Jane(Maize)										IsiZulu
Uks Jane uthi ...
Folio strap: 
Photo: Use a photo of Jane 
Ezindabeni (amaphephandaba, iTV, iwayelense) zalezi zikhathi zamanje kukhona okuningi okushiwo yiANC Youth League ngenkinga yomhlaba (namabhange namamayini), futhi kuvusa umnako omkhulu ukubona ukuthi abantu abahlukene bathini maqondana nayo yonke le ndaba yomhlaba. 
Mina ngibona umhlaba njengengcebo esifanele siyisebenzise ukukhiqiza ukudIa nomucu. Eziningi izinto lapha emhlabeni ziyanda njalo ngonyaka – abantu, izimfuyo, izimoto, nll. Kodwa umhlaba awukwazi ukwanda – unomkhawulo. Lapho ucabanga ngabantu abandayo njalo, kodwa umhlaba okhiqizayo uyanciphiseka (sibokhumbula ukuthi abantu badinga indawo yokwakha amakhaya abo – amadolobha ayakhula ngokusebenzisa umhlaba), kufanele siqinise ukuthi wonke umhlaba ukhiqize ngokuphelele. 
ENingizimu Afrika namuhla sinesimo esiphicayo ngoba umhlaba omningi okhiqizayo ulinywa ngabantu bezomnotho abamhlophe. Manje sekukhulunywa ngokuthatha lowo mhlaba, hhayi ukuwuthenga, bese unikezwe kubantu abamnyama. Kukhona okunye futhi sikukhumbule, kukhona umhlaba omkhulu ophathwa ngumuzi wonke (ngaphansi komthetho wesizwe) kodwa eziningi izindawo kulowo mhlaba azikhiqizi ngokufanele. Kukhona futhi izinkulunkulungwane zamahektheli ezabelwe nguMnyango Wezomhlaba ngamaphrogramu awo. Lokhu kuhambelana nombala wesikhumba somuntu? Ngokucabanga kwami, CHA – ukuba umlimi ophumelelayo, noma uyazilimela ukuphila, noma ulima endaweni encane, noma ungumlimi wezomnotho akusho lutho ukuthi umbala wesikhumba somuntu unjani. 
Sonke siyazi ukuthi uma ufisa ukuba umkhiqizi ophumelelayo, udinga ulwazi namakhono, imishini, imakethe, nezimali zokuqala ukutshala. Ukunikeza umuntu umhlaba akusho ukuthi yena ungumkhiqizi – lapho wena bakumisa ngaphakathi kwegalaji akusho ukuthi uyimoto! Kanjalo-ke lapho ungumnini womhlaba akusho ukuthi ungumkhiqizi. Uma ufuna ukwaziwa ngokuthi ungumkhiqizi, kufanele usebenzise umhlaba wakho ngokuphelele – kufanele ukhiqize konke okusemandleni akho kuleyo ndawo yakho. 
Mina ngifisa ukuphakamisa ukuthi sisekele ngawo onke amandla ethu abantu abanomhlaba ukuze bazokwazi ukusebenzisa zonke izindawana ezingalinywa zikhiqizele izwe lethu ukudla. Umhlaba uligugu elikhulu, uma unawo umhlaba unesibopho sokusebenziswa lowo mhlaba. Masibambe izandla thina esingabakhiqizi sikhiqize ngokuphelele okugcwele singanaki okushiwo abapolitiki abazisebenzela bona kuphela. 
