Jane(Maize) (350 words)								IsiZulu
Unkz Jane uthi…
Folio strap: 
Photo: Use a photo of Jane 
Ngokwedlula kwesikhathi kufanele sime sizibuze ukuthi senzani. Uma sifuna ukuthola impendulo ekhanyayo, kufanele sisho futhi ukuthi kuyini esingakwenzi. Masiqale ukuhlola lokho esingakwenzi:
Asisebenzisi abankontilaki abamhlophe emapulazini abantu abamnyama.
Asilimeli abantu.
Asizami ukupha abantu abalimile ngaphambi kwayizolo amathuba ukuphinda ukulima.
Asisazami ukwenza izinto ezihlobisayo kuphela (window dressing).
Asizami ukuthola izinhlamvu zeBEE ngoba kukhona abantu abazithengayo lezi zinto.
Asizami ukuthola izinhlamvu zeBEE ngoba kukhona labo abanikeza izinto.
Kodwa, kuyini esikwenzayo? Thina senza lokhu okulandelayo:
Sithuthukisa abakhiqizi abamnyama – abazisebenzela ngokwamanje nangokusasa. 
Siqeqesha abakhiqizi abamnyama ukuqonda nokuthola ukuthi ziyini izizathu zokwenza umsebenzi wokulima.
Sibhibhizela abakhiqizi ukusebenzisa izingcebo zemvelo ngokugcwele.
Sikhombisa abakhiqizi abamnyama ukunaka umhlaba bawusebenzisayo. 
Sisekela abantu ngalokhu abanakho, sibasiza ukuthola inzuzo yokuphila nokukhiqiza ukudla kwabo, umuzi wabo nezwe labo. 
Sibasiza ukushintsha ubuso bokulima – sifuna basuke ebusweni lapho kukhona abalimi abamhlophe kuphela, sifuna ukuthi bonke abantu lapha ezwini lethu balimele thina sonke.
Sisiza abantu abanomhlaba - umhlaba womuzi wonke, umhlaba oqashiweyo noma labo abanomhlaba (amapulazi) wabo ukusebenzisa lowo mhlaba ngendlela ezoletha inzuzo nakusasa.
Ukuzama ukusebenzisana nayo yonke iminyango kagavumente ukuhlanganisa ukusekela okunikezwa kubalimi.
Ukwakha amasu ukuze abalimi bazokwazi ukuthola imishini.
Ukwakha amasu ukuthola amagranti kuleyo minyango.
Kulukhuni kimi lapho ngizwa ukuthi abantu balimela abakhiqizi abamnyama. Kukhona abantu nezinhlangano ezisebenzisa umhlaba wabantu abamnyama ukuthola inzuzo, bese bathi lokhu “kungukuthuthukisa abakhiqizi abamnyama”. Uma ungumkhiqizi omhlophe osebenzisa umhlaba wabantu abamnyama – qasha lowo mhlaba, khokha imali efanelekile, vuma ukuthi uqasha umhlaba futhi uyazilimela. Sicela ukuthi ungenzi ngathi usiza abanye abakhiqizi. 
