Okuvamekile – penda i’workshop’ negalaji likagandaganda.
Isu lokukhiqiza – ummbila: hlola onke amasimu; ubhekilanga: vuna amahektheli angu-100.
Izinkomo – nikeza izikhotha zasebusika kuzo zonke izimfuyo, nikeza amankonyana impuphu, susa amadala ebeleni, hlola ukusinda kwawo, washise (beka ibrendi), phuzisa amankonyane umuthi, thola ukusinda kwazo zonke izimfuyo.
Izinkukhu – yenza yonke imisebenzi yosuku, maketha ezisendlini 2, lungisa indlu 3 ukufaka amatshwele amasha. 
Isu laseviki
Ekuqaleni kwenyanga kungakhiwa amasu awo amaviki akhona kuleyo nyanga. Isisekelo samasu amaviki ngamasu enyanga, amasu avamekile nalowo okukhiqiza.
Isu losuku (imisebenzi ewenziwayo)
Isu lokugcina kungaba isu losuku elenzwe ekugcineni kweviki eledlule futhi elikhombisa kahle konke okufanele kwenziwe ngeviki elizayo. Isibonelo: Iviki 9 - 13 Meyi 2011. (Isu leviki nalelo losuku kuhlanganisiwe kuthebula 1).
Ithebula 1:
Ummbila
Ubhekilanga
Izinkomo
Izinkukhu
Okuvamekilel
NgoMsombuluko 09
Hlola insimu 5
Vuna amahektheli angu-10 kunsimi 3
Bheka izinkomo.
Hlola isikhotha sasebusika nempuphu
Susa amankonyane ebeleni, wabeke imaki, waphuzise umuthi, thola ukusinda kwamankonyane angu-100
Lungisa indlu 3
Imisebenzi yosuku ezindlini 1 na-2
Penda i’workshop’
NgoLwesibili 10
Hlola insimu 6
Vuna amahektheli angu-10 ensimini 3
Bheka izinkomo
Hlola isikhotha sasebusika nempuphu
Susa amankonyane angu-100 ebeleni, wafake imaki, waphuzise umuthi, thola ukusinda kwawo.
Lungisa indlu 3
Imisebenzi yosuku ezindlini 1 na-2
Penda i’workshop’
NgoLwesithathu 11
Hlola insimu 7
Vuna amahektheli angu-10 ensimini 4 
Bheka izinkomo
Hlola isikhotha sasebusika nempuphu
Hlanza amathangi amanzi angu-10-
Lungisa indlu 3
Imisebenzi yosuku ezindlini 1 na-2
Penda i’workshop’
NgoLwesine 12
Hlola insimu 8
Vuna amahekteli angu-10 ensimini 4 
Bheka izinkomo
Hlola isikhotha sasebusika nempuphu
Hlanza amanye amathangi amanzi asele
Lungisa indlu 3
Imisebenzi yosuku ezindlini 1 na-2
Penda i’workshop’
NgoLwesihlanu 13
Hlola insimu 9
Vuna amahektheli angu-10 ensimini 4
Bheka izinkomo
Hlola isikhotha sasebusika nempuphu
Lungisa isango lesibayana sokuvalela izimfuyo 
Lungisa indlu 3
Imisebenzi yosuku ezindlini 1 na-2
Penda i’workshop’
(Kufanele uqede namuhla)
Uma sakha amasu esikhathi esimfushane, kufanele kungene imininingwane eningi. Khumbula futhi ukuthi amasu awakwazi ukuma ngokuqina, kakhulukazi ebhiziniseni lokulima epulazini. Kukhona izinto eziningi ezingavela ongazibonanga ongakwazi ukuzivimba njengomlilo emadlelweni, ukudabuka kwezintango, ukugula kwenkunzi njalonjalo.
Ukwakha amasu kungumsebenzi wokuphatha ngoba kuyisisekeliso sokuphatha nokusebenzisa esizokhuluma ngakho ngesibhalo sakusasa. Ngaphandle kokwakha amasu akungeke kubekhona ukuphatha ngokuqina ngoba amasu angumsebenzi wokuqala wokuphatha umsebenzi, ngamasu sizokwazi ukuphatha umsebenzi nguqina.
Ngesikhathi sokwakha amasu, ukuwahlanganisa, ukuwasebenzisa nokuwabamba ngamandla, kufanele umphathi abenokukhuthala ukwenza neminye imisebenzis yokuphatha njengokuhamba phambili, ukukhulumisana nabasebenzi bakhe, ukubabanga basebenze kahle, ukubanikeza amandla, ukuhlanganisa imisebenzi, ukuthatha izinyathelo nokuphatha ngendlela eqinileyo. Ukunakelela yonke le misebenzi kuzohambelana nobukhulu bebhizinisi.
