Organise (Maize)										IsiZulu
Hlanganisa kahle ngesu – kuyindikimba emsebenzini wokuphatha ibhizinisi lakho
Folio strap: Ukuphatha
Byline: Imininingwane itholwe kumenyuwali elibhalwe nguMarius Greyling elibizwa ngokuthi ‘Farm Management for Profits’
Ukuba esimweni sokusebenzisa amasu akho akusasa nokuthola imigomo yebhizinisi lakho, kudingeka ukuthi uhlanganise kahle amasu akho nalapho kusenesikhathi.
Imvula kaJuni 2011 beyixoxa ngokuba nesu lokuphatha ibhizinisi. Besithi ukuthi kungcono ukuba nesu elinguhhafu nokuba ngaphandle kwesu jikelele, besithi futhi lokhu kungumsebenzi wokuphatha ibhizinisi odingekayo. Umsebenzi wesibili wokuphatha ibhizinisi esizoxoxa ngakho ngukuhlanganisa kahle amasu omsebenzi akho. Lapho uhlanganisa amasu kusho futhi ukuthi kufanele uzilungisele ukusebenzisa amasu akho lapho wenza imisebenzi yakusasa. Kodwa kaningi lapho sisebenza ukwakha amasu nokuhlanganisa amasu kwenzeka ngasikhathi sinye. Ukuhlanganisa kusho ukukhetha ukuthi ngubani ozokwenza muphi umsebenzi, uzowenza nini, kuphi nakanjani, futhi ukuqonda ukuthi kuzodingeka ziphi izinto njengemishini, amathulusi, izindlu nemali ukuze sizokwazi ukwenza lowo msebenzi. 
Ngakho-ke kubalulekile ukuthi umkhiqizi azi kahle ukuthi unezingcebo ezinjani – okwezimali nalabo abamsebenzelayo. Kufanele azi amakhono, imfundo, ukuqeqeshwa, ukwazi (amandla okwenza/ukusebenza, ikhono lokusebenza ngemishini, amandla enhliziyo) kwabasebenzi bakhe. Abasebenzi bafanele basebenze lapho banolwazi ukwenza lowo msebenzi, futhi kungasiza benze umsebenzi abawuthandayo. Kudingeka futhi ukuzilungisela ukuze kube khona intilansipoti, imishini, izimali zokuqala ukutshala endaweni efanelekile nangesikhathi esifanelekile. 
Ukuze ukwazi ukuhlanganisa amasu kufanele ubheke yonke imisebenzi ekhona kulawo masu akho futhi ukuqinisa ukuthi zikhona izingcebo zokusebenzisa lawo masu ngesikhathi esifanelekile.
Lapho sikhuluma ngokuhlanganisa amasu singasebenzisa ukwakha amasu nokuwahlanganisa njengokukhonjisiwe ku-thebula 1. Lokhu kulandela isibonelo esisetshenziwe ngoJuni 2011.
IThebula 1: Ukwakha Amasu Nokuhlanganisa Amasu: Iviki 9 - 13 Meyi 2011
UMsombuluko 9
Imisebenzi esemaswini
Abasebenzi abasebenzayo
Ezinye izingcebo
Ummbila
Hlola insimu 5.
UJan.
Isithuthuthu (ukuhamba).
Ibhuku lamarekhodi.
Ubhekilanga
Indawo ezovunwa 
Amahektheli angu-3 - 10.
UPiet (umshayeli).
UPadiso, uVosloo, 
Abasebenzi ababili (piece job).
Umshini wokuvuna.
Ogandaganda ababili namathreyila amabili.
Izinkomo
Hlola izinkomo.
Hlola ukudla okukhothwayo nokudliwayo.
Susa ebeleni, faka uphawu, phuzisa umuthi, thola ukusinda kwamathole angu-100.
UKlasie.
UKlasie.
UMoloto, uAbram, uKagiso noHendrik.
Ihhashi, ibhuku lamarekhodi.
Ihhashi, ibhuku lamarekhodi.
Izimpahla zokuphatha izinkomo, izimpahla zokushisa (ukubeka izimpawu), amathulusi okuphuzisa, amabhuku amarekhodi.
Izinkukhu
Lundisa indlu 3 (susa izinto ezindala zokulala).
Imisebenzi evamekile njalo ngosuku. Izindlu 1 na-2.
UJohanna, uMinah noJohannes.
USarah, uMonica noDawid.
Izinto zokubutha, amasaka nethreyila.
Amathulusi ezandla.
Umsebenzi ovamekile
Penda i’workshop’.
Umkontilaki onguphrayivete.
Amathulusi akhe, njll.
Sikholwa ukuthi bonke abantu abasebenza kulesi sibonelo esiphezulu banalo ulwazi futhi bayakwazi ukwenza lowo msebenzi. Sikholwa futhi ukuthi zonke ezinye izingcebo zikhona zilungile ukusebenza. Uma lokhu akunjalo, onke amasu akho nokuhlanganisa kwamasu kuzodingeka kubambeke ngoba labo basebenzi bafanele bafundiswe kuqala, nezingcebo zifanele zibe khona zilungiswe ngaphambi kokuqala ngomsebenzi onjengokutshala noma ukujova izinkomo. 
Lesi yisibonelo nje sezindlela ezingasetshenziswa ukuhlanganisa amasu, konke kungashintsha ukuze kuhambelane nohlobo lokulima lomlimi nezidingo zomlimi othile. Sesibone kaningi ukuthi kusiza kakhulu ukubhala phansi lapho kwakhiwa amasu nokuhlanganisa amasu emsebenzini ofana nalo. Njengokwakha amasu, ukuhlanganisa kwamasu kungabhalwa phansi kudayeri, ebhodini, kukhomputha noma kwezinye izindawo.
Njengokwakha amasu, ngaphakathi kokuhlanganisa lawo masu, umlimi ufanele azinikele ekwenzeni imisebenzi yokuphatha ibhizinisi lakhe njengokuhamba phambili, ukubamba izintambo, ukwezwana nabasebenzi, ukuthola isisusa sokusebenzisa abasebenzi, ukunikeza imisebenzi, ukuhlanganisa imisebenzi nokuqinisa ukuthi umsebenzi uzokwenziwa. Ubukhulu bebhizinisi buzokutshela ukuthi uzokwenza kanjani konke lokhu. 
Kufanele kube umlimi ozoqala ngokuhlanganisa, ozotshela abasebenzi ngalokho okuzohlanganiswa nokuthatha izinyathelo zokuhlanganisa umsebenzi othile (kuzosetshenziswa muphi ugandaganda noma muphi umshini futhi kuzosebenza baphi abasebenzi). Kufanele futhi aphathe umsebenzi ngendlela eqinileyo ekuhlanganisweni kwezigaba zebhizinisi. Kufanele futhi ekwazi ukunikeza isisebenzi esithile umsebenzi othile lapho kudingeka, akakwazi yena yedwa enze wonke umsebenzi.
Khumbula, uma kwenzeka ukuthi ingxenye yemisebenzi yakho yokuphatha ingenziwanga kahle ngokwamanje, ibhizinisi lakho lisazothola inzuzo, kodwa emva kwesikhathi – mhlawumbe emva kweminyaka engu-5 noma engu-10 noma emva kwalokhu – ibhizinisi lakho lizokuma, lizokufa nya ngoba ngeke kuzobakhona inzuzo. Ikusasa lethu libhekene nale nselele (kufanele sibheke phambili ukuthi sizodlani kusasa) – uma ukuphatha kwakho kwebhizinisi kungaqhubeki kungandi njalo ngonyaka –ekugcineni ibhizinisi lizokuma ngoba ngeke kube khona inzuzo. Asikwazi ukuqhubeka ukusebenza ngendla efanayo njalonjalo ngaso sonke isikhathi. Kudingeka ukuthi wenze umsebenzi ube ngcono njalo ngokwandisa inzuzo yakho engenayo nokwehlisa nokuphatha izindleko. Ukuhlanganisa amasu ngendlela efanelekile kuzokusiza ukuphumelela ngendlela esiyichaze phezululu. 
